Vuselelani Uthando Nemisebenzi Emihle—Kanjani?
“Masicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle, . . . sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.”—HEBERU 10:24, 25.
1, 2. (a) Kungani kwakubalulekile ukuba amaKristu okuqala athole induduzo nesikhuthazo ekuhlanganeni kwawo ndawonye? (b) Isiphi iseluleko sikaPawulu esagcizelela isidingo sokuhlangana ndawonye?
BABEHLANGENE ngasese, bebuthene ndawonye endlini eyayihluthulelwe. Ngaphandle, ingozi yayibaqamekele nxazonke. UMholi wabo, uJesu, wayesanda kubulawa obala, futhi wayexwayise abalandeli bakhe ngokuthi babezophathwa ngendlela efanayo naleyo ayephathwe ngayo. (Johane 15:20; 20:19) Kodwa njengoba babekhulumela phansi ngoJesu wabo othandekayo, kumelwe ukuba okungenani babezizwa belondekile ngokuba ndawonye.
2 Njengoba kwakuqhubeka iminyaka, amaKristu abhekana nazo zonke izinhlobo zezilingo nokushushiswa. Njengalabo bafundi bokuqala, athola induduzo nesikhuthazo ngokuhlangana ndawonye. Ngakho, umphostoli uPawulu wabhala kumaHeberu 10:24, 25: “Masicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle, singakuyeki ukubuthana kwethu ndawonye, njengoba abanye benaleyonkambiso, kodwa sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.”
3. Kungani ungase uthi amaHeberu 10:24, 25 angaphezu nje kokuba umyalo wokuba amaKristu ahlangane ndawonye?
3 Lawomazwi angaphezulu kakhulu kokuba umyalo nje wokuba siqhubeke sihlangana ndawonye. Anikeza indinganiso ephefumulelwe ngokwaphezulu yayo yonke imihlangano yamaKristu—futhi empeleni, nganoma isiphi isikhathi lapho amaKristu ehlangana ndawonye. Namuhla, kunanini ngaphambili, lapho silubona ngokucacile usuku lukaJehova lusondela, ukucindezela nezingozi zalesisimiso esibi kwenza kube into edingekile ukuba imihlangano yethu ibe njengendawo yokukhosela, umthombo wamandla nesikhuthazo ngabo bonke. Yini esingayenza ukuze siqinisekise lokhu? Nokho, ake sihlole amazwi kaPawulu ngokucophelela, ngokubuza imibuzo emithathu eyinhloko: Kusho ukuthini ‘ukucabangelana’? Kusho ukuthini ‘ukuvuselelana othandweni nasemisebenzini emihle’? Okokugcina, ‘singakhuthazana’ kanjani kulezizikhathi ezinzima?
‘Cabangelanani’
4. Kusho ukuthini ‘ukucabangelana’?
4 Lapho uPawulu enxusa amaKristu ukuba ‘acabangelane,’ wasebenzisa isenzo sesiGreki esithi ka·ta·no·eʹo, indlela enamandla yegama elivamile elithi “ukuqonda.” I-Theological Dictionary of the New Testament ithi sisho “ukuqondisa yonke ingqondo yomuntu entweni ethile.” NgokukaW. E. Vine, singasho futhi “ukuqonda ngokugcwele, ukucabangelisisa.” Ngakho lapho amaKristu ‘ecabangelana,’ awaboni ingaphandle nje kuphela kodwa asebenzisa wonke amandla awo engqondo futhi azame ukubona ngokujulile.—Qhathanisa namaHeberu 3:1.
5. Iziphi izici ezithile zomuntu ezingase zingabonakali, futhi kungani kufanele sizicabangele lezizici?
5 Kudingeka sikhumbule ukuthi kunokwengeziwe kumuntu kunalokho okungase kwembulwe ukubheka nje ukubukeka kwakhe kwangaphandle, imisebenzi, noma ubuntu. (1 Samuweli 16:7) Ngokuvamile ukuzotha kwangaphandle kusitha imizwa ejulile noma isimo esijabulisayo sokuba namahlaya. Ngaphezu kwalokho, izizinda nazo zihlukahluka kakhulu. Abanye baye badlula osizini olwesabekayo ekuphileni kwabo; abanye njengamanje bakhuthazelela izimo ebesiyokuthola kunzima ukucabanga ngazo. Yeka ukuthi kwenzeka kaningi kangakanani ukuba ukucasukela kwethu isici esithile esingajwayelekile kumzalwane noma kudade kuphele lapho sithola okwengeziwe ngesizinda salowomuntu noma izimo.—IzAga 19:11.
6. Iziphi ezinye izindlela esingase sazane ngazo kangcono, futhi kungaba namiphi imiphumela emihle?
6 Yiqiniso, lokhu akusho ukuthi kufanele sithungathe izindaba zomuntu siqu singamenyiