IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi KaThithu, KaFilemoni NeyamaHebheru
ESIKHATHINI esithile ededelwe ngemva kokuboshwa kwakhe kokuqala eRoma ngo-61 C.E., umphostoli uPawulu uhambela isiqhingi saseKrethe. Ephawula ingokomoya lamabandla alapho, ushiya uThithu ukuba awaqinise. Kamuva, cishe eseMakedoniya, uPawulu ubhalela uThithu incwadi emqondisa ngemisebenzi yakhe futhi embonisa ukuthi yena njengomphostoli uyamsekela.
Ngaphambidlana, ngaphambi nje kokudedelwa etilongweni ngo-61 C.E., uPawulu wabhalela uFilemoni, umzalwane ohlala eKolose emnxusa njengomngane.
Cishe ngo-61 C.E., uPawulu wabhalela namakholwa angamaHebheru eJudiya, ebonisa ukuthi ubuKristu buphakeme kunesimiso sobuJuda. Zontathu lezi zincwadi zinezeluleko eziwusizo nathi esingazisebenzisa.—Heb. 4:12.
HLALA UPHILILE NGOKOMOYA
Ngemva kokunikeza iziqondiso ngokuqondene ‘nokumiswa kwamadoda amadala emzini ngomuzi,’ uPawulu weluleka uThithu ukuba ‘aqhubeke esola kanzima abangalawuleki ukuze babe abaphilile okholweni.’ Uyala bonke emabandleni aseKrethe ukuba ‘balahle ukungamhloniphi uNkulunkulu futhi baphile ngokuhluzeka kwengqondo.’—Thithu 1:5, 10-13; 2:12.
UPawulu unikeza ezinye izeluleko ukuze asize abazalwane baseKrethe ukuba bahlale bephilile ngokomoya. Uyala uThithu ukuba ‘axwaye imibuzo yobuwula nokulwisana ngoMthetho.’—Thithu 3:9.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
1:15—Kungenzeka kanjani ukuba “zonke izinto” zibe ‘ezihlanzekile kubantu abahlanzekile,’ kodwa zibe ezingcolile “kubantu abangcolile nabangenalukholo”? Impendulo singayithola uma siqonda lokho uPawulu ayekusho uma ethi “zonke izinto.” Wayengakhulumi ngezinto iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe elizilahla ngokuqondile, kodwa wayekhuluma ngezinto imiBhalo evumela amaKristu azinqumele kuzo. Lezi zinto zihlanzekile kumuntu okucabanga kwakhe kuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu. Kuba okuhlukile kumuntu okucabanga kwakhe kusontekile nononembeza ongcolile.a
3:5—AmaKristu agcotshiwe ‘asindiswa kanjani ngokugeza’ futhi ‘enziwa kanjani abe masha ngomoya ongcwele’? ‘Asindiswa ngokugeza’ ngomqondo wokuthi uNkulunkulu uye wawageza, noma wawahlanza, ngegazi likaJesu ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo. ‘Enziwa abe masha ngomoya ongcwele’ ngoba aye aba “indalo entsha” njengamadodana kaNkulunkulu azelwe ngomoya.—2 Kor. 5:17.
Izifundo Esizitholayo:
1:10-13; 2:15. Ababonisi abangamaKristu kumelwe babonise isibindi, balungise izinto ezonakele ebandleni.
2:3-5. Njengasekhulwini lokuqala, odade abangamaKristu avuthiwe namuhla kudingeka “baziphathe ngenhlonipho, bangabi abanyundelayo, futhi bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe abafundisi bokuhle.” Ngaleyo ndlela, bangaphumelela ekufundiseni ngasese “abesifazane abasebasha” ebandleni.
3:8, 14. ‘Kuhle futhi kunenzuzo’ ukuhlale ‘sicabanga ngokwenza imisebenzi emihle’ ngoba kusisiza ukuba sikhiqize enkonzweni kaNkulunkulu futhi kusigcina sihlukile kuleli zwe elibi.
NXUSA “NGESISEKELO SOTHANDO”
UFilemoni utuswa ngokuba isibonelo ‘othandweni nasokholweni.’ Ukuba kwakhe umthombo wokuqabuleka kwamanye amaKristu kuye kwalethela uPawulu “injabulo nenduduzo enkulu.”—Filem. 4, 5, 7.
