UKristu Wazonda Ukungabi-namthetho—Ingabe Nawe Uyakuzonda?
“Uthandile ukulunga, wazonda [ukungabi-namthetho]; ngalokho-ke uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabafowenu.”—HEBERU 1:9, qhathanisa neNW.
1. Ngaphandle kokuthanda ukulunga, yini enye edingekayo kuzo zonke izinceku zeqiniso zikaJehova uNkulunkulu?
IZINCEKU zeqiniso zikaJehova zimthanda ngayo yonke inhliziyo yazo, umphefumulo, ingqondo, namandla. (Marku 12:30) Zifuna ukwenza inhliziyo kaJehova ithokoze ngokugcina ubuqotho. (IzAga 27:11) Ukuze zenze lokho, akumelwe nje kuphela zithande ukulunga kodwa futhi kumelwe zizonde ukungabi-namthetho. ISibonelo sazo, uJesu Kristu, ngokuqinisekile wakwenza. Ngaye kwathiwa: “Uthandile ukulunga, wazonda ukungabi-namthetho.”—Heberu 1:9, NW.
2. Kuhlanganisani ukungabi-namthetho?
2 Kuyini ukungabi-namthetho? Kuyisono, njengoba umphostoli uJohane abonisa lapho ebhala: “Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho.” (1 Johane 3:4) Umuntu ongenamthetho “akavinjwa noma alawulwe umthetho.” (Webster’s Ninth New Collegiate Dictionary) Ukungabi-namthetho kuhlanganisa konke okubi, okonakele, ukuziphatha okubi, nokungathembekile. Ukuhlola izwe kusibonisa ukuthi ukungabi-namthetho kudlangile namuhla kunanini ngaphambili. Akungabazeki ukuthi siphila ‘ezikhathini ezinzima’ umphostoli uPawulu azibikezela kweyesi-2 Thimothewu 3:1-5. Uma sicabangela konke lokhu kungabi-namthetho, yeka indlela okuhle ngayo ukuthi siyalwa ukuba sizonde bonke ububi! Ngokwesibonelo, siyatshelwa: “Nina enithanda uJehova zondani okubi.” (IHubo 97:10) Ngokufanayo, siyafunda: “Zondani okubi, nithande okuhle.”—Amose 5:15.
Izinhlobo Ezintathu Zenzondo
3-5. Kungaziphi izindlela ezintathu igama elithi “zonda” elisetshenziswe ngazo eZwini likaNkulunkulu?
3 Kusho ukuthini ukuzonda? EZwini likaNkulunkulu, igama elithi “zonda” lisetshenziswa ngezindlela ezintathu ezahlukene. Kunenzondo eshukunyiswa inhliziyo embi efuna ukulimaza lokho ekuzondayo. AmaKristu kumelwe alugweme loluhlobo lwenzondo. Luwuhlobo olwashukumisela uKayini ukuba abulale umfowabo olungile uAbela. (1 Johane 3:12) Lolu futhi uhlobo lwenzondo abaholi benkolo ababenalo ngoJesu Kristu.—Mathewu 26:3, 4.
4 Ngaphezu kwalokho, igama elithi “zonda” lisetshenziswa emiBhalweni ngomqondo wokuthanda kancane. Ngokwesibonelo, uJesu wathi: “Uma umuntu eza kimi engamzondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe, angebe-ngumfundi wami.” (Luka 14:26) Ngokucacile, uJesu wayemane nje esho ukubathanda kancane kunokuba sithanda yena. UJakobe ‘wayemzonda uLeya,’ kodwa empeleni wayemthanda kancane kunoRaheli.—Genesise 29:30, 31.
