Ingabe Ingcebo Ingakwenza Ujabule?
INkosi uSolomoni yayikwazi ukubaluleka kwemali. Yabhala: “Idili lenzelwa ukuhleka, newayini liyenamisa ukuphila, kepha imali iyimpendulo yakho konke.” (UmShumayeli 10:19) Ukudla isidlo nabangane kungajabulisa kakhulu, kodwa ukuze uthole isinkwa noma iwayini, udinga imali. Njengoba imali iyindlela yokuthola izinto ezibonakalayo, “iyimpendulo yakho konke.”
NAKUBA uSolomoni ayecebe ngendlela emangalisayo, wayazi ukuthi ingcebo inokulinganiselwa. Wayeqaphela ukuthi indlela yokuphila egxile ezintweni ezibonakalayo ayiholeli enjabulweni. Wabhala: “Othanda imali akayikusutha ngemali, nothanda okuningi akaneliswa yizithelo.”—UmShumayeli 5:10.
Ake sithi umuntu ocebile uthola ingcebo eyengeziwe. USolomoni uthi: “Lapho okuhle kwanda, nabakudlayo bayanda.” (UmShumayeli 5:11) Lapho “okuhle” komuntu, noma izinto anazo, zanda, kudingeka abantu abengeziwe bokuzinakekela. Abantu bokuzilungisa, abanakekeli, izinceku, onogada nabanye—bonke kumelwe bakhokhelwe ngezinkonzo zabo. Bese lokhu kwenza kudingeke imali eyengeziwe.
Isimo esinjalo siyithinta ngokuqondile injabulo yomuntu. Isazi-mlando esingumGreki uXenophon, esasiphila ngekhulu lesine leminyaka B.C.E., sabhala amazwi omuntu ompofu owayesecebile:
“Ingabe ngempela ucabanga . . . ukuthi lapho ngiba nezinto ezengeziwe, ngijabula ngokwengeziwe?” Waqhubeka: “Awazi ukuthi ayikho nencane injabulo eyengeziwe ngokudla nokuphuza nokulala manje kunokuba kwakunjalo lapho ngisempofu. Ukuphela kwenzuzo yokuba nokuningi kangaka ukuthi nginesibopho sokuba nginakekele okwengeziwe, ngabele abanye okwengeziwe, futhi ngibe nomthwalo wokunakekela abengeziwe kunalabo engangibanakekela. Ngoba manje kunezisebenzi zasendlini eziningi ezilindele ukuba ngiziphe ukudla, eziningi ezilindele nokuphuzwayo, neziningi ezilindele izingubo zokugqoka, kuyilapho ezinye zidinga odokotela; futhi esinye siza kimi nensumansumane yemvu ehlaselwe izimpisi, noma yezinkomo ezife ngokukhalakathela eweni, noma sizokuthi kubheduke isifo ezinkomeni. Futhi kimina kubonakala . . . sengathi ngibe nezinkathazo ezengeziwe manje ngokuba nokwengeziwe kunalezo ebenginazo ngokuba nokuncane.”
Esinye isizathu esenza abantu baphishekele ingcebo eyengeziwe ukuthi bakhohliswa yilokho uJesu Kristu akubiza ngokuthi “amandla engcebo okukhohlisa.” (Mathewu 13:22) Bayakhohliseka ngoba kule ngcebo abayifuna ngentshiseko kangako, abakutholi ukwaneliseka noma injabulo abebelindele ukuyithola. Bacabanga ukuthi lokho ingcebo elinganiselwe ehluleka ukukwenza, ingcebo eyengeziwe izokwenza. Ngakho kuhlale kuphishekelwa okwengeziwe.
Uthando Lwemali Aluholeli Enjabulweni
Ukukhathazeka ngezinto anazo kungase kuvimbele umuntu ocebile ukuba aphumule ngokuthula ebusuku. USolomoni wabhala: “Ubuthongo besisebenzi bumnandi, noma sidla okuyingcosana noma okuningi, kepha ukusutha kocebileyo akumvumeli ukuba alale.”—UmShumayeli 5:12.
Lapho umuntu ekhathazeka ngokweqile ngokuthi angase alahlekelwe ingcebo yakhe, kuhileleka okwengeziwe kunokuphelelwa ubuthongo. Echaza ungoqo, uSolomoni uyabhala: “Zonke izinsuku zakhe zisebumnyameni, nasosizini, nasekukhathazekeni okuningi, nasekuguleni, nasekuthukutheleni.” (UmShumayeli 5:17) Kunokuba athole injabulo engcebweni yakhe, udla ‘ngokukhathazeka,’ njengokungathi ukhonondela ngisho nale mali ayisebenzisele ukuthenga ukudla. Umbono onjalo ongenangqondo ungase ubangele impilo ebuthakathaka. Kanti, impilo ebuthakathaka yandisa ukukhathazeka kukangoqo, ngoba imenza angakwazi ukuqongelela ingcebo eyengeziwe.
Mhlawumbe lokhu kukukhumbuza lokho okwabhalwa umphostoli uPawulu: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu embubhisweni nasencithakalweni. Ngoba uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela loluthando abanye baye . . . bazigwaza yonke indawo ngobuhlungu obuningi.” (1 Thimothewu 6:9, 10) Abantu bayaphamba, baqambe amanga, bebe, bathengise ngemizimba yabo futhi babulale ngisho nokubulala ngenxa yokufuna imali. Umphumela uba ukuthi lowo muntu ubhekana nobuhlungu obungokomzwelo, obungokomzimba nobungokomoya ngenxa yokuzama ukuba nengcebo nokuyilondoloza. Ingabe lokhu kuzwakala njengendlela eya enjabulweni? Nakancane!
Ukwaneliswa Yilokho Esinakho
USolomoni wakhuluma okuningi ngokuphathelene nombono olinganiselayo ngengcebo. Wabhala: “Njengalokho aphuma esizalweni sikanina, uyakubuye amuke, ahamba-ze njengasekufikeni kwakhe, engatholi-lutho ngomshikashika wakhe, ahambe nalo esandleni sakhe. Bheka, engikubonile mina ukuthi [okuhle] nokumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngokuba lokhu kuyisabelo sakhe.”—UmShumayeli 5:15, 18.
Lawa mazwi abonisa ukuthi injabulo ayixhomekile ekuphishekeleni ukuqongelela ingcebo siyiqongelelela isikhathi esingase singasifici. Kungcono kakhulu ukwaneliswa nokujabulela umphumela wokuzikhandla kwethu. Umphostoli uPawulu waveza umqondo ofanayo encwadini yakhe ephefumulelwe kuThimothewu, ethi: “Asilethanga lutho ezweni, futhi asinakuhamba nalutho. Ngakho, uma sinokokuzisekela nokokuzimboza, siyokwaneliswa yilezizinto.”—1 Thimothewu 6:7, 8; qhathanisa noLuka 12:16-21.
Isihluthulelo Senjabulo
USolomoni wayenensada yakho kokubili, ingcebo nokuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu. Kodwa wahlobanisa injabulo nokuhlakanipha, hhayi nemali. Wathi: “[Uyajabula] umuntu othola ukuhlakanipha nomuntu ozuza ingqondo, ngokuba inzuzo yakho inhle kunenzuzo yesiliva, nokutholakalayo kukho kunegolide. Kuyigugu kunamarubi, nakho konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho. Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene, nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo. Izindlela zakho ziyizindlela zokumnandi; yonke imikhondo yakho ingukuthula. Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo, nababambelela kukho babusisiwe.”—IzAga 3:13-18, qhathanisa ne-NW.
Kungani ukuhlakanipha kuphakeme kunezinto ezibonakalayo? USolomoni wabhala: “Kusemthunzini wokuhlakanipha njengasemthunzini wemali, kepha inzuzo yokwazi ingeyokuba ukuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.” (UmShumayeli 7:12) Nakuba imali inikeza isilinganiso esithile sokulondeka, yenza onayo akwazi ukuthenga akudingayo, ukuhlakanipha kungalondoloza umuntu ekuzifakeni ezingozini ezingase zikhinyabeze ukuphila kwakhe. Ukuhlakanipha kwangempela kungase kungavikeli umuntu ekufeni ngaphambi kwesikhathi nje kuphela kodwa, njengoba kusekelwe ekwesabeni uNkulunkulu okufanele, kuyoholela ekuzuzeni ukuphila okumi phakade.
Kungani ukuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu kuholela enjabulweni? Yingoba injabulo yangempela ingavela kuJehova uNkulunkulu kuphela. Okuhlangenwe nakho kufakazela ukuthi injabulo yangempela ingazuzwa kuphela ngokulalela Ophezukonke. Injabulo ehlala njalo ixhomeke ekubeni nokuma okwamukelekayo kuNkulunkulu. (Mathewu 5:3-10) Ngokusebenzisa lokho esikufunda ngokutadisha iBhayibheli, siyohlakulela “ukuhlakanipha okuvela phezulu.” (Jakobe 3:17) Kuyosinika injabulo engasoze yalethwa ingcebo.
[Izithombe ekhasini 4, 5]
INkosi uSolomoni yayazi ukuthi yini eyenza umuntu ajabule. Ingabe wena uyazi?