Naka ‘Ikhono Lakho Lokufundisa’
“Shumayela izwi, . . . usole, ukhuze, ukhuthaze, ngakho konke ukubekezela nekhono lokufundisa.”—2 THIM. 4:2.
1. Imuphi umyalo uJesu awunika abafundi bakhe, futhi wabeka siphi isibonelo?
NAPHEZU kwemisebenzi emangalisayo yokuphulukisa uJesu ayenza phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, ngokuyinhloko waziwa njengomfundisi, hhayi umphulukisi noma umenzi wezimangaliso. (Marku 12:19; 13:1) Into eyayiza kuqala ekuphileni kwakhe kwakuwukumemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, futhi kunjalo nangabalandeli bakhe namuhla. AmaKristu anikezwe umyalo wokuqhubekisela phambili umsebenzi wokwenza abafundi ngokufundisa abantu ukugcina konke uJesu ayala ngakho.—Math. 28:19, 20.
2. Yini okudingeka siyenze ukuze sifeze umsebenzi wokushumayela esiwuphathisiwe?
2 Ukuze sifeze umyalo esiwunikiwe wokwenza abafundi, sihlale sifuna ukuthuthukisa ikhono lethu lokufundisa. Umphostoli uPawulu wagcizelela ukubaluleka kokuba naleli khono lapho ebhalela uThimothewu, umngane wakhe ayeshumayela naye. Wathi: “Ziqaphele njalo wena nokufundisa kwakho. Hlala kulezi zinto, ngoba ngokwenza lokhu uyozisindisa wena nabakulalelayo.” (1 Thim. 4:16) Ukufundisa uPawulu ayekhuluma ngakho akukhona nje ukudlulisela ulwazi. Izikhonzi ezingamaKristu eziphumelelayo zifinyelela izinhliziyo zabantu futhi zibashukumisele ukuba bashintshe ukuphila kwabo. Lokho kudinga ikhono. Singaba kanjani-ke “nekhono lokufundisa” lapho sixoxa nabanye ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu?—2 Thim. 4:2.
Ukuthuthukisa ‘Ikhono Lokufundisa’
3, 4. (a) Singalithuthukisa kanjani ‘ikhono lokufundisa’? (b) ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini sisisiza kanjani ukuba sibe abafundisi abaphumelelayo?
3 Esinye isichazamazwi sithi ikhono litholakala ngokutadisha, ukuprakthiza noma ukubheka kwabanye. Kudingeka sizinake zontathu lezi zici ukuze sibe abafundisi bezindaba ezinhle abaphumelelayo. Singayiqonda ngokunembile indaba esiyifundayo kuphela uma siyitadisha ngosizo lomthandazo. (Funda iHubo 119:27, 34.) Ukubheka izikhonzi eziphumelelayo lapho zifundisa kusisiza ukuba sifunde izindlela ezifundisa ngazo futhi sizilingise. Ukuzama njalo ukukuprakthiza esikufundayo nako kuyosisiza ukuba sithuthukise amakhono ethu.—Luka 6:40; 1 Thim. 4:13-15.
4 UJehova unguMfundisi wethu Omkhulu. Esebenzisa ingxenye ebonakalayo yenhlangano yakhe, unikeza izinceku zakhe emhlabeni isiqondiso sendlela okufanele ziwufeze ngayo umyalo wokushumayela. (Isaya 30:20, 21) Yingakho wonke amabandla eba neSikole Senkonzo Esingokwasezulwini samasonto onke esiklanyelwe ukusiza ababhalisile ukuba babe abamemezeli boMbuso kaNkulunkulu abaphumelelayo. Incwadi eyinhloko esetshenziswa kulesi sikole yiBhayibheli. IZwi likaJehova eliphefumulelwe lisitshela lokho okufanele sikufundise. Ngaphezu kwalokho, lisibonisa izindlela zokufundisa eziphumelelayo nezifanelekayo. ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini sisikhumbuza njalo ukuthi siyoba abafundisi abanekhono kakhudlwana uma sisekela esikufundisayo eZwini likaNkulunkulu, sisebenzisa imibuzo ngokuphumelelayo, sifundisa ngendlela elula futhi sibonisa isithakazelo esiqotho kwabanye. Masihlole ngalinye lala maphuzu. Sizobe sesixoxa ngendlela yokufinyelela inhliziyo yomfundi.
Sekela Okufundisayo EZwini LikaNkulunkulu
5. Esikufundisayo kufanele kusekelwephi, futhi ngani?
5 UJesu, umfundisi omkhulu kunabo bonke abafundisi abangabantu, wasekela ayekufundisa emiBhalweni. (Math. 21:13; Joh. 6:45; 8:17) Akakhulumanga ngegunya lakhe, kodwa ngegunya laLowo owamthuma. (Joh. 7:16-18) Nathi silingisa leso sibonelo. Ngakho, esikusho endlini ngendlu noma lapho siqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya kufanele kugxile egunyeni leZwi likaNkulunkulu. (2 Thim. 3:16, 17) Abukho ubuhlakani esingaba nabo lapho sibonisana nabantu obungaba namandla futhi buphumelele njengemiBhalo ephefumulelwe. IBhayibheli linegunya. Kungakhathaliseki ukuthi iliphi iphuzu esizama ukusiza umfundi ukuba aliqonde, indlela engcono kakhulu esingayisebenzisa iwukumcela ukuba afunde lokho imiBhalo ekushoyo ngalo.—Funda amaHebheru 4:12.
6. Umfundisi angaqinisekisa kanjani ukuthi umfundi uyaliqonda iphuzu lendaba efundwayo?
6 Yebo, lokho akusho ukuthi umfundisi ongumKristu akudingeki ukuba asilungiselele isifundo seBhayibheli. Kunalokho, kufanele acabangisise kusengaphambili ukuze anqume ukuthi imiphi imiBhalo ekhonjiwe azoyifunda noma azocela umfundi ukuba ayifunde ngokuqondile phakathi nesifundo. Ngokuvamile, kuhle ukufunda imiBhalo ebonisa isisekelo sezinkolelo zethu. Kubalulekile nokusiza umfundi ukuba aqonde umBhalo ngamunye awufundayo.—1 Kor. 14:8, 9.
Sebenzisa Imibuzo Ngokuphumelelayo
7. Kungani ukusebenzisa imibuzo kuyindlela ephumelelayo yokufundisa?
7 Ukusebenzisa imibuzo kahle kushukumisa umfundi ukuba acabange, kusize nomfundisi ukuba afinyelele inhliziyo yomfundi. Ngakho, kunokuba imiBhalo ichazwe nguwe, mcele ukuba ayichaze yena. Ngezinye izikhathi kungase kudingeke ukuba ubuze omunye umbuzo noma eminye eminingana ukuze usize umfundi aliqonde kahle iphuzu. Lapho usebenzisa imibuzo ngale ndlela ukuze ufundise umfundi, empeleni usuke umsiza ukuba angaqondi nje kuphela izizathu zeziphetho ezinikezwayo, kodwa nokuba kwayena afinyelele kuleso siphetho.—Math. 17:24-26; Luka 10:36, 37.
8. Singakuthola kanjani okusenhliziyweni yomfundi?
8 Ezincwadini zethu kusetshenziswa imibuzo nezimpendulo njengendlela yokufundisa. Akungabazeki ukuthi iningi labantu ofunda nabo iBhayibheli liyosheshe likwazi ukuphendula imibuzo enyathelisiwe lisebenzisa ukwaziswa okusezigabeni. Noma kunjalo, umfundisi onokuqonda ngeke nje aneliswe izimpendulo ezishaya emhloleni. Ngokwesibonelo, umfundi angase akwazi ukukuchaza kahle lokho okushiwo iBhayibheli ngobufebe. (1 Kor. 6:18) Nokho, imibuzo efuna umbono womfundi ebuzwa ngobuhlakani ingase ibonise lokho akucabangayo ngempela ngalokho akufundayo. Ngakho umfundisi angase abuze: “Kungani iBhayibheli likulahla ukuhlanganyela ubulili ngaphandle komshado? Ucabangani ngalo mthetho kaNkulunkulu? Ucabanga ukuthi kuyazuzisa ukuphila ngokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu zokuziphatha?” Izimpendulo zakhe kule mibuzo zingembula lokho okusenhliziyweni yakhe.—Funda uMathewu 16:13-17.
Gcina Indlela Yakho Yokufundisa Ilula
9. Yini okufanele siyikhumbule lapho sidlulisela ukwaziswa okungokomBhalo?
9 Empeleni, amaqiniso amaningi aseZwini likaNkulunkulu alula. Nokho, kungenzeka ukuthi abantu esibafundelayo badidwé izimfundiso zenkolo yamanga. Indima yethu njengabafundisi ukwenza iBhayibheli liqondakale kalula. Abafundisi abaphumelelayo badlulisela ukwaziswa ngendlela elula, ecacile nenembile. Uma sisilandela lesi siqondiso ngeke sikwenze kube nzima ukuqonda iqiniso. Gwema imininingwane engadingekile. Akudingeki ukuba sikhulumele wonke amaphuzu omBhalo esiwufundayo. Mane ugxile kulokho okudingekayo ekucaciseni iphuzu enixoxa ngalo. Kancane kancane umfundi uyowaqonda amaqiniso emiBhalo ajulile njengoba ethuthuka olwazini lwakhe.—Heb. 5:13, 14.
10. Iziphi izici ezinquma ubungako bendaba okufanele ifundwe esifundweni seBhayibheli?
10 Ingakanani indaba okufanele ihlanganiswe esifundweni ngasinye? Kudingeka ukusebenzisa ukuqonda kule ndaba. Amakhono nezimo zomfundi nomfundisi kuyohlukahluka, kodwa kufanele sikhumbule njalo ukuthi umgomo wethu njengabafundisi ukusiza umfundi ukuba abe nokholo oluqinile. Ngakho kufanele simnike isikhathi esanele sokufunda, sokuqonda nesokwamukela amaqiniso aseZwini likaNkulunkulu. Akumelwe sihlanganise indaba eningi kakhulu angeke akwazi ukuyibamba. Ngesikhathi esifanayo, isifundo akufanele sime ndawonye. Lapho umfundi eselitholile iphuzu, sidlulela kwelilandelayo.—Kol. 2:6, 7.
11. Isiphi isifundo esingasifunda kumphostoli uPawulu ngokuqondene nokufundisa?
11 Umphostoli uPawulu wayegcina isigijimi sezindaba ezinhle silula lapho ekhuluma nabantu abaqalayo ukusizwa. Nakuba ayefunde kakhulu, wayekugwema ukubukisa ngolimi. (Funda eyoku-1 Korinte 2:1, 2.) Ukuba lula kwamaqiniso emiBhalo kuyabakhanga futhi kubanelise abantu abaqotho. Akudingeki ukuba umuntu abe isifundiswa ukuze awaqonde.—Math. 11:25; IzE. 4:13; 1 Kor. 1:26, 27.
Siza Abafundi Bakwazise Abakufundayo
12, 13. Yini engase ishukumise umfundi ukuba enze ngokuvumelana nalokho akufundayo? Fanekisa.
12 Ukuze sibe abafundisi abaphumelelayo, esikufundisayo kudingeka kuthinte inhliziyo yomfundi. Kumelwe aqonde indlela ukwaziswa okusebenza ngayo kuye, indlela okumzuzisa ngayo nendlela ukuphila kwakhe okuyothuthuka ngayo uma elandela isiqondiso semiBhalo.—Isaya 48:17, 18.
13 Ngokwesibonelo, ake sithi sixoxa ngamaHebheru 10:24, 25, akhuthaza amaKristu ukuba ahlangane namanye amakholwa ukuze athole isikhuthazo esingokomBhalo, ajabulele nobudlelwane obunothando. Uma umfundi engakaqali ukuza emihlanganweni yebandla, singase simchazele kafushane indlela eqhutshwa ngayo nalokho okuzoxoxwa ngakho. Singase simtshele ukuthi imihlangano yebandla iyingxenye yokukhulekela kwethu, simbonise nokuthi iyasizuzisa. Singabe-ke sesimmema ukuba eze. Okufanele kumshukumise ukuba enze ngokuvumelana nalokho okushiwo imiBhalo yisifiso sakhe sokulalela uJehova, hhayi sokujabulisa umuntu omfundelayo.—Gal. 6:4, 5.
14, 15. (a) Umfundi weBhayibheli angafundani ngoJehova? (b) Ukwazi ubuntu bukaNkulunkulu kungamzuzisa kanjani umfundi weBhayibheli?
14 Inzuzo enkulu abafundi abayitholayo ngokutadisha iBhayibheli nokusebenzisa izimiso zalo iwukuthi bagcina sebemazi uJehova futhi bemazisa njengomuntu. (Isaya 42:8) Akukhona nje ukuthi unguBaba onothando noMdali noMnikazi wendawo yonke, kodwa futhi ubembulela ubuntu namandla akhe labo abamthandayo nabamkhonzayo. (Funda u-Eksodusi 34:6, 7.) Lapho uMose esezokhipha isizwe sakwa-Israyeli ebugqilini baseGibhithe, uJehova wazichaza ngala mazwi: “Ngiyoba yilokho engiyoba yikho.” (Eks. 3:13-15) Lokhu kwakusikisela ukuthi uJehova wayeyoba yinoma yini okwakudingeka abe yiyo ukuze afeze izinjongo zakhe ngokuqondene nesizwe sakhe esikhethiwe. Ngenxa yalokho, ama-Israyeli azi uJehova njengoMsindisi, iQhawe, uMnakekeli, uMgcwalisi wezithembiso nanjengoNkulunkulu owayewasiza nangezinye izindlela.—Eks. 15:2, 3; 16:2-5; Josh. 23:14.
15 Abantu esibafundelayo bangase bangakuboni ukungenela kukaJehova ngokuyisimangaliso ekuphileni kwabo njengoba kwenza uMose. Noma kunjalo, njengoba bekhula okholweni nasekwaziseni kwabo izinto abazifundayo futhi njengoba beqala ukuzisebenzisa, akungabazeki ukuthi bayosibona isidingo sokuncika kuJehova ukuze babe nesibindi nokuhlakanipha futhi bathole nesiqondiso. Njengoba benza kanjalo, nabo bayomazi uJehova njengoMeluleki ohlakaniphile nabangamethemba, uMvikeli noMnakekeli onesandla esivulekile wazo zonke izidingo zabo.—IHu. 55:22; 63:7; IzAga 3:5, 6.
Bonisa Isithakazelo Sothando
16. Kungani ikhono lemvelo lingesona isici esibaluleke kakhulu ekuphumeleleni kwethu njengabafundisi?
16 Uma unomuzwa wokuthi ikhono lakho lokufundisa alikafinyeleli ezingeni ongathanda lifinyelele kulo, ungadikibali. NguJehova noJesu abaqondisa umsebenzi wokufundisa owenziwa emhlabeni wonke namuhla. (IzE. 1:7, 8; IsAm. 14:6) Bangayibusisa imizamo yethu ukuze amazwi ethu abe nomphumela ofiselekayo kubantu abanezinhliziyo ezinhle. (Joh. 6:44) Uthando oluqotho umfundisi analo ngomfundi lungagqiba noma ikuphi ukuntula kwakhe ikhono lemvelo. Umphostoli uPawulu wabonisa ukuthi wayekuqonda ukubaluleka kokuthanda abantu abafundiswayo.—Funda eyoku-1 Thesalonika 2:7, 8.
17. Singasibonisa kanjani isithakazelo esiqotho kumuntu ngamunye esimfundelayo?
17 Ngokufanayo, singabonisa isithakazelo esiqotho kumuntu ngamunye esimfundela iBhayibheli ngokuzinika isikhathi sokumazi. Lapho sixoxa naye ngezimiso zemiBhalo, cishe siyozazi izimo zakhe. Singase sibone ukuthi usephila ngokuvumelana nezinye zezinto azifunde eBhayibhelini. Kungenzeka ukuthi kwezinye izindawo kusadingeka alungise. Ngokusiza umfundi ukuba abone ukuthi ukwaziswa akuthola esifundweni sakhe seBhayibheli kusebenza kanjani kuye, singamsiza ngothando ukuba abe umfundi kaKristu oqotho.
18. Kungani kubalulekile ukuthandaza nomfundi nokumthandazela?
18 Okubaluleke kunakho konke, singathandaza naye futhi simthandazele. Kufanele kumcacele ukuthi umgomo wethu uwukumsiza ukuba amazi kangcono uMdali wakhe, asondele kuYe futhi azuze esiqondisweni saKhe. (Funda iHubo 25:4, 5.) Lapho sithandazela ukuba uJehova abusise imizamo yomfundi yokusebenzisa akufundayo, umfundi uyobona ukubaluleka kokuba ‘umenzi wezwi.’ (Jak. 1:22) Njengoba umfundi elalela imithandazo yethu eqotho, naye uyofunda indlela yokuthandaza. Yeka indlela okuyinjabulo ngayo ukusiza abafundi beBhayibheli ukuba bazakhele ubuhlobo noJehova!
19. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
19 Kuyakhuthaza ukwazi ukuthi oFakazi abangaphezu kwezigidi eziyisithupha nengxenye emhlabeni wonke bathuthukisa ‘ikhono lokufundisa’ ngomgomo wokusiza abantu abanhliziyo ziqotho ukuba bagcine konke uJesu ayala ngakho. Umsebenzi wethu wokushumayela uba namiphi imiphumela? Sizoxoxa ngempendulo yalo mbuzo esihlokweni esilandelayo.
Uyakhumbula?
• Kungani amaKristu kudingeka abe “nekhono lokufundisa”?
• Ukusebenzisa ziphi izindlela okungenza ukufundisa kwethu kube okuphumelela kakhudlwana?
• Yini engagqiba ukuntula kwethu ikhono lemvelo lokufundisa?
[Isithombe ekhasini 9]
Ingabe ubhalisile eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini?
[Isithombe ekhasini 10]
Kungani kubalulekile ukucela umfundi ukuba alifunde ngokuqondile iBhayibheli?
[Isithombe ekhasini 12]
Thandaza nomfundi futhi umthandazele