“Yifeze Ngokugcwele Inkonzo Yakho”
“Yenzisise inkonzo yakho.”—2 THIMOTHEWU 4:5, Byington.
1, 2. Nakuba wonke amaKristu engabashumayeli bevangeli, yini efunekayo kubadala ngokwemiBhalo?
INGABE ungummemezeli woMbuso? Uma kunjalo, mbonge uJehova uNkulunkulu ngaleli lungelo elikhulu. Ungumdala ebandleni? Lelo yilungelo elengeziwe elivela kuJehova. Kodwa akumelwe sikhohlwe ukuthi imfundo yezwe noma ukuba yiqaphuqaphu akwenzi namunye kithi afanelekele inkonzo noma ukwengamela ebandleni. UJehova usenza siyifanelekele ngokwanele inkonzo, futhi amanye amadoda phakathi kwethu anelungelo lokukhonza njengababonisi ngoba ehlangabezana nezimfuneko ezithile zemiBhalo.—2 Korinte 3:5, 6; 1 Thimothewu 3:1-7.
2 Wonke amaKristu azinikezele enza umsebenzi wabashumayeli bevangeli, kodwa ababonisi, noma abadala, kudingeka ngokukhethekile ukuba babeke isibonelo esihle enkonzweni. UNkulunkulu noKristu bayabaqaphela abadala ‘abasebenza kanzima ekukhulumeni nasekufundiseni,’ kanti nabanye oFakazi BakaJehova bayabaqaphela. (1 Thimothewu 5:17; Efesu 5:23; Hebheru 6:10-12) Kuzo zonke izimo, ukufundisa komdala kumelwe kuthuthukise impilo engokomoya, ngoba umphostoli uPawulu watshela umbonisi uThimothewu: “Kuyokuba khona inkathi lapho bengayikuyibekezelela khona imfundiso ephilayo, kodwa, ngokuvumelana nezifiso zabo siqu, bayozibuthela abafundisi ukuze babakitaze izindlebe; futhi bayofulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, kuyilapho bephendulelwa ezindabeni ezingamanga. Nokho, wena hlala usangulukile kuzo zonke izinto, ukhuthazele ngaphansi kokubi, wenze umsebenzi womvangeli, uyifeze ngokugcwele inkonzo yakho.”—2 Thimothewu 4:3-5.
3. Yini okudingeka yenziwe ukuze izimfundiso zamanga zingasongeli ingokomoya lebandla?
3 Ukuze aqiniseke ukuthi izimfundiso zamanga azisongeli ingokomoya lebandla, umbonisi kumelwe enze ngokuvumelana neseluleko sikaPawulu: “Yiba osangulukile kuzo zonke izici, . . . uyenzisise inkonzo yakho.” (2 Thimothewu 4:5, Byington) Yebo, umdala kudingeka ‘ayifeze ngokugcwele inkonzo yakhe.’ Kumelwe ayenzisise, noma ayenze ngezinga eligcwele. Umdala oyenza ngokugcwele inkonzo yakhe unaka yonke imithwalo yakhe yemfanelo ngendlela efanele, angadebeseleli lutho noma ashwampuluze. Indoda enjalo ithembekile ngisho nasezintweni ezincane.—Luka 12:48; 16:10.
4. Yini engasisiza ukuba sifeze inkonzo ngokugcwele?
4 Ukufeza inkonzo yethu ngokugcwele akudingi njalo isikhathi esengeziwe, kodwa kudinga ukuba isikhathi sisetshenziswe kahle. Ukwenza izinto ngendlela engaguquguquki kungasiza wonke amaKristu ukuba afeze okuthile enkonzweni. Ukuze abe nesikhathi esengeziwe enkonzweni yasensimini, umdala kudingeka ahleleke kahle ukuze isimiso sakhe sibe nokulinganisela futhi azi ukuthi yini okufanele ayiphathise abanye futhi kanjani. (Hebheru 13:17) Yebo, umdala ohloniphekayo wenza nengxenye yakhe, njengoNehemiya, owafaka isandla mathupha ekwakhiweni kabusha kwezindonga zaseJerusalema. (Nehemiya 5:16) Futhi zonke izinceku zikaJehova kufanele zihlanganyele njalo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso.—1 Korinte 9:16-18.
