Yalusani Umhlambi KaNkulunkulu Ngomoya Wokuzithandela
“Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, kungabi-ngokucindezelwa kodwa [‘ngomoya wokuzithandela,’ NW].”—1 PETRU 5:2.
1. Kungani kufanele silindele ukuba abadala abangamaKristu ‘beluse umhlambi kaNkulunkulu ngomoya wokuzithandela’?
UJEHOVA welusa abantu bakhe ngomoya wokuzithandela. (IHubo 23:1-4) ‘Umelusi omuhle,’ uJesu Kristu, ngokuzithandela wanikela ngokuphila kwakhe kobuntu okuphelele ngenxa yabantu abanjengezimvu. (Johane 10:11-15) Ngakho, umphostoli uPetru wanxusa abadala abangamaKristu ukuba ‘beluse umhlambi kaNkulunkulu ngomoya wokuzithandela.’—1 Petru 5:2, qhathanisa neNW.
2. Yimiphi imibuzo okufanele icatshangelwe ngokuqondene nemisebenzi yokwelusa yabadala abangamaKristu?
2 Umoya wokuzithandela uwuphawu lwezinceku zikaNkulunkulu. (IHubo 110:3) Kodwa kudingeka okungaphezu kokuba indoda engumKristu ibe nomoya wokuzithandela ukuze imiswe njengombonisi, noma umelusi ongaphansi. Obani abafanelekela ukuba abelusi abanjalo? Ukwelusa kwabo kuhilelani? Kufezwa kanjani kangcono kakhulu?
Ukwengamela Umkhaya
3. Kungani kungase kuthiwe indlela indoda engumKristu enakekela ngayo umkhaya wayo inquma ukuthi iyafaneleka yini ukuba umelusi ebandleni?
3 Ngaphambi kokuba indoda imiswe ‘esikhundleni sombonisi,’ kumelwe ihlangabezane nezimfuneko ezingokomBhalo. (1 Thimothewu 3:1-7; Thithu 1:5-9) Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wathi umbonisi kufanele abe “ophatha kahle indlu yakhe, abantwana bakhe bemthobela ngenhlonipho yonke.” Kunesizathu esihle salokhu, ngoba uPawulu wathi: “Kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na?” (1 Thimothewu 3:4, 5) Lapho emisa amadoda amadala emabandleni asesiqhingini saseKrethe, uThithu watshelwa ukuba afune “ongasolekiyo, indoda emfazi munye, enabantwana abakholwayo abangenakusolwa ngokushinga nabangalaleliyo.” (Thithu 1:6) Yebo, indlela indoda engumKristu enakekela ngayo umkhaya wayo kumelwe icatshangelwe ekunqumeni ukuthi iyafaneleka yini ukwamukela umthwalo wemfanelo omkhudlwana wokwelusa ibandla.
4. Naphezu kokuba nesifundo seBhayibheli sasikhathi sonke nomthandazo, abazali abangamaKristu balubonisa kanjani uthando ngemikhaya yabo?
4 Amadoda engamela imikhaya yawo ngendlela enhle enza okungaphezu kokuthandaza nokutadisha iBhayibheli njalo nemikhaya yawo. Ahlale ekulungele ukusiza abathandekayo bawo. Kulawo aba abazali, lokhu kuqala ngosuku umntwana azalwa ngalo. Abazali abangamaKristu bayazi ukuthi lapho benamathela ngokuseduze esimisweni saphezulu, yilapho nomntanabo eyoshesha khona ukujwayelana nesimiso sabo semisebenzi yobuKristu ekuphileni kwansuku zonke. Indlela ubaba ongumKristu engamela kahle ngayo kulezizimo ibonisa izimfanelo zakhe njengomdala.—Efesu 5:15, 16; Filipi 3:16.
