Mdumise Ngaso Sonke Isikhathi UJehova
1 Imbalwa imisebenzi ebaluleke kangangokuba idinga ukunaka kwethu kwasikhathi sonke. Phakathi kwayo sihlanganisa ukudla, ukuphefumula, nokulala. Ibalulekile ukuze siqhubeke siphila ngokwenyama. Umphostoli uPawulu wabeka ukushumayela izindaba ezinhle ohlwini olufanayo lapho enxusa: “Masinikeleni ngaso sonke isikhathi kuNkulunkulu umhlatshelo wokudumisa.” (Heb. 13:15) Ngakho, ukudumisa uJehova nakho kudinga sikunake ngaso sonke isikhathi. Kuyinto okufanele sizame ukuyenza usuku ngalunye, simdumise ngaso sonke isikhathi uBaba wethu wasezulwini.
2 Lapho abanye bezama ukudonsela ukunaka kwakhe kwenye indawo, uJesu waphendula: “Kumelwe ngishumayele izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu.” (Luka 4:43) Phakathi nenkonzo yakhe eyathatha iminyaka emithathu nengxenye, yonke into ayeyenza usuku ngalunye yayiphathelene ngandlela-thile nokudumisa uNkulunkulu. Siyazi ukuthi uPawulu wayezizwa ngalendlela, ngenxa yalokho akusho kweyoku-1 Korinte 9:16: “Maye kimi uma ngingazimemezelanga izindaba ezinhle!” Amanye amaKristu athembekile akhuthazwa ukuba ahlale ekulungele ukuvikela ithemba lawo kwabanye. (1 Pet. 3:15) Namuhla amakhulu ezinkulungwane amaphayona ashisekayo kanye nezigidi zabamemezeli bebandla bazama ukulingisa izibonelo ezinjalo ezinhle.
3 Uma sicabanga ngentshiseko yenhliziyo yonke eyabonakaliswa uJesu Kristu, iSibonelo sethu, sishukumiseleka ukuba silandele izinyathelo zakhe ngokuseduze. (1 Pet. 2:21) Ngezinye izikhathi singadumazeka lapho sibhekene nezinkinga zokuphila kwansuku zonke. Singawasebenzisa kanjani ngokunenzuzo nsuku zonke amathuba okudumisa uJehova lapho sinomsebenzi wokuziphilisa wesikhathi esigcwele? Ngeke futhi singazinaki izibopho zomkhaya ezidinga isikhathi sethu esiningi. Intsha eningi imatasa ngemisebenzi edingekayo yesikole yansuku zonke. Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi akunakwenzeka ukudumisa uJehova obala nsuku zonke. Ngezinye izikhathi, abanye kungase kuphele inyanga yonke bengazange ngandlela-thile nje bahlanganyele nabanye abantu izindaba ezinhle.
4 UJeremiya wayengomunye owayengakwazi ukuzibamba. Lapho ayehlulekile isikhashana ukukhuluma ngegama likaJehova, wayezwa umlilo ayengenakuwubekezelela uvutha ngaphakathi kuye. (Jer. 20:9) Ebhekene nalokho okwakubonakala njengokuphikiswa okungaphezu kwamandla, uJeremiya wayeyithola ngaso sonke isikhathi indlela ethile yokukhuluma nabanye ngesigijimi sikaJehova. Ingabe singasilingisa isibonelo sakhe sesibindi futhi siphikelele ekufuneni amathuba okudumisa uMdali wethu usuku ngalunye?
5 Ukukhuluma kwethu ngoJehova akumelwe kuphelele nje ezikhathini ezihleliwe, ezihlelwe kusengaphambili zokufakaza nabanye abamemezeli ensimini yebandla. Esikudingayo nje umuntu ozosilalela. Njalo usuku ngalunye sihlangana nabantu—beza emakhaya ethu, sisebenza nabo, siklela nabo emigqeni yasezitolo, noma sigibela nabo ebhasini. Esikudingayo nje ukubingelela ngomusa bese siphakamisa umbuzo ozoshukumisa ingqondo noma sisho okuthile okuzoqala ingxoxo. Abaningi baye bathola lendlela ingenye yezindlela zabo eziphumelela kakhulu zokufakaza. Lapho sinamathuba amaningi okukhuluma nabanye ngezindaba ezinhle, asinakulokotha siqede inyanga yonke singazange sibunikeze ubufakazi boMbuso. Kubalulekile nokubika inkonzo yethu ngokushesha ekupheleni kwenyanga ngayinye.
6 Ilungelo lokudumisa uJehova ngeke liphele. Njengoba umhubi abonisa, yonke into ephilayo kufanele idumise uJehova, futhi ngokuqinisekile nathi sifuna ukuhlanganiswa. (IHu. 150:6) Uma inhliziyo yethu isishukumisela ukuba sikwenze ngaso sonke isikhathi, siyowasebenzisa ngokunenzuzo nsuku zonke amathuba okukhuluma ngoJehova nangeZwi lakhe.