5 Khona-ke kunencazelo yegama elithi “zonda” okuyiyona esiyikhathalela ngokukhethekile lapha. Inomqondo wokuba nomuzwa ojulile wokwenyanya noma ukuzonda okunamandla umuntu othile noma into kangangokuba sigweme ukuba nobudlelwane nganoma iyiphi indlela nomuntu onjalo noma leyonto. KumaHubo 139 lokhu kukhulunywa ngakho ngokuthi ‘inzondo ephelele.’ Lapho uDavide wathi: “Jehova, angibazondi abakuzondayo na? Anginengwa ngabakuvukelayo na? Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo; bayizitha kimi.”—IHubo 139:21, 22.
Isizathu Esenza Kufaneleke Ukuba Sizonde Ukungabi-namthetho
6, 7. (a) Kungani, ngokuyinhloko, kufanele sikuzonde ukungabi-namthetho? (b) Isiphi isizathu sesibili esinamandla sokuzonda ukungabi-namthetho?
6 Kungani kufanele sizonde ukungabi-namthetho? Esinye isizathu siwukuba sibe nokuzihlonipha nonembeza omuhle. Kungalendlela kuphela esingaba ngayo nobuhlobo obuhle noBaba wethu olungileyo, onothando wasezulwini, uJehova. UDavide wabeka isibonelo esihle kulokhu, njengoba kungabonakala ngokufunda iHubo 26. Ngokwesibonelo, wathi: “Ngiyawuzonda umhlangano wabenza okubi, angihlali nababi.” (IHubo 26:5) Uthando lwethu ngoNkulunkulu nangokulunga kufanele lusishukumisele ukuba sibe nentukuthelo yokulunga—yebo, inzondo—ngakho konke ukungabi-namthetho ngokombono wakhe, kuhlanganise nezenzo zokungabi-namthetho zalabo abangamlaleli futhi abazonda uJehova. Ngaphezu kwalokho, kufanele sikuzonde ukungabi-namthetho ngenxa yesihlamba okusiletha egameni likaNkulunkulu.
7 Esinye isizathu sokuthi kungani abantu bakaJehova kufanele bazonde ukungabi-namthetho siwukuthi kuyingozi kakhulu futhi kuyalimaza. Ukuhlwanyelela inyama, okusho ukuhlwanyela ukungabi-namthetho, kuyoba namuphi umphumela? UPawulu waxwayisa: “Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna. Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama; kepha ohlwanyelela uMoya uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.” (Galathiya 6:7, 8) Ngakho kufanele sifune ukuba singabi nabo kwanhlobo ubudlelwane nokungabi-namthetho. Ngempela, kudingeka sikuzonde konke ukungabi-namthetho ngenxa yenhlala-kahle yethu siqu nokuthula kwengqondo.
Labo Abazonda Ukungabi-namthetho
8. Ubani oye wabeka isibonelo esiyinhloko ekuzondeni ukungabi-namthetho, njengoba kuboniswa yimiphi imibhalo?
8 Ekuzondeni ukungabi-namthetho, uNkulunkulu uzibekela isibonelo esiyinhloko zonke izidalwa ezihlakaniphile. Unenzondo yokulunga ngokungabi-namthetho, futhi iZwi lakhe lithi: “Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova, yebo, eziyisikhombisa eziyizinengiso emphefumulweni wakhe: amehlo azidlayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala, nenhliziyo eceba imicabango emibi, nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini, nofakazi wamanga ophafuza inkohliso, obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane.” Futhi siyafunda: “Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi; ukuzidla, nokuzikhukhumeza, nendlela embi, nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.” (IzAga 6:16-19; 8:13) Ngaphezu kwalokho, siyatshelwa: “Mina-Jehova ngithanda ukulunga, ngizonda ukuphanga kanye nokubi.”—Isaya 61:8.
9, 10. UJesu wakubonisa kanjani ukuthi wayekuzonda ukungabi-namthetho?