5. Ubaba ongumKristu angabakhulisa kanjani abantabakhe “ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi”?
5 Ekwengameleni umkhaya wakhe, ubaba ongumKristu olawulwa unembeza ulalela amazwi kaPawulu: “Ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.” (Efesu 6:4) Isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke esiqhutshwa nomkhaya, kokubili umama nabantwana, sinikeza amathuba amahle okudlulisela isiyalezo sothando. Kanjalo abantwana bathola ‘ukuyala’ noma isiyalo sokubaqondisa. Khona-ke ‘ukuqondisa’ okwenzekayo kusiza umntwana ngamunye ukuba azi indlela uJehova abheka ngayo izinto. (Duteronomi 4:9; 6:6, 7; IzAga 3:11; 22:6) Esimweni esikhululekile salombuthano ongokomoya, ubaba okhathalelayo ulalela ngokucophelela njengoba abantwana bakhe bekhuluma. Usebenzisa imibuzo yomusa eholayo ukuze abenze bazwakalise ngobuqotho okubakhathazayo nabakucabangayo. Ubaba akamane acabange ukuthi wazi konke okuqhubekayo ezingqondweni zabo ezincane. Ngempela, “obuyisa izwi engakezwa, kungubuwula nehlazo kuye,” kusho izAga 18:13. Namuhla, abazali abaningi bathola ukuthi izimo abantwana babo abahlangabezana nazo zihluke kakhulu kulezo bona ngokwabo ababebhekana nazo lapho besebasha. Ngenxa yalokho, ubaba uyozama ukuthola isizinda nemininingwane yenkinga ngaphambi kokuba asho ukuthi kufanele isingathwe kanjani.—Qhathanisa noJakobe 1:19.
6. Kungani ubaba ongumKristu kufanele ahlole eZwini likaNkulunkulu lapho esiza umkhaya wakhe?
6 Yini eyenzekayo lapho izinkinga, izinkathazo, nesimo senqondo sabantwana bakho sesaziwa? Ubaba owengamela ngendlela enhle uhlola imiBhalo, ‘elungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni.’ Ufundisa abantabakhe indlela yokusebenzisa iziqondiso zeBhayibheli eziphefumlelwe. Ngalendlela, labo abasebasha ngeminyaka ‘bayaphelela, bapheleliselwe yonke imisebenzi emihle.’—2 Thimothewu 3:16, 17; IHubo 78:1-4.
7. Yisiphi isibonelo obaba abangamaKristu okufanele basibeke ngokuqondene nomthandazo?
7 Intsha eyesaba uNkulunkulu ibhekana nezimo ezinzima ngokuqondene nabantwana bezwe efunda nabo. Ngakho obaba abangamaKristu bangakudambisa kanjani ukwesaba kwabantwana babo? Enye indlela iwukuthandaza nabo njalo nokubathandazela. Lapho lentsha ibhekana nezimo ezivivinyayo, cishe iyolingisa ukuthembela kwabazali bayo kuNkulunkulu. Intombazane ethile eneminyaka engu-13 ubudala, okwaxoxwa nayo ngaphambi kokuba ibhapathizwe ibonakalisa ukuzinikezela kwayo kuNkulunkulu, yalandisa ukuthi yayihlangabezane nokugconwa nokuxhashazwa abantwana efunda nabo. Lapho ivikela inkolelo yayo esekelwe eBhayibhelini ephathelene nobungcwele begazi, amanye amantombazane ayishaya futhi ayikhafulela. (IzEnzo 15:28, 29) Ingabe yaphindisela? Cha. “Ngangilokhu ngithandaza kuJehova ukuba angisize ngizigcine ngiphansi,” ichaza. “Ngakhumbula futhi nalokho abazali bami ababengifundise khona esifundweni sethu somkhaya ngokuqondene nesidingo sokuzithiba lapho sibhekene nobubi.”—2 Thimothewu 2:24, qhathanisa neNW.
8. Umdala ongenabo abantwana angawengamela kanjani umkhaya wakhe ngendlela enhle?
8 Umdala ongenabantwana naye angase enze amalungiselelo anele angokomoya nangokwenyama kulabo abasemkhayeni wakhe. Lokhu kuhlanganisa umngane wakhe womshado mhlawumbe nezihlobo ezingamaKristu azinakekelayo ezihlala emzini wakhe. (1 Thimothewu 5:8) Ukwengamela kanjalo ngendlela enhle kungenye yezimfanelo okumelwe ihlangabezane nazo indoda emiswa ukuba ithwale umthwalo wemfanelo njengomdala webandla. Khona-ke, amadoda amadala amisiwe kufanele alibheke kanjani ilungelo lawo lokuba nemithwalo yemfanelo ebandleni?
Yengamelani “Ngenkuthalo”
9. Yisiphi isimo sengqondo abadala abangamaKristu okufanele babe naso ngokuqondene nezabelo zabo zenkonzo?
9 Ekhulwini lokuqala leNkathi yethu Evamile, umphostoli uPawulu wakhonza njengomphathi endlini kaNkulunkulu, ibandla lobuKristu elingaphansi kobunhloko bukaKristu. (Efesu 3:2, 7; 4:15) Kamuva, uPawulu wanxusa akholwa nabo eRoma: “Sinezipho zomusa ezahlukileyo ngokomusa esiwuphiweyo; uma singesokuprofetha, asiprofethe ngesilinganiso sokukholwa; uma singesokukhonza, kube-senkonzweni; ofundisayo, kube-sekufundiseni, oyalayo, ekuyaleni; owabayo, enze ngobuqotho; oholayo, ngenkuthalo; ohawukelayo, ngentokozo.”—Roma 12:6-8.
