Kungani Kufanele Sonke Sidumise UNkulunkulu?
HALELUYA! Iningi labantu abasontayo kweLobukholwa lilazi kahle leli gama. Abanye babo balimemeza ezinkonzweni zabo zangeSonto. Nokho, bangaki abaziyo ukuthi lisho ukuthini ngempela? Eqinisweni, liyigama lesiHeberu elisho ukuthi “Dumisani uJah!” Liwukudumisa uMdali, ogama lakhe linguJehova,a ngokuqiniseka nenjabulo.
Igama elithi “Haleluya” livela kaningi eBhayibhelini. Ngani? Ngoba kunezizathu eziningi kakhulu zokudumisa uNkulunkulu. UJah (uJehova) unguMdali noMsekeli wendawo yonke ebanzi. (IHubo 147:4, 5; 148:3-6) Wasungula izindawo ezingokwemvelo ezenza ukuphila emhlabeni kube nokwenzeka. (IHubo 147:8, 9; 148:7-10) Futhi unesithakazelo esikhethekile esintwini. Uma senza intando yakhe, uyasibusisa futhi asisekele kulokhu kuphila futhi asinikeze ithemba eliqinisekile lokuphila okuzayo okungcono nakakhulu. (IHubo 148:11-14) NguJah (uJehova) owaphefumulela amazwi athi: “Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”—IHubo 37:29.
Ngakho, siqondiswe kuwo wonke umuntu lesi sikhuthazo esithi: “Haleluya!” “Dumisani uJah, nina bantu!” (IHubo 104:35, qhathanisa ne-NW.) Nokho, kuyadabukisa ukuthi akuwona wonke umuntu othandayo ukusabela. Namuhla, abantu bayahlupheka. Abaningi bayalamba, bayagula, noma bayacindezelwa. Inani elithile libhekene nolukhulu usizi ngenxa yokusebenzisa kabi izidakamizwa noma utshwala noma ngenxa yemiphumela yokuziphatha kwabo okubi noma ukuvukela. Ingabe sikhona isizathu sokuba abanjalo badumise uNkulunkulu?
‘NguJehova Kuphela Owayenganginika Ithemba’
Yebo, sikhona. UJehova umema wonke umuntu ukuba amazi, afunde ukwenza intando yakhe, futhi ajabulele izibusiso ezenza abantu bafune ukumdumisa. Futhi abaningi bayasabela. Ngokwesibonelo, cabangela u-Adriana waseGuatemala. Lapho u-Adriana eneminyaka engu-7, washonelwa unina. Ngemva nje kwalokho uyise wahamba ekhaya. Lapho eneminyaka eyishumi, waqala ukusebenza ukuze aziphilise. Njengoba unina ayemtshele ukuba akhonze uNkulunkulu nesonto, u-Adriana wazihlanganisa namaqembu ahlukahlukene amaKatolika, kodwa wathi eba neminyaka engu-12, wabe esephelelwe isithakazelo futhi wazibandakanya neqembu lasemgwaqweni. Waqala ukubhema, ukusebenzisa izidakamizwa, nokweba. Intombazanyana engako yayingafunelani ukudumisa uNkulunkulu?
Udadewabo ka-Adriana waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, kodwa u-Adriana wayemhleka. Kwabe sekushona ubabekazi wabo. Emngcwabeni kababekazi wakhe, u-Adriana wakhathazwa imibuzo ephazamisayo. Wayeyephi ubabekazi wakhe? Wayesezulwini? Wayeye esihogweni somlilo? Kwakuxaka kakhulu, futhi u-Adriana waya endlini okuqhutshelwa kuyo izinkonzo zemingcwabo wayothandazela usizo, esebenzisa igama likaNkulunkulu elithi Jehova, njengoba udadewabo ayemfundisile.
Ngokushesha wayesetadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi eya emihlanganweni yabo yobuKristu. Lokhu kwawushintsha ngokuphelele umbono wakhe ngokuphila, futhi ngesibindi wanqamula ubuhlobo bakhe namaqembu asemgwaqweni. U-Adriana, manje oseminyakeni ephakathi nawo-20, uthi: “Wuthando ngoJehova kuphela olwangenza ngashiya indlela yokuphila embi kangako. NguJehova kuphela ngomusa wakhe omkhulu owayenganginika ithemba lokuphila okuphakade.” Naphezu kokuba nesiqalo esinzima ekuphileni, u-Adriana unezizathu ezinhle kakhulu zokudumisa uNkulunkulu.
