Zigcine Othandweni LukaNkulunkulu!
“Bathandekayo, . . . zigcineni othandweni lukaNkulunkulu, . . . ninombono wokuphila okuphakade.”—JUDE 20, 21.
1, 2. Ungahlala kanjani othandweni lukaNkulunkulu?
UJEHOVA uthanda isintu kangangokuthi waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuze labo ababonisa ukholo kuyo babe nokuphila okuphakade. (Johane 3:16) Yeka ukuthi kumnandi kanjani ukuthandwa ngaleyo ndlela! Uma uyinceku kaJehova, nakanjani ufuna ukulujabulela phakade lolo thando.
2 Umfundi uJude waveza indlela ongahlala ngayo othandweni lukaNkulunkulu. Wabhala: “Ngokuzakha okholweni lwenu olungcwelengcwele, nangokuthandaza ngomoya ongcwele, zigcineni othandweni lukaNkulunkulu, nibe nilindele isihe seNkosi yethu uJesu Kristu ninombono wokuphila okuphakade.” (Jude 20, 21) Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu nokushumayela izindaba ezinhle kuyakusiza ekuzakheni “okholweni . . . olungcwelengcwele”—izimfundiso zobuKristu. Ukuze uhlale othandweni lukaNkulunkulu, kumelwe uthandaze “ngomoya ongcwele,” noma ushukunyiswa yiwo. Ukuze ubusiswe ngokuphila okuphakade, kumelwe futhi ubonise ukholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu Kristu.—1 Johane 4:10.
3. Kungani abanye bengasebona oFakazi BakaJehova?
3 Abanye ababenalo ukholo abazange bahlale othandweni lukaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi baye bakhetha ukuphishekela inkambo yesono, abasebona oFakazi BakaJehova. Ungakugwema kanjani lokho? Ukuzindla ngamaphuzu alandelayo kungakusiza ukuba ugweme isono, uzigcine othandweni lukaNkulunkulu.
Bonisa Uthando Lwakho NgoNkulunkulu
4. Kubaluleke kangakanani ukulalela uNkulunkulu?
4 Bonisa uthando lwakho ngoNkulunkulu ngokumlalela. (Mathewu 22:37) Umphostoli uJohane wabhala: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.” (1 Johane 5:3) Ukukwenza umkhuba ukulalela uNkulunkulu kungakuqinisa ukuze umelane nezilingo futhi kungakwenza ujabule. Umhubi wathi: “Uyajabula umuntu ongazange ahambe ngeseluleko sababi, . . . kodwa [onjabulo] yakhe isemthethweni kaJehova.”—IHubo 1:1, 2.
5. Uthando ngoJehova luyokushukumisela ukuba wenzeni?
5 Uthando lwakho ngoJehova luyokushukumisela ukuba ugweme ukwenza isono esingathí sina esingaletha isihlamba egameni lakhe. U-Aguri wathandaza: “Unganginiki ubumpofu noma ingcebo. Mangidle ukudla engabelwe kona, ukuze ngingasuthi bese ngikuphika ngithi: ‘Ngubani uJehova?’ futhi ngingabi mpofu bese ngeba ngihlasele igama likaNkulunkulu wami.” (IzAga 30:1, 8, 9) Zimisele ukungalokothi ‘uhlasele igama likaNkulunkulu’ ngokuletha isihlamba kuye. Kunalokho, lwela njalo ukwenza izinto ezilungile eziletha udumo kuye.—IHubo 86:12.
6. Yini engenzeka uma ungase wone ngamabomu?
6 Thandaza njalo kuYihlo osezulwini onothando ucele usizo lokumelana nesilingo sokona. (Mathewu 6:13; Roma 12:12) Qhubeka usebenzisa iseluleko sikaNkulunkulu ukuze imithandazo yakho ingathiyeki. (1 Petru 3:7) Uma ungase wone ngamabomu, kungaba nemiphumela ebuhlungu ngoba uJehova uyayivimba imithandazo yabantu abavukelayo, njengokungathi ngongqimba lwamafu, ukuze ingafiki kuye. (IsiLilo 3:42-44) Ngakho, bonisa umoya wokuthobeka, uthandazele ukuba ungenzi lutho olungathiya imithandazo yakho kuNkulunkulu.—2 Korinte 13:7.
