UNkulunkulu Uyakukhathalela
UMARY, owesifazane ongumKristu ocela eminyakeni engu-50, uye wahlupheka kakhulu ekuphileni kwakhe. Eminyakeni engaphezu kweyishumi edlule ukuphinga komyeni wakhe kwaholela esahlukanisweni. Ngemva kwalokho, uMary wazikhandla ukuze afeze indima yakhe njengomzali ongayedwa ezinganeni zakhe ezine. Kodwa namanje usenesizungu, futhi ngezinye izikhathi kubonakala sengathi lesi sizungu asibekezeleleki. UMary uyazibuza, ‘Ingabe lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu akangikhathaleli mina noma izingane zami ezingenayise?’
Kungakhathaliseki ukuthi uye wabhekana nosizi olufanayo noma cha, ngokuqinisekile ungazwelana noMary. Sonke sike sakhuthazelela izimo ezivivinyayo, futhi kungenzeka sazibuza ukuthi kanti uJehova uyoze asithathe nini isinyathelo ngenxa yethu futhi kanjani. Okunye kwalokhu okuhlangenwe nakho kubangelwa ngokuqondile ukunamathela kwethu emithethweni kaNkulunkulu. (Mathewu 10:16-18; IzEnzo 5:29) Okunye kubangelwa ukuba kwethu abantu abangaphelele abaphila ezweni elibuswa uSathane. (1 Johane 5:19) Umphostoli uPawulu wabhala: “Yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi iba sezinhlungwini.”—Roma 8:22.
Nokho, iqiniso lokuthi ubhekene novivinyo olunzima alisho ukuthi uJehova ukulahlile noma akanasithakazelo enhlalakahleni yakho. Ungaqiniseka kanjani ngalokhu? Yini ebonisa ukuthi uNkulunkulu uyakukhathalela?
Isibonelo Sasendulo
IBhayibheli linikeza ubufakazi obucacile bokukhathalela kukaJehova abantu ngabanye. Cabangela uDavide. UJehova wayenesithakazelo somuntu siqu kulomalusi osemusha, embheka ‘njengendoda ethandwa inhliziyo yakhe.’ (1 Samuel 13:14, qhathanisa ne-NW.) Kamuva, lapho uDavide ebusa njengenkosi, uJehova wamthembisa: ‘Ngiyoba nawe nomaphi lapho uya khona.’—2 Samuweli 7:9.
Ingabe lokhu kusho ukuthi uDavide wayephila ukuphila “kokuvikeleka ebunzimeni,” okungenazinkinga? Cha, UDavide wabhekana novivinyo olunzima ngaphambi naphakathi nokubusa kwakhe. Iminyaka eminingana ngaphambi kokuba abe inkosi, wayelokhu ezingelwa iNkosi uSawule eyayifuna ukumbulala. Phakathi nalenkathi yokuphila kwakhe, uDavide wabhala: “Umphefumulo wami uphakathi kwezingonyama; . . . abantwana babantu abamazinyo abo ayimikhonto nemicibisholo.”—IHubo 57:4.
Nakuba kunjalo, phakathi nalo lonke lolu sizi uDavide wayeqiniseka ngokukhathalela kukaJehova komuntu siqu. “Ukuzula kwami ukubalile wena,” esho kuJehova emthandazweni. Yebo, kuDavide kwakunjengokungathi uJehova wayekubhale phansi konke lokhu kuhlupheka. Khona-ke uDavide wanezela: “Yitha izinyembezi zami egabheni lakho; azikho encwadini yakho na?”a (IHubo 56:8) Ngalomfanekiso, uDavide wezwakalisa ukuqiniseka ngokuthi uJehova wayengaqapheli nje kuphela isimo kodwa ngisho nethonya laso ngokomzwelo.
Lapho esezofa, uDavide wayengabhala esusela kokuhlangenwe nakho kwakhe siqu: “Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova; uyayithanda indlela yakhe. Noma ekhubeka, akayikuwa phansi, ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe.” (IHubo 37:23, 24) Nawe ungaqiniseka ukuthi ngisho noma uvivinyo lwakho luphikelela futhi luqhubeka, uJehova uyakuqaphela futhi uyakwazisa ukukhuthazela kwakho. UPawulu wabhala: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe, ngoba niye nakhonza abangcwele futhi niyaqhubeka nibakhonza.”—Heberu 6:10.