E-Ukraine kubikwa isimo esibonakala singathembisi ngisho nakakhulu. Umlisa othile uhlezi ejele ulindele ukulengiswa. Ingabe uyazidabukela? Ucindezelekile? Cha, akanjalo nakancane. Njengoba oFakazi BakaJehova beye bathintana naye muva nje futhi wazuza ulwazi oluthile ngoJehova, ubacele ukuba bathintane nonina. Njengamanje uyababhalela ngoba uye wezwa ukuthi basifezile isicelo sakhe. Uthi: “Ngiyanibonga ngokuhambela umama. Kwaba izindaba ezijabulisa kunazo zonke engazithola ngonyaka odlule.”
Ekhuluma ngaye nangalabo avalelwe nabo aye wafakaza kubo, uyabhala: “Manje sinokholo kuNkulunkulu futhi sizama ukwenza ngokuvumelana nokholo lwethu.” Uphetha incwadi yakhe ngokuthi: “Ngiyanibonga ngokusisiza ukuba sifunde ukuthi luyini uthando nokuba sizuze ukholo. Uma ngiqhubeka ngiphila, nami ngizonisiza. Makabongwe uNkulunkulu ngokuthi nikhona nangokuthi nisiza abanye bathande uNkulunkulu futhi bakholelwe kuye.” Lomlisa uye wafaka isikhalazo ngesigwebo sakhe sentambo. Kodwa kungakhathaliseki ukuthi uyalengiswa yini noma uhlala iminyakanyaka ejele, kuyacaca ukuthi unesizathu sokudumisa uNkulunkulu.
‘Nakuba Ngiyimpumputhe, Ngiyabona’
Manje cabangela intombazane enobungqabavu eyeve eshumini nambili eqala ukungaboni kungazelelwe. Yilokho okwenzeka kuGloria, ohlala e-Argentina. Kungazelelwe, uGloria waba yimpumputhe lapho eneminyaka engu-19, futhi akazange aphinde abone. Lapho eseneminyaka engu-29 waba yisancinza somlisa othile futhi ngokushesha wakhulelwa. Manje wayesenomuzwa wokuthi ukuphila kwakhe kwakunenjongo. Kodwa lapho umntwana wakhe eshona, waqala ukuba nemibuzo. Wayezibuza ukuthi, ‘Kungani lokhu kwenzeka kimi? Ngenzeni? Ingabe uNkulunkulu ukhona ngempela?’
Ngalesi sikhathi, kwafika oFakazi BakaJehova ababili lapho ayehlala khona. Waqala ukutadisha iBhayibheli futhi wafunda ngesithembiso salo sokuthi ezweni elisha, izimpumputhe ziyophinde zibone. (Isaya 35:5) Yeka ithemba elimangalisayo uGloria aba nalo! Wayejabule kakhulu, ikakhulukazi lapho umyeni wakhe evuma ukubhalisa umshado wabo ngokomthetho. Ngemva nje kwalokho umyeni wakhe wathola ingozi futhi wagogeka ngokuphelele, wahlala esihlalweni sabakhubazekile. Namuhla, lona wesifazane oyimpumputhe kudingeka asebenze kanzima ukuze baphile. Ngaphezu kwalokho, wenza wonke umsebenzi ekhaya, kanye nokunakekela izidingo zomuntu siqu zomyeni wakhe. Noma kunjalo uGloria udumisa uJehova! Ngosizo lwabafowabo nodadewabo abangamaKristu, ufunda iBhayibheli le-Braille, futhi ukhuthazwa kakhulu imihlangano yobuKristu eHholo LoMbuso. Uthi: “Kunzima ukukuchaza, kodwa nakuba ngiyimpumputhe, kunjengokungathi ngiyabona.”
Ngezinye izikhathi abantu bayashushiswa lapho bedumisa uNkulunkulu. Owesifazane waseCroatia wayejabule lapho efunda ngoNkulunkulu, kodwa umyeni wakhe wayeyiphikisa inkolo yakhe ayesanda kuyithola futhi wamxosha, wathatha indodakazi yabo eyayinonyaka owodwa. Esemgwaqweni, elahlwe umyeni nomndeni, engenakhaya, umsebenzi, engasenayo ngisho nengane yakhe, waqale wakhungatheka. Kodwa uthando lwakhe ngoNkulunkulu lwamqinisa, nakuba ayeqabukela ebonana nendodakazi yakhe kwaze kwaba yilapho seyikhulile. Lona wesifazane wayethole ‘iparele lenani eliphakeme’ futhi wayengenakulidedela. (Mathewu 13:45, 46) Wayilondoloza kanjani injabulo yakhe phakathi nalezi zikhathi ezinzima? Uthi: “Injabulo iyisithelo somoya kaNkulunkulu. Ingahlakulelwa kungakhathaliseki ukuthi izimo zangaphandle zinjani, njengoba nje nezitshalo zingakhula endlwaneni yezitshalo kungakhathaliseki ukuthi isimo sezulu sinjani ngaphandle.”
