Ukulunga Kubo Bonke Ngomahluleli KaNkulunkulu Omisiwe
“Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana . . . ukuniké iNdodana konke ukwahlulela.”—JOHANE 5:20, 22.
1. Ubhekana kanjani nemibuzo efana naleyo abanye abantu ababebhekene nayo ekhulwini lokuqala leminyaka?
KUBALULEKE kangakanani ukulunga kuwe? Ungakanani umzamo obungawenza ukuze uqiniseke ngokuthola ukulunga kweqiniso nokuthi uphile lapho sekugcwele emhlabeni kabanzi? Okwakho ukucabanga ngaleyomibuzo, njengoba kwenza amanye amadoda nabesifazane abavelele eAthene, eGrisi.
2, 3. (a) Yini eyaholela ukuba uPawulu acele izilaleli zakhe zaseAthene ukuba ziphenduke? (b) Kungani ukuphenduka kwakungazwakala kuyinqaba kulezozilaleli?
2 Bezwa inkulumo engayikulibaleka yomphostoli uPawulu ongumKristu enkantolo edumile yaseAreyophagu. Okokuqala wabonisana nabo ngokuba khona kukaNkulunkulu oyedwa, uMdali, sonke esimkweleta ukuphila kwethu. Lokhu kwaholela esiphethweni esinengqondo sokuthi siyolandisa kuloNkulunkulu. Kuleliqophelo uPawulu wathi: “Ngokuba izikhathi zokungazi [njengokukhulekela kwabantu izithombe] wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke.”—IzEnzo 17:30.
3 Ngokuqondile, ukuphenduka kwakungaba umqondo oshaqisayo kulezozilaleli. Ngani? AmaGreki asendulo ayazi ngokuphenduka ngomqondo wokuzizwa uzisola ngenxa yesenzo noma inkulumo ethile. Nokho, njengoba esinye isichazamazwi sikuveza, leligama “alikaze lisikisele ushintsho kuso sonke isimo sokuziphatha, ushintsho olukhulu endleleni yokuphila, ukuguquka okuthinta konke ukuziphatha.”
4. Ukukhulumela kukaPawulu ngokuphenduka kwakusekelwa yimuphi umqondo ohlakaniphile?
4 Nokho, ngokungangabazeki ungabona ukuthi kungani ukuphenduka okukhulu kangako kufaneleka. Landela indlela kaPawulu yokucabanga. Bonke abantu bakweleta uNkulunkulu ukuphila kwabo, ngakho bonke kumelwe balandise kuye. Khona-ke, kungokufanelekile nokulungile ngoNkulunkulu ukuba alindele ukuba bamfune, bathole ulwazi ngaye. Uma labobantu baseAthene babengazazi izimiso nentando yakhe, babedinga ukuzifunda lezinto bese bephenduka ukuze bavumelanise ukuphila kwabo nazo. Lokhu kwakungeke kuxhomeke ekutheni kulula kangakanani ukwenza kanjalo. Singasibona isizathu salokhu emvuthwandaba kaPawulu onamandla: “Njengokuba umisile usuku azakwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngomuntu ammisele lokho, enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.”—IzEnzo 17:31.
5. Izilaleli zasabela kanjani enkulumweni kaPawulu, futhi ngani?
5 Lelovesi elinengqondo kangaka, eliqinisekisa kangaka, likufanele ukuba silicubungule ngokunakekela, ngoba lakha ithemba lokulunga okuphelele esikhathini sethu. Phawula amazwi athi: “umisile usuku,” ‘uzakwahlulela ngalo izwe,’ “ngokulunga,” “ngomuntu ammisele lokho,” ‘unika bonke ithemba,’ ‘wamvusa kwabafileyo.’ Lawomazwi athi ‘wamvusa kwabafileyo’ abangela ukusabela okunamandla ezilalelini zikaPawulu. Njengoba amavesi 32-34 ebonisa, abanye bahleka usulu. Abanye bamane bayishiya phansi ingxoxo. Nokho, abambalwa baba ngamakholwa aphendukile. Nokho, masihlakaniphe kuneningi lezilaleli zaseAthene, ngoba lokhu kubaluleke kakhulu uma silangazelela ukulunga kweqiniso. Ukuze uthole incazelo egcwele evesini 31, okokuqala bheka amazwi athi: “Umisile . . . azakwahlulela ngalo izwe.” Ngubani lowo, futhi ziyini izindinganiso zakhe, ikakhulukazi ngokuqondene nokulunga?
6. Singafunda kanjani ngaLowo omise usuku lokwahlulela umhlaba?
6 Nokho, izEnzo 17:30 ziyabonisa ukuthi uPawulu wayebhekisele kubani—yena kanye uNkulunkulu otshela bonke ukuba baphenduke, uMniki-kuphila wethu, uMdali. Ngokuvamile, singathola okuningi ngoNkulunkulu emisebenzini yakhe yendalo. Kodwa indinganiso yakhe yokulunga ibonakala ikakhulukazi komunye umthombo, iBhayibheli, eliqukethe umlando wokusebenzelana kwakhe nabantu abanjengoMose nowemithetho kaNkulunkulu kuIsrayeli.
Hlobo Luni Lokwahlulela Nokulunga?
7. UMose unikeza buphi ubufakazi ngokuqondene noJehova nokulunga?
7 Kungenzeka ukuthi uyaqaphela ukuthi emashumini eminyaka uMose wayesebenzelana eduze noJehova uNkulunkulu, kangangokuthi uNkulunkulu wathi wayekhuluma noMose “umlomo nomlomo.” (Numeri 12:8) UMose wayeyazi indlela uJehova ayemphathe ngayo, nendlela uNkulunkulu ayesebenzelane ngayo nabanye abantu nanezizwe zonke. Ngasekupheleni kokuphila kwakhe, uMose wanikeza lencazelo eqinisekisayo: “Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile, uqotho yena.”—Duteronomi 32:4.
8. Kungani kufanele sikuphawule lokho uElihu akusho ngendaba yokulunga?
8 Cabangela futhi ubufakazi bukaElihu, indoda eyaziwa ngokuhlakanipha nangokuqonda kwayo. Ungaqiniseka ngokuthi wayengesiye umuntu owayegijimela eziphethweni. Ngokuphambene, ngesinye isikhathi wahlala isikhathi esingaphezu kwesonto lapho elalele izimpikiswano ezinde ezivela nhlangothi-zombili. Manje, kokuhlangenwe nakho kukaElihu nasekuhloleni kwakhe izindlela zikaNkulunkulu, isiphi isiphetho asifinyelela ngoNkulunkulu? Wathi: “Ngalokho ngizweni nina-bantu abanokuqonda; makube-kude noNkulunkulu ukuba enze okubi, nakuSomandla ukuba enze ukona. Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe, atholise kube-yilowo nalowo njengezindlela zakhe. Impela uNkulunkulu akenzi okubi; uSomandla kahlanekezeli ukwahlulela.”—Jobe 34:10-12.
9, 10. Kungani izindinganiso zikaNkulunkulu kubahluleli abangabantu kufanele zisikhuthaze? (Levitikusi 19:15)
9 Zibuze: Ingabe lokho akukuchazi ngokuphelele lokho esingakuthanda ngomahluleli, ukuba aphathe umuntu ngamunye njengokwezenzo zakhe, noma imisebenzi, ngaphandle kokukhetha noma ukuhlanekezela ukulunga? Uma bekumelwe ubhekane nomahluleli ongumuntu, ubungeke yini uzizwe ukhululekile uma ubenjalo?
10 IBhayibheli libhekisela kuJehova ngokuthi “umahluleli womhlaba wonke.” (Genesise 18:25) Nokho, ngezinye izikhathi wayesebenzisa abahluleli abangabantu. Yini ayeyilindele kubahluleli abangamaIsrayeli ababemmelele? KuDuteronomi 16:19, 20 sifunda iziqondiso zikaNkulunkulu ezifana nokuchazwa komsebenzi owawuzokwenziwa abahluleli: “Awuyikuphendukezela isahlulelo, ungakhethi ubuso bamuntu, ungafunjathiswa isipho, ngokuba isipho siphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo. Uyakulandela ukulunga okuyikho ukuba uphile.” Izithombe zanamuhla ezifanekisela uKulunga zingase zikubonise kuvalwe amehlo ukuze kuboniswe ukungakhethi, kodwa ungabona ukuthi uNkulunkulu wadlulela ngalé kwalokho. Eqinisweni wafuna ukungakhethi okunjalo kubahluleli abangabantu ababezommelela futhi baqikelele ukuba kugcinwe imithetho yakhe.
11. Singafinyelela kusiphi isiphetho ngokubukeza lokhu kwaziswa kweBhayibheli ngokulunga?
11 Lemininingwane ngombono kaNkulunkulu ngokulunga ihlobene ngokuqondile nomvuthwandaba wenkulumo kaPawulu. KuzEnzo 17:31 uPawulu wathi uNkulunkulu “umisile usuku azakwahlulela ngalo izwe ngokulunga.” Yilokho kanye esingakulindela kuNkulunkulu—ukwahlulela ngokulunga, ukulunga, ukungakhethi. Noma kunjalo, abanye abantu bangase bakhathazeke ngoba ngokwevesi 31, uNkulunkulu uyosebenzisa ‘umuntu’ ukuba ahlulele bonke abantu. Ungubani ‘lowomuntu,’ futhi yisiphi isiqiniseko esinaso sokuthi uyobambelela ezindinganisweni zikaJehova eziphakeme zokulunga?
12, 13. Sazi kanjani ukuthi imuphi “umuntu” uNkulunkulu ayomsebenzisa ukuze ahlulele?
12 IzEnzo 17:18 zisitshela ukuthi uPawulu “wayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo.” Ngakho, ekuphetheni kwenkulumo yakhe, izilaleli zazazi ukuthi uPawulu wayesho uJesu Kristu lapho ethi uNkulunkulu ‘uzakwahlulela izwe ngokulunga ngomuntu ammisele lokho, futhi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo.’
13 UJesu wavuma ukuthi uNkulunkulu wayemmisile njengomahluleli ohlangabezana nendinganiso yaphezulu. KuJohane 5:22 wathi: “Ngokuba noYise kahluleli-muntu; ukuniké iNdodana konke ukwahlulela.” Ngemva kokuphawula ngovuko oluzayo lwalabo abasemathuneni okukhunjulwa, uJesu wanezela: “Mina ngingenze-lutho ngokwami; ngahlulela njengalokho engikuzwayo; ukwahlulela kwami kulungile, ngokuba ngingafuni eyami intando kepha intando yongithumileyo.”—Johane 5:30; IHubo 72:2-7.
14. Singalindela impatho enjani kuJesu?
14 Yeka ukuthi lesiqinisekiso sivumelana kahle kanjani nalokho esikufunde kuzEnzo 17:31! Lapho noPawulu wanikeza isiqinisekiso sokuthi iNdodana ‘iyokwahlulela izwe ngokulunga.’ Lokho ngokuqinisekile akusikiseli ukwahlulela okulukhuni, okungenaluzwela, akunjalo? Kunalokho, ukwahlulela ngokulunga kuhilela ukulinganisela ukwahlulela ngomusa nangokuqonda. Masingakukhohlwa lokhu: Nakuba uJesu manje esezulwini, wake waba umuntu. Ngakho angaba nozwela. KumaHeberu 4:15, 16 uPawulu uyakuphawula lokhu lapho echaza uJesu njengompristi omkhulu.
15. UJesu uhluke kanjani kubahluleli abangabantu?
15 Lapho ufunda amaHeberu 4:15, 16, cabanga ngomuzwa wokukhululeka okufanele sibe nawo ngoJesu njengoMahluleli: “Ngokuba asinaye umPristi omkhulu [nomahluleli] ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono. Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.” Ezinkantolo namuhla, ngokuvamile kuyesabisa ukubizelwa phambi kukaMahluleli. Kodwa, endabeni kaKristu njengoMahluleli, ‘singasondela ngesibindi ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.’ Nokho, ngokuqondene nesikhathi, unesizathu esihle sokubuza, ‘UJesu uyosahlulela nini isintu ngokulunga?’
“Usuku” Lokwahlulela—Nini?
16, 17. Sazi kanjani ukuthi ukwahlulela okwenziwa ezulwini kuyaqhubeka manje?
16 Khumbula ukuthi uPawulu wathi uNkulunkulu “umisile usuku” lokwahlulela izwe ngoMahluleli waKhe omisiwe. Elindele ‘lolusuku’ lokwahlulela, uJesu wenza umsebenzi obalulekile wokwahlulela namuhla, yebo, njengamanje. Kungani singasho lokho? Ngaphambi nje kokuba aboshwe futhi agwetshelwe ukufa ngokungafanele, uJesu wanikeza isiprofetho esingokomlando esihilela usuku lwethu. Sisithola kuMathewu isahluko 24. UJesu wachaza izenzakalo zezwe ezaziyophawula inkathi ebizwa ngokuthi “ukuphela kwezwe.” Izimpi, ukuntuleka kokudla, ukuzamazama komhlaba, nezinye izimo eziwusizi eziye zenzeka emhlabeni kabanzi kusukela eMpini Yezwe I zifakazela ukuthi isiprofetho sikaJesu manje siyagcwaliseka nokuthi ngokushesha ‘ukuphela kuzofika.’ (Mathewu 24:3-14) Emashumini eminyaka oFakazi BakaJehova bebechaza lokhu ngokusuka eBhayibhelini. Uma ungathanda ukwazi ubufakazi obengeziwe ngokuqondene nokuthi kungani sazi ukuthi sisezinsukwini zokugcina zalesimiso esingalungile, oFakazi BakaJehova bangakunikeza bona.