9 UJesu Kristu walingisa uYise ekuzondeni ukungabi-namthetho. Ngakho, siyafunda: “Uthandile ukulunga, wazonda [ukungabi-namthetho]; ngalokho-ke uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngaphezu kwabafowenu.” (Heberu 1:9, qhathanisa neNW.) UJesu wasibekela isibonelo kuloluhlobo lwenzondo. Wabonisa ukukuzonda kwakhe ukungabi-namthetho ngokudalula labo ababekwenza ngamabomu—abaholi benkolo yamanga. Ngokuphindaphindiwe, wabalahla ngokuthi bangabazenzisi. (Mathewu, isahluko 23) Ngesinye isikhathi uJesu wabatshela: “Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo.” (Johane 8:44) UJesu wabonisa inzondo yakhe ngokungabi-namthetho kwaze kwaba ngisho nasezingeni lokuba asebenzise amandla angokomzimba, ezenzakalweni ezimbili ehlanza ithempeli ngokuxosha abazenzisi benkolo abahahayo.—Mathewu 21:12, 13; Johane 2:13-17.
10 UJesu futhi wabonisa ukukuzonda kwakhe ukungabi-namthetho nesono ngokuzigcina ekhululeke ngokuphelele kukho. Ngakho-ke, wayengababuza ngokufanele abaphikisi bakhe: “Ngumuphi kini ongangilahla ngesono na?” (Johane 8:46) UJesu ‘wayengcwele, engenacala, engenabala, ehlukanisiwe nezoni.’ (Heberu 7:26) Eqinisekisa lokhu, uPetru wabhala ukuthi uJesu ‘akenzanga isono, akufunyanwanga nankohliso emlonyeni wakhe.’—1 Petru 2:22.
11. Iziphi izibonelo ezingokomBhalo esinazo zabantu abangaphelele abazonda ukungabi-namthetho?
11 Nokho, uJesu wayengumuntu ophelele. Ingabe sinazo izibonelo ezingokomBhalo zabantu abangaphelele ababekuzonda ngempela ukungabi-namthetho? Ngempela sinazo! Ngokwesibonelo, uMose namaLevi ayekanye nawo babonisa inzondo enkulu ngokukhonza izithombe ngokuba babulale abakhonzi bezithombe abacishe babe ngu-3 000 ngokomyalo kaJehova. (Eksodusi 32:27, 28) UFinehasi wabonisa inzondo enkulu ngokungabi-namthetho lapho ebulala izifebe ezimbili ngomkhonto.—Numeri 25:7, 8.
Ukubonisa Inzondo Ngokungabi-namthetho
12. (a) Singayibonisa kanjani inzondo yethu ngokungabi-namthetho? (b) Yiziphi ezinye izindlela ezisebenzayo zokugwema imicabango yokungabi-namthetho?
12 Lapho siza esikhathini sethu, singayibonisa kanjani inzondo yethu ngokungabi-namthetho? Ngokulawula imicabango yethu, amazwi, nezenzo. Kudingeka sihlakulele umkhuba wokucabanga ngezinto ezakhayo lapho izingqondo zethu zingematasa ngomsebenzi othile. Uma kwenzeka siqwasha ebusuku, kungase kube nokuthambekela kokucabanga izinto eziphambene, njengokugxila ekucabangeni ngokucindezeleka noma ukuzitika ngamaphupho angokobulili. Ungalokothi uzivumele izinto ezinjalo, kodwa zijwayeze umkhuba wokucabanga ngezinto ezizuzisayo. Ngokwesibonelo, zama ukukhumbula ngekhanda imibhalo, izinjabulo eziyisishiyagalolunye, kanye nezithelo zomoya eziyisishiyagalolunye. (Mathewu 5:3-12, NW; Galathiya 5:22, 23) Ingabe ungabasho ngamagama abaphostoli abangu-12? Ingabe uyayazi iMithetho Eyishumi? Yimaphi amabandla ayisikhombisa okukhulunywa nawo kusAmbulo? Ukukhumbula ngekhanda izingoma zoMbuso nakho kuyasiza ekugcineni izingqondo zethu zisezintweni eziyiqiniso, ezihloniphekayo, ezilungile, ezimhlophe, ezithandekayo, ezitusekayo, ezinhle, nezibongekayo.—Filipi 4:8.