5. Kufanele sizizwe kanjani ngenkonzo?
5 Yeka umsebenzi ojabulisayo esinawo njengabamemezeli boMbuso omisiwe wasezulwini! Impela siyalazisa ilungelo lethu lokuhlanganyela ekushumayeleni izindaba ezinhle kuwo wonke umhlaba owakhiwe ngaphambi kokufika kokuphela. (Mathewu 24:14) Nakuba singaphelele, amazwi kaPawulu angasiqinisa idolo: “Sinale ngcebo [eyinkonzo] ezitsheni zobumba, ukuze amandla angaphezu kwavamile abe ngakaNkulunkulu angabi ngavela kithi.” (2 Korinte 4:7) Yebo, singayinikela inkonzo eyamukelekayo—kodwa kuphela ngamandla nokuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu.—1 Korinte 1:26-31.
Ukubonakalisa Inkazimulo KaNkulunkulu
6. Imuphi umehluko owaba khona phakathi kuka-Israyeli wemvelo no-Israyeli ongokomoya?
6 Ekhuluma ngamaKristu agcotshiwe, uPawulu uthi uNkulunkulu ‘usenze sakufanelekela ngokwanele ukuba yizikhonzi zesivumelwano esisha.’ Lo mphostoli uveza umehluko phakathi kwesivumelwano esisha esenziwa no-Israyeli ongokomoya ngoJesu Kristu nesivumelwano soMthetho esidala esenziwa no-Israyeli wemvelo ngoMose. UPawulu unezela ukuthi lapho uMose ehla eNtabeni YaseSinayi ephethe izibhebhe ezineMiyalo Eyishumi, ubuso bakhe babukhanya kangangokuthi ama-Israyeli awakwazanga ukububukisisa, okwakuyinto enkulu. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi kwenzeka into ebucayi nakakhulu ngoba ‘amandla awo engqondo athuntubezeka’ futhi izinhliziyo zawo zambozwa umgubuzelo. Nokho, lapho abantu bephendukela kuJehova ngokuzinikela okusuka enhliziyweni, umgubuzelo uyasuswa. Ngokulandelayo, ekhuluma ngenkonzo enikwa labo abasesivumelwaneni esisha, uPawulu uthi: “Sonke, . . . sibonakalisa njengezibuko inkazimulo kaJehova ngobuso obungagutshuzelwe.” (2 Korinte 3:6-8, 14-18; Eksodusi 34:29-35) “Ezinye izimvu” zikaJesu zanamuhla nazo zinelungelo lokubonakalisa inkazimulo kaJehova.—Johane 10:16.
7. Abantu bangayibonakalisa kanjani inkazimulo kaNkulunkulu?
7 Abantu abanesono bangayibonakalisa kanjani inkazimulo kaNkulunkulu, kube kungekho muntu ongabona ubuso baKhe aphile? (Eksodusi 33:20) Phela, ngaphandle kwenkazimulo kaJehova uqobo, kukhona nenjongo yakhe ekhazimulayo yokulwela ubukhosi bakhe ngoMbuso wakhe. Amaqiniso ahlobene noMbuso ayingxenye ‘yezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu’ ezaqala ukumenyezelwa yilabo abathululelwa umoya ongcwele ngePhentekoste lika-33 C.E. (IzEnzo 2:11) Beqondiswa umoya, babengayifeza ngokugcwele inkonzo ababeyiphathisiwe.—IzEnzo 1:8.