17 Nokho, hlolisisa ingxenye yokugcina kaMathewu isahluko 25, eyingxenye yesiprofetho sikaJesu ngezinsuku zokugcina. UMathewu 25:31, 32 usebenza esikhathini sethu: “Kepha nxa iNdodana yomuntu iza ngenkazimulo yayo nezingelosi zonke ezingcwele kanye nayo, khona izakuhlala esihlalweni sayo senkazimulo [ezulwini]; kuzakubuthelwa phambi kwayo izizwe zonke, ibahlukanise abanye kwabanye, njengomalusi ahlukanisa izimvu nezimbuzi.” Manje bheka ezansi lapho uJesu ekhuluma khona ngomphumela womsebenzi wakhe wokwahlukanisa, noma wokwahlulela. Ivesi 46: “Laba [abantu abahlulela ngokuthi banjengezimbuzi] bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade, kodwa abalungileyo [izimvu] baye ekuphileni okuphakade.”
18. Kuyoholelaphi ukwahlulela okwenzeka esikhathini sethu?
18 Ngakho siphila esikhathini esibucayi sokwahlulela. Labo ‘abafuna uNkulunkulu futhi bamfumane ngempela’ namuhla bayakwahlulelwa ‘njengezimvu’ ezisohlwini lokusinda ekupheleni kwesimiso samanje futhi bangene ezweni elisha eliyolandela. Khona-ke eyesi-2 Petru 3:13 iyogcwaliseka: “Kepha siyalindela ngesithembiso sakhe amazulu amasha nomhlaba omusha okukhona kuwo ukulunga.” Lolu kuyoba “usuku” lapho amazwi kaPawulu kuzEnzo 17:31 eyosebenza khona ngokugcwele, isikhathi sokuba umhlaba wahlulelwe ngokulunga.
19, 20. Obani abayothintwa uSuku Lokwahlulela oluzayo?
19 LoloSuku Lokwahlulela luyohlanganisa okungaphezulu kakhulu ‘kwezimvu’ ezisindile, eziyobe sezahlulelwe kakade njengezifanelekela ukungena ezweni elisha. Khumbula ukuthi ngemva kokusho ukuthi uYise ukunikeze yena ukwahlulela, uJesu wakhuluma ngovuko oluzayo. Futhi, kuzEnzo 10:42, umphostoli uPetru wathi uJesu Kristu “nguye omiswe nguNkulunkulu ukuba abe-nguMahluleli wabaphilayo nabafileyo.”
20 Ngakho-ke, ‘lolusuku olumisiwe’ olushiwo kuzEnzo 17:31 lapho uNkulunkulu ngoJesu Kristu ‘eyokwahlulela izwe ngokulunga’ luyoba isikhathi sokuba abafile bavuswe. Yeka injabulo okuyoba yiyo ukubona amandla aphezulu esetshenziswa ukuze kunqotshwe ukufa, ukukhishwa kwakho njengesijeziso ngokuvamile okuye kwaba ukungalungi okukhulu kunakho konke. Abanye abantu, njengoJesu ngokwakhe, baye babulawa ngokungafanele ohulumeni noma amabutho ahlaselayo. Abanye baye balahlekelwa ukuphila kwabo ngenxa yezehlakalo ezingalindelekile njengeziphepho, ukuzamazama komhlaba, imililo ethungeleka ngengozi, nezinhlekelele ezinjalo.—UmShumayeli 9:11.
