Ukulalela Unembeza Wakho
“Zonke izinto zihlanzekile kubantu abahlanzekile. Kodwa kubantu abangcolile nabangenalukholo akukho lutho oluhlanzekile.”—THITHU 1:15.
1. UPawulu wahileleka kanjani emabandleni aseKrethe?
NGEMVA kokuba umphostoli uPawulu eqede uhambo lwakhe lwesithathu lwezithunywa zevangeli, waboshwa futhi wagcina eyiswe eRoma lapho avalelwa khona iminyaka emibili. Wenzani lapho ededelwa? Ngesinye isikhathi esededelwe, wahambela isiqhingi saseKrethe noThithu ambhalela la mazwi: “Ngakushiya eKrethe, ukuze ulungise izinto eziyiphutha futhi umise amadoda amadala.” (Thithu 1:5) Ukufeza kukaThithu leso sabelo kwakuhilela onembeza.
2. Iyiphi inkinga okwadingeka uThithu ayisingathe esiqhingini saseKrethe?
2 UPawulu weluleka uThithu ngezimfanelo zabadala bebandla wabe eseveza ukuthi ‘kwakunabantu abaningi abangalawuleki, abakhuluma okungasizi ngalutho, nabakhohlisi.’ ‘Babechitha imizi iphelele ngokufundisa izinto ezingafanele.’ UThithu kwakufanele ‘aqhubeke ebasola.’ (Thithu 1:10-14; 1 Thimothewu 4:7) UPawulu wathi izingqondo nonembeza babo ‘kwakungcolile,’ esebenzisa igama elinomqondo wokuba nebala, njengengubo enhle engase ingcoliswe udayi. (Thithu 1:15) Kungenzeka ukuthi abanye balabo bantu babenesizinda sobuJuda ngoba ‘babenamathele ekusokeni.’ Amabandla namuhla awalinyazwa abantu abanaleso simo sengqondo; noma kunjalo singafunda okuningi ngonembeza eselulekweni uPawulu asinikeza uThithu.
Labo Abanonembeza Ongcolile
3. Yini uPawulu ayibhalela uThithu ngonembeza?
3 Phawula ukuthi uPawulu wakhuluma ngonembeza ngaphansi kwaziphi izimo. “Zonke izinto zihlanzekile kubantu abahlanzekile. Kodwa kubantu abangcolile nabangenalukholo akukho lutho oluhlanzekile, kodwa kokubili izingqondo zabo nonembeza babo kungcolile. Bavuma obala ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kodwa bayamphika ngemisebenzi yabo.” Kusobala ukuthi abanye ngaleso sikhathi kwakudingeka benze izinguquko ukuze “babe abaphilile okholweni.” (Thithu 1:13, 15, 16) Babenenkinga yokuhlukanisa phakathi kokwakuhlanzekile nokwakungahlanzekile, futhi lokhu kwakuhilela onembeza babo.
4, 5. Iyiphi inkinga abanye emabandleni ababenayo, futhi yabathinta kanjani?
4 Eminyakeni engaphezu kweshumi ngaphambili, indikimba ebusayo yamaKristu yanquma ukuthi kwakungasadingeki ukuba umuntu asoke ukuze abe umkhulekeli weqiniso, futhi yazisa amabandla leso sinqumo. (IzEnzo 15:1, 2, 19-29) Nokho, kunabathile eKrethe ‘ababesanamathele ekusokeni.’ Bakuzwakalisa obala ukungavumelani kwabo nendikimba ebusayo, ‘befundisa izinto ezingafanele.’ (Thithu 1:10, 11) Njengoba babecabanga ngendlela esontekile, kungenzeka ukuthi babekhuthaza ukugcina iziqondiso ezivela eMthethweni ngokudla nemicikilisho yokuhlanzeka. Kungenzeka ngisho nokuthi babenezela kulokho okwakushiwo uMthetho, njengoba kwenza abangaphambi kwabo osukwini lukaJesu, futhi bekhuthaza izinganekwane zobuJuda nemiyalo yabantu.—Marku 7:2, 3, 5, 15; 1 Thimothewu 4:3.