8. Ngokuqondene nenkonzo, yini uPawulu ayezimisele ukuyenza?
8 UPawulu wayezimisele ukungavumeli lutho lumvimbe ekufezeni inkonzo yakhe ngokugcwele. Wabhala: “Kungakho singayeki, ngoba sinale nkonzo ngokwesihe esaboniswa sona; kunalokho siye sazilahla izinto zomshoshaphansi okumelwe sibe namahloni ngazo, njengoba singahambi ngobuqili, futhi singalonakalisi izwi likaNkulunkulu, kodwa ngokulenza libe sobala iqiniso sizitusa kubo bonke onembeza babantu emehlweni kaNkulunkulu.” (2 Korinte 4:1, 2) Ngalokho uPawulu akubiza ngokuthi ‘yile nkonzo,’ iqiniso lenziwa libonakale, kusabalaliswe nokukhanya okungokomoya.
9, 10. Yini eyenza sikwazi ukubonakalisa ukukhanya kukaJehova?
9 Maqondana noMthombo wokukhanya okungokwenyama nokungokomoya, uPawulu uyabhala: “UNkulunkulu nguye owathi: ‘Ukukhanya makukhanye ebumnyameni,’ futhi ukhanyisé izinhliziyo zethu ukuze azenze zikhanye ngolwazi olukhazimulayo lukaNkulunkulu ngobuso bukaKristu.” (2 Korinte 4:6; Genesise 1:2-5) Njengoba sinikwe ilungelo elingenakulinganiswa lokuba yizikhonzi zikaNkulunkulu, masizigcine sihlanzekile ukuze sikwazi ukubonakalisa inkazimulo kaJehova njengezibuko.
10 Abantu abasebumnyameni ngokomoya abayiboni inkazimulo kaJehova noma ukubonakaliswa kwayo okuvela kuJesu Kristu, uMose Omkhulu. Kodwa njengezinceku zikaJehova, sithola ukukhanya okukhazimulayo okuvela emiBhalweni bese sikubonakalisa kwabanye. Ukuze labo abasebumnyameni obungokomoya manje basinde ekubhujisweni, badinga ukukhanya okuvela kuNkulunkulu. Ngakho, ngenjabulo nangentshiseko enkulu silalela umyalo kaNkulunkulu wokwenza ukukhanya kukhanye ebumnyameni, kube inkazimulo kuJehova.
Ukukhanya Kwakho Makukhanye Ezifundweni ZeBhayibheli Zasekhaya
11. Yini uJesu ayisho ngokwenza ukukhanya kwethu kukhanye, futhi iyiphi enye yezindlela zokwenza lokhu enkonzweni yethu?
11 UJesu watshela abalandeli bakhe: “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi ophezu kwentaba ungefihleke. Abantu abasikhanyisi isibani basibeke ngaphansi kwesitsha sokulinganisa, kodwa basibeka othini lwesibani, sikhanyisele bonke abasendlini. Ngokufanayo, ukukhanya kwenu makukhanye phambi kwabantu, ukuze babone imisebenzi yenu emihle bese benika uYihlo osemazulwini inkazimulo.” (Mathewu 5:14-16) Ukuziphatha kwethu okuhle kungenza abanye bakhazimulise uNkulunkulu. (1 Petru 2:12) Futhi izici ezihlukahlukene zomsebenzi wethu wokushumayela ivangeli zisinika amathuba amaningi okwenza ukukhanya kwethu kukhanye. Omunye wemigomo yethu eyinhloko ukubonakalisa ukukhanya okungokomoya okuseZwini likaNkulunkulu ngokuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya eziphumelelayo. Lena indlela ebaluleke kakhulu yokufeza inkonzo yethu ngokugcwele. Ikuphi ukusikisela okungasisiza siqhube izifundo zeBhayibheli ezithinta izinhliziyo zabafuna iqiniso?