Bonisa Uthando NgeNdodana KaNkulunkulu
7, 8. Ukulalela iseluleko sikaJesu kungamsiza kanjani umuntu ukuba enqabe inkambo yesono?
7 Bonisa uthando ngoJesu Kristu ngokulalela imiyalo yakhe, ngoba lokhu kuyokusiza ukuba wenqabe inkambo yesono. UJesu wathi: “Uma nigcina imiyalo yami, niyohlala othandweni lwami, njengoba nje nami ngiye ngagcina imiyalo kaBaba futhi ngihlala othandweni lwakhe.” (Johane 15:10) Ukulalela amazwi kaJesu kungakusiza kanjani ukuba uhlale othandweni lukaNkulunkulu?
8 Ukulalela amazwi kaJesu kungakusiza ukuba ulondoloze ukuziphatha okuhle. UMthetho kaNkulunkulu ku-Israyeli wathi: “Ungaphingi.” (Eksodusi 20:14) Kodwa uJesu waveza isimiso owawusekelwe kuso lowo myalo ngokuthi: “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.” (Mathewu 5:27, 28) Umphostoli uPetru wathi abanye ebandleni lekhulu lokuqala ‘babenamehlo agcwele ukuphinga’ futhi ‘babehunga imiphefumulo engagxilile.’ (2 Petru 2:14) Nokho, wena ungenza okuhlukile ugweme izono zobulili uma ubathanda futhi ubalalela uNkulunkulu noKristu futhi uzimisele ukulondoloza ubuhlobo bakho nabo.
Vumela Umoya KaJehova Ukuqondise
9. Ngokuqondene nomoya ongcwele, yini engenzeka uma umuntu ephikelela esonweni?
9 Thandazela umoya ongcwele kaNkulunkulu futhi uwuvumele ukuba ukuqondise. (Luka 11:13; Galathiya 5:19-25) Uma ungase uphikelele esonweni, uNkulunkulu angawususa kuwe umoya wakhe. Ngemva kwezono zakhe ezihilela uBhati-sheba, uDavide wancenga uNkulunkulu: “Ungangintshingi ungisuse phambi kobuso bakho; O, umoya wakho ongcwele ungawususi kimi.” (IHubo 51:11) Ngenxa yokuthi iNkosi uSawule yayiyisoni esingaphenduki, yalahlekelwa umoya kaNkulunkulu. USawule wona ngokunikela ngomhlatshelo wokushiswa nangokusindisa imihlambi yezimvu, izimbuzi nezinkomo, kanye nenkosi yama-Amaleki. Ngemva kwalokho, uJehova wawususa umoya wakhe ongcwele kuSawule.—1 Samuweli 13:1-14; 15:1-35; 16:14-23.
10. Kungani kufanele wenqabe kwamcabango nje wokona?
10 Yenqaba kwamcabango nje wokona. Umphostoli uPawulu wabhala: “Uma senza isono ngamabomu ngemva kokuba sesamukele ulwazi olunembile lweqiniso, awusekho umhlatshelo wesono osele.” (Hebheru 10:26-31) Yeka ukuthi kungadabukisa kanjani uma ungaqhubeka wenza isono kuze kufike kulelo zinga!
Bonisa Uthando Lweqiniso Ngabanye
11, 12. Uthando nenhlonipho kuyomnqanda kanjani umuntu ukuba angaziphathi kabi ngokobulili?
11 Uthando ngabanye abantu luyokunqanda ukuba ungaziphathi kabi ngokobulili. (Mathewu 22:39) Lolo thando luyokushukumisela ukuba uqaphe inhliziyo yakho ingakuyengi ukuba wenze umngane womshado womunye umuntu abe nemizwa yothando ngawe. Ukwenza kanjalo kungaholela esonweni sokuphinga. (IzAga 4:23; Jeremiya 4:14; 17:9, 10) Yiba njengoJobe oqotho ongazange azivumele ukuba anake noma imuphi omunye wesifazane ngaphandle komkakhe.—Jobe 31:1.
