Ikilasi Le-127 Lithweswa Iziqu ZaseGileyadi
Izithunywa Zevangeli Zithunyelwa “Nasezingxenyeni Ezikude Kakhulu Zomhlaba”
UJESU wathuma abafundi bakhe ukuba babe ofakazi “nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzEnzo 1:8) OFakazi BakaJehova babheka lo myalo njengobaluleke kakhulu.
Eqinisweni, eminyakeni engaphezu kwengu-65 edlule, izithunywa zevangeli ezaqeqeshwa e-Watchtower Bible School of Gilead ziye zasiza ekuholeni emsebenzini wokushumayela emazweni angaphezu kuka-200. Kunezinye izikhonzi ezingu-56 ezinamakhono amahle okushumayela ezathweswa iziqu ngoMgqibelo, ngo-September 12, 2009 ngemva kokuqeqeshwa izinyanga ezinhlanu esikoleni sezithunywa zevangeli esisePatterson, eNew York, e-U.S.A.
Imicabango Inamandla Amakhulu
UStephen Lett, ilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova nowayengusihlalo wesimiso sokuthweswa iziqu, wakhuluma nekilasi enkulumweni yakhe eyayinesihloko esithi “Yiba Nemicabango Emihle.” Okokuqala, walixwayisa ngezinto ezine okungafanele lizicabange. Amaphuzu okuqala amathathu ayethi: (1) Ningacabangi ukuthi izinto ezibonakalayo zinganinikeza ukuvikeleka okuhlala njalo; (2) kugwemeni ukucabanga izinto ezingcolile; futhi (3) nigweme ukukhathazeka ngokweqile, nicabange ukuthi mhlawumbe ikusasa ngeke libe lihle. (IzAga 18:11; Mathewu 5:28; 6:34) Ngokuqondene nephuzu lesithathu, isikhulumi sathi umuntu okhathazeka ngokweqile uhlale ecabanga ngezinto ezibuhlungu esezadlula, akhathazeke ngezanamuhla, athi esuka abe elanda ezingakenzeki nokwenzeka. UMfoweth’ uLett wathi: “Lokho kuwukuzithwalisa umthwalo osinda ngempela.” Iphuzu lesine lalithini? Ikilasi laxwayiswa ukuba lingacabangi ukuthi ukuphila kwalo kwakungcono ngaphambi kokuba libe yizithunywa zevangeli. Uma zicabanga kanjalo, zizolahlekelwa injabulo ezingayithola emazweni amasha ezihlala kuwo.
UMfoweth’ uLett wabe esekhuthaza ikilasi ukuba licabange ngezinto ezine ezakhayo. Wathi: (1) Ziboneni zisekude lé izimo ezingase zilimaze ingokomoya noma izimpilo zenu, futhi nigweme usizi; (2) ziboneni ngeso lengqondo izindaba enizifunda eBhayibhelini, futhi nizibone niyingxenye yalokho kulandisa; (3) bhekani umuntu ngamunye enimshumayezayo esabelweni senu esisha njengongase abe umkhulekeli kaJehova; futhi (4) nibe nozwela ngokuzibeka esimweni salabo enibashumayezayo.—IzAga 22:3.
Ukubaluleka Kokuqeqesha Abanye
UDavid Splane, ilungu leNdikimba Ebusayo, wadingida isihloko esisekelwe kweyesi-2 Thimothewu 2:2 esithi “Lezi Zinto Ziphathise Amadoda Athembekile.” Lapho umphostoli uPawulu eyala uThimothewu ukuba aqeqeshe amadoda athembekile, inhloso yakhe yayiwukuba uThimothewu angagcini nje ngokuwafundisa, kodwa futhi awakhuthaze ukuba nawo aqeqeshe amanye. Lesi sikhulumi satshela ikilasi ukuthi kunesidingo esikhulu samadoda angahola emisebenzini yobuKristu. La madoda angaqeqeshwa nini futhi kanjani? UMfoweth’ uSplane wakhuthaza izithunywa zevangeli ukuba ziqale ukuwaqeqesha lapho ziqala nje ukutadisha nawo iBhayibheli.
