Ingabe Uyakufanelekela Ukukhonza?
“Ukufaneleka kwethu ngokuphelele kuvela kuNkulunkulu.”—2 KORINTE 3:5, “NW.”
1. Yiluphi uhlobo lwabantu ibandla lobuKristu elingenandawo yabo?
UJEHOVA UNKULUNKULU noJesu Kristu bayizisebenzi. UJesu wathi: “UBaba usebenza kuze kube-manje, nami ngiyasebenza.” (Johane 5:17) UNkulunkulu akabamukeli abantu abenqabayo ukusebenza; futhi akabamukeli nalabo abafuna umthwalo wemfanelo ukuze babe negunya phezu kwabanye. Ibandla lobuKristu alinayo indawo yamavila noma abanokulangazelela kobugovu.—Mathewu 20:25-27; 2 Thesalonika 3:10.
2. Kungani manje kunesidingo esikhulu samadoda angathwala umthwalo wemfanelo ebandleni lobuKristu?
2 OFakazi BakaJehova ‘banokuningi abangakwenza emsebenzini weNkosi,’ ikakhulukazi manje njengoba abantu abaningi kangaka begobhozela “entabeni” yokukhulekela kweqiniso. (1 Korinte 15:58, qhathanisa neNW; Isaya 2:2-4) Kunesidingo esikhulu samadoda afanelekayo ngokomoya azothwala umthwalo wemfanelo ebandleni. Engashukunyiswa ukulangazelela kobugovu, amadoda anjalo awaziphakamisi, kodwa aphakamisa uJehova. (IzAga 8:13) Ayazi ukuthi uNkulunkulu uyawasiza ukuba afanelekele imisebenzi yebandla, njengoba nje ‘enza ukuba izikhonzi zesivumelwano esisha zifaneleke ngokuphelele.’—2 Korinte 3:4-6, qhathanisa neNW.
3. Ngokuyisisekelo, iyini imithwalo yemfanelo yabadala nezinceku ezikhonzayo?
3 Namuhla, njengoba kwakwenzeka phakathi kwamaKristu okuqala, amadoda akhethwa ngomoya ongcwele nangelungiselelo likaJehova lenhlangano ukuba akhonze njengabadala nezinceku ezikhonzayo. (IzEnzo 20:28; Filipi 1:1; Thithu 1:5) Abadala belusa umhlambi kaNkulunkulu ngokomoya, benikeza ukuqondisa okuvikelayo. Basizwa izinceku ezikhonzayo, ezimisebenzi yazo ayikuhileli ngokuqondile ukuba ngababonisi abangokomoya. (1 Petru 5:2; qhathanisa nezEnzo 6:1-6.) NjengeNdodana kaNkulunkulu, eyeza ukuzokhonza, labo abamisiwe bafisa ukukhonza abakholwa kanye nabo. (Marku 10:45) Uma uyindoda engumKristu, ingabe unawo lowomoya?
Izimfanelo Okumelwe Bonke Babe Nazo
4. Sizitholaphi ngokukhethekile izinhlu zezimfanelo zalabo abaphathiswe umthwalo wemfanelo webandla?
4 Izimfuneko zalabo abaphathiswe umthwalo wemfanelo webandla ikakhulukazi zihlelwe umphostoli uPawulu kweyoku-1 Thimothewu 3:1-10, 12, 13 nakuThithu 1:5-9. Njengoba sicabangela lezimfanelo, ezinye zazo ezisebenza kokubili kubadala nasezincekwini ezikhonzayo, akufanele sizibheke ngokwezindinganiso zezwe. Kunalokho, kufanele sizibheke ngokwezimo zekhulu lokuqala nezisebenza phakathi kwabantu bakaJehova. Ukuhlangabezana nalezimfuneko akufuni ukuphelela, ngoba uma kunjalo akukho muntu obengafaneleka. (1 Johane 1:8) Kodwa uma uyindoda engumKristu, kungakhathaliseki ukuthi unemisebenzi oyenzayo yebandla noma cha, kungani ungahlaziyi izimfanelo zakho siqu?
5. Kusho ukuthini ukuba ongasoleki?
5 Ongasoleki; ofakazelwa kahle abantu bangaphandle. (1 Thimothewu 3:2, 7, 8, 10; Thithu 1:6, 7) Lapho zimiswa nalapho zikhonza, izinceku ezikhonzayo nabadala kumelwe zingasoleki, okusho ukuthi, zingabi nacala futhi kungabikho sidingo sokuba zisolwe ngenxa yecala elifanele lokuziphatha noma lemfundiso engalungile. Amacala amanga enziwa ‘abazalwane bamanga’ noma abanye abantu awamenzi umuntu asoleke. Ukuze lenze umuntu angakufanelekeli ukukhonza ebandleni, icala akumelwe libe yinto ewubala, futhi kumelwe lifakazelwe ngokuvumelana nezindinganiso ezingokomBhalo. (2 Korinte 11:26; 1 Thimothewu 5:19) Indoda emisiwe ebandleni ‘kumelwe futhi ibe-nobufakazi obuhle kwabangaphandle, funa iyele esihlambeni nasesihibeni sikaSathane.’ Uma indoda iye yenza isono esingathi sína esikhathini esidlule, ingamiswa kuphela uma, ngendlela ephila ngayo, iye yasusa noma yisiphi isihlamba futhi yazenzela igama elihle.
6. Kusho ukuthini ukuba indoda enomfazi oyedwa?
6 Indoda enomfazi oyedwa. (1 Thimothewu 3:2, 12; Thithu 1:6) Lokhu akusho ukuthi amadoda ashadile kuphela angaba izinceku ezikhonzayo nabadala. Nokho, uma ishadile indoda kumelwe ibe nomfazi oyedwa kuphela ophilayo futhi ithembeke kuye. (Heberu 13:4) Ngokungafani namadoda amaningi ayengewona amaKristu ekhulwini lokuqala leminyaka, ayinakuba umuntu onesithembu.a
7. (a) Ingabe iminyaka yobudala eyenza umuntu afanelekele ukuba umdala? (b) Yini ehilelekile ekuphatheni kahle abendlu?
7 Ophatha kahle abendlu yakhe, abantwana bakhe bemthobela. (1 Thimothewu 3:4, 5, 12; Thithu 1:6) Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi abadala kumelwe okungenani babe neminyaka engu-30 ubudala, kodwa akukho budala iBhayibheli elibumisayo. Nokho, umuntu kumelwe enze izinto njengomuntu omdala ngomqondo ongokomoya. Izinceku ezikhonzayo nabadala kufanele zibe ezikhule ngokwanele ukuba zingaba nabantwana. Uma ishadile, indoda ayifaneleki uma yenza izinto ngendlela yokwesaba uNkulunkulu kwenye indawo kodwa ibe ngumashiqela ekhaya. Kumelwe ukuba iye yazuza inhlonipho ngokubaphatha kahle abendlu yayo ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli, futhi umgomo wayo kufanele ube ukuba nempumelelo engokomoya kuwo wonke amalungu omkhaya. Ngokomthetho, umdala ongubaba kufanele abe nabantwana abasengaphansi kwakhe abaziphatha kahle “abakholwayo.” Kungaba ukuthi bathuthukela ekuzinikezeleni kuNkulunkulu noma sebebhapathiziwe kakade njengoFakazi BakaJehova. Indoda ehlulwa ukwakha ukholo kubantwana bayo akunakwenzeka ukuba ikwazi ukulwakha kwabanye.
8. Ngaphambi kokuba indoda enomkhaya ibe umdala, yini okumelwe ifunde ukuyenza?
8 Ngaphambi kokuba indoda enomkhaya ibe umdala okwaziyo ukuba umbonisi ongokomoya ebandleni, kumelwe ifunde kuqala indlela yokuqondisa abendlu yayo. “Uma umuntu engakwazi ukuphatha owakhe umuzi, angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na?” (1 Thimothewu 3:5) Yiqiniso, indoda ingase iphikiswe umkayo ongakholwa. (Mathewu 10:36; Luka 12:52) Noma omunye wabantwana bayo angase abe necala lesono esingathi sína, nakuba abanye beqhuba kahle ngokomoya. Noma kunjalo, uma indoda iye yenza konke okulindelekile, futhi ikakhulukazi uma iye yaba nempumelelo ngokomoya kwabanye endlini yayo, (ukwenqatshwa kokuqondisa kwayo okuhle yilungu lomkhaya elilodwa) akunakuyenza ingafanelekeli ukuba inceku ekhonzayo noma umdala.
9. Yini okumelwe iqashelwe umdala noma inceku ekhonzayo ngokuqondene nophuzo oludakayo?
9 Angabi yixhwele lewayini noma onaka kakhulu iwayini. (1 Thimothewu 3:3, 8; Thithu 1:7) Inceku ekhonzayo noma umdala akumelwe izitike ngokweqile ngophuzo oludakayo. Ukuluthwa yilo kungaphumela ekuhlulekeni ukulawula imicabango nemizwelo, okungaholela ekuxokozeleni noma ezimpini ezibangelwa ukudakwa. Akufanele ‘inake kakhulu iwayini’ noma ibe nedumela lokuba umuntu onomkhuba wokuphuza noma ophuza kakhulu. (IzAga 23:20, 21, 29-35) Yeka ukuthi bekungaba buhlungu kangakanani uma ukuhambela kokwelusa bekungoniwa ukuphuza ngokweqile! Uma umzalwane ephuza, akufanele aphuze lapho ehlanganyela emihlanganweni, enkonzweni, noma kwenye inkonzo engcwele.—Levitikusi 10:8-11; Hezekeli 44:21.
10. Kungani abathandi bemali nabahahela inzuzo embi bengakufanelekeli ukuba abadala noma izinceku ezikhonzayo?
10 Anganxaneli imali noma ahahele inzuzo embi. (1 Thimothewu 3:3, 8; Thithu 1:7) Abathandi bemali basengozini engokomoya, futhi “abahahayo” abayikulidla ifa loMbuso kaNkulunkulu. Ngakho, amadoda anjalo awakufanelekeli ukuba abadala noma izinceku ezikhonzayo. (1 Korinte 6:9, 10; 1 Thimothewu 6:9, 10) Igama lesiGreki eliwumsuka elihunyushwe ngokuthi “embi” ngokuyisisekelo lisho ‘okuyihlazo,’ futhi lelo elihunyushwe ngokuthi “inzuzo” libhekisela kunoma yiluphi uhlobo lwenzuzo. (Filipi 1:21; 3:4-8) Yiqiniso, indoda esimo sayo sibonisa ukuthi iyophatha “izimvu” zikaNkulunkulu ngokungathembeki ayiwufanelekele umthwalo wemfanelo webandla. (Hezekeli 34:7-10; IzEnzo 20:33-35; Juda 16) Siba sikhulu isidingo sokuqapha ekutuseni lapho siqaphela ukuthi indoda, uma isimisiwe, ingase iphathiswe izimali futhi ilingeke ukuba yebe enye yemali.—Johane 12:4-6.
11. Kungani kungafanele ukuba “osand’ ukukholwa” atuselwe umthwalo wemfanelo webandla?
11 Angabi ngosanda kukholwa; ahlolwe. (1 Thimothewu 3:6, 10) Umuntu osanda kubhapathizwa akakabi nesikhathi sokubonisa ukuthi uyoyinakekela ngokwethembeka imisebenzi ayabelwe. Angase antule uzwela ngabahluphekayo noma ukuhlakanipha okudingekile kokusiza akholwa kanye nabo futhi angase ababukele phansi abanye. Ngakho-ke, ngaphambi kokuba ituswe njengenceku ekhonzayo noma ikakhulukazi njengomdala, indoda kufanele ‘ihlolwe’ futhi kufanele inikeze ubufakazi bokwahlulela kahle nokwethenjelwa. Asikho isikhathi esimisiwe salokhu kuhlola, futhi abantu bayahlukahluka ngokwezinga lokukhula ngokomoya. Kodwa abadala akufanele bamtuse ngokushesha umuntu osanda kuhlanganyela “funa ngokukhukhumala ayele ekulahlweni kukaSathane.” Umuntu makabonakalise ukuthobeka okunjengokukaKristu kuqala.—Filipi 2:5-8.
Ukubhekisa Ukunakekela Ezincekwini Ezikhonzayo
12. Ingabe yizinceku ezikhonzayo kuphela okumelwe zihlangabezane nezimfanelo ezizihlelelwe?
12 Kuhlelwe izimfuneko ezithile zezinceku ezikhonzayo. Nokho, ukuba nabadala babengazange bahlangabezane nezimfanelo ezinjalo, babengeke bakufanelekele ukukhonza. Njengendoda engumKristu, ingabe uyafaneleka kulezici?
