Ukuqondisisa Izindaba
Benqatshelwe Ukushada
Njengoba omunye umbhishobhi waseLuthela akuchaza “njengenkinga efihlakele yezizukulwane ngezizukulwane,” ukuziphatha okubi ngokobulili okwenziwa abefundisi ekugcineni ‘kuye kwavela obala.’ Nokho, iLos Angeles Times ibika ukuthi kanye nakho kuye kwavela “ukudalulwa obala okuhlazisayo kanye nezinhlawulo eziyizindleko eziye zaphoqelela amasonto amaningi ukuba aphelelwe imali.” ITimes iphawula ukuthi abomshuwalense bathi kunamacala okuphathwa kabi ngokobulili angakathethwa ezinkantolo afinyelela ku-2 000 ahilela abefundisi.
Kuyaphawuleka futhi ukuthi kubikwa ukuthi ezinye izaphula-mthetho ezaziwayo zingabefundisi bamaRoma Katolika. UA. W. Richard Sipe, isazi sesayensi yokwelapha izifo zengqondo nowayeyindela yaseBenedictine, uye waxoxa nabapristi abangu-1 000 kanye nabanye abesilisa nabesifazane abangu-500, abaningi babo abathi baye bahlanganyela ebulilini nabefundisi. Umagazini iTime ubika ukuthi ulinganisela ukuthi cishe ingxenye yabapristi abangu-53 000 bamaRoma Katolika eUnited States baphula isifungo sabo sobumpohlo. NgokukaSipe, amaphesenti acishe abe ngu-28 abo bonke abapristi anobuhlobo obuqhubekayo nabesifazane, kuyilapho futhi abasukela kumaphesenti angu-10 kuya kwangu-13 behileleka ngokobulili namadoda amadala, kanti amaphesenti angu-6 alandela ukwenza ubulili nezingane, ngokuvamile abafana. Izinhlawulo ezingaphezu kuka-100 zokuziphatha okubi kwabefundisi eminyakeni eyisithupha edlule ziye zabiza izikhulu zamaKatolika amaRandi aphakathi kwezigidi ezingu-260 nezingu-780.
Abantu abaningi banomuzwa wokuthi eziningi zalezizinkinga bezingaqedwa ukuba abapristi bebevunyelwe ukushada. Abanye bangashaqeka ngokuzwa ukuthi akukho lapho iBhayibheli linqabela khona izikhonzi zikaNkulunkulu ezingamaKristu ukuba zishade. Nokho, iSonto lamaKatolika liye lenqabela abapristi ukuba bashade kusukela ngekhulu le-12 leminyaka. Ngokuthakazelisayo, lapho ebhekisela ekuhlubukeni okukhulu ekukhulekeleni kweqiniso okwakuyongena ngemva kokufa kwabaphostoli, uPawulu wabhala ukuthi “abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni, ngokuzenzisa kwabaqamba amanga . . . benqabela ukuganana.”—1 Thimothewu 4:1-3.
Kungani Kunobudlova Obuningi Kangaka?
ICanada yashaqeka futhi yesaba kakhulu ngokuzwa ukuthi uMarc Lepine oneminyaka engu-25 ubudala wayebulale abantu abaningi emagcekeni aseYunivesithi yaseMontreal. Wabulala ngamabomu abafundi besifazane abangu-14 abafundela ubunjiniyela, eshiya abanye abafundi abangu-13 belimele, kuhlanganise nabesilisa abane, ngaphambi kokuba azibulale yena. Kwakungesinye sezenzo zokubulala ezimbi kakhulu emlandweni wesizwe. Undunankulu wachaza lokhu kubulala okungenangqondo “njengenhlekelele ebangelwe umuntu enkulu kakhulu.”
NgokweToronto Star, eUnited States, “kuye kwaba nababulali abaphindwe izikhathi ezingaphezu kuka-100 kusukela ngeMpi Yezwe II futhi okuningi kwakho kuye kwabonakala emashumini amabili eminyaka adlule.” Nokho, njengoba ubaba wesinye sezisulu zikaLepine abuza ngosizi: “Kungani kunobudlova obuningi kangaka emhlabeni? Kungani izidalwa ezingabantu zenza into enje komunye nomunye?”
Incazelo yeBhayibheli ngokwanda kobudlova esikhathini sethu icacile. Umphostoli uJohane wabhala: “Izwe lonke lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19, NW) Njengomoya esiwuphefumulayo, umoya omubi ovela kuSathane, “omubi,” ubusa ukucabanga, izifiso, zona kanye izenzo zabantu abaningi. Ngomoya wakhe wokuhlubuka, wobugovu, nokuqhosha, “[ud]ukisa izwe lonke.” (IsAmbulo 12:9) Nokho, abakhulekeli bakaNkulunkulu beqiniso bayaduduzeka ngokwazi ukuthi “izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.”—1 Johane 2:17.
Ukuphi “Umuzi KaDavide”?
Uma ubungavakashela eJerusalema, futhi ucele othile ukuba akuyalele eNtabeni iSiyoni, cishe ubungathunyelwa emqengqeni, noma igquma elinwebekela eningizimu yoMuzi Omdala. Njengoba empumalanga linomgcele oyisiGodi saseTyropoeon futhi entshonalanga umngcele walo uyisiGodi sakwaHinomu, leligquma liphawuleka ngokuba khona kweSonto laseDormition, elendlu yalo ecijile.
Nokho, amabalazwe nemifanekiso okukhishwa yiWatch Tower Society kubeka iNtaba iSiyoni egqumeni elincanyana empumalanga yalokho namuhla okubizwa ngokuthi iNtaba iSiyoni. Leligquma lihlukaniswa nengxenye yalo engasentshonalanga isiGodi saseTyropoeon futhi isiGodi saseKidroni siwumngcele walo ongasempumalanga.
Iyiphi kulezindawo ezimbili ephawula indawo iNtaba iSiyoni yokuqala eyayikuyo? Umagazini iBiblical Archaeology Review (May/June 1990) uyavuma ukuthi “umqengqe, noma igquma elisempumalanga kwakuyiNtaba iSiyoni yokuqala, . . . eyadliwa iNkosi uDavide kumaJebusi.” Ngemva kokuwa kwayo, lenqaba yamaJebusi yaziwa ngokuthi “umuzi kaDavide,” ibizwa nangokuthi “[i]Siyoni.” (2 Samuweli 5:7) IBiblical Archaeology Review iphawula ukuthi “ngaphandle kokungabaza, abavubukuli baye bathola ukuthi lenhlonhlo encane,” okuvame ukubhekiselwa kuyo njengegquma lasempumalanga, iyiNtaba iSiyoni engokweBhayibheli lapho uDavide amisa khona indlunkulu yokubusa neyenkolo yesizwe sakwaIsrayeli.—2 Samuweli 6:11, 12, 17.