EFinland, ngemva kokuxilongwa kwatholakala ukuthi uMarkus oneminyaka eyisithupha wayenesifo semisipha esingelapheki. Ngokushesha wahlala esihlalweni sabakhubazekile. Eminyakeni embalwa kamuva, unina wamyisa kumuntu othile weSonto LikaMoya owayesedume kakhulu ngoba ethi uyabelapha abagulayo. Kodwa akazange aphulukiswe ngokuyisimangaliso. Ngakho uMarkus waphelelwa isithakazelo kuNkulunkulu futhi waphishekela izifundo zesayensi neminye imikhakha yezwe. Khona-ke eminyakeni engaba mihlanu edlule, lapho uMarkus ayehlala khona kwafika owesifazane owayehamba ngesihlalo sabakhubazekile ehamba nensizwa ethile. BabengoFakazi BakaJehova. UMarkus wayengasakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu manje, kodwa akakwenqabanga ukuxoxa ngenkolo futhi wabangenisa.
Kamuva, wavakashelwa umbhangqwana oshadile, futhi kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Ekugcineni, amandla eqiniso leBhayibheli ashintsha umbono kaMarkus ngezinto, futhi waqaphela ukuthi naphezu kokukhubazeka kwakhe, empeleni wayenazo izizathu zokudumisa uNkulunkulu. Wathi: “Ngijabula kakhulu ngoba ngiye ngalithola iqiniso nenhlangano uJehova ayisebenzisayo. Manje ukuphila kwami kunenjongo. Kuye kwatholakala enye imvu ebilahlekile futhi ayifuni ukushiya umhlambi kaJehova!”—Qhathanisa noMathewu 10:6.
Bonke ‘Mabadumise UJah’
Lokhu kumane kungokuhlangenwe nakho okumbalwa kokuningi kakhulu okungalandiswa ukuze kuboniswe ukuthi abantu banamuhla, kungakhathaliseki izimo zabo, bangaba nesizathu sokudumisa uNkulunkulu. Umphostoli uPawulu wakuchaza ngalendlela: “Ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kunenzuzo ezintweni zonke, njengoba kunesithembiso sokuphila kwamanje nalokho okuzayo.” (1 Thimothewu 4:8) Uma senza intando kaNkulunkulu, uyosifeza ‘isithembiso sokuphila kwamanje.’ Yiqiniso, ngeke enze abampofu bacebe noma abagulayo babe yimiqemane kulesi simiso sezinto. Kodwa labo abamkhonzayo ubanikeza umoya wakhe ukuze bathole injabulo nokwaneliseka kungakhathaliseki ukuthi isimo sabo sangaphandle sinjani. Yebo, ngisho ‘nasekuphileni kwamanje,’ abagulayo, abacindezelwayo nabampofu bangaba nesizathu sokudumisa uNkulunkulu.
Kodwa kuthiwani ngokuphila “okuzayo”? Phela, ukucabanga ngako kukodwa kufanele kusenze sidumise uNkulunkulu ngentshiseko enkulu kakhulu! Sivukwa amadlingozi uma sicabanga ngesikhathi lapho ubumpofu buyobe bungasaziwa; lapho ‘abakhile bengayikusho ukuthi: Ngiyagula’; nalapho uJehova uNkulunkulu ‘eyosula khona zonke izinyembezi emehlweni abo, futhi ukufa kungeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu kungeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.’ (Isaya 33:24; IsAmbulo 21:3, 4; IHubo 72:16) Uzibheka kanjani lezi zithembiso ezivela kuNkulunkulu?
Insizwa ethile e-El Salvador yamukela ipheshana leBhayibheli elichaza ezinye zalezi zinto. Yathi kuFakazi owayinika lona, “Ntokazi, okushiwo yileli pheshana kumane nje akukholeleki.” Baningi abasabela ngaleyo ndlela. Nokho, lezi izithembiso zaLowo owadala indawo yonke, owenza imijikelezo engokwemvelo yomhlaba wethu iqale ukusebenza, nosiza ngisho nabampofu nabagulayo ukuba bathole injabulo. Singakukholelwa akushoyo. Lensizwa okukhulunywe ngayo ngenhla yatadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi yathola ukuthi lokhu kuyiqiniso. Uma ungakakwenzi, sikukhuthaza ukuba wenze okufanayo. Khona-ke, kwangathi ungaba khona lapho lesi simiso sezinto samanje sesidlulile, futhi yonke indalo ihlanganyela ekukhamulukeni ithi: “Haleluya!” “Dumisani uJah, nina bantu!”—IHubo 112:1; 135:1.
[Umbhalo waphansi]
a EBhayibhelini, elithi “Jehova” ngezinye izikhathi lifushaniswa ngokuthi “Jah.”
[Isithombe ekhasini 5]
Kwangathi ungaba khona lapho yonke indalo ihlanganyela ekukhamulukeni ithi: “Haleluya!”