13. Luhlobo luni lwenkulumo ukuzonda ukungabi-namthetho okuyosibangela ukuba siluzonde?
13 Ngaphezu kwalokho, sibonisa ukuthi siyakuzonda ukungabi-namthetho ngokugwema yonke inkulumo engcolile. Abantu abaningi bezwe bayakujabulela ukuxoxa nokulalela amahlaya angcolile, kodwa amaKristu akumelwe athambekele ngisho nasekuwalaleleni. Kunalokho, kufanele sisuke lapho futhi sigweme ukuhlanganyela kunoma iyiphi ingxoxo eholela ezindinganisweni eziphansi ezinjalo. Uma singakwazi ukusuka, okungenani singabonisa ngesimo sobuso bethu ukuthi siyayizonda inkulumo enjalo. Kudingeka silalele leseluleko esihle: “Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube-ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.” (Efesu 4:29) Akufanele sizingcolise ngokukhuluma izinto ezingcolile noma ngokuzilalela.
14. Isiphi isivikelo inzondo ngokungabi-namthetho eyosinikeza ngokuphathelene nemikhuba engokwebhizinisi kanye nomsebenzi?
14 Inzondo yethu ngokungabi-namthetho kumelwe futhi ibhekiswe nakuyo yonke imikhuba yesono. Ukuzonda ukungabi-namthetho kuyosisiza ukuba sigweme ugibe lokuhlehla kulokhu. AmaKristu eqiniso awasenzi umkhuba isono. (Qhathanisa neyoku-1 Johane 5:18.) Ngokwesibonelo, kumelwe sizonde yonke imikhuba yokungathembeki yezebhizinisi. Namuhla, iningi loFakazi BakaJehova liye lacindezelwa ukuba lenzele abaqashi balo izinto zokungathembeki kodwa liye lenqaba ukwenza kanjalo. AmaKristu aye ngisho azimisela ukulahlekelwa imisebenzi yawo kunokuba enze okuthile okuphikisana nonembeza wawo oqeqeshwe ngeBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, sifuna nokubonisa inzondo yethu ngokungabi-namthetho ngokungayephuli imithetho yomgwaqo nangokuba singakhohlisi lapho kumelwe sikhokhe izintela ezivamile noma ezempahla evela kwamanye amazwe.—IzEnzo 23:1; Heberu 13:18.
Ukuzonda Ukungcola Okungokobulili
15. Ukudala abantu benemizwelo enamandla engokwemvelo yokuhlangana ngokobulili kwafeza ziphi izinjongo ezinhle?
15 NjengamaKristu, kumelwe ngokukhethekile sizonde konke ukungcola okuhilela izindaba ezingokobulili. Ngokudala isintu sinemizwelo enamandla engokwemvelo yokuhlangana ngokobulili, uNkulunkulu wafeza izinjongo ezimbili ezinhle. Wakwenza kwaqiniseka ukuthi uhlanga lwesintu ngeke luphele, futhi wenza ilungiselelo lothando olukhulu eliletha injabulo. Ngisho nabantu abampofu, abangafundile, noma abaswelayo ngandlela-thile bangathola injabulo enkulu ebuhlotsheni bomshado. Nokho, uJehova uye wabeka imingcele lobuhlobo obungajatshulelwa ngaphakathi kwayo. Lemingcele ebekwe ngokwaphezulu kumelwe ihlonishwe.—Genesise 2:24; Heberu 13:4.