5 Ukucabanga okunjalo kwaba nethonya elibi endleleni abahlulela ngayo nasemzweni wabo wokulungile nokungalungile, unembeza wabo. UPawulu wabhala: “Kubantu abangcolile nabangenalukholo akukho lutho oluhlanzekile.” Unembeza wabo wasonteka kangangokuthi wawungasesona isiqondiso abangasethemba ezenzweni zabo nasendleleni abahlaziya ngayo izinto. Ngaphezu kwalokho, babehlulela amanye amaKristu ezindabeni zomuntu siqu, izindaba omunye umKristu angase anqume ngendlela ehlukile kweyomunye. Kule ndaba laba bantu baseKrethe babebheka izinto ezihlanzekile njengezingcolile. (Roma 14:17; Kolose 2:16) Nakuba babethi bayamazi uNkulunkulu, bakuphika lokhu ngemisebenzi yabo.—Thithu 1:16.
“Zihlanzekile Kubantu Abahlanzekile”
6. Iziphi izinhlobo ezimbili zabantu uPawulu akhuluma ngazo?
6 Singazuza kanjani kulokho uPawulu akubhalela uThithu? Phawula umahluko okula mazwi: “Zonke izinto zihlanzekile kubantu abahlanzekile. Kodwa kubantu abangcolile nabangenalukholo akukho lutho oluhlanzekile, kodwa kokubili izingqondo zabo nonembeza babo kungcolile.” (Thithu 1:15) Ngokuqinisekile, uPawulu wayengasho ukuthi yonke into ihlanzekile futhi ivumelekile kumKristu onokuziphatha okuhlanzekile. Singaqiniseka ngalokho ngoba uPawulu wayekwenze kwacaca kwenye incwadi ukuthi umuntu ofebayo, okhonza izithombe, osebenzelana nemimoya nowenza nokunye okunjalo ‘ngeke alizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.’ (Galathiya 5:19-21) Ngakho, kumelwe siphethe ngokuthi uPawulu wayesho iqiniso elaziwayo ngezinhlobo ezimbili zabantu, labo abahlanzekile ngokokuziphatha nangokomoya, nalabo abangcolile.
7. AmaHebheru 13:4 anqabela ini, kodwa imuphi umbuzo ongase uphakame?
7 Izinto umKristu oqotho okudingeka azigweme akuzona kuphela lezo iBhayibheli elizenqabela ngokuqondile. Ngokwesibonelo, cabanga ngala mazwi angagudli guma: “Umshado mawuhlonishwe yibo bonke, nombhede womshado ungangcoliswa, ngoba uNkulunkulu uyozahlulela izifebe neziphingi.” (Hebheru 13:4) Ngisho nabantu abangewona amaKristu nalabo abangazi lutho ngeBhayibheli bangaphetha ngokufanele ngokuthi leli vesi liyakwenqabela ukuphinga. Kuleli vesi nakwezinye izindima zeBhayibheli kusobala ukuthi uNkulunkulu uyakulahla ukuba indoda noma owesifazane oshadile ahlanganyele ubulili nomunye umuntu ngaphandle komyeni noma inkosikazi yakhe esemthethweni. Nokho, kuthiwani ngabantu ababili abangashadile abahlanganyela ubulili obenziwa ngomlomo? Intsha eningi ithi lo mkhuba awunangozi ngoba awukhona ukuhlangana ngokobulili. Ingabe umKristu angabheka ubulili obenziwa ngomlomo njengobuhlanzekile?
8. AmaKristu ahluke kanjani kubantu abaningi emhlabeni endabeni yobulili obenziwa ngomlomo?
8 Incwadi yamaHebheru 13:4 neyoku-1 Korinte 6:9 ziqinisekisa ukuthi uNkulunkulu wenqabela kokubili ukuphinga nobufebe (ngesiGreki, i-por·neiʹa). Ubufebe buhlanganisani? Igama lesiGreki lihlanganisa ukusetshenziswa kwezitho zobulili ngendlela engokwemvelo noma ehlanekezelwe ngenjongo yokukhohlakala. Lihlanganisa zonke izinhlobo zobulili ezingemthetho ezenziwa ngaphandle komshado ongokomBhalo. Ngakho, lihlanganisa nobulili obenziwa ngomlomo, naphezu kokuba intsha eningi emhlabeni wonke iye yatshelwa noma yaphetha ngokuthi buyamukeleka. AmaKristu eqiniso awasekeli ukucabanga nezenzo zawo emibonweni yabantu “abakhuluma okungasizi ngalutho, nabakhohlisi.” (Thithu 1:10) Anamathela endinganisweni ephakeme yemiBhalo Engcwele. Kunokuzama ukuthethelela ubulili obenziwa ngomlomo, ayaqonda ukuthi ngokwemiBhalo buwubufebe, i-por·neiʹa, futhi aqeqesha unembeza wawo ukuba ububheke kanjalo.a—IzEnzo 21:25; 1 Korinte 6:18; Efesu 5:3.
Onembeza Abangefani, Izinqumo Ezingefani
9. Uma “zonke izinto zihlanzekile,” uyini umsebenzi kanembeza?
9 Kodwa wayesho ukuthini uPawulu lapho ethi “zonke izinto zihlanzekile kubantu abahlanzekile”? UPawulu wayekhuluma ngamaKristu aye enza ukucabanga nomuzwa wawo wokulungile nokungalungile kwavumelana nezimiso zikaNkulunkulu esizithola eZwini lakhe eliphefumulelwe. Lawo maKristu ayaqaphela ukuthi amanye amaKristu angase angenzi ngendlela efanayo ezintweni iBhayibheli elingazilahli ngokuqondile. Kunokwahlulela abanye, abheka izinto uNkulunkulu angazilahli ‘njengezihlanzekile.’ Awalindeli ukuthi bonke abanye bayocabanga ncamashí ngendlela wona acabanga ngayo ngezici zokuphila iBhayibheli elinganiki siqondiso esiqondile kuzo. Ake sixoxe ngendlela okungenzeka ngayo lokhu.
10. Ukuya emshadweni (noma emngcwabeni) kungaba kanjani inselele?
10 Kunemikhaya eminingi lapho umngane oyedwa womshado eye waba umKristu kodwa kwangaba njalo ngomunye. (1 Petru 3:1; 4:3) Lokhu kungaletha izinselele eziningi, njengalapho kuba nomshado noma umngcwabo wesihlobo. Cabanga ngomfazi ongumKristu onomyeni ongahlanganyeli. Esinye isihlobo sendoda sizoshada futhi inkonzo izoba sesontweni. (Noma isihlobo, mhlawumbe umzali, ushonile, futhi umngcwabo uzoba sesontweni.) Lo mbhangqwana umenyiwe futhi indoda ifuna umkayo ahambe nayo. Unembeza wakhe uthini ngokuya kulo mshado? Uzokwenzenjani? Cabanga ngalezi zinto ezimbili angakhetha ukuzenza.
11. Chaza indlela omunye umfazi ongumKristu angase acabange ngayo lapho enquma ukuthi aye yini emshadweni ozoba sesontweni, futhi angase aphethe ngani?
11 UZodwa ucabanga ngomyalo weBhayibheli ongathí sina, ‘Phumani eBhabhiloni Elikhulu,’ umbuso wezwe wenkolo yamanga. (IsAmbulo 18:2, 4) Wake wasonta kulo leli sonto okuzoshadelwa kulo futhi uyazi ukuthi phakathi nenkonzo bonke abakhona bazocelwa ukuba benze okuthile okuhlobene nenkolo, njengokuthandaza, ukucula noma eminye imicikilisho yenkolo. Uzimisele ukungabi nangxenye kulokho futhi akafuni ngisho nokuba lapho azithole esecindezelwa ukuba aphule ubuqotho bakhe. UZodwa uyamhlonipha umyeni wakhe futhi ufuna ukubambisana naye njengoba eyinhloko yakhe engokomBhalo; kodwa futhi akafuni ukuyekethisa ezimisweni ezingokomBhalo. (IzEnzo 5:29) Ngakho, ngendlela engacunuli, uchazela umyeni wakhe ukuthi ngisho noma umyeni ekhetha ukuya, yena akanakuya. Angase achaze ukuthi uma eya abese enqaba ukuhlanganyela esenzweni esithile, kungase kubangele umyeni amahloni, ngakho ukungayi kwakhe kungase kube yinzuzo kuye umyeni. Leso sinqumo sakhe simshiya enonembeza ohlanzekile.
12. Omunye angase ayicabangele kanjani indaba yesimemo somshado ozoba sesontweni futhi anqume ukwenzani?
12 UDuduzile ubhekana nenkinga ecishe ifane. Uyamhlonipha umyeni wakhe, futhi uzimisele ukuba qotho kuNkulunkulu futhi ulalela unembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli. Ngemva kokucabangela amaphuzu afana nalawo acatshangelwe uZodwa, uDuduzile uyathandaza ahlole amaphuzu avela esihlokweni esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-May 15, 2002. Uyakhumbula ukuthi amaHebheru amathathu awulalela umyalo wokuya lapho kwakuyokhulekelwa khona isithombe, kodwa abugcina ubuqotho bawo ngokungasikhulekeli. (Daniyeli 3:15-18) Unquma ukuhamba nomyeni wakhe kodwa angahlanganyeli kunoma iziphi izinto ezenziwa esontweni, futhi wenza ngokuvumelana nalokho okushiwo unembeza wakhe. Ngendlela engacunuli, kodwa engagwegwesi, uchazela umyeni wakhe lokho unembeza wakhe ozomvumela ukuba akwenze nalokho angenakukwazi ukukwenza. UDuduzile wethemba ukuthi umyeni wakhe uzowubona umehluko phakathi kokukhulekela kweqiniso nokwamanga.—IzEnzo 24:16.
13. Kungani kungafanele kusikhathaze ukuthi amaKristu amabili afinyelela iziphetho ezingefani?
13 Ingabe iqiniso lokuthi amaKristu amabili angase afinyelele iziphetho ezingefani lisikisela ukuthi akunandaba ukuthi umuntu wenzani noma lisikisela ukuthi omunye wabo unonembeza obuthaka? Cha. Ngenxa yalokho akwaziyo ngomculo nangemicikilisho yezinkonzo zasesontweni, uZodwa angase abone ukuthi ukuya kwakhe kungase kube ingozi kuye. Izinto ezenzeka ngaphambili phakathi kwakhe nomyeni wakhe ngokuqondene nenkolo zingase zithonye unembeza wakhe. Ngakho, uyaqiniseka ukuthi wenze isinqumo esimlungele.
14. Yini amaKristu okufanele ayikhumbule ngezindaba eziyisinqumo somuntu siqu?
14 Kodwa ingabe isinqumo sikaDuduzile asihlakaniphile? Akukhona okwethu ukusho. Akekho okufanele amahlulele noma amgxeke ngokukhetha ukuya kuleso senzakalo kodwa angahlanganyeli ezintweni zenkolo ezenziwa lapho. Khumbula iseluleko sikaPawulu ngezinqumo zomuntu siqu endabeni yokudla noma yokungadli ukudla okuthile: “Odlayo makangambukeli phansi ongadli, nongadli makangamahluleli odlayo, . . . [Inceku] ima noma iwe enkosini yayo siqu. Impela iyomiswa, ngoba uJehova angayimisa.” (Roma 14:3, 4) Ngokuqinisekile, akekho umKristu oqotho ongakhuthaza noma ubani ukuba angasinaki isiqondiso sikanembeza wakhe oqeqeshiwe, ngoba ukwenza kanjalo kungasho ukunganaki izwi elingase lisho okuthile okungasindisa ukuphila.
15. Kungani kufanele sibacabangele ngokungathí sina onembeza nemizwa yabanye?
15 Uma siqhubeka nendaba engenhla, kunamanye amaphuzu okungadingeka womabili la maKristu awacabangele, futhi elinye lawo yindlela abanye abazothinteka ngayo. UPawulu waseluleka: “Yenzani lokhu kube yisinqumo senu, ukuba ningabeki isikhubekiso phambi komfowenu noma into engamkhela.” (Roma 14:13) Kungenzeka ukuthi uZodwa uyazi ukuthi izimo ezifanayo ziye zaphazamisa kakhulu ebandleni noma emkhayeni wakhe, futhi akwenzayo kungase kubathinte kakhulu abantwana bakhe. Ngakolunye uhlangothi, kungenzeka ukuthi uDuduzile uyazi ukuthi ukukhetha okufanayo akuzange kuliphazamise ibandla noma umphakathi. Bobabili laba besifazane—nathi sonke—kufanele bazi ukuthi unembeza oqeqeshwe kahle uyayiqaphela indlela abanye abangase bathinteke ngayo. UJesu wathi: “Noma ubani okhubekisa oyedwa kulaba abancane abanokholo kimi, kungcono kakhulu kuye ukuba kugaxwe entanyeni yakhe itshe lokugaya elinjengalelo eliphendulwa yimbongolo, acwiliswe olwandle oluvulekile.” (Mathewu 18:6) Uma umuntu engenandaba nokuthi akwenzayo kungakhubekisa abanye, angase abe nonembeza ongcolile, njengamaKristu athile aseKrethe.
16. Iziphi izinguquko esingazilindela kumKristu ngokuhamba kwesikhathi?
16 Intuthuko yomKristu engokomoya kufanele iqhubeke, njengoba nje nokulalela kwakhe unembeza kufanele kuthuthuke. Ake sicabange ngoThemba osanda kubhapathizwa. Unembeza wakhe umtshela ukuba agweme imikhuba ayeyenza ngaphambili engqubuzana nemiBhalo, mhlawumbe ehlanganisa ukukhonza izithombe noma ukusebenzisa igazi. (IzEnzo 21:25) Eqinisweni, useyacophelela futhi ugwema ngisho nezinto ezingefani ngempela nalezo uNkulunkulu azenqabelayo. Ngakolunye uhlangothi, kuyamdida ukuthi kungani abanye bezenqaba izinto ezithile acabanga ukuthi ziyamukeleka, njengezinhlelo ezithile zethelevishini.
17. Bonisa indlela isikhathi nentuthuko engokomoya okungase kuthonye ngayo unembeza nezinqumo zomKristu.
17 Ngokuhamba kwesikhathi, ulwazi lukaThemba luyakhula futhi usondela kakhudlwana kuNkulunkulu. (Kolose 1:9, 10) Kuba namiphi imiphumela? Izwi elingaphakathi kuye liqeqesheka kakhulu. Manje uThemba usethambekele kakhudlwana ekulaleleni unembeza wakhe nasekucabangeleni izimiso zemiBhalo. Eqinisweni, uyaqaphela ukuthi ezinye izinto ayezigwema “ezingefani ngempela” nalezo uNkulunkulu azenqabelayo, empeleni azingqubuzani nokucabanga kukaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, njengoba eseziqonda kakhudlwana izimiso zeBhayibheli futhi esezimisele ukulalela unembeza wakhe oqeqeshwe kahle, manje uThemba ushukunyiswa unembeza wakhe ukuba agweme izinhlelo ekuqaleni ayenomuzwa wokuthi zamukelekile. Yebo, unembeza wakhe usucwengisisiwe.—IHubo 37:31.
18. Isiphi isizathu esinaso sokujabula?
18 Emabandleni amaningi kunabantu abasemazingeni ahlukahlukene entuthuko engokomoya. Abanye basebasha okholweni. Mhlawumbe kuncane unembeza wabo okushoyo ezindabeni ezithile, kodwa kwezinye ukhuluma kuzwakale. Abantu abanjalo bangase badinge isikhathi nosizo ukuze basilalele ngokwengeziwe isiqondiso sikaJehova nonembeza wabo oqeqeshiwe. (Efesu 4:14, 15) Kuyajabulisa ukuthi kuwo la mabandla cishe kunabaningi abanolwazi olujulile, okuhlangenwe nakho ekusebenziseni izimiso zeBhayibheli nonembeza ovumelana kakhulu nokucabanga kukaNkulunkulu. Yeka indlela okujabulisa ngayo ukuba phakathi ‘kwabantu abahlanzeke’ kanjalo ababheka izinto ezamukelekayo eNkosini ‘njengezihlanzekile’ ngokokuziphatha nangokomoya! (Efesu 5:10) Kwangathi kungaba umgomo wethu sonke ukufinyelela lelo qophelo nokulondoloza unembeza onjalo ngokuvumelana nolwazi olunembile lweqiniso nokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.—Thithu 1:1.
[Umbhalo waphansi]
a INqabayokulinda ka-September 1, 1983, amakhasi 30-1, inamaphuzu angase acatshangelwe aphathelene nemibhangqwana eshadile.
Ungaphendula Kanjani?
• Kungani amaKristu athile eKrethe ayenonembeza abangcolile?
• Kungenzeka kanjani ukuba amaKristu amabili anonembeza abaqeqeshwe kahle enze izinqumo ezingefani?
• Ngokuhamba kwesikhathi, yini okufanele yenzeke konembeza bethu?
[Ibalazwe ekhasini 26]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
ISisili
IGRISI
IKrethe
I-ASIA MINOR
IKhupro
ULWANDLE IMEDITHERA
[Isithombe ekhasini 28]
AmaKristu amabili abhekene nesimo esifanayo angase enze izinqumo ezingefani