10. Ekunakekeleni umhlambi kaNkulunkulu, yisiphi isibonelo uPawulu asibekela abadala namuhla?
10 UPawulu wakhumbuza abaseThesalonika: “Saniphatha abanye ngabanye njengoyise ephatha abantwana bakhe, siniyala, sinimisa isibindi, sifakazela ukuba nihambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu onibizela embusweni nasebukhosini bakhe.” (1 Thesalonika 1:1; 2:11, 12) Lokhu kuyala kwakunikezwe ngendlela emnene, yothando kangangokuthi uPawulu wayengabhala: “Saba-mnene phakathi kwenu njengokuba umdlezane ondla abantwana bakhe. Ngokunjalo lokhu besinilangazelele, sasifuna ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela kepha nokuphila kwethu uqobo, ngokuba nase ningabathandekayo kithina.” (1 Thesalonika 2:7, 8) Ngokuvumelana nesibonelo sikaPawulu esinjengesikababa, amadoda amadala athembekile abakhathalela ngokujulile bonke ebandleni.
11. Abadala abamisiwe bangayibonisa kanjani intshiseko?
11 Ubumnene, kanye nentshiseko, kumelwe kube isici sokuphatha kothando abelusi bethu abangamaKristu abathembekile abasisebenzisayo. Indlela yabo yokwenza isho okukhulu. UPetru ululeka abadala ukuba baluse umhlambi kaNkulunkulu “kungabi-ngokucindezelwa” noma “ngenxa yenzuzo eyihlazo.” (1 Petru 5:2) Ngokuqondene naleliphuzu, isazi uWilliam Barclay sazwakalisa lesixwayiso, sibhala: “Kunendlela yokwamukela isikhundla neyokukhonza njengokungathi kungumsebenzi omubi ongajabulisi, njengokungathi inkathazo, njengokungathi umthwalo okumelwe ucasukelwe. Kungenzeka ukuba umuntu acelwe ukuba enze okuthile, abese ekwenza, kodwa akwenze ngendlela engenamusa kangangokuthi wonke umsebenzi wonakale. . . . Kodwa [uPetru] uthi umKristu ngamunye kumelwe akushisekele ngokuthuthumela ukunikela inkonzo enjalo ngokusemandleni akhe, nakuba eqaphela ngokugcwele ukuthi akafaneleki kangakanani ukuyinikela.”
Abelusi Abanomoya Wokuzithandela
12. Abadala abangamaKristu bangawubonisa kanjani umoya wokuzithandela?
12 UPetru futhi uyanxusa: ‘Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu ngomoya wokuzithandela.’ Umbonisi ongumKristu onakekela izimvu wenza kanjalo ngokuzithandela, ngokuzikhethela kwakhe siqu, ngaphansi kokuqondisa kukaMalusi Omuhle, uJesu Kristu. Ukukhonza ngomoya wokuzithandela kusho ukuthi futhi umalusi ongumKristu uzithoba egunyeni likaJehova, ‘uMalusi noMbonisi wemiphefumulo yethu.’ (1 Petru 2:25) Umalusi ongaphansi ongumKristu ngokuzithandela ubonisa inhlonipho ngelungiselelo elingokwasezulwini. Wenza kanjalo lapho eqondisa labo abafuna iseluleko eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Nakuba okuhlangenwe nakho kuyosiza umdala ukuba akhe inqolobane yeseluleko esisekelwe eBhayibhelini, lokhu akusho ukuthi uyoba nekhambi elingokomBhalo kuzo zonke izinkinga eziphakamayo. Ngisho nalapho eyazi impendulo yombuzo othile, angase akuthole kuwukuhlakanipha ukuba yena kanye nalowo obuzile bahlole i-Watch Tower Publications Index noma amanye ama-index afanayo. Kanjalo ufundisa ngezindlela ezimbili: Ubonisa indlela yokuthola ukwaziswa okuwusizo futhi ngokuzithoba abonise inhlonipho ngoJehova ngokudonsela ukunakekela kulokho inhlangano kaNkulunkulu eye yakusho.