13. Kusho ukuthini ukuba nesizotha?
13 Abe nesizotha. (1 Thimothewu 3:8) Indoda efanelekela ukukhonza njengenceku ekhonzayo akufanele iwuthathe kalula umthwalo wemfanelo. Kumelwe iziphathe ngendlela enesithunzi eyizuzela inhlonipho. Nakuba ukuhlekisa kungase kwamukeleke ngezinye izikhathi, ibingeke ifaneleke uma ngaso sonke isikhathi yenza izinto ngokudlala.
14. (a) Kushoni ukungabi ndimimbili? (b) Ukuba nonembeza omhlophe kudingani?
14 Angabi ndimimbili; abe nonembeza omhlophe. (1 Thimothewu 3:8, 9) Izinceku ezikhonzayo (nabadala) kumelwe zibe neqiniso, zingahlebi noma zikhohlise. Njengoba kungamelwe zibe ndimimbili, akumelwe zisho okuthile komunye umuntu ngokuzenzisa bese zisho okuphambene nalokho komunye. (IzAga 3:32, NW; Jakobe 3:17) Lamadoda kumelwe futhi abe abasekeli abaqinile beqiniso elembuliwe, ‘aphathe imfihlakalo yokukholwa ngonembeza omhlophe.’ Phambi kukaNkulunkulu, unembeza wendoda enjalo kufanele ube ufakazi wokuthi uqotho futhi akenzi noma yini ewukukhohlisa noma engcolisayo. (Roma 9:1; 2 Korinte 1:12; 4:2; 7:1) Akekho ofanelekela ukukhonza umhlambi kaNkulunkulu uma enganamatheli eqinisweni nasezimisweni zokwesaba uNkulunkulu.
Ukugxila Ezimfanelweni Zabadala
15. Izimfanelo zobani manje ezihlolwayo, futhi lezi zihilelani ngokukhethekile?
15 Izimfanelo ezithile zisebenza kubadala ikakhulukazi futhi zigxile emsebenzini wabo njengabelusi nabafundisi. Njengendoda engumKristu, ingabe unazo lezimfuneko?
16. (a) Yini edingekile ekubeni ngozikhuzayo? (b) Umdala angakulondoloza kanjani ukuzithiba?
16 Abe ngozikhuzayo; ozithibayo. (1 Thimothewu 3:2; Thithu 1:8) Umdala kufanele abe ngolinganiselayo, angabi isigqila semikhuba emibi. Lapho ebhekene nokulingwa, uNkulunkulu uyomsiza ukuba alondoloze ukulinganisela uma ethandaza njengoba kwathandaza umhubi: “Izinsizi zenhliziyo yami zikhulile; ngikhiphe ezinhluphekweni zami.” (IHubo 25:17) Umbonisi kufanele futhi athandazele umoya kaNkulunkulu futhi abonakalise izithelo zawo, kuhlanganise nokuzithiba. (Luka 11:13; Galathiya 5:22, 23) Ukuqaphela imicabango, inkulumo, nezenzo kwenza umdala akwazi ukugwema ukweqisa njengoba enikeza ibandla isiqondiso esingokomoya.
17. Yini ehilelekile ekubeni nengqondo ehluzekile?
17 Abe nengqondo ehluzekile. (1 Thimothewu 3:2, qhathanisa neNW.) Umdala kumelwe abe ngonengqondo, oqaphile nohlakaniphile. Kufanele abe nenjongo kulokho akushoyo nakwenzayo futhi kube nengqondo. Ukucabanga kwakhe kokuthobeka, okulinganiselwe kusekelwe ekuhlakanipheni kokwesaba uNkulunkulu nasezimfundisweni eziphilile zeZwi likaJehova, okumelwe abe umfundi walo okhuthele.—Roma 12:3; Thithu 2:1.
18. Ukuba ngohlelekile kudingani ngomdala?
18 Abe ngohlelekile. (1 Thimothewu 3:2, qhathanisa neNW.) Igama lesiGreki elisetshenziswe lapha lihunyushwe ngokuthi “ezifanele” kweyoku-1 Thimothewu 2:9. Ngakho umdala kufanele abe nendlela yokuphila efanele nehlelekile. Ngokwesibonelo, kufanele agcine isikhathi. AmaKristu ekhulu lokuqala leminyaka ngokusobala ayengakuqokomisi ukugcina imibhalo yezinto, futhi umbonisi namuhla akudingeki ukuba abe umgcini wamabhuku ezimali noma umabhalane onguchwepheshe. Izinceku ezikhonzayo zingase zinakekele izinto ezidingekile kulezizici. Kodwa igama lesiGreki elisho ‘ukuhleleka’ lingase lisho ukuziphatha okuhle, futhi ngokuqinisekile indoda ibingenakufaneleka uma ibiyishinga futhi ingahlelekile.—1 Thesalonika 5:14; 2 Thesalonika 3:6-12; Thithu 1:10.
