Ingabe Uwuvivinya Ngokwanele Umzimba?
“Awukho umuthi osetshenziswa namuhla noma ozosetshenziswa esikhathini esizayo othembisa ukuthuthukisa izinga lempilo njengohlelo lwasikhathi sonke lokuvivinya umzimba ukuphila kwakho konke.”
LA MAZWI angenhla abhalwa uDkt. Walter Bortz II, onguprofesa wezobudokotela eyunivesithi, ngo-1982. Kule minyaka engu-23 edlule, ochwepheshe abaningi bezokwelapha nezinhlangano baye bacaphuna la mazwi ezincwadini, komagazini nasezingosini ze-Internet. Kusobala ukuthi iseluleko sikaDkt. Bortz sisasebenza namuhla ngendlela esasisebenza ngayo ngo-1982, futhi abaningi basasibheka njengesinengqondo nesisebenzayo. Ngakho kufanele sizibuze, ‘Ingabe ngiwuvivinya ngokwanele umzimba?’
Abanye ngephutha baye baphetha ngokuthi akudingeki bazivivinye ngoba abakhuluphele. Abantu abakhuluphele nabakhuluphele ngokweqile bangazuza kakhulu ngokuzivivinya njalo, kodwa ngisho noma ungakhuluphele, ukwandisa izinga ozivivinya ngalo cishe kuyothuthukisa sonke isimo sempilo yakho futhi kusize ekuvimbeleni izifo eziyingozi, kuhlanganise nezinhlobo ezithile zomdlavuza. Ucwaningo lwamuva nje lubonisa nokuthi ukuvivinya umzimba kunganciphisa ukukhathazeka futhi kungavimbela nokucindezeleka. Iqiniso liwukuthi abantu abaningi abancane ngomzimba bacindezelekile ngokwengqondo nangokomzwelo, banezifo zenhliziyo nemithambo yayo, isifo sikashukela nezinye izifo eziba zimbi ngenxa yokungawuvivinyi ngokwanele umzimba. Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi ukhuluphele yini noma cha, uma ungawuvivinyi umzimba, kuyokuzuzisa uma uwuvivinya.
Kuyini Ukuphila Kokungawuvivinyi Umzimba?
Wazi ngani ukuthi uzivivinya ngokwanele? Kunemibono ehlukahlukene ngokuthi kuyini ukuphila kokungawuvivinyi umzimba. Nokho, ochwepheshe abaningi bezempilo bayavumelana ngeziqondiso ezithinta bonke abantu. Enye incazelo yezinhlangano eziningana zezempilo ithi uyobe uphila ngaleyo ndlela uma (1) ungawuvivinyi umzimba noma wenze umsebenzi othile okhandlayo okungenani imizuzu engu-30 kathathu ngesonto, (2) unganyakazi lapho wenza imisebenzi yokuzilibazisa, (3) ungavamile ukuhamba ibanga elingaphezu kwamamitha ayikhulu phakathi nosuku, (4) uhlala phansi kakhulu lapho ungalele, (5) unomsebenzi ongahileli ukusebenzisa amandla omzimba.
Ingabe uwuvivinya ngokwanele umzimba? Uma kungenjalo, ungaqala wenze okuthile namuhla. Ungase uthi, ‘Kodwa anginasikhathi.’ Lapho uvuka ekuseni, uvuka ukhathele. Ekuqaleni kosuku, awunaso nesikhathi esanele sokulungela ukuya emsebenzini. Futhi, ngemva kosuku olude, uzizwa ukhathele uyingcuba ukuba ungazivivinya futhi kusuke kunezinto eziningi okufanele uzenze.
Noma kungenzeka uphakathi kwabantu abaningi abaqala ukuzivivinya kodwa babuye bayeke ngemva nje kwezinsuku ezimbalwa ngoba bakuthola kukhathaza, mhlawumbe baze bagule ngisho nokugula ngemva kokuvivinya umzimba. Abanye bayakugwema ukuzivivinya ngoba bacabanga ukuthi uhlelo oluhle lokuzivivinya kumelwe luhlanganise nesimiso esikhandlayo sokuphakamisa izinsimbi, ukugijima ibanga elide nsuku zonke nokuzelula ngokucophelela ngendlela ehlelekile.—Bheka ibhokisi elithi “Ukuphakamisa Izinsimbi Nokuzelula.”