13. Yiziphi izinyathelo ezingase zithathwe eziyosiza abadala ukuba banikeze iseluleko esinengqondo?
13 Yini umdala angayenza uma kungekho lutho oluye lwashiwo ezincwadini zeNhlangano ngenkinga ethile okubhekenwe nayo? Ngokungangabazeki, uyothandazela ukuthola ukuqonda futhi uyofuna izimiso ezingokweBhayibheli ezisebenzayo kuleyondaba. Angase futhi akuthole kunenzuzo ukusikisela ukuthi lowomuntu ofuna usizo acabangele isibonelo sikaJesu. Umdala angase abuze: “Uma uJesu, uMfundisi Omkhulu, wayesesimweni sakho, ucabanga ukuthi yini ayengayenza?” (1 Korinte 2:16) Ukucabanga okunjalo kungase kusize lowo onombuzo ukuba enze isinqumo esihlakaniphile. Kodwa yeka ukuthi bekungaba okungahlakaniphile kanjani ngomdala ukuba amane anikeze umbono wakhe siqu kuphela njengokungathi uyiseluleko esingokomBhalo esinengqondo! Kunalokho, abadala bangaxoxa ngezinkinga ezinzima. Bangase ngisho bathule izindaba ezibalulekile ukuba zixoxwe emhlanganweni wendikimba yabadala. (IzAga 11:14) Izinqumo ezithathwayo ziyokwenza bonke bakhulume ngokuvumelana.—1 Korinte 1:10.
Ubumnene Bubalulekile
14, 15. Yini edingekayo kubadala lapho bebuyisa umKristu ‘owehlelwe yisiphambeko’?
14 Umdala ongumKristu kudingeka abonise ubumnene lapho efundisa abanye, ikakhulukazi lapho ebaluleka. “Bazalwane,” kweluleka uPawulu, “uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina-bomoya mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene.” (Galathiya 6:1) Ngokuthakazelisayo, igama lesiGreki lapha elihunyushwe ngokuthi ‘mbuyiseni’ libhekisela egameni lokuhlinza elisetshenziselwa ukuchaza ukulungiswa kwethambo ukuze kuvinjelwe ukukhubazeka kwakho konke ukuphila. Umbhali wezichazamazwi uW. E. Vine lokhu ukuhlobanisa nokubuyiswa “yilabo abangokomoya, [bebuyisa] lowo owonile, onjalo efana nelungu elibhinyilekile lomzimba ongokomoya.” Okunye ukuhunyushwa kwalo kuthi, “ukubuyisela endaweni efanele; ukuqondisa ngendlela efanele.”
15 Ukulungisa ukucabanga komuntu akulula, futhi kungaba nzima kakhulu ukuqondisa imicabango yomuntu owonayo ngendlela efanele. Kodwa usizo olunikezwa ngomoya wobumnene lungase lwamukelwe ngokubonga. Ngenxa yalokho, abadala abangamaKristu kufanele balalele iseluleko sikaPawulu: “Yembathani ububele benhliziyo, nesisa, nokuzithoba, nobumnene, nokubhekakade.” (Kolose 3:12) Yini abadala okumelwe bayenze lapho umuntu odinga ukulungiswa enesimo sengqondo esibi? Kumelwe ‘bajonge ubumnene.’—1 Thimothewu 6:11.
Ukwalusa Ngokuqapha
16, 17. Yiziphi izingozi abadala okufanele bazixwaye lapho beluleka abanye?
16 Kunokwengeziwe eselulekweni sikaPawulu esikwabaseGalathiya 6:1. Unxusa amadoda afanelekayo ngokomoya: “Mbuyiseni [owonayo] ngomoya wobumnene; uzibheke wena, funa uyengwe nawe.” Yeka imiphumela engathi sína engaba khona uma iseluleko esinjalo singalalelwa! Ishukunyiswa imibiko yomfundisi wamaSheshi owatholakala enecala lokuphinga namalungu amabili esonto, i-Times yaseLondon yathi lesi “isimo esinganqunyelwe sikhathi: lapho umeluleki, ngokusobala ongumuntu ongubaba noma ongumzalwane eba yisisulu sezilingo ngenxa yokwethenjwa.” Umhleli wezindaba wabe esebhekisela emazwini kaDkt. Peter Rutter athi “ukunukubezana phakathi kweziguli nabeluleki bazo besilisa—odokotela, abameli, abapristi, nabaqashi—emphakathini wethu oyekelelayo kwezobulili, kuye kwaba ubhememe olungaqashelwa, olonakalisayo noluhlazisayo.”