19. Ngenxa yokuthi ungenisa izihambi yini eyenziwa umdala?
19 Ongenisa izihambi. (1 Thimothewu 3:2; Thithu 1:8) Umdala ‘ukhuthalela ukungenisa izihambi.’ (Roma 12:13; Heberu 13:2) Igama lesiGreki elisho ‘ukungenisa izihambi’ ngokwezwi nezwi lisho “ukuthanda izihambi.” Kanjalo, umdala ongenisa izihambi wamukela abaqalayo ukuza emihlanganweni yebandla, kwabampofu abonise isithakazelo esifana nasibonisa kwabami kahle ngokwezinto ezibonakalayo. Ubonisa umoya wokungenisa izihambi kwabajikeleza ngenxa yezithakazelo zobuKristu futhi ubaphelezela “ngokufanele uNkulunkulu.” (3 Johane 5-8) Ngempela, umdala ubonisa umoya wokungenisa izihambi ikakhulukazi kwakholwa nabo ngokwezidingo zabo nangokuvumelana nezimo zakhe.—Jakobe 2:14-17.
20. Iziphi izindlela umdala okumelwe akufanelekele ngazo ukufundisa?
20 Onesu lokufundisa. (1 Thimothewu 3:2) Ikhono lomdala njengomfundisi ongokomoya alibangelwa ukukhalipha kwengqondo noma ukuhlakanipha kwezwe. (1 Korinte 2:1-5, 13) Uba nalo ngoba ‘ubambelela ezwini elithembekileyo [ngokuqondene nekhono lakhe, NW] lokufundisa, aze abe-nakho nokuyala ngesifundiso esiphilileyo nokwahlulela abaphikayo.’ (Thithu 1:9; qhathanisa nezEnzo 20:18-21, 26, 27.) Kumelwe akwazi ‘ukubayala ngomoya omnene abaphikisayo.’ (2 Thimothewu 2:23-26) Ngisho noma umdala engesona isikhulumi sasobala esinekhono ebandleni, kufanele abe ngumfundi okahle weZwi likaNkulunkulu kangangokuba abe nekhono elanele lokuyala nokululeka amakholwa, alifundayo nawo iBhayibheli. (2 Korinte 11:6) Kumelwe akufanelekele ukudlulisa “isifundiso esiphilileyo” esisiza imikhaya nabantu ngabanye ukuba baphishekele ukuphila kokwesaba uNkulunkulu.—Thithu 2:1-10.
21. (a) Kungani kungase kuthiwe umdala akasona isilwi? (b) Kusho ukuthini ukuba mnene? (c) Yini eshiwo ukungabi ngoxabanayo?
21 Ongesiso isilwi, kepha omnene, ongaxabani. (1 Thimothewu 3:3; Thithu 1:7) Njengoba enokuthula, umdala akabashayi abantu ngokoqobo noma ngokukhuluma amazwi amabi noma ahlabayo. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 11:20.) (Okushiwo ngaphambili kokuthi ‘akalona ixhwele lewayini’ kubonisa ukuthi ugwema ukusebenzisa kabi uphuzo oludakayo ngokuvamile oluholela ekulweni.) Njengoba “emnene” (noma, “ezithiba”), akaphoqeleli, akalukhuni futhi akasona isixhwanguxhwangu, akenzi izinto ezincane zibe indaba enkulu. (1 Korinte 9:12; Filipi 4:5; 1 Petru 2:18, qhathanisa neNW.) Njengoba umdala engeyena oxabanayo, noma onokuphikisana, uyazigwema izingxabano futhi ‘akasona isififane.’—Thithu 3:2; Jakobe 1:19, 20.
22. Yini eboniswa yiqiniso lokuthi umdala akumelwe abe onenkani?
22 Ongenayo inkani. (Thithu 1:7, NW) Ngokwezwi nezwi, lokhu kusho “ongafuni ukuzanelisa.” (Qhathanisa neyesi-2 Petru 2:10, NW.) Umdala akumelwe abe ngophoqelela umbono wakhe kodwa kufanele abe nombono wokuzithoba ngamakhono akhe. Engacabangi ukuthi usingatha izinto kangcono ngaphezu kwanoma ubani, uhlanganyela umthwalo wemfanelo nabanye ngokuzithoba futhi uyabazisa abeluleki abaningi.—Numeri 11:26-29; IzAga 11:14; Roma 12:3, 16.