Kukhona-ke nezindleko kanye nalokho okucatshangwa ukuthi kuyiziphazamiso. Abantu abagijimayo badinga izingubo nezicathulo ezifanele. Kulabo abafuna ukuqinisa izikhwepha kudingeka izinsimbi noma imishini ekhethekile yokuzivivinya. Izindleko zokuba ilungu leqembu lokuzivivinya zingamba eqolo. Ukuya kuleyo ndawo yokuzivivinya kungadla isikhathi. Noma kunjalo, akukho kulezi zinto ezingenhla okufanele ikuvimbele ekuphileni ukuphila okumatasa futhi uzuze ngokwempilo.
Beka Imigomo Efinyelelekayo
Okokuqala, uma uhlela ukuqala isimiso sokuzivivinya, ungabeki imigomo engafinyeleleki. Qala kancane kancane, ukhuphule izinga njengoba uqhubeka. Ososayensi muva nje bavumile ukuthi kunenzuzo ukuqala kancane futhi ulinganisele lapho uzivivinya, futhi batusa ukuba abantu abangawuvivinyi umzimba balikhuphule kancane kancane izinga lokuzivivinya. Ngokwesibonelo, i-UC Berkeley Wellness Letter, iphephabhuku lezokondleka, ukuzivivinya nokunciphisa ukucindezeleka elinyatheliswa i-University of California, iyeluleka: “Qala ngokwandisa ngemizuzu embalwa lapho uzivivinya ngosuku, uze ufinyelele emizuzwini engu-30 uma kungenzeka, futhi ukwenze zonke izinsuku zesonto.” Leli phephabhuku lichaza ukuthi “okufanele nje ukwenze yizinto ezivamile, njengokuhamba nokukhuphuka ngezitebhisi, kodwa ukwenze njalo, isikhathi eside, futhi uthi ukushesha kancane.”
Abantu abasaqala kufanele bagxile kakhulu ekuzivivinyeni njalo, hhayi ekuzivivinyeni ngamandla. Lapho usunamandla nomfutho, ungabe usuqala ukuqinisa indlela ozivivinya ngayo. Lokhu kungenziwa ngokunweba isikhathi ekuzivivinyeni okunzinyana, njengokuhamba ngamandla, ukugijigijima, ukukhuphuka izitebhisi, noma ukugibela ibhayisekili. Ekugcineni, ukuze ube nohlelo oluhlanganisa zonke izici zokuzivivinya, ungase uhlanganise nokuphakamisa izinsimbi nokuzelula. Nokho, ochwepheshe abaningi bezempilo abasavumelani nombono wokuthi uma ukuzivivinya “kungenzima, kusho ukuthi akuzuzisi.” Ngakho, ukuze unciphise amathuba okulimala futhi ugweme ukukhandleka komzimba nokudumala okuvame ukwenza ukuba abantu bayeke, gcina ukuzivivinya kusezingeni elinethezekile.
Kwenze Njalo
Labo ababonakala benganaso isikhathi sokuzivivinya bangakujabulela lokho okutuswa i-Wellness Letter. Ichaza ukuthi “izikhawu zokuzivivinya phakathi nosuku zinenzuzo ephindaphindiwe. Lokho kusho ukuthi izikhawu ezintathu zokuzivivinya imizuzu eyishumi zingaba nenzuzo ecishe ilingane nokuzivivinya imizuzu engu-30.” Ngakho, akudingeki ukuba uzivivinye isikhathi eside ngamandla ukuze uthole izinzuzo ezinkulu zempilo. I-Journal of the American Medical Association ibika ukuthi abacwaningi baye bathola ukuthi “ukuzivivinya okulula kuya kokulinganiselayo, kanye nokuzivivinya ngamandla, kunciphisa ingozi yokuba nesifo semithambo yenhliziyo.”
Kodwa kubalulekile ukukwenza njalo. Unalokho engqondweni, ungase ufise ukubheka ikhalenda lakho futhi ubeke izinsuku nezikhathi eziqondile zokuzivivinya. Ngemva kwamasonto ambalwa okuzivivinya njalo, cishe uyothola ukuthi sekuyingxenye yokuphila kwakho. Lapho usuqala ukubona izinzuzo empilweni, ungase uqale ukulangazela izikhathi zokuvivinya umzimba.
Ukuzivivinya Kuthuthukisa Ukuphila
Nakuba kuyiqiniso ukuthi ngisho nemizuzu engu-30 yokuzivivinya nsuku zonke ingaba nenzuzo enkulu empilweni yakho, ngokweseluleko samuva nje sabezokwelapha, ukusebenzisa isikhathi esithe xaxa kungcono nakakhulu. Manje kutuswa ukuthi ukuze ugcine imithambo yenhliziyo yakho iphile kahle, kumelwe uzivivinye imizuzu engafinyelela kwengu-60 nsuku zonke. Nakho lokhu kungafinyelelwa ngokuba nezikhawu eziningana ezimfushane phakathi nalo lonke usuku. Iphephabhuku i-Canadian Family Physician lichaza ukuthi “okutuswa manje kugcizelela ukuthi kufanele uqongelele imizuzu engaba ngu-60 yokuzivivinya usuku nosuku. Ukuze uzuze ngokwempilo, kubonakala kungasho lutho ukuthi leso sikhathi sokuzivivinya usiqongelela kanjani.” Leli phephabhuku lezempilo libuye lithi: “Nakuba ucwaningo oluningana lubika ukuthi ukuzivivinya ngamandla kunciphisa amathuba okubulawa yinoma yini, okugcizelelwayo manje ukukhuphula izinga lokuzivivinya okusesilinganisweni.”
Into esemqoka ukuthi umzimba wakho uklanyelwe ukuba unyakaze futhi uzivivinye njalo. Ukungawuvivinyi umzimba kuyingozi empilweni yakho. Futhi akukho mavithamini, umuthi, ukudla, noma ukuhlinzwa okungathatha indawo yesidingo sokuzivivinya njalo. Futhi, sonke kumelwe sibhekane neqiniso lokuthi ukuzivivinya ngokwanele, kungakhathaliseki ukuthi kusesilinganisweni noma kwenziwa ngamandla, kungakhathaliseki ukuthi kwenziwa ngezikhawu noma isikhathi eside, kudinga isikhathi. Njengoba nje ubekela eceleni isikhathi sokudla nesokulala, kubalulekile ukuba ubekele eceleni isikhathi sokuzivivinya njalo. Lokhu kudinga ukuzikhuza nokuhleleka okuhle.
Asikho isimiso sokuzivivinya esingawudingi umzamo. Nokho, iziphazamiso obhekana nazo nokuzidela kwakho ukuze ulondoloze izinga elifanele lokuzivivinya kuncane kakhulu uma kuqhathaniswa nezingozi ezisongela ukuphila zokungawuvivinyi umzimba. Hlala umatasa, zivivinye njalo, shukumisa leyo misipha—ungase uphile isikhathi eside uwumqemane!
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 24]
Ukuzivivinya Ngamandla
Nakuba ukukhuphula izinga lokuzivivinya kwansuku zonke kungaletha izinzuzo ezinkulu zempilo, abacwaningi bathi ukuzivivinya ngamandla kuletha imiphumela engcono. Nazi ezinye izindlela ongakhetha kuzo:
Ochwepheshe bezempilo batusa ukuba ubonane nodokotela ngaphambi kokuba uqale uhlelo lokuzivivinya ngamandla.
● Ukuhamba ngamandla: Lena enye yezindlela ezilula kakhulu zokuzivivinya. Okudingayo nje yizicathulo ezikahle kanye nomzila ozowulandela. Thatha amagxathu amade futhi ashesha ngaphezu kokuzihambela nje. Zama ukufinyelela ijubane elingamakhilomitha amane kuya kwangu-9 ngehora.