Ngaphezu kwalokho, uJehova angasithatha isinyathelo ngenxa yakho ngokukunikeza amandla okukhuthazelela noma isiphi isithiyo esibekwa phambi kwakho. “Ziningi izinhlupheko zolungileyo,” kubhala uDavide, “kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.” (IHubo 34:19) Ngempela, iBhayibheli lisitshela ukuthi amehlo kaJehova “aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe-namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye.”—2 IziKronike 16:9.
UJehova Uye Wakudonsa
Ubufakazi obengeziwe bokukhathalela kukaJehova komuntu siqu bungatholakala emazwini kaJesu. “Akekho umuntu ongeza kimi,” esho, “ngaphandle kokuba uBaba ongithumile, emdonsa.” (Johane 6:44) Yebo, uJehova usiza abantu ngabanye ukuba bazisebenzise izinzuzo zomhlatshelo kaKristu. Kanjani? Ngezinga elikhulu, ngomsebenzi wokushumayela ngoMbuso. Yiqiniso, lomsebenzi ‘uwubufakazi ezizweni zonke,’ kodwa ufinyelela abantu ngabanye. Iqiniso lokuthi uyalalela futhi usabele esigijimini sezindaba ezinhle liwubufakazi bokukukhathalela kukaJehova komuntu siqu.—Mathewu 24:14.
Ngomoya ongcwele, uJehova futhi udonsela abantu ngabanye eNdodaneni yakhe nasethembeni lokuphila okungunaphakade. Lokhu kwenza umuntu ngamunye akwazi ukuqonda futhi asebenzise amaqiniso angokomoya naphezu kwanoma ikuphi ukulinganiselwa nokungapheleli okuzuzwe njengefa. Ngempela, umuntu akanakuziqonda izinjongo zikaNkulunkulu ngaphandle kosizo lomoya kaNkulunkulu. (1 Korinte 2:11, 12) Njengoba uPawulu abhalela abaseThesalonika, “ukholo alulona olwabo bonke abantu.” (2 Thesalonika 3:2) UJehova unikeza umoya wakhe kuphela kulabo ababonisa ukuthi bayathanda ukudonswa nguye.
UJehova udonsa abantu ngoba ebathanda njengabantu ngabanye futhi efuna bafinyelele insindiso. Yeka ubufakazi obunamandla bokukhathalela kukaJehova komuntu siqu! UJesu wathi: “Akuyona into efiselekayo kuBaba osezulwini ukuba oyedwa walaba abancane abhubhe.” (Mathewu 18:14) Yebo, emehlweni kaNkulunkulu wonke umuntu ubalulekile njengomuntu ohlukile. Kungakho uPawulu ayengabhala: “Uyonikeza lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe.” (Roma 2:6) Futhi umphostoli uPetru wathi: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu [umuntu ngamunye] omesabayo futhi asebenze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.
Izimangaliso ZikaJesu
Isithakazelo sikaNkulunkulu somuntu siqu kubantu sabonakala ngendlela ethinta inhliziyo ezimangalisweni ezenziwa iNdodana yakhe, uJesu. Lokhu kuphulukisa kwakuhambisana nomuzwa ojulile. (Marku 1:40, 41) Njengoba uJesu ‘engakwazi ukwenza ngisho nento eyodwa ngokusuka kuye siqu, kodwa kuphela lokho abona uYise ekwenza,’ ububele bakhe bunikeza umbono othinta inhliziyo wokukhathalela kukaJehova ngayinye yezinceku zakhe.—Johane 5:19.
Cabangela ukulandisa kwesimangaliso esenziwa uJesu, esilotshwe kuMarku 7:31-37. Lapha uJesu waphulukisa umuntu owayeyisithulu futhi enamalimi. “Wamsusa [lomuntu] esixukwini waya naye ngasese,” kulandisa iBhayibheli. Khona-ke, “ebheka phezulu ezulwini wabubula kakhulu wathi kuye: ‘Efufatha,’ okuwukuthi, ‘Vuleka.’”