Ebekela bonke ababonisi isibonelo, uPawulu usingatha udaba olubucayi luka-Onesimu ngokumnxusa “ngesisekelo sothando,” kunokumbekela umthetho. Uthi kuFilemoni: “Ngikulobela lokhu, ngithembele ekutheni uzolalela, ngazi ukuthi uzokwenza ngisho nangaphezu kwezinto engizishoyo.”—Filem. 8, 9, 21.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
10, 11, 18—U-Onesimu “owayengenalusizo” ngaphambili washintsha kanjani waba ‘olusizo’? U-Onesimu wayeyisigqila esinenkani eseqa emzini kaFilemoni eKolose saya eRoma. Kungenzeka nokuthi u-Onesimu weba imali yenkosi yakhe ukuze akwazi ukukhokhela lolu hambo olungamakhilomitha angu-1 400. Yebo, wayengenalusizo kuFilemoni. Nokho, lapho eseRoma, uPawulu wamsiza ukuba abe umKristu. Njengoba sesingumzalwane, lesi sigqila ‘esingenalusizo’ sashintsha saba ‘esilusizo.’
15, 16—Kungani uPawulu engacelanga uFilemoni ukuba akhulule u-Onesimu? UPawulu wayefuna ukunamathela emsebenzini ‘wokushumayela ngombuso kaNkulunkulu nokufundisa izinto ngeNkosi uJesu Kristu.’ Ngakho, wakhetha ukungazigaxi ezindabeni zokuphathana kwabantu, njengaleyo ephathelene nobugqila.—IzE. 28:31.
Izifundo Esizitholayo:
2. UFilemoni wavula ikhaya lakhe ukuze kuqhutshelwe khona imihlangano yobuKristu. Kuyilungelo uma umhlangano wenkonzo yasensimini uqhutshelwa emakhaya ethu.—Roma 16:5; Kol. 4:15.
4-7. Kufanele sithathe isinyathelo sokuncoma esikholwa nabo abayisibonelo okholweni nasothandweni.
15, 16. Akufanele sivumele izinto ezingemnandi ezenzeka ekuphileni zisikhathaze ngokungadingekile. Uma senza kanjalo imiphumela ingaba mihle, njengoba kwaba njalo endabeni ka-Onesimu.
21. UPawulu wayelindele ukuba uFilemoni athethelele u-Onesimu. Nathi kulindeleke ukuba simthethelele umfowethu osonile.—Math. 6:14.
‘PHOKOPHELELA EKUVUTHWENI’
Ukuze afakazele ukuthi ukuba nokholo emhlatshelweni kaJesu kubaluleke ngaphezu kwemisebenzi ephathelene noMthetho, uPawulu uqokomisa ubuhle obuvelele boMsunguli WobuKristu, ubupristi bakhe, umhlatshelo wakhe nesivumelwano esisha. (Heb. 3:1-3; 7:1-3, 22; 8:6; 9:11-14, 25, 26) Ngokuqinisekile, kumelwe ukuba lolu lwazi lwasiza amaKristu angamaHebheru ukuba akwazi ukubhekana nokushushiswa ngamaJuda. UPawulu unxusa amakholwa akanye nawo angamaHebheru ukuba ‘aphokophele ekuvuthweni.’—Heb. 6:1.
Lubaluleke kangakanani ukholo ebuKristwini? UPawulu uyabhala: “Ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa [uNkulunkulu].” Ukhuthaza amaHebheru: “Masiwugijime ngokukhuthazela lo mncintiswano obekwe phambi kwethu,” senze lokho ngokholo.—Heb. 11:6; 12:1.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
2:14, 15—Ingabe ukuba kukaSathane “nendlela yokubangela ukufa” kubonisa ukuthi angabangela ukufa kwanoma ubani afuna ukumbulala? Cha. Nokho, lapho eqala inkambo yakhe yobubi e-Edene, amanga akhe aye abangela ukufa ngoba u-Adamu wona futhi wadlulisela isono nokufa emkhayeni wesintu. (Roma 5:12) Ngaphezu kwalokho, izikhonzi zikaSathane zasemhlabeni ziye zashushisa izinceku zikaNkulunkulu zaze zazibulala, njengoba zenza kuJesu. Kodwa lokho akusho ukuthi uSathane unamandla angenakunqandwa okubulala noma ubani afuna ukumbulala. Ukube bekunjalo, akungabazeki ukuthi ngabe sewababulala kudala bonke abakhulekeli bakaJehova. UJehova uyabavikela abantu bakhe njengeqembu futhi akamvumeli uSathane ukuba abaqothule. Ngisho noma uNkulunkulu evumela abanye bethu ukuba babulawe uSathane, singaqiniseka ngokuthi uyowulungisa noma imuphi umonakalo owenziwe uSathane.
