-
Qaphela Ukuntula UkholoINqabayokulinda—1998 | Julayi 15
-
-
19. Ukungasilaleli iseluleko kungaholela kanjani emiphumeleni emibi kakhulu? Bonisa.
19 Ngakho-ke, isifundo siwukuthi uma siba nomkhuba ‘wokungalilaleli izwi lakhe siqu,’ singasinaki iseluleko esivela kuJehova ngeZwi lakhe nangesigaba sesigqila esikholekile, ngokushesha izinhliziyo zethu zizoba ezingazweli, ezilukhuni. Ngokwesibonelo, umbhangqwana ongashadile ungase wenze isenzo esibonisa ukusondelana ngokweqile. Kuthiwani uma uvele ungakunaki lokho? Ingabe lokho kungawuvikela ukuba ungakuphindi lokho okwenzile, noma kungamane kukwenze kube lula nakakhulu ukuba ukuphinde? Ngokufanayo, lapho isigaba sesigqila sinikeza iseluleko ngesidingo sokukhetha emculweni nasekuzijabuliseni kwethu, nakokunye okunjalo, ingabe sisamukela ngokwazisa futhi senze ushintsho lapho kudingeka khona? UPawulu wasinxusa ukuba “singakuyeki ukubuthana kwethu ndawonye.” (Heberu 10:24, 25) Naphezu kwalesi seluleko, abanye bayithatha kalula imihlangano yamaKristu. Bangase babe nomuzwa wokuthi ukuphuthelwa eminye yayo noma ukungayi nhlobo emihlanganweni ethile imbala akusho lutho.
-
-
Qaphela Ukuntula UkholoINqabayokulinda—1998 | Julayi 15
-
-
“Ningazenzi Lukhuni Izinhliziyo Zenu”
13. Yisiphi isixwayiso uPawulu asinikeza, futhi walisebenzisa kanjani iHubo 95?
13 Ngemva kokucabangela isimo esingcono amaKristu angamaHeberu ayekuso, uPawulu wanikeza lesi sixwayiso: “Njengoba nje umoya ongcwele usho: ‘Namuhla uma nilalela izwi lakhe siqu, ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasesikhathini sokubangela intukuthelo ebabayo, njengasosukwini lokuvivinya ehlane.’” (Heberu 3:7, 8) UPawulu wayecaphuna iHubo 95, futhi yingakho ayengathi ‘kusho umoya ongcwele.’b (IHubo 95:7, 8; Eksodusi 17:1-7) ImiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu ngomoya wakhe ongcwele.—2 Thimothewu 3:16.
14. Asabela kanjani ama-Israyeli kulokho uJehova ayewenzele khona, futhi ngani?
14 Ngemva kokukhululwa ebugqilini eGibithe, ama-Israyeli anikwa ilungelo elikhulu lokuba nobuhlobo besivumelwano noJehova. (Eksodusi 19:4, 5; 24:7, 8) Nokho, kunokuba abonise ukwazisa ngalokho uNkulunkulu ayewenzele khona, ngokushesha avukela. (Numeri 13:25–14:10) Kwakungenzeka kanjani lokho? UPawulu wakhomba isizathu: ukuba lukhuni kwezinhliziyo zawo. Kodwa kwenzeka kanjani ukuba izinhliziyo ezizwa iZwi likaNkulunkulu futhi zisabele kulo zibe lukhuni? Futhi yini okumelwe siyenze ukuze sivimbele lokhu?
15. (a) ‘Izwi likaNkulunkulu siqu’ liye lezwakala kanjani esikhathini esidlule namanje? (b) Yimiphi imibuzo okudingeka sizibuze yona ngokuphathelene ‘nezwi likaNkulunkulu’?
15 UPawulu waqala isixwayiso sakhe ngebinzana eliwumbandela elithi “uma nilalela izwi lakhe siqu.” UNkulunkulu wakhuluma nabantu bakhe esebenzisa uMose nabanye abaprofethi. Khona-ke, uJehova wabe esekhuluma nabo esebenzisa iNdodana yakhe, uJesu Kristu. (Heberu 1:1, 2) Namuhla, sineZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe eliphelele, iBhayibheli Elingcwele. Futhi ‘sinesigqila esikholekile nesiqondayo,’ esimiswe uJesu ukuba sinikeze “ukudla [okungokomoya] ngesikhathi esifanele.” (Mathewu 24:45-47) Ngakho, uNkulunkulu usakhuluma. Kodwa ingabe thina siyalalela? Ngokwesibonelo, sisabela kanjani eselulekweni esimayelana nokugqoka nokuzilungisa noma ukuzijabulisa nomculo esikukhethayo? Ingabe ‘siyalalela,’ okusho ukunaka nokuthobela esikuzwayo? Uma sinomkhuba wokubeka izaba noma ukungasamukeli iseluleko, sizichaya engozini ecashile yokwenza izinhliziyo zethu zibe lukhuni.
16. Iyiphi enye yezindlela izinhliziyo zethu ezingaba lukhuni ngayo?
16 Izinhliziyo zethu zingaba lukhuni futhi uma sicela ukungakwenzi lokho esingakwenza futhi okufanele sikwenze. (Jakobe 4:17) Naphezu kwakho konke uJehova ayekwenzele ama-Israyeli, awalubonisanga ukholo, avukela uMose, akhetha ukukholelwa umbiko omubi ngeKhanani, futhi enqaba ukungena eZweni Lesithembiso. (Numeri 14:1-4)
-
-
Qaphela Ukuntula UkholoINqabayokulinda—1998 | Julayi 15
-
-
b Ngokusobala uPawulu wacaphuna kuyi-Septuagint yesiGreki, ehumusha amagama esiHeberu elisho ‘iMeriba’ nelisho ‘iMasa’ ngokuthi “ukuxabana” nokuthi “ukuvivinya” ngokulandelana kwawo. Bheka amakhasi 350 no-379 eMqulwini 2 we-Insight on the Scriptures, enyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
-