Kungani uJesu amsusa esixukwini lomuntu? Cishe umuntu oyisithulu onobunzima bokukhuluma angazinyeza lapho ephambi kwezibukeli. Kungenzeka uJesu wakuphawula ukungakhululeki kwalomuntu futhi yingakho akhetha ukumphulukisa ngasese. “Yonke lendaba,” kuphawula esinye isazi seBhayibheli, “isibonisa ngokukhanya bhá ukuthi uJesu wayengambheki lomuntu njengesiguli nje; wayembheka njengomuntu. Lomuntu wayenesidingo esikhethekile nenkinga ekhethekile, futhi ngokumcabangela okunesisa esikhulu uJesu wasebenzelana naye ngendlela eyayingeke ilimaze imizwa yakhe nangendlela ayengayiqonda.”
Lokhu kulandisa kubonisa ukuthi uJesu wayenokukhathalela komuntu siqu ngabantu. Ungaqiniseka ukuthi unesithakazelo esifanayo nakuwe. Yiqiniso, ukufa kwakhe komhlatshelo kwakuwukubonakaliswa kothando ngalo lonke izwe lesintu esasingase sihlengwe. Nokho, lesi senzo ungasibheka njengesenziwe kuwe siqu, njengoba kwenza uPawulu, owabhala: ‘INdodana kaNkulunkulu yangithanda futhi yazinikela ngenxa yami.’ (Galathiya 2:20) Futhi njengoba uJesu aphawula ukuthi ‘lowo owayebone yena wayebone noYise futhi,’ singaqiniseka ukuthi uJehova unesithakazelo esifanayo ezincekwini zakhe ngazinye.—Johane 14:9.
UJehova Uba UMvuzi
Ukungenisa ulwazi ngoNkulunkulu kuhilela ukwazi isici ngasinye sobuntu bakhe njengoba sembulwe eBhayibhelini. Lona kanye igama elithi Jehova lisho ukuthi “Ubangela Kube Khona,” okusikisela ukuthi uJehova angaba yinoma yini afuna ukuba yiyo ukuze afeze intando yakhe. Kuwo wonke umlando, uye wafeza izindima ezihlukahlukene, kuhlanganise eyokuba uMdali, uBaba, iNkosi EnguMbusi, uMalusi, uJehova wamabutho, uMuzwi wemikhuleko, uMahluleli, uMfundisi Omkhulu, noMhlengi.b
Ukuze siqonde incazelo egcwele yegama likaNkulunkulu, kumelwe futhi simazi uJehova njengoMvuzi. UPawulu wabhala: “Ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa kahle ngoba lowo osondela kuNkulunkulu kumelwe akholelwe ukuthi ukhona nokuthi uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.”—Heberu 11:6.
UJehova uye wathembisa ukuphila okumi phakade epharadesi emhlabeni kulabo namuhla abakhetha ukumkhonza ngenhliziyo yonke. Akubona ubugovu ukubheka phambili ekugcwalisekeni kwaleso sithembiso esimangalisayo, futhi akukhona ukugabadela ukuzicabanga uphila kuleyo ndawo. UMose “wagxilisa amehlo ekukhokhweni komvuzo.” (Heberu 11:26) Ngokufanayo uPawulu wayekulindele ngokulangazela ukugcwaliseka kwesithembiso sikaNkulunkulu kumaKristu agcotshiwe akholekile. Wabhala: “Ngiphishekela emgomweni ukuze ngithole umklomelo wobizo lwaphezulu lukaNkulunkulu ngoKristu Jesu.”—Filipi 3:14.
Nawe ungabheka phambili emvuzweni uJehova awuthembisa labo abakhuthazelayo. Ukulindela lowo mvuzo kuyingxenye eyinhloko yolwazi lwakho ngoNkulunkulu nokukhuthazela kwakho enkonzweni yakhe. Ngakho zindla nsuku zonke ngezibusiso uJehova akugcinele zona. UMary, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uye wenza umzamo okhethekile wokwenza lokhu. “Ngokokuqala ngqá ekuphileni kwami,” esho, “muva nje ngiye ngamukela ukuthi umhlatshelo kaJesu wesihlengo usebenza kimi. Sengiqala ukuba nomuzwa wokuthi uJehova uyangikhathalela njengomuntu. Sekuyiminyaka engaphezu kuka-20 ngingumKristu, kodwa yimá ngiqala ukukukholelwa ngempela lokhu.”
Ngokutadisha nokuzindla ngeBhayibheli okusuka enhliziyweni, uMary, kanye nezigidi zabanye, ufunda ukuthi uJehova uyabakhathalela abantu bakhe, hhayi nje njengeqembu kuphela kodwa futhi nanjengabantu ngabanye. Umphostoli uPetru wayeqiniseka kakhulu ngalokhu kangangokuthi wabhala: ‘Phonsani konke ukukhathazeka kwenu phezu [kukaNkulunkulu], ngoba uyanikhathalela.’ (1 Petru 5:7) Yebo, uNkulunkulu uyakukhathalela!
[Imibhalo yaphansi]
a Igabha laliyisitsha esenziwe ngesikhumba sesilwane esasisetshenziselwa ukuphatha izinto ezinjengamanzi, amafutha, ubisi, iwayini, ibhotela, noshizi. Amagabha asendulo ayehlukahluka kakhulu ngesimo nobukhulu, amanye ayeyizikhwama zesikhumba kuthi amanye abe izitsha ezinentamo encane ezinezivalo.
b Bheka AbAhluleli 11:27; IHubo 23:1; 65:2; 73:28, (NW); 89:26; Isaya 8:13, (NW); 30:20, (NW); 40:28, (NW); 41:14; bheka ne-New World Translation of the Holy Scriptures—With References, Appendix 1J, ikhasi 1568, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Ibhokisi ekhasini 6]
Uvuko—UbuFakazi Bokuthi UNkulunkulu Uyasikhathalela
UBUFAKAZI obuqand’ ikhanda bokuthi uNkulunkulu unesithakazelo kumuntu ngamunye butholakala eBhayibhelini kuJohane 5:28, 29: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo beyozwa khona izwi [likaJesu] futhi baphume.”
Ngokuthakazelisayo, lapha kusetshenziswe igama lesiGreki elithi mne·meiʹon (ithuna eliyisikhumbuzo) esikhundleni selithi taʹphos (ingcwaba). Igama elithi taʹphos limane nje linikeza umqondo wengcwaba. Kodwa elithi mne·meiʹon lisikisela ukuthi umlando womuntu ofile uyakhunjulwa.
Ngokuphathelene nalokhu, ake ucabange nje ngalokho uvuko oluyodinga ukuba uJehova uNkulunkulu akwenze. Ukuze abuyisele umuntu ekuphileni, kufanele azi konke ngalowo muntu—kuhlanganise nezici zakhe zofuzo nenkumbulo yakhe ephelele. Kulapho kuphela lapho lowo muntu engavuswa enguye ngempela.
Yiqiniso, ngokombono womuntu lokhu akunakwenzeka, kodwa “zonke izinto zingenzeka kuNkulunkulu.” (Marku 10:27) Angathola ngisho nokuthi yini esenhliziyweni yomuntu. Ngisho noma sekungamakhulu amaningi eminyaka umuntu afa, inkumbulo kaNkulunkulu ngalowo muntu ayihluleki; ayifiphali. (Jobe 14:13-15) Ngakho ngisho nangemva kwamakhulu eminyaka ngemva kokufa kwabo, lapho ekhuluma ngo-Abrahama, u-Isaka, noJakobe, uJesu wayengase athi uJehova “unguNkulunkulu, wabaphilayo, hhayi owabafileyo, ngoba bonke bayaphila kuye.”—Luka 20:38.
Ngakho, uJehova uNkulunkulu uyikhumbula ngokugcwele imininingwane yezinkulungwane zezigidi eziye zafa. Yeka ubufakazi obumangalisayo bokuthi uNkulunkulu uyabakhathalela abantu ngabanye!
[Izithombe ekhasini 7]
UJesu wayenesithakazelo somuntu siqu kulabo ayebaphulukisa