12. Umthandazo uhlobene kanjani nomsebenzi wokuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya?
12 Ukuthandaza kuJehova ngale ndaba kubonisa isifiso sethu esijulile sokuqhuba izifundo zeBhayibheli. Kubonisa nokuthi siyakubona ukubaluleka kokusiza abanye bathole ulwazi ngoNkulunkulu. (Hezekeli 33:7-9) Nakanjani uJehova uyoyiphendula imithandazo yethu futhi abusise imizamo yethu eqotho enkonzweni. (1 Johane 5:14, 15) Kodwa asithandazeli kuphela ukuthola umuntu esingamqhubela isifundo seBhayibheli sasekhaya. Ngemva kokuba sesisitholile isifundo, ukuthandaza nokuzindla ngezidingo eziqondile zomfundi kuyosisiza ukuba njalo isifundo sisiqhube ngendlela ephumelelayo.—Roma 12:12.
13. Yini engase isisize ukuze siqhube izifundo zeBhayibheli zasekhaya eziphumelelayo?
13 Ukuze siqhube izifundo zeBhayibheli zasekhaya eziphumelelayo, kumelwe silungiselele kahle njalo lapho sizofunda. Uma sizizwa sintula ikhono, kungase kusize kakhulu ukubheka indlela umbonisi weSifundo Sencwadi Sebandla asingatha ngayo isifundo sesonto ngalinye. Ngezinye izikhathi, singase sikwazi ukuhamba nabamemezeli boMbuso abaye baba nemiphumela emihle ekuqhubeni izifundo zeBhayibheli zasekhaya. Yebo, kufanelekela ngokukhethekile ukuba sihlole isimo sengqondo sikaJesu Kristu nezindlela zakhe zokufundisa.
14. Singayifinyelela kanjani inhliziyo yomfundi weBhayibheli?
14 UJesu wayekujabulela ukwenza intando kaYise wasezulwini nokukhuluma nabanye ngoNkulunkulu. (IHubo 40:8) Wayemnene futhi ezifinyelela ngokuphumelelayo izinhliziyo zalabo ababemlalela. (Mathewu 11:28-30) Ngakho-ke, masizame ukufinyelela izinhliziyo zalabo esifunda nabo iBhayibheli. Ukuze senze kanjalo, kudingeka silungiselele isifundo ngasinye sicabanga ngezimo zalowo mfundi ngokukhethekile. Ngokwesibonelo, uma engumuntu ongalazi noma ongalikholwa iBhayibheli, kungase kudingeke simkholise ukuthi iBhayibheli liyiqiniso. Esimweni esinjalo, kusobala ukuthi kuyodingeka sifunde imiBhalo eminingi futhi siyichaze.
Siza Abafundelwayo Baqonde Imifanekiso
15, 16. (a) Singamsiza kanjani umfundi ongawuqondi umfanekiso osetshenziswe eBhayibhelini? (b) Yini esingayenza uma enye yezincwadi zethu isebenzisa umfanekiso onzima kumfundi othile ukuwuqonda?
15 Umfundi weBhayibheli angase angawazi umfanekiso othile osetshenziswe emiBhalweni. Ngokwesibonelo, angase angaqondi ukuthi uJesu wayesho ukuthini lapho ekhuluma ngokubeka isibani othini. (Marku 4:21, 22) UJesu wayekhuluma ngesibani samafutha sakudala esasinentambo eyokhelwayo. Isibani esinjalo sasibekwa othini lwaso, bese sikwazi ukukhanyisa indawo ethile endlini. Kungase kudingeke ukucwaninga amagama anjengelithi “Lamp [Isibani]” nelithi “Lampstand [Uthi Lwesibani]” encwadini enjenge-Insight on the Scriptures ukuze kucaciswe umfanekiso kaJesu.a Kodwa yeka indlela okwanelisa ngayo ukufika esifundweni seBhayibheli unencazelo efike iqondakale kumfundi futhi ayazise!