16. Kufanele sibe yini isimo sethu sengqondo ngasekuzijabuliseni nemikhuba engcolile ngokobulili?
16 Uma sikuzonda ukungabi-namthetho, siyoyigwema ngokuzimisela yonke imikhuba engcolile ngokobulili nokuzijabulisa okungcolile ngokokuziphatha. Ngakho-ke siyogwema zonke izincwadi ezingabazekayo ngokwezimiso zokuziphatha, omagazini, namaphephandaba. Ngendlela efanayo, uma sikuzonda ukungabi-namthetho, ngeke sibukele noma yimiphi imidlalo ebukwayo engcolile, kungaba kuthelevishini, emabhayisikobho, noma enkundleni yemidlalo. Uma sithola ukuthi uhlelo oluthile lungcolile ngokokuziphatha, kufanele sishukumiseleke ukuba siyicime ngaso lesosikhathi ithelevishini noma kufanele sibe nesibindi sokuyishiya leyonkundla. Ngokufanayo, ukuzonda ukungabi-namthetho kuyosenza siqaphele wonke umculo ovusa inkanuko ngezisho noma ngesigqi sawo. Ngeke sifune ukuba nolwazi lwezindaba ezingcolile ngokokuziphatha kodwa siyoba ‘yizingane ebubini, kepha engqondweni sibe ngabakhulileyo.’—1 Korinte 14:20.
17. Isiphi iseluleko eyabaseKolose 3:5 esinikezayo esingasisiza ukuba sihlale sihlanzekile ngokokuziphatha?
17 Ngokufaneleke kakhulu, siyelulekwa: “Ngakho-ke bulalani amalungu enu asemhlabeni, ubufebe, nokungcola, nokuhuheka.” (Kolose 3:5) Akungabazeki ukuthi kudingeka izinyathelo ezinamandla kithina ukuze sizimisele ukuhlala sihlanzekile ngokokuziphatha. Ngokuphathelene nesenzo sesiGreki esihunyushwe ngokuthi “bulalani” kweyabaseKolose 3:5, iExpositor’s Bible Commentary ithi: “Sisikisela ukuthi akumelwe nje sicindezele noma silawule izenzo ezimbi kanye nezimo zengqondo. Kumelwe siziqothule, siyiqede ngokuphelele indlela endala yokuphila. Ukuthi ‘nqamulani ngokuphelele’ kungaveza amandla aso. . . . Kokubili okushiwo yisenzo kanye namandla enkathi kusikisela isenzo sentshiseko, esibuhlungu sokuzimisela komuntu siqu.” Ngakho-ke kufanele sigweme izithombe ezingcolile njengokungathi ziyisifo esiyingozi, esithathelwanayo, nesibulalayo, ngoba yilokho eziyikho ngokokuziphatha nangokomoya. UKristu waveza umqondo ofanayo lapho ethi sisinqume isandla, unyawo, ngisho neso uma kusenza sikhubeke.—Marku 9:43-48.
Ukuzonda Inkolo Yamanga Nokuhlubuka
18. Singayibonisa kanjani inzondo yethu ngokungabi-namthetho okungokwenkolo?
18 Futhi, njengoba uJesu abonisa inzondo yakhe ngokungabi-namthetho ngokudalula izazi zenkolo ezingabazenzisi, ngakho namuhla oFakazi BakaJehova babonisa inzondo yabo ngakho konke ukungabi-namthetho okungokwenkolo kobuzenzisi. Kanjani? Ngokusakaza izincwadi zeBhayibheli ezidalula lokho iBabiloni Elikhulu eliyikho ngempela, isifebe esingokwenkolo. Uma sibuzonda ngempela ubuzenzisi obungokwenkolo bokungabi-namthetho, ngeke sigwegwese ekudaluleni iBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga. Lokho siyokwenza ngenxa yabantu abanhliziyo-ziqotho labo eliye labaphuphuthekisa futhi labagcina ebugqilini obungokomoya. Ngezinga esikuzonda ngalo ngempela ukungabi-namthetho kweBabiloni Elikhulu, kungalelozinga esiyoshiseka ngalo ekuhlanganyeleni kuzo zonke izici zenkonzo yoMbuso.—Mathewu 15:1-3, 7-9; Thithu 2:13, 14; IsAmbulo 18:1-5.