17 Akufanele sicabange ukuthi abantu bakaJehova bagonyiwe ezilingweni ezinjalo. Omunye umdala ohlonishwayo owayesekhonze iminyaka eminingi ngokwethembeka wahileleka ekuziphatheni okubi ngoba wayenza ukuhambela kokwelusa kudade oshadile lapho eyedwa. Nakuba aphenduka, lomzalwane walahlekelwa yiwo wonke amalungelo akhe enkonzo. (1 Korinte 10:12) Khona-ke, amadoda amadala amisiwe angakwenza kanjani ukuhambela kokwelusa ngendlela yokuthi angaweli esilingweni? Angasihlela kanjani isilinganiso esithile sokuxoxa ngasese, somthandazo, nesokuthola ithuba lokuhlola iZwi likaNkulunkulu nezincwadi zobuKristu?
18. (a) Ukusebenzisa isimiso sobunhloko kungabasiza kanjani abadala ukuba bagweme izimo ezingabangela ihlazo? (b) Yimaphi amalungiselelo angase enziwe okwenza ukuhambela kokwelusa kudade?
18 Isici esisodwa abadala okufanele basicabangele yisimiso sobunhloko. (1 Korinte 11:3) Uma umuntu osemusha efuna isiqondiso, zamani ukuhilela abazali bakhe engxoxweni lapho kufanelekile. Lapho udade oshadile ecela usizo olungokomoya, ingabe ningakuhlela ukuba nomyeni wakhe abe khona phakathi nokuhambela? Kuthiwani uma lokhu kungenakwenzeka noma umyeni wakhe engakholwa futhi ebelokhu emphatha kabi ngandlela-thile? Khona-ke yenzani amalungiselelo afanayo eningawenza lapho kwenziwa ukuhambela kokwelusa kudade ongashadile. Kungaba ukuhlakanipha ukuba abazalwane ababili abafanelekayo ngokomoya bahambele lowodade ndawonye. Uma lokhu kungafaneleki, mhlawumbe kungakhethwa isikhathi esifanelekile sokuba abazalwane ababili baxoxe naye eHholo LoMbuso, kungaba ngcono kube segunjini eliyobenza babe ngasese. Njengoba abanye abazalwane nodade bekhona ehholo, nakuba bengaboni futhi bengayizwa ingxoxo, cishe noma iyiphi imbangela yokukhubekisa ingagwenywa.—Filipi 1:9, 10.
19. Ukwelusa izimvu zikaNkulunkulu ngomoya wokuzithandela kuletha miphi imiphumela emihle, futhi sikubonisa kubani ukubonga ngabelusi abanomoya wokuzithandela?
19 Ukwelusa izimvu zikaNkulunkulu ngokuzithandela kuletha imiphumela emihle—umhlambi oqinile ngokomoya, oqondiswe kahle. Njengomphostoli uPawulu, abadala abangamaKristu bosuku lwanamuhla banokukhathalela okukhulu ngabakholwa kanye nabo. (2 Korinte 11:28) Umthwalo wemfanelo wokwelusa abantu bakaNkulunkulu unzima kakhulu kulezikhathi ezinzima. Ngakho-ke, sibonga kakhulu ngomsebenzi omuhle owenziwa abafowethu abakhonza njengabadala. (1 Thimothewu 5:17) Sidumisa uMuphi ‘wezipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo,’ uMelusi wethu wasezulwini onothando, uJehova, ngenxa yokusibusisa ‘ngezipho ezingabantu’ ezalusa ngokuzithandela.—Efesu 4:8, NW; Jakobe 1:17.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Indoda ingawengamela kanjani umkhaya wayo ngendlela enhle?
◻ Yiziphi izimfanelo okufanele zibe isici sokuphatha kwabadala abangamaKristu?
◻ Abadala bangakubonisa kanjani ukuthobeka nobumnene ekunikezeni iseluleko?
◻ Yini esizayo ekwenzeni ukulungisa okungokomoya kuphumelele?
◻ Abadala bangazigwema kanjani izimo ezingabangela ihlazo lapho belusa umhlambi?
[Isithombe ekhasini 18]
Umdala ongumKristu kumelwe engamele umkhaya wakhe ngendlela enhle
[Isithombe ekhasini 21]
Ukwelusa kobuKristu kufanele kwenziwe ngobumnene nangokwahlulela okuhle