12 Ukuhlonipha ubungcwele bomshado kungakusiza ukuba ugweme isono esingathí sina. Ngokwenjongo kaNkulunkulu, umshado ohloniphekayo nobuhlobo bobulili kufanele kube yindlela yokuqhubekisela phambili ukuphila. (Genesise 1:26-28) Khumbula ukuthi izitho zobulili zihlobene nokuphila, into engcwele. Izifebe neziphingi azimlaleli uNkulunkulu, zilulaza ubulili, zintula inhlonipho ngobungcwele bomshado futhi zona imizimba yazo. (1 Korinte 6:18) Kodwa uthando ngoNkulunkulu nomakhelwane kanye nokulalela uNkulunkulu kuyomnqanda umuntu ukuba angaziphathi ngendlela engabangela ukuba asuswe ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu.
13. Umuntu oziphatha kabi “ubhubhisa izinto zenani elikhulu” ngamuphi umqondo?
13 Kudingeka siyicindezele imicabango yokona ukuze singazwisi abathandekayo bethu ubuhlungu. IzAga 29:3 zithi: “Ongumngane wezifebe ubhubhisa izinto zenani elikhulu.” Isiphingi esingaphenduki sonakalisa ubuhlobo baso noNkulunkulu futhi sichitha umuzi waso. Umkaso unesizathu sokufaka isehlukaniso. (Mathewu 19:9) Kungakhathaliseki ukuthi yindoda noma yinkosikazi eyonile, ukuchitheka komshado kungabangela ubuhlungu obukhulu kumngane womshado ongenacala, ezinganeni nakwabanye. Awuvumi yini ukuthi ukwazi umonakalo odalwa ukuziphatha okubi kufanele kusishukumisele ukuba simelane naleso silingo?
14. Isiphi isifundo ngokona esitholakala kuzAga 6:30-35?
14 Iqiniso lokuthi akukho lutho olungaba isinxephezelo sokuphinga kufanele lishukumisele umuntu ukuba asigweme lesi senzo sobugovu obukhulu. IzAga 6:30-35 zibonisa ukuthi nakuba abantu bengase balizwele isela eleba ngenxa yokulamba, isiphingi sona basibukela phansi ngoba sinesisusa esibi. ‘Sichitha owaso umphefumulo,’ noma ukuphila. Ngaphansi koMthetho KaMose, sasiyobulawa. (Levitikusi 20:10) Umuntu ophingayo ubangela abanye ubuhlungu ukuze nje anelise inkanuko yakhe, futhi isiphingi esingaphenduki asihlali othandweni lukaNkulunkulu; siyaxoshwa ebandleni lobuKristu elihlanzekile.
Gcina Unembeza Wakho Uhlanzekile
15. Unembeza onjani oshe ‘njengokungathi ushiswe ngensimbi yokubeka uphawu’?
15 Uma sifuna ukuhlala othandweni lukaNkulunkulu, asikwazi ukuvumela onembeza bethu ukuba babe buthuntu lapho sona. Kusobala ukuthi akumelwe samukele izindinganiso zokuziphatha zezwe eziphansi, futhi kudingeka sicophelele ezindabeni ezinjengokukhetha abangane, lokho esikufundayo kanye nokuzijabulisa. UPawulu waxwayisa: “Ezinkathini zakamuva zesikhathi abanye bayokuwa okholweni, benaka amazwi aphefumulelwe adukisayo nezimfundiso zamademoni, ngobuzenzisi babantu abakhuluma amanga, abashe onembeza njengokungathi bashiswe ngensimbi yokubeka uphawu.” (1 Thimothewu 4:1, 2) Unembeza oshe ‘njengokungathi ushiswe ngensimbi yokubeka uphawu’ unjengenyama ebhashuliwe esiyisibazi, engasazweli. Unembeza onjalo awube usasixwayisa ukuba sigweme izihlubuki nezimo ezingasenza siwe okholweni.