23. (a) Ungamchaza kanjani umuntu “othanda okuhle”? (b) Kusho ukuthini ukuba ngolungile?
23 Othanda okuhle; olungile. (Thithu 1:8) Ukuze ifaneleke njengomdala, indoda kumelwe ithande okuhle futhi ibe ngelungile. Umuntu othanda okuhle uthanda lokho uJehova akubona kukuhle, wenza izenzo zomusa nezisizayo, futhi ubonisa ukwazisa ngobuhle babanye. (Luka 6:35; qhathanisa nezEnzo 9:36, 39; 1 Thimothewu 5:9, 10.) Ukuba olungile kusho ukuvumelana nemithetho nezindinganiso zikaNkulunkulu. Phakathi kwezinye izinto, indoda enjalo ayikhethi futhi ihlala icabanga ngezinto ezilungile, ezimhlophe, nezinhle. (Luka 1:6; Filipi 4:8, 9; Jakobe 2:1-9) Njengoba ubuhle buhluka ekulungeni ngokuthi budlulela ngalé kokufunwa ukulunga, umuntu othanda okuhle wenzela abanye okungaphezu kwalokho okufunekayo kuye.—Mathewu 20:4, 13-15; Roma 5:7.
24. Kudingani ukwethembeka?
24 Othembekile. (Thithu 1:8, NW) Indoda efanelekela ukuba umdala ilondoloza ukuzinikela kuNkulunkulu okungenakwephulwa futhi ibambelela emthethweni waphezulu, kungakhathaliseki ukuthi ubuqotho bayo buvivinywa kangakanani. Yenza lokho uJehova akulindele kuyo, futhi lokhu kuhlanganisa ukukhonza njengommemezeli othembekile woMbuso.—Mathewu 24:14; Luka 1:74, 75, qhathanisa neNW; IzEnzo 5:29; 1 Thesalonika 2:10, qhathanisa neNW.
Ukuhlangabezana Nezimfanelo
25. Izimfanelo okusanda kuxoxwa ngazo zifuneka kobani, futhi izimfanelo ezinjalo zingafinyelelwa kanjani?
25 Eziningi zezimfanelo okusanda kuxoxwa ngazo zihilela izinto ezifuneka kubo bonke oFakazi BakaJehova futhi zifinyelelwa ngesibusiso sikaNkulunkulu esifundweni somuntu siqu, emzamweni wakhe, kubangane abahle, nasemthandazweni wakhe. Abantu bangase bavelele ngezimfanelo ezithile kunezinye. Kodwa ngezinga elamukelekayo, izinceku ezikhonzayo nabadala kumelwe zihlangabezane nazo zonke izimfuneko zelungelo lazo elikhethekile.
26. Kungani amadoda angamaKristu ezenza atholakalele umthwalo wemfanelo webandla?
26 Bonke oFakazi BakaJehova kufanele bafune ukwenza konke abangakwenza enkonzweni kaNkulunkulu. Lomoya ushukumisela amadoda angamaKristu ukuba azenze atholakalele imithwalo yemfanelo yebandla. Ingabe uyindoda ezinikezele nebhapathiziwe? Uma kunjalo, lwela ukufaneleka futhi wenze yonke imizamo ukuze ufanelekele ukukhonza!
[Umbhalo waphansi]
a Bheka futhi INqabayokulinda kaSeptember 1, 1983, ikhasi 28, ngaphansi kwesihlokwana esithi “Idivosi EngokomBhalo.”
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Kungani manje kunesidingo esikhulu sokuba amadoda abhapathiziwe amu-kele umthwalo wemfanelo webandla?
◻ Yiziphi ezinye izimfanelo okumelwe izinceku ezikhonzayo zihlangabezane nazo?
◻ Yiziphi ezinye zezimfuneko abadala okumelwe bahlangabezane nazo?
◻ Kungani umdala kumelwe akwazi ukuphatha kahle abendlu yakhe?
◻ Yini eshukumisela amadoda angamaKristu ukuba azenze atholakelele imisebenzi yebandla?
[Isithombe ekhasini 24, 25]
Abadala nezinceku ezikhonzayo kufanele baphathe abendlu yabo ngokwezimiso zeBhayibheli