Ukungalungi Okudlule Kuxazululiwe
21. Ukungalungi kwesikhathi esidlule kuyonqotshwa kanjani emhlabeni omusha?
21 Cabanga sesikwazi ukubona abathandekayo bethu bebuyiselwe ekuphileni! Ngaleyondlela abaningi bayoba nethuba labo lokuqala ‘lokufuna uNkulunkulu futhi bamfumane ngempela’ futhi bayobe sebeba ‘nokuphila okuphakade’ phambi kwabo okungaba umvuzo ‘wezimvu.’ Abanye abavusiwe, kanye nabasinde kulesimiso esingalungile, baye baba izisulu zalokho okubonakala kuwukungalungi njengokukhubazeka umuntu azalwa nakho, ubumpumputhe, ubuthulu, noma izinkinga zokukhuluma. Ingabe izinto ezinjalo ziyoba nendawo ‘emhlabeni omusha okuyoba khona kuwo ukulunga’? UJehova wasebenzisa uIsaya ukuba asho iziprofetho ezihlukahlukene eziyoba nokugcwaliseka okukhulu okungokoqobo ngoSuku Lokwahlulela oluzayo. Phawula lokho esingakulindela: “Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba.”—Isaya 35:5, 6.
22. Kungani uIsaya isahluko 65 ekhuthaza kangaka ngokuqondene nokulunga?
22 Kuthiwani ngokunye ukungalungi manje okubangela usizi olukhulu kangaka? UIsaya isahluko 65 uqukethe izimpendulo ezikhuthaza ngokujabulisayo. Ukuqhathanisa uIsaya 65:17 neyesi-2 Petru 3:13 kubonisa ukuthi nalesahluko sikhomba esikhathini ‘samazulu amasha nomhlaba omusha,’ isimiso esisha sokulunga. Noma kunjalo, yini eyovimbela abambalwa ababi ukuba bangakoni ukuthula nokulunga? Phambili kancane, uIsaya 65 uxazulula lokho okungase kubonakale kuyinkinga.
23. USuku Lokwahlulela luyoba namuphi umphumela kwabanye abantu?
23 Phakathi naloluSuku Lokwahlulela oluqhubekayo, uJesu uyoqhubeka nomsebenzi wakhe wokwahlulela abantu ngabanye ukuthi bayakufanelekela yini ukuphila okuphakade. Abanye ngeke bakufanelekele. Ngemva kokuba benikwe isikhathi esanele, mhlawumbe ngisho ‘neminyaka eyikhulu,’ ukuba bafune uNkulunkulu, abanye bayobonisa ukuthi abafuni ukwenza ukulunga. Ngokufanelekile bayolahlekelwa ukuphila kulelozwe elisha, njengoba singabona kuIsaya 65:20: “Isoni siqalekiswe sineminyaka eyikhulu.” Abanjalo abayokwahlulelwa njengabangakufanelekele ukuphila bayoba bancane. Sinazo zonke izizathu zokulindela ukuthi thina—kanye nabanye abaningi—siyokujabulela ukufunda nokwenza ukulunga.—Isaya 26:9.
24. Siyoba yini isimo ngokuqondene nokungalungi okungokwezomnotho?
24 Ingabe lokho kusho ukuthi ngeke kube khona ukungalungi okuqhubekayo, ngisho nokungalungi okungokwezomnotho? Ngokuqinisekile! UIsaya 65:21-23 ubhekisela kuleloqiniso: “Bayakwakha izindlu, bahlale kuzo; bayakutshala izivini, badle izithelo zazo. Abayikwakha, kuhlale omunye; abayikutshala, kudle omunye, ngokuba izinsuku zabantu bami ziyakuba-njengezinsuku zomuthi, nomsebenzi wezandla zabakhethiweyo bami uyakugugela kubo. Abayikushikashikela ize, bazalele izinhlupheko, ngokuba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nabantwana babo bayakuba-nabo.” Yeka ushintsho esimweni sanamuhla! Yeka isibusiso!
25. Liyini ithemba lakho nokuzimisela mayelana nokulunga okuvela kuMahluleli kaNkulunkulu omisiwe?
25 Ngakho, bonke abalangazelela ukulunga okuhlala njalo bangama isibindi. Kuyofika ngokuqinisekile—masinyane. Manje, phakathi nalesikhathi esincane esisele kulesikhathi sokwahlulela, yisikhathi sokuhlanganyela noFakazi BakaJehova ekufuneni uNkulunkulu nokumthola ngempela, okunezinzuzo zaphakade.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Sinabuphi ubufakazi ngokuphathelene nendinganiso kaNkulunkulu yokulunga?
◻ UJesu uyohileleka kanjani oSukwini Lokwahlulela oluzayo?
◻ Kungani isikhathi sethu siyisikhathi esibucayi ngokuphathelene nokwahlulela kwaphezulu?
◻ Ukungalungi kwesikhathi esidlule kuyolungiswa kanjani ezweni elisha?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 15]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.