16. Kungani kubaluleke kangaka ukuba nonembeza ohlanzekile?
16 Insindiso yethu ixhomeke ekubeni nonembeza ohlanzekile. (1 Petru 3:21) Ngokholo lwethu egazini likaJesu elachitheka, unembeza wethu uye wahlanzwa emisebenzini efile, “ukuze sinikele inkonzo engcwele kuNkulunkulu ophilayo.” (Hebheru 9:13, 14) Uma singase sone ngamabomu, unembeza wethu ungangcola singabe sisaba abantu abahlanzekile, abafanelekela inkonzo kaNkulunkulu. (Thithu 1:15) Kodwa ngosizo lukaJehova, singaba nonembeza ohlanzekile.
Ezinye Izindlela Zokugwema Ukuziphatha Okungafanele
17. ‘Ukulandela uJehova ngokuphelele’ kuzuzisa ngani?
17 “Landela uJehova ngokuphelele,” njengoba kwenza uKalebi wakwa-Israyeli wasendulo. (Duteronomi 1:34-36) Yenza lokho uNkulunkulu akufunayo kuwe, ungakucabangi nakukucabanga ukudla “etafuleni lamademoni.” (1 Korinte 10:21) Yenqabe inkambo yokuhlubuka. Bonisa ukwazisa udle ukudla okungokomoya okutholakala etafuleni likaJehova kuphela. Kanjalo, ngeke udukiswe abafundisi bamanga noma yibandla lomoya ababi. (Efesu 6:12; Jude 3, 4) Gxila ezintweni ezingokomoya, njengokutadisha iBhayibheli, ukuya emihlanganweni nasenkonzweni yasensimini. Nakanjani uyojabula uma ulandela uJehova ngokuphelele futhi ube nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.—1 Korinte 15:58.
18. Ukwesaba uJehova kuyokuthonya kanjani ukuziphatha kwakho?
18 Zimisele ‘ukunikela inkonzo engcwele kuNkulunkulu ngokwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu nangokuthuthumela.’ (Hebheru 12:28) Ukwesaba uJehova ngenhlonipho kuyokushukumisela ukuba wenqabe noma iyiphi inkambo yokunhlanhlatha. Kuyokusiza ukuba uziphathe ngokuvumelana neseluleko sikaPetru kwabagcotshiwe: “Uma nibiza uBaba owahlulela umsebenzi womuntu ngamunye ngokungakhethi, ziphatheni ngokwesaba phakathi nesikhathi sobufokazi.”—1 Petru 1:17.
19. Kungani kufanele ngaso sonke isikhathi usebenzise izinto ozifunda eZwini likaNkulunkulu?
19 Ngaso sonke isikhathi, kusebenzise okufunda eZwini likaNkulunkulu. Lokhu kuyokusiza ukuba ugweme isono esingathí sina ngoba uyoba phakathi ‘kwalabo okuthe ngokusebenzisa amandla abo okuqonda bawenza aqeqeshelwa ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.’ (Hebheru 5:14) Kunokuba ukhulume futhi uziphathe ngokunganaki, qapha ukuze uhambe njengomuntu ohlakaniphile, ‘uzithengisisela ithuba’ kulezi zinsuku ezimbi. ‘Qhubeka uqonda ukuthi iyini intando kaJehova,’ futhi uqhubeke uyenza.—Efesu 5:15-17; 2 Petru 3:17.
20. Kungani kufanele sigweme ukuhaha?
20 Kugweme ngokuphelele ukuhahela izinto zabanye. Omunye weMiyalo Eyishumi uthi: “Ungafisi [“ungahaheli,” New International Version] indlu yomunye umuntu. Ungafisi umfazi womunye umuntu, noma isigqila sakhe noma isigqilakazi sakhe noma inkomo yakhe noma imbongolo yakhe nanoma yini engeyomunye umuntu.” (Eksodusi 20:17) Lo mthetho wawuvikela indlu yomuntu, umkakhe, izinceku, imfuyo nezinye izinto zakhe. Kodwa okubaluleke kakhulu amazwi kaJesu athi ukuhaha, noma ukukhanuka, kuyamngcolisa umuntu.—Marku 7:20-23.
