Yazise Inkonzo Yakho Engcwele
UKUZE sifeze noma yimuphi umgomo obalulekile, kumelwe sizimisele ukudela okuthile. Ukuba udokotela kudinga iminyaka eminingi yokufunda nokuzimisela, kanye nemali. Umuntu ovocavoca umzimba onekhono uchithe isikhathi esiningi sobusha bakhe emicikilishweni enzima kakhulu ezama ngokungayeki ukufinyelela iqophelo eliphezulu. Umdlali onekhono wopiyano angase abheke emuva eminyakeni eminingi eprakthiza ngokuzinikela.
Nokho, kukhona umgomo owodwa oletha izinzuzo ezikudlula kude ukuzidela okuhilelekile. Uyini? Ilungelo lokuba isikhonzi soPhezukonke, uJehova uNkulunkulu. Kungakhathaliseki ukuthi kungakanani ukuzidela esikwenzayo esikhathini, imali, noma amandla, ilungelo lokunikela inkonzo engcwele kuMdali wethu liletha imivuzo engenakuqhathaniswa. Amazwi kamphostoli uPawulu ayiqiniso: “Ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke‚ kunesithembiso salokhukuphila nalokho okuzayo.” (1 Thimothewu 4:8) Ake sibone ukuthi kuyiqiniso kangakanani lokho.
Lapho Siqala Ukuzwa NgoNkulunkulu
Abaningi balabo abasabela kahle ezindabeni ezinhle futhi baqale ukutadisha iBhayibheli kungenzeka abaqapheli ukuthi lungakanani ushintsho lokho okuzoba nalo ekuphileni kwabo. Okokuqala, lomfundi omusha weBhayibheli angase alahlekelwe abanye babangane abangaqondi kahle ukuthi kungani manje engasahambisani nabo ezintweni yena asezibona njengezingamdumisi uNkulunkulu. (1 Petru 4:4) Abanye bangase babhekane nokuphikiswa umkhaya futhi baphatheke kabi lapho bebona labo ababathandayo bebonisa ukungamthandi, ngisho nokumzonda, uJehova. (Mathewu 10:36) Lokho kungadinga ukuzidela okukhulu.
Emsebenzini noma esikoleni, nakhona kungase kudingeke ukuzidela okuthile. Umfundi omusha weBhayibheli ngokuhamba kwesikhathi uzoyeka ukuhlanganyela emadilini nakweminye imikhosi yezwe. Ngeke esayilalela inkulumo engcolile yalabo asebenza nabo noma afunda nabo, futhi ngeke esanqakisana nabo ngamahlaya angcolile. Kunalokho, uzozama ukusebenzisa isiyalo esitholakala kweyabase-Efesu 5:3, 4: “Ubufebe‚ nakho konke ukungcola‚ noma isangabe‚ makungaphathwa nangegama phakathi kwenu‚ njengokuba kufanele abangcwele‚ nehlazo‚ nokubheda‚ nokulawula‚ okuyizinto ezingafanele‚ kepha kunalokho makube-ngukubonga.”
Ushintsho olunjalo lungase lwenze umfundi angamukeleki kwabanye. Lokho kungaba nzima, ikakhulukazi kosemusha osesesikoleni. Njengoba kunamaholide amaningi okumelwe abhekane nawo, kuhlanganise nezimfundiso ezimelene noNkulunkulu, njengokuziphendukela kwemvelo, nokucindezela okungapheli kokuba ahambisane neningi, amaKristu asemasha kumelwe abhekane nempi eqhubekayo yokholo. Ukulandela izindlela zikaNkulunkulu kuyowenza ahluke futhi kuphumele ekubeni agconwe yilabo afunda nabo nangothisha. Lokhu kunzima ukukwamukela ikakhulukazi eminyakeni enzima yokweva eshumini nambili, kodwa ukwamukelwa uNkulunkulu kukufanele lokho kuzidela.
Ingabe Kuwukuzidela Ngempela?
Ezinye izinto ezibonakala ziwukuzidela ekuqaleni zijika zibe izibusiso. Abanye kumelwe bayeke umkhuba wokubhema. (2 Korinte 7:1) Lokhu kungaba umzabalazo, kodwa yeka isibusiso okuyiso lapho ekugcineni lomkhuba onyanyekayo unqotshwa! Lokhu kungashiwo futhi nangalabo abanqoba ukuluthwa ezinye izidakamizwa noma utshwala. Yeka ukuthi ukuphila kuba ngcono kangakanani ngaphandle kwalemikhuba elimazayo! Abanye kudingeka balungise izindaba zabo zomshado. Labo abahlala ndawonye ngaphandle komshado kumelwe bashade noma bayeke ukuba ngomasihlalisane. (Heberu 13:4) Labo abahlala nabafazi abaningi kumelwe basale kuphela nomfazi wobusha babo. (IzAga 5:18) Ukulungisa okunjalo kuhilela ukuzidela, kodwa kuletha ukuthula ekhaya.