Iziphi izindlela ezingokoqobo izithunywa zevangeli ezingabaqeqesha ngazo abafundi beBhayibheli ukuba babe izibonelo ezinhle kwabanye? Isikhulumi sabalula izindlela eziningana. Izithunywa zevangeli kudingeka ziqeqeshe abafundi ukuba bayitadishisise incwadi abayifundelwayo. Lapho sebeqala ukuya emihlanganweni yebandla, kudingeka bafunde ukulungiselela bebodwa izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezisetshenziswa emihlanganweni. Isikhulumi sathi: “Uma umuntu engakwazi ukufunda iBhayibheli eyedwa, akasoze akwazi ukufundisa abanye.” UMfoweth’ uSplane wabuye wathi izithunywa zevangeli zingasiza abafundelwayo ukuba bagcine isikhathi, basekele umsebenzi wokushumayela ngezimali futhi balalele abaholayo. Wathi indlela engcono kakhulu yokubafundisa lezi zifundo iwukuba zona ngokwazo zibe izibonelo ezinhle.
Ilungelo Lokuba OFakazi
UGuy Pierce, naye oyilungu leNdikimba Ebusayo, wabeka inkulumo esekelwe emazwini kaJesu asencwadini yezEnzo 1:8, ethi “Nizoba Ofakazi Bami.” Wakhumbuza ikilasi ukuthi ekhulwini lokuqala C.E., isizwe sakwa-Israyeli salahlekelwa yilungelo lokuba ofakazi bakaJehova. Lelo lungelo lanikezwa isizwe esithela izithelo zoMbuso. (Mathewu 21:43) Ibandla lamaKristu agcotshiwe yilona elaba yileso sizwe. Isikhulumi sacaphuna umphostoli uPetru owathi “isizwe esingcwele” samaKristu agcotshiwe ‘sasiyomemezela kabanzi’ ubuhle bukaJehova. (1 Petru 2:6-9) Ngakho, uJesu wayengaqondile ukuthi amaKristu ayeyoba ofakazi bakhe kuphela, angabe esaba ofakazi bakaJehova. Ingani kwayena uJesu ubizwa ngokuthi “uFakazi Othembekileyo.” (IsAmbulo 1:5; 3:14) UnguFakazi kaJehova oqavile futhi uyisibonelo esisilingisayo.—1 Petru 2:21.
Isikhulumi satshela ikilasi ukuthi amazwi kaJesu asencwadini yezEnzo 1:8 asho lukhulu namuhla. Kungani kunjalo? Yingoba isiprofetho esiyingqopha-mlando esisencwadini yesAmbulo 11:15 sesigcwalisekile! UMbuso kaNkulunkulu ophethwe uMesiya usumisiwe. Ngomqondo ongokoqobo, namuhla umsebenzi wokushumayela wenziwa “nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzEnzo 1:8) UMfoweth’ uPierce wagcizelela ukuthi izithunywa zevangeli zinika ubufakazi ngoJehova nangoMbuso wakhe; aziziqhakambisi zona, noma ziqhakambise indlela ezaziphila ngayo ngaphambili, isiko lazo noma izwe eziphuma kulo. Wazikhuthaza ukuba zifundise “abantu abaningi ngangokunokwenzeka kulesi sikhathi esisele.”
Amanye Amazwibela Esimiso
U-Alex Reinmueller, ongumsizi weKomiti Yokunyathelisa, wabeka inkulumo enesihloko esithi “UJehova Uzoninika Isibindi.” Wathi uma izithunywa zevangeli zincika emandleni kaJehova, uyozisiza ukuba zazi amakhono azo, zamukele ubuthaka bazo, zibhekane nokwesaba futhi zinike uNkulunkulu okungcono kakhulu.
Abafundisi ababili abasebenza eMnyangweni Wezikole Ezingokwasezulwini, uSam Roberson noWilliam Samuelson, nabo baxoxa nabafundi. UMfoweth’ uRoberson wabeka inkulumo enesihloko esithi “Nginawe,” esekelwe ku-Isaya 41:10. Wathi ziningi izinto lezi zithunywa zevangeli ezizozijabulela. Wathi nezinkinga zizoba khona, kodwa zingakwazi ukubhekana nazo ngokuphumelelayo uma zilingisa iNkosi uDavide, eyathandaza ikhala yanxusa uYise onothando. (IHubo 34:4, 6, 17, 19) Inkulumo kaMfoweth’ uSamuelson yagcizelela isidingo sokuba izithunywa zevangeli ziqhubeke zithuthukisa ikhono lokucabanga. Izithunywa zevangeli ezikwenzayo lokhu ziyakwazi ukugwema ukusabela kabi lapho abathile besho izinto ezingemnandi kuzo futhi azisheshi ukucasuka.—IzAga 2:10, 11.
UJim Mantz, ongumsizi weKomiti Yokubhala, waxoxa nelungu leKomiti Yegatsha laseRepublic of Georgia nelaseHonduras kanye nelungu leKomiti Yezwe laseRepublic of Tajikistan. Laba bazalwane abangomakadebona beluleka izithunywa zevangeli ngendlela abangabakha ngayo ubungane nabantu ababonakala bephikisa ‘ngokunqoba okubi ngokuhle.’ (Roma 12:21) UMark Noumair, naye ongumfundisi wekilasi, waba nezingxoxo ezimnandi nabanye abafundi mayelana nezinto ababehlangabezane nazo ensimini phakathi nokuqeqeshwa kwabo eGileyadi. Le nkulumo yayinesihloko esithakazelisayo esithi “Ngingasiza Kanjani?”
Usihlalo wagoqa isimiso ngokucaphuna amazwi engoma eseculweni elisha, ethi “Zibone Lapho Konke Sekukusha.” Izilaleli ezingu-6 509 ezazithamele isimiso zabuyela emakhaya zizimisele kunanini ngaphambili ukunikeza ubufakazi ngoJehova nangeNdodana yakhe “nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.”
[Ishadi/Ibalazwe ekhasini 31]
IMINININGWANE YEKILASI
8 amazwe amelelwe
56 abafundi
28 imibhangqwana eshadile
33,6 isilinganiso seminyaka yobudala
18,3 isilinganiso seminyaka bebhapathiziwe
13,6 isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele
[Ibalazwe]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Ikilasi labelwa emazweni angu-22 aboniswe ngezansi
AMAZWE IZITHUNYWA ZEVANGELI EZABELWA KUWO
JAMAICA
HAITI
NICARAGUA
COSTA RICA
PANAMA
CURAÇAO
GUYANA
PERU
BOLIVIA
PARAGUAY
CHILE
MOLDOVA
SERBIA
ALBANIA
CÔTE D’IVOIRE
CONGO, DEM. REP.
UGANDA
BURUNDI
TANZANIA
MOZAMBIQUE
NEPAL
CAMBODIA
[Isithombe ekhasini 31]
Ikilasi Le-127 Lithweswa Iziqu E-Watchtower Bible School of Gilead
Imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.
(1) Marshall, T.; Prudent, L.; Mashburn, A.; Rosenström, S.; Testa, A.; Takeyama, M.; Sisk, M.
(2) Grooms, K.; Miura, S.; Camacho, M.; Rozas, S.; Burch, M.; Meza, I.; Young, G.; Geraghty, S.
(3) Bonilla, C.; Knaller, D.; Parrales, R.; Hotti, S.; Takada, A.; Tournade, M.; Sopel, C.
(4) Miura, Y.; Parrales, K.; Prudent, K.; Colburn, S.; Willis, L.; Vääränen, A.; Sisk, B.; Takada, R.
(5) Grooms, J.; Vääränen, M.; Geraghty, B.; Stackhouse, R.; Wilson, A.; Bonell, E.; Camacho, D.; Meza, R.; Bonell, M.
(6) Takeyama, S.; Testa, G.; Colburn, T.; Mashburn, C.; Willis, W.; Tournade, L.; Burch, J.; Stackhouse, J.
(7) Wilson, J.; Young, J.; Marshall, E.; Rozas, M.; Knaller, J.; Hotti, N.; Rosenström, A.; Sopel, J.; Bonilla, O.