21, 22. Iziphi izinyathelo umKristu angazithatha ukuze agweme ukona?
21 Thatha izinyathelo zokuvimbela isifiso ukuba singaholeli esonweni. Umfundi uJakobe wabhala: “Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa yisifiso sakhe siqu. Khona-ke isifiso, lapho sesakhekile, sizala isono; isono, lapho sesifeziwe, siveza ukufa.” (Jakobe 1:14, 15) Ngokwesibonelo, uma umuntu ayenenkinga yokuphuza, angase anqume ukuba lungabi khona uphuzo oludakayo emzini wakhe. Ukuze agweme isilingo esihilela umuntu wobulili obuhlukile, umKristu kungase kudingeke ashintshe indawo asebenzela kuyo noma umsebenzi uqobo.—IzAga 6:23-28.
22 Ungathathi ngisho nesinyathelo sokuqala esingaholela ekoneni. Ukudlala ngothando nokuhlale ucabanga ngokuziphatha okubi kungaholela ekufebeni noma ekuphingeni. Ukuqamba amanga amancane kungenza umuntu abe nesibindi sokuqamba amanga amakhulu futhi kungaholela emkhubeni oyisono wokuqamba amanga. Ukweba izinto ezincane kungathuntubeza unembeza womuntu aze aqale ukweba izinto ezinkulu. Ngisho nokukulalela kancane nje ukucabanga kwezihlubuki kungaholela umuntu ekubeni yisihlubuki ngokuphelele.—IzAga 11:9; IsAmbulo 21:8.
Kuthiwani Uma Sewonile?
23, 24. Iyiphi induduzo engatholakala kweyesi-2 IziKronike 6:29, 30 nakuzAga 28:13?
23 Bonke abantu abaphelele. (UmShumayeli 7:20) Kodwa uma uye wenza isono esingathí sina, ungathola induduzo emthandazweni weNkosi uSolomoni lapho kunikezelwa ithempeli likaJehova. USolomoni wathandaza kuNkulunkulu: “Kungakhathaliseki ukuthi yimuphi umthandazo, kungakhathaliseki ukuthi yisiphi isicelo somusa esingase senziwe yinoma yimuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u-Israyeli, ngoba yilowo nalowo uyayazi inhlupho yakhe nobuhlungu bakhe; lapho empeleni elulela izintende zezandla zakhe ngakule ndlu, khona-ke kwangathi ungezwa wena usemazulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele futhi unike ngamunye ngokuvumelana nazo zonke izindlela zakhe, ngoba uyayazi inhliziyo yakhe (ngoba nguwe wedwa oyazi kahle inhliziyo yabantwana babantu).”—2 IziKronike 6:29, 30.
24 Yebo, uNkulunkulu uyayazi inhliziyo futhi uyathethelela. IzAga 28:13 zithi: “Omboza izeqo zakhe ngeke aphumelele, kodwa ozivumayo azishiye uyoboniswa isihe.” Uma umuntu ephenduka, avume isono sakhe futhi asiyeke, angathola isihe sikaNkulunkulu. Nokho, uma ungumuntu obuthakathaka ngokomoya, yini enye engakusiza ukuba uhlale othandweni lukaNkulunkulu?
Ungaphendula Kanjani?
• Singazigcina kanjani othandweni lukaNkulunkulu?
• Uthando ngoNkulunkulu noKristu lusisiza kanjani ukuba senqabe inkambo yesono?
• Kungani uthando lwangempela ngabanye lusinqanda ukuba singaziphathi kabi ngokobulili?
• Iziphi ezinye zezindlela zokugwema ukuziphatha okungafanele?
[Isithombe ekhasini 21]
UJude usibonisa indlela yokuzigcina othandweni lukaNkulunkulu
[Isithombe ekhasini 23]
Ukuchitheka komshado kungabangela ubuhlungu obukhulu kumngane womshado ongenacala nasezinganeni
[Isithombe ekhasini 24]
Ingabe uzimisele ‘ukulandela uJehova ngokuphelele’ njengoKalebi?
[Isithombe ekhasini 25]
Thandaza njalo ucele usizo lokumelana nezilingo