Cabanga Ngemivuzo
Ngempela, noma ubani olalela imithetho kaJehova uyazuza ngempela. Ngokokuqala ngqá ekuphileni kwakhe, umfundi weBhayibheli uqala ukukhuluma noMdali wakhe esebenzisa igama laKhe, elithi Jehova. (IHubo 83:18) Umfundi ufinyelela ekumthandeni uJehova njengoba efunda ngezinto ezimangalisayo azenzile nasazozenzela isintu. Emazweni lapho ukwesaba abafileyo kuvame khona, uyakuyeka lokhu kwesaba kokukholelwa ezeni, azi ukuthi abafileyo balele, balindele uvuko. (UmShumayeli 9:5, 10) Futhi yeka ukuthi kuqabula kanjani ukwazi ukuthi uJehova akabahluphi abantu phakade esihogweni! Yebo, iqiniso liyamkhulula ngempela.—Johane 8:32.
Njengoba umfundi evumelanisa ukuphila kwakhe kakhudlwana nezindinganiso zikaJehova, uzuza unembeza ohlanzekile nokuzihlonipha. Ukufunda ukuphila njengomKristu weqiniso kumsiza ukuba awunakekele kangcono umkhaya wakhe, okuletha ukwaneliseka nenjabulo enkulu. Bese kuba ukuba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso. Yeka okuhlangenwe nakho okujabulisayo! Lapha kunabantu abalubonisa ngempela uthando iBhayibheli elithi kufanele luphawule abantu bakaNkulunkulu. (IHubo 133:1; Johane 13:35) Inkulumo yabo ihlanzekile futhi iyakha njengoba bekhuluma “ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.” (IzEnzo 2:11) Yebo, ukuhlangana ‘nabazalwane’ kuwumthombo wenjabulo. (1 Petru 2:17) Ubuhlobo obuhle kanjalo busiza umfundi weBhayibheli ukuba ‘embathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.’—Efesu 4:24.
Isinyathelo Sokuzinikezela
Njengoba umuntu ethuthuka ngolwazi, ekugcineni ushukunyiswa uthando ngoJehova ukuba anikezele ukuphila kwakhe kuye bese ekubonisa lokhu ngobhapathizo lwamanzi. (Mathewu 28:19, 20) Iseluleko sikaJesu sithi ngaphambi kokuba bathathe lesisinyathelo, abafundi bakhe kumelwe babale izindleko. (Luka 14:28) Khumbula, umKristu ozinikezele ubeka intando kaJehova kuqala futhi afulathele izinto zenyama. Uyazikhandla ukuze ahlukane ‘nemisebenzi yenyama’ futhi ahlakulele ‘izithelo zomoya.’ (Galathiya 5:19-24) Iseluleko esitholakala kweyabaseRoma 12:2 manje sifeza indima ethe xáxá ekuphileni kwakhe: “Ningalingisi lelizwe‚ kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu‚ ukuze nibe-nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu‚ okuhle‚ nokuthandekayo‚ nokupheleleyo.” Ngakho, umKristu ozinikezele uphila ukuphila kwakhe ngenjongo entsha.
Nokho, cabangela lokho akutholayo. Okokuqala, manje usebuhlotsheni obusha noMdali wendawo yonke. Kuthiwa ulungile ngombono wokuba umngane kaNkulunkulu! (Jakobe 2:23) Ubiza uNkulunkulu ngokuthi “Baba wethu osezulwini,” ngomqondo ojule kakhulu. (Mathewu 6:9) Esinye isibusiso kulowo osanda kubhapathizwa siwukwazi ukuthi ukuphila kunayo ngempela injongo, futhi ukuphila kwakhe ukuphila ngokuvumelana naleyonjongo. (UmShumayeli 12:13) Elandela ukuhola kukaJesu, angabonisa uDeveli engumqambimanga ngokuhlala ethembekile. Yeka injabulo lokho okuyilethayo enhliziyweni kaJehova!—IzAga 27:11.
Yiqiniso, njengoba ekhuthazela endleleni yokwethembeka, kunokunye ukuzidela okumelwe kwenziwe. Kudinga isikhathi ukuhlanganyela esifundweni seZwi likaNkulunkulu esinenjongo somuntu siqu nesebandla. (IHubo 1:1-3; Heberu 10:25) Isikhathi senkonzo yasensimini kumelwe sithengwe kweminye imisebenzi. (Efesu 5:16) Kudinga isikhathi nomzamo futhi ukuba khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova nokuhamba uya emihlanganweni yabo emincane nemikhulu. Kungase kudinge ukuzidela ukuhlanganyela ekusekeleni iHholo LoMbuso nomsebenzi wokushumayela womhlaba wonke ngezimali. Nokho, njengoba nezigidi zamaKristu zingakufakazela, ukuzihlanganyela ngenhliziyo yonke izinto ezinjalo kuletha injabulo. UJesu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35, NW.
Imivuzo yokusekela umsebenzi kaJehova ikudlula kakhulu ukuzidela. Njengoba sikhulela ekuvuthweni, inkonzo yethu ithela kakhudlwana futhi iyajabulisa. Ngempela, akukho lutho olungasilethela ukwaneliseka okukhulu njengokufundisa omunye umuntu iqiniso leBhayibheli nokumbona eqala ukukhulekela uJehova. Futhi lapho lomkhulekeli omusha eyilungu lomkhaya, mhlawumbe ingane eye yaqeqeshwa “ngokuqondisa kweNkosi,” lokho kuletha injabulo ekhethekile. (Efesu 6:4) Sibona izibusiso zikaNkulunkulu ezicebile emizamweni yethu yokuba ‘izisebenzi kanye noNkulunkulu.’—1 Korinte 3:9.
Eminye Imivuzo Yenkonzo Yokwethembeka
Yiqiniso, siyoba nazo izinkinga uma nje lesisimiso sisekhona. Kungenzeka lezizinkinga zibe nzima kakhulu njengoba isikhathi sikaDeveli siya sincipha. Kungase kudingeke sibhekane noshushiso noma sikhuthazelele izilingo. Kodwa ukwazi ukuthi uNkulunkulu unathi kuyasiduduza futhi kusinikeze amandla okukhuthazela. (1 Korinte 10:13; 2 Thimothewu 3:12) Amanye amaKristu esikanye nawo aye abekezelela iminyaka eminingi yoshushiso olunonya, kodwa ayabekezela ngenxa yothando lwawo ngoNkulunkulu. Labo abazibekezelela ngokuphumelelayo izilingo ezinhlobonhlobo bazizwa ngendlela abaphostoli abazizwa ngayo ngesikhathi beshaywa futhi bededelwa. IzEnzo 5:41 ziyalandisa: “Khona basuka phambi komphakathi bethokoza‚ ngokuba bebefanele ukudunyazwa ngenxa yalelogama.”
Umvuzo wokukhuthazela ukudlula kude ukuzidela ngisho namanje. Kodwa khumbula, ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu akunaso ‘isithembiso’ “salokhu kuphila” nje kuphela kodwa futhi ‘nesalokho okuzayo.’ (1 Thimothewu 4:8) Yeka ukuthi labo abakhuthazelayo banamathemba amahle kanjani! Uma uthembekile, uyosinda osizini olukhulu oluphawula isiphelo salesisimiso sezinto. Noma uma ufa ngaphambi kwalesosenzakalo esiyingqopha-mlando, uyovukela ezweni elisha eliyolandela. (Daniyeli 12:1; Johane 11:23-25) Cabanga ngomuzwa wenjabulo oyoba nawo lapho uyokwazi khona ukuthi: “Ngaphumelela ngosizo lukaJehova!” Yeka indlela okujabulisa ngayo ukuzuza ingxenye yefa lalowomhlaba, ‘oyogcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.’—Isaya 11:9.
Yebo, ukukhonza uNkulunkulu kuhilela ukuzidela okuthile. Kodwa uma kuqhathaniswa nemivuzo, lokho kuzidela kuncane. (Filipi 3:7, 8) Ngenxa yakho konke lokho uNkulunkulu akwenzela izinceku zakhe manje nasazozenzela khona esikhathini esizayo, sivumelana namazwi omhubi: “Ngiyakubuyiselani kuJehova ngazo zonke izenzo zakhe ezinhle kimina na?”—IHubo 116:12.