Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wacabangisisa ngomagazini bamuva beNqabayokulinda? Uma kunjalo, cishe uzokwazi ukukhumbula okulandelayo:
◻ UPawulu walisebenzisa ngamuphi umqondo igama elithi “umlamuleli” lapho ebhekisela kuJesu kweyoku-1 Thimothewu 2:5, 6?
Kulombhalo, uPawulu usebenzisa igama lesiGreki elithi me·siʹtes elisho “umlamuleli,” okuyigama elinencazelo engokomthetho, ngakho leligama akalisebenzisi ngomqondo obanzi ovamile ezilimini eziningi. Ngakho, uPawulu akasho ukuthi uJesu unguMlamuleli phakathi kukaNkulunkulu naso sonke isintu. Kunalokho, ubhekisela kuKristu njengoMlamuleli ongokomthetho wesivumelwano esisha, esabeka isisekelo sokuba abalandeli bakaKristu abagcotshiwe bahlanganyele naye eMbusweni wakhe wasezulwini. (2 Korinte 5:1, 5; Efesu 1:13, 14; Heberu 8:7-13)—8/15, amakhasi 30, 31.
◻ KuMathewu 25:34, uJesu usho ukuthini lapho ethi kwabanjengezimvu: “Nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba”?
UJesu wayengasho ukuthi laba abanjengezimvu bayobusa kanye naye ezulwini. Esikhundleni salokho, izimvu ziyodla ifa lendawo yasemhlabeni yoMbuso ezayilungiselelwa “selokhu kwasekelwa umhlaba” wesintu esihlengwayo. Ngalendlela zingabantwana basemhlabeni ‘bakaYise ongunaphakade,’ iNkosi, uKristu Jesu. (Isaya 9:6, 7)—9/1, ikhasi 20.
◻ Ingabe kuyodingeka ngensali egcotshiwe ukuba iphile emhlabeni ukuze yamukele abathembekile abavusiwe abafa ngaphambi kuka-33 C.E.?
Cha, lokhu ngeke kudingeke. Abaningi besixuku esikhulu abayosinda osizini olukhulu manje bayaqeqeshwa ukuba banakekele umthwalo wemfanelo wokuhlela. Ngakho, bayokwazi ukunakekela lesosimo nokujwayelanisa abavusiwe ‘nomhlaba omusha’ ngaphansi ‘kwamazulu amasha.’ (2 Petru 3:13)—9/1, amakhasi 20, 21.
◻ Yiziphi izinto ezihilelekile ukuze umuntu ‘asindiswe’? (IzEnzo 16:30)
Imfuneko eyinhloko yilena: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa.” (IzEnzo 16:31) Lokhu kuhilela ukungenisa ulwazi oluqondile ngezinjongo zikaNkulunkulu nangendlela yakhe yokusindisa. Khona-ke kumelwe kuboniswe ukholo kuJesu Kristu njengoyiNdlela Eyinhloko yokusindiswa. (Johane 3:16; Thithu 2:14) Lokhu kubeka umKristu esimweni sokusindiswa, kodwa manje kumelwe akhuthazele ekwenzeni intando kaNkulunkulu futhi aqhubeke enamathela kuzo zonke izimfuneko zikaNkulunkulu kukho konke ukuphila kwakhe. Kungalesosikhathi kuphela lapho eyosindiselwa khona ekuphileni okuphakade. (Mathewu 24:13)—9/15, ikhasi 7.
◻ Ukholo lukaNowa lwalilahla kanjani izwe? (Heberu 11:7)
Ukulalela kukaNowa nezenzo zakhe zokulunga kwabonisa ukuthi abanye ngaphandle kwakhe nomkhaya wakhe babengasinda kuZamcolo uma babezimisele ukushintsha indlela yabo yokuphila. Naphezu kokucindezela kwenyama yakhe engaphelele, izwe elalimzungezile, noDeveli, uNowa wabonisa ukuthi kwakungenzeka ukuphila ukuphila okujabulisa uNkulunkulu.—10/1, ikhasi 11.
◻ Kungani kufanele siqaphele ngisho nenhlebo engelutho?
Singase sikhulume amazwi esingaqondile ukulimaza muntu ngawo, kodwa lenhlebo ebonakala imsulwa ingase ibe elimazayo lapho iphindwa, inongwa, noma isontwa, kangangokuba ilimaze idumela lalowo okukhulunywe ngaye, imlahlekisele igama lakhe elihle. (IzAga 20:19)—10/15, ikhasi 13.
◻ Ziyini izinzuzo lapho abangane bomshado beboshelwe ngokufana kwabo?
Indoda nomfazi baba sesimweni sokukhuthazana ngokuqondene nokukhulekela uNkulunkulu wabo. Futhi, bangathembela emiBhalweni ukuze bathole isiqondiso ekuxazululeni ukungezwani kwabo.—11/1, ikhasi 20.
◻ IMiyalo Eyishumi ingasisiza kanjani namuhla?
Yembula umbono kaNkulunkulu ezindabeni futhi isebenza njengezikhumbuzo zesibopho sethu sokuthanda uNkulunkulu nomakhelwane. (Mathewu 22:37-39; 2 Thimothewu 3:16, 17) 11/15, amakhasi 5, 6.
◻ Kungaziphi izikhathi ezintathu uNkulunkulu akhuluma ngazo uJesu nabanye abantu bezwa?
Isikhathi sokuqala kwakuyisikhathi sokubhapathizwa kukaJesu nguJohane uMbhapathizi (Mathewu 3:17); esesibili kwakuyilapho uJesu eguqulwa isimo phambi kukaJakobe, uJohane, noPetru (Mathewu 17:5); futhi esesithathu kwakungoNisan 10, ezinsukwini ezine ngaphambi kokufa kukaJesu, lapho izwi likaNkulunkulu lizwiwa isixuku esasimi ethempelini. (Johane 12:28)—12/1, ikhasi 8.