4:9-11—‘Singena kanjani ekuphumuleni kukaNkulunkulu?’ Ekupheleni kwezinsuku eziyisithupha zokudala, uNkulunkulu waphumula emisebenzini yakhe yokudala, eqiniseka ngokuthi injongo yakhe ngomhlaba nangesintu yayiyogcwaliseka. (Gen. 1:28; 2:2, 3) ‘Singena kulokho kuphumula’ ngokwamukela ilungiselelo likaNkulunkulu lokusindiswa kwethu nangokuyeka ukuzama ukufinyelela ukulunga ngemisebenzi yethu. Lapho sibonisa ukholo kuJehova futhi silalela iNdodana yakhe kunokuphishekela izithakazelo zobugovu, sithola izibusiso eziqabulayo neziletha impumuzo nsuku zonke.—Math. 11:28-30.
9:16—Ngokuphathelene nesivumelwano esisha ubani “umenzi wesivumelwano ongumuntu”? UJehova unguMenzi wesivumelwano esisha, bese uJesu eba ‘ngumenzi wesivumelwano ongumuntu.’ UJesu unguMlamuleli waleso sivumelwano, futhi ngokufa kwakhe, walungiselela umhlatshelo owawudingeka ukuze senziwe sisebenze.—Luka 22:20; Heb. 9:15.
11:10, 13-16—Imuphi “umuzi” owawulindelwe u-Abrahama? Akuwona umuzi ongokoqobo, kodwa ungokomfanekiso. U-Abrahama wayelindele “iJerusalema lasezulwini,” elakhiwa uKristu Jesu nababusi abakanye naye abangu-144 000. Lapho laba babusi abakanye naye besenkazimulweni yabo yasezulwini babizwa nangokuthi ‘bangumuzi ongcwele, iJerusalema Elisha.’ (Heb. 12:22; IsAm. 14:1; 21:2) U-Abrahama wayebheke phambili ekuphileni ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu.
12:2—Yayiyini ‘injabulo eyayibekwe phambi kukaJesu’ “akhuthazelela isigxobo sokuhlushwa” ngenxa yayo? Kwakuyinjabulo yokubona lokho okwakuyofezwa inkonzo yakhe—okuhlanganisa ukungcweliswa kwegama likaJehova, ukulwelwa kobukhosi bukaNkulunkulu nokuhlengwa komkhaya wesintu ekufeni. UJesu wayebheke phambili nasemvuzweni wokubusa njengeNkosi nokukhonza njengoMpristi Ophakeme ukuze kuzuze isintu.
13:20—Kungani isivumelwano esisha kuthiwa ‘singesaphakade’? Ngenxa yezizathu ezintathu: (1) Asisoze sathathelwa indawo esinye, (2) izinzuzo zaso zingezaphakade futhi (3) “ezinye izimvu” ziyoqhubeka zizuza elungiselelweni lalesi sivumelwano esisha nangemva kwe-Armagedoni.—Joh. 10:16.
Izifundo Esizitholayo:
5:14. Kufanele sibe abafundi abakhuthele beZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, futhi sisebenzise esikufunda kulo. Lena ukuphela kwendlela yokwenza ukuba ‘amandla ethu okuqonda aqeqeshelwe ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.’—1 Kor. 2:10.
6:17-19. Ukusekela ukholo lwethu ngokuqinile esithembisweni nasesifungweni sikaNkulunkulu kuyosisiza ukuba singachezuki endleleni yeqiniso.
12:3, 4. Kunokuba ‘sikhathale siphele amandla emiphefumulweni yethu’ ngenxa yezinkinga ezingatheni noma ukuphikiswa okuncane esingase sibhekane nakho, kufanele sithuthukele ekuvuthweni futhi sithuthukise amandla ethu okukhuthazelela izinkinga. Kufanele sizimisele ukuzabalaza “kuze kube seqophelweni legazi,” okungukuthi, lokufa.—Heb. 10:36-39.
12:13-15. Akufanele sivumele ‘impande enobuthi,’ noma ubani ebandleni ohlale ebona amaphutha ngendlela izinto ezenziwa ngayo, ukuba asivimbele ‘ekwenzeleni izinyawo zethu izindlela eziqondile.’
12:26-28. ‘Izinto ezingenziwanga’ izandla zikaNkulunkulu—sonke isimiso sezinto samanje, ngisho “nezulu” elibi—kuyozanyazanyiswa kuqedwe. Lapho lokho kwenzeka, kuyosala “izinto ezinganyakaziswa,” okungukuthi, uMbuso nabasekeli bawo. Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba simemezele uMbuso ngentshiseko futhi siphile ngezimiso zawo!
13:7, 17. Ukulalela lo myalo wokulalela nokuthobela ababonisi emabandleni kuyosisiza ukuba sibonise ukuthi sinomoya wokubambisana.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka INqabayokulinda ka-October 15, 2007, amakhasi 26-27.