19. Kufanele sizibheke kanjani izihlubuki, futhi ngani?
19 Isibopho sokuzonda ukungabi-namthetho siyasebenza futhi nakuyo yonke imisebenzi yezihlubuki. Isimo sethu sengqondo ezihlubukini kufanele kube yileso sikaDavide, owathi: “Jehova, angibazondi abakuzondayo na? Anginengwa ngabakuvukelayo na? Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo; bayizitha kimi.” (IHubo 139:21, 22) Izihlubuki zosuku lwanamuhla ziye zazimatanisa ‘nomuntu ongenamthetho,’ abefundisi beLobukholwa. (2 Thesalonika 2:3) Ngakho-ke, njengoFakazi BakaJehova abathembekile, akukho lutho ngokuphelele olusihlanganisa nazo. Njengoba zingaphelele, izinhliziyo zethu kalula nje zingaba nokuthambekela kokugxeka abafowethu. Njengabantu ngabanye, labo ‘benceku ethembekile neqondayo’ bangabantu abangaphelele. (Mathewu 24:45-47) Kodwa lesigaba sithembekile futhi siyaqonda. Izihlubuki zisizakala ngokushiyeka noma ngalokho okubonakala kungamaphutha enziwa abazalwane abaholayo. Ukuphepha kwethu kusekugwemeni inkolelo-ze yezihlubuki njengokungathi iwushevu, lokho empeleni eyikho.—Roma 16:17, 18.
20, 21. Izizathu zokuzonda ukungabi-namthetho zingachazwa kanjani ngamafuphi?
20 Sibonile ukuthi izwe ligcwele ukungabi-namthetho, okufana nesono. Akwanele ngathi ukuthanda ukulunga; kumelwe futhi sikuzonde ukungabi-namthetho. Abanye balabo abaye basuswa ekuhlanganyeleni ebandleni lobuKristu kungenzeka babecabanga ukuthi babekuthanda ukulunga, kodwa babengakuzondi ngokwanele ukungabi-namthetho. Sibonile futhi ukuthi kungani kufanele sizonde ukungabi-namthetho. Ngeke sibe nawo unembeza omuhle kanye nokuzihlonipha uma singakwenzi lokho. Ngaphezu kwalokho, ukungabi-namthetho kusho ukungethembeki kuJehova uNkulunkulu. Futhi ukungabi-namthetho kusibangela ukuba sivune izithelo ezimbi kakhulu—usizi, ukonakala, nokufa.
21 Siphawulile futhi ukuthi sikubonisa kanjani ukuthi siyakuzonda ukungabi-namthetho. Lokho sikwenza ngokungabi nabo kwanhlobo ubudlelwane nanoma yiluphi uhlobo lokungathembeki, ukuziphatha okubi ngokobulili, noma ukuhlubuka. Njengoba sifuna ukuhlanganyela ekulwelweni kukaJehova futhi sifisa ukwenza inhliziyo yakhe ithokoze, akumelwe nje kuphela sithande ukulunga futhi sizigcine simatasa enkonzweni yakhe kodwa futhi kumelwe sizonde ukungabi-namthetho, njengoba kwenza umHoli nomQondisi wethu, uJesu Kristu.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ ImiBhalo ilisebenzisa kanjani igama elithi “zonda”?
◻ Iziphi ezinye izizathu ezinhle ngathi zokuzonda ukungabi-namthetho?
◻ Iziphi izibonelo ezinhle esinazo zalabo abazonda ukungabi-namthetho?
◻ Singayibonisa kanjani inzondo yethu ngokungabi-namthetho?
[Isithombe ekhasini 8]
UJesu wahlanza ithempeli ngoba wayezonda ukungabi-namthetho
[Isithombe ekhasini 10]
Uma sikuzonda ukungabi-namthetho, siyokugwema ukuzijabulisa kokuziphatha okubi ngokobulili