● Ukugijigijima: Lapho ugijigijima, usuke ugijima ngejubane eliphansi. Ukugijigijima kuchazwa njengendlela ephumelela kunazo zonke zokwenza inhliziyo nemithambo yayo kuhlale kuphilile. Nokho, ngenxa yokuthi kukhandla umzimba, ukugijigijima cishe kungabangela ukulimala kwemisipha namalunga omzimba. Ngakho, abathanda ukugijigijima bakhunjuzwa ngesidingo sokuthola izicathulo ezifanele, ukwelula imisipha futhi balinganisele.
● Ukugibela ibhayisekili: Uma unebhayisekili, ungajabulela indlela ephumelela kakhulu yokuzivivinya. Ukugibela ibhayisekili kungashisa ama-kilojoule angu-3 000 ngehora. Nokho, njengokuhamba nokugijigijima, ngokuvamile ukugibela ibhayisekili kwenziwa emgwaqweni. Ngenxa yalokho kufanele uhlale uphapheme lapho ukwenza, uqaphe ukuze ugweme izingozi.
● Ukubhukuda: Ungavivinya yonke imisipha eyinhloko yomzimba wakho lapho ubhukuda. Kusiza nasekugcineni amalunga omzimba ethambile, futhi ungathola zonke izinzuzo ozithola ngokugijigijima, ezenza inhliziyo nemithambo yayo kuphile. Ngenxa yokuthi ukubhukuda akuwukhandli umzimba, ngokuvamile kuyatuswa kubantu abanenkinga yokuqaqamba kwamalunga, abahlushwa yiqolo, noma abakhuluphele kanye nabesifazane abakhulelwe. Gwema ukubhukuda wedwa.
● Ukugxumagxuma kuyi-trampoline: Le ndlela yokuzivivinya idinga ukuba usebenzise i-trampoline encane. Okudingekayo nje ukuba ugxumagxume kuyo. Abayitusayo le ndlela bathi ukugxumagxuma kuthuthukisa ukujikeleza kwegazi ne-lymph, kwandisa umfutho wenhliziyo namaphaphu futhi kuthuthukisa imisipha, ukusebenzelana kwezitho zomzimba nokuzimelela.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 25]
Ukuphakamisa Izinsimbi Nokuzelula
Ososayensi basanda kuphetha ngokuthi uhlelo olulinganiselayo lokuzivivinya kufanele luhlanganise nendlela ethile yokuqinisa izikhwepha, njengokuphakamisa izinsimbi. Uma kwenziwa kahle, ukuphakamisa izinsimbi akuqinisi nje imisipha kuphela kodwa kuqinisa namathambo futhi kusiza ekunciphiseni amafutha emzimbeni.
Ochwepheshe abaningi bezempilo batusa nokuzelula ukuze umzimba uthambe futhi kuthuthuke nokujikeleza kwegazi. Ukuzelula kungasiza amalunga omzimba asebenze ngokuphelele.
Nokho, ukuze umuntu angalimali, kokubili ukuphakamisa izinsimbi nokuzelula kumelwe kwenziwe ngendlela efanele. Ungase uthande ukufunda iziqondiso ezimbalwa eziyisisekelo ngokufunda ukwaziswa okunokwethenjelwa ngale ndaba noma ubonane nodokotela wakho.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 25]
Ukuvivinya Umzimba Kanye Nokusebenza Kwengqondo
Ososayensi baye bathola ukuthi ukuzivivinya ngamandla kungathinta amakhemikhali ambalwa emizwa ebuchosheni, njenge-dopamine, norepinephrine, ne-serotonin. Lokhu kungasisiza sibone ukuthi kungani abaningi bethi bazizwa bephile saka engqondweni ngemva kokuzivivinya. Olunye ucwaningo lubonisa nokuthi abantu abawuvivinya njalo umzimba basengozini encane yokucindezeleka uma beqhathaniswa nalabo abangawuvivinyi. Yize eminye imiphumela yalolu cwaningo ingakaqinisekiswa, odokotela abaningi batusa ukuvivinya umzimba njengendlela yokunciphisa ukucindezeleka nokukhathazeka.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 26]
Izinto Ongazenza Nsuku Zonke Ezingathuthukisa Impilo Yakho
Ucwaningo lwamuva nje lubonisa ukuthi abantu abangawuvivinyi umzimba bangase bazuze ngokukhuphula izinga abenza ngalo izinto zansuku zonke ezingawukhandli umzimba. Ungase uthande ukuzama ezinye zalezi zinto ezilandelayo.
● Sebenzisa izitebhisi esikhundleni sokuthatha ikheshi noma uligibele kodwa wehle esitezi esingaphambi kwaleso oya kuso bese ukhuphuka ngezitebhisi.
● Uma usebenzisa izinto zokuhamba zomphakathi, yehla ungakafiki esitobhini okufanele wehle kuso bese uhamba ngezinyawo uze uyofika lapho uya khona.
● Uma usebenzisa imoto, yiba nomkhuba wokupaka endaweni ethe ukuqhela kunalapho uya khona. Uma kusegalaji elinezitezi ezimbalwa zokupaka, paka esitezi ongakhuphuka ngezitebhisi uma usuka kuso.
● Xoxa ube uhamba. Akudingeki ukuba nihlale phansi njalo lapho uxoxa nabangane noma namalungu omkhaya.
● Uma usebenza uhleli, thola amathuba okusebenza umile, futhi unyakaze uma kungenzeka.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 26]
Ingabe Uwaphuza Ngokwanele Amanzi?
Ukungaphuzi amanzi ngokwanele lapho uzivivinya kungaba yingozi. Kungabangela ukutubeka komzimba, ukungasebenzelani kwamalunga kanye namajaqamba. Lapho uvivinya umzimba uyajuluka, futhi lokhu kunganciphisa umthamo wegazi emzimbeni. Uma ungawabuyiseli lawo manzi aphuma njengomjuluko, kudingeka inhliziyo isebenze kanzima ukuze impompe igazi. Kutuswa ukuthi ukuze umzimba ungaphelelwa amanzi, kufanele uphuze amanzi ngaphambi kokuzivivinya, lapho uzivivinya, kanye nangemva kwalokho.
[Ibhokisi ekhasini 27]
Wazise Umzimba Wakho—Uyisipho Esivela KuNkulunkulu
IBhayibheli likhuthaza ukuba siwuhloniphe ngokujulile umzimba wethu kanye nesipho sokuphila. Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uDavide, yabhala: “Ngenziwe ngokumangalisayo ngendlela eyesabekayo.” (IHubo 139:14) NjengoDavide, amaKristu eqiniso abonisa ukwazisa okukhulu ngesipho sokuphila. Akubheka njengomthwalo obalulekile ukunakekela imizimba yawo ngendlela efanele.
Eminyakeni engaba yizinkulungwane ezimbili edlule, uNkulunkulu waphefumulela umphostoli uPawulu ukuba abhale: “Ukuqeqesha umzimba kuzuzisa kancane; kodwa ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kuzuzisa ezintweni zonke, ngoba kunesithembiso sokuphila kwamanje nalokho okuzayo.” (1 Thimothewu 4:8) Amazwi kaPawulu abonisa ukuthi nakuba izinzuzo zokuzivivinya zikhona, azinkulu kunezinzuzo ezihlala njalo zobuhlobo obuhle noNkulunkulu. Ngakho, amaKristu eqiniso alwela ukulinganisela lapho efuna impilo enhle, awalokothi avumele “ukuqeqesha umzimba” kuze ngaphambi kokukhulekela kwawo uNkulunkulu.
AmaKristu ayaqaphela ukuthi uma enempilo enhle, yilapho ekwazi khona ukuba matasa ebonisa uthando lwawo ngoNkulunkulu nomakhelwane. Ukuwuvivinya njalo umzimba kanye nokudla ngendlela efanele nokuphumula, kubalulekile ukuze sibe nempilo enhle. Njengoba eyazisa imizimba yawo njengesipho esivela kuNkulunkulu, amaKristu eqiniso alwela ukulondoloza imikhuba emihle kulezi zici.