“Kusukela Uwusana Uye Wazi”
NGOKOKUHLOLA kwamuva kwesayensi, ukukhuluma nezinsana kukuthonya ngokunamandla ukukhula kobuchopho bazo, kwakha ikhono lazo lokucabanga, ukuzindla nokuxazulula izinkinga. Lokhu kunjalo ikakhulukazi phakathi nonyaka wokuqala wokuphila komntwana. I-International Herald Tribune ibika ukuthi abanye abacwaningi sebekholelwa ukuthi “inani lamagama usana oluwezwa usuku ngalunye liwuphawu olubaluleke kakhulu ekubikezeleni ubuhlakani, impumelelo esikoleni nokuphumelela emphakathini kwakamuva.”
Nokho, umuntu okumelwe akhulume lawo magama. Kubonakala sengathi ithelevishini noma umsakazo akunakuthatha indawo yamazwi omuntu.
Usosayensi oyisazi sezinzwa e-University of Washington eSeattle, e-U.S.A., wathi: “Sesiyazi manje ukuthi ukuxhumana kwezinzwa kwakheka lapho umuntu esemncane kakhulu nokuthi ubuchopho bosana busuke ngempela bulindele ukwaziswa okunquma ukuthi lokho kuxhumana kwakheka kanjani. Besingaqapheli ukuthi le nqubo iqala ngokushesha kangakanani kwaze kwaba muva nje. Ngokwesibonelo, izinsana zisuke sezifunde imisindo yolimi lwakubo lapho zinezinyanga eziyisithupha ubudala.”
Ukucwaninga kwakamuva kuphikisana nombono owandile wokuthi abantwana bayohlakanipha uma nje benikwa uthando kakhulu. Futhi kugcizelela ukubaluleka kwabazali ekukhuleni kwengane.
Lokhu kusikhumbuza amazwi encwadi ephefumulelwe yomphostoli uPawulu eyayiya kuThimothewu: “Kusukela uwusana uye wazi imibhalo engcwele, ekwazi ukukuhlakaniphisela insindiso.” Kungenzeka ukuthi imibhalo engcwele, uThimothewu ayizwa esewusana kunina nakuninakhulu abakholwayo, yafeza indima ebalulekile ekuthuthukeni kwakhe njengenceku kaNkulunkulu evelele.—2 Thimothewu 1:5; 3:15.