16 Insiza-kutadisha ethile yeBhayibheli ingase isebenzise umfanekiso onzima kumfundi othile ukuwuqonda. Zinike isikhathi uwuchaze, noma sebenzisa omunye umfanekiso oveza iphuzu elifanayo. Mhlawumbe incwadi igcizelela ukuthi kubalulekile ukuba nomngane okahle nokubambisana emshadweni. Ukuze kufanekiswe lokhu, kungase kukhulunywe ngendoda eshwibeka esishwibweni, isidedele, ithembele kwenye ukuba iyinqake. Noma futhi isidingo somngane okahle nokubambisana singase sifanekiswe ngokubambisana kwezisebenzi ezinikezelana amabhokisi ziwethula elolini.
17. Yini esingayifunda kuJesu ngemifanekiso?
17 Ukusebenzisa umfanekiso ohlukile kungase kudinge ukuba silungiselele kusengaphambili, futhi leyo yindlela yokubonisa isithakazelo esinaso kumuntu esimfundela iBhayibheli. UJesu wayesebenzisa imifanekiso elula ukuze acacise izindaba ezinzima. INtshumayelo yakhe yaseNtabeni inezibonelo zalokhu, futhi iBhayibheli libonisa ukuthi ukufundisa kwakhe kwakuba nethonya elihle ezilalelini zakhe. (Mathewu 5:1–7:29) UJesu wayechaza izinto ngesineke ngoba wayenesithakazelo esijulile kwabanye.—Mathewu 16:5-12.
18. Yini etuswayo mayelana nemiBhalo ekhonjiwe ezincwadini zethu?
18 Isithakazelo sethu kwabanye siyosishukumisela ukuba ‘sibonisane nabo ngemiBhalo.’ (IzEnzo 17:2, 3) Lokhu kudinga ukutadisha okuhambisana nomthandazo nokuzisebenzisa kahle izincwadi ezilungiselelwa “umphathi othembekile.” (Luka 12:42-44) Ngokwesibonelo, incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade icaphuna imiBhalo eminingi.b Ngenxa yobuncane bendawo ekhasini, eminye ikhonjiwe kuphela. Phakathi nesifundo seBhayibheli, kubalulekile ukufunda nokuchaza okungenani eminye yale miBhalo ekhonjiwe. Kakade, ukufundisa kwethu kusekelwe eZwini likaNkulunkulu, futhi linamandla amakhulu. (Hebheru 4:12) Bhekisela eBhayibhelini phakathi naso sonke isifundo, uyisebenzise njalo imiBhalo esezigabeni. Siza umfundi abone lokho okushiwo iBhayibheli ngendaba noma ngenkambo ethile. Zama ukumbonisa indlela okuyomzuzisa ngayo ukulalela uNkulunkulu.—Isaya 48:17, 18.
Buza Imibuzo Ecabangisayo
19, 20. (a) Kungani kufanele sisebenzise imibuzo yokuthola umbono lapho siqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya? (b) Yini engase yenziwe uma indaba ethile idinga ukuhlolwa ngokwengeziwe?
19 Ukusebenzisa kukaJesu imibuzo ngokuhlakanipha kwakusiza abantu bacabange. (Mathewu 17:24-27) Uma sibuza imibuzo yokuthola umbono kodwa engamphathisi amahloni umfundi weBhayibheli, izimpendulo zakhe zingase ziveze lokho akucabangayo ngendaba ethile. Singase sithole ukuthi usalokhu enemibono engavumelani nemiBhalo. Ngokwesibonelo, kungenzeka ukholelwa kuZiqu-zintathu. Esahlukweni 3, incwadi Ulwazi iveza ukuthi igama elithi “uZiqu-zintathu” alikho eBhayibhelini. Le ncwadi icaphuna futhi ikhombe imiBhalo ebonisa ukuthi uJehova noJesu bahlukene nokuthi umoya ongcwele ungamandla kaNkulunkulu asebenzayo, hhayi umuntu. Ukufunda nokuxoxa ngale miBhalo kungase kwanele. Kodwa kuthiwani uma kudingeka okwengeziwe? Mhlawumbe ngemva kwesifundo esilandelayo, singase sizinike isikhathi sixoxe ngokuzuzisayo ngale ndaba sisebenzisa enye yezincwadi zoFakazi BakaJehova, njengencwajana ethi Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu? Ngemva kwalokho, singaqhubeka nesifundo encwadini Ulwazi.
20 Ake sithi impendulo yomfundi embuzweni ofuna umbono wakhe iyamangaza noma iyadumaza imbala. Uma kuyindaba yokubhema, noma enye ebucayi njengayo, singase sisikisele ukuba siqhubeke sifunda, siyixoxe ngesinye isikhathi leyo ndaba. Ukwazi ukuthi lo mfundi usabhema kungasenza sikwazi ukuthola amaphuzu asezincwadini zethu angase amsize athuthuke ngokomoya. Njengoba sizama ukufinyelela inhliziyo yomfundi, singathandaza kuJehova sicele amsize akhule ngokomoya.
21. Yini engase yenzeke uma senza izindlela zethu zokufundisa zifanelane nezidingo ezihlukile zomfundi weBhayibheli?
21 Ngokulungiselela kahle nangosizo lukaJehova, akungabazeki ukuthi siyokwazi ukwenza izindlela zethu zokufundisa zifanelane nezidingo ezihlukile zomfundi weBhayibheli. Njengoba isikhathi siqhubeka, singase sikwazi ukumsiza akhe uthando olujulile ngoNkulunkulu. Singase siphumelele nasekumenzeni ayihloniphe futhi ayazise inhlangano kaJehova. Futhi yeka indlela okwanelisa ngayo lapho abafundi beBhayibheli bevuma ukuthi ‘ngempela uNkulunkulu uphakathi kwethu’! (1 Korinte 14:24, 25) Ngakho-ke, kwangathi singaqhuba izifundo zeBhayibheli eziphumelelayo, senze konke esingakwenza ukuze sisize abanye babe abafundi bakaJesu.
Ingcebo Okufanele Yaziswe
22, 23. Yini edingekayo ukuze sifeze inkonzo yethu ngokugcwele?
22 Ukuze sifeze inkonzo yethu ngokugcwele, kumelwe sithembele emandleni avela kuNkulunkulu. Ekhuluma ngenkonzo, uPawulu wabhalela amanye amaKristu agcotshiwe: “Sinale ngcebo ezitsheni zobumba, ukuze amandla angaphezu kwavamile abe ngakaNkulunkulu angabi ngavela kithi.”—2 Korinte 4:7.
23 Kungakhathaliseki ukuthi singabagcotshiwe noma ‘abezinye izimvu,’ sinjengezitsha zobumba ezibuthakathaka. (Johane 10:16) Nokho, uJehova angasinika amandla adingekayo ukuze sifeze izabelo zethu kungakhathaliseki izingcindezi esibhekana nazo. (Johane 16:13; Filipi 4:13) Ngakho-ke, masithembele ngokuphelele kuJehova, siyazise ingcebo yethu eyinkonzo, futhi siyifeze ngokugcwele inkonzo yethu.
[Imibhalo yaphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
b Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
Ungaphendula Kanjani?
• Yini abadala abangayenza ukuze bayifeze ngokugcwele inkonzo yabo?
• Singalithuthukisa kanjani izinga lempumelelo yethu ezifundweni zeBhayibheli zasekhaya?
• Ungenze njani uma umfundi weBhayibheli engawuqondi umfanekiso othile noma edinga ukwaziswa okwengeziwe endabeni ethile?
[Isithombe ekhasini 16]
Abadala abangamaKristu bayafundisa ebandleni basize nasekuqeqesheni amanye amakholwa enkonzweni
[Isithombe ekhasini 18]
Ukuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya eziphumelelayo kungenye yezindlela zokwenza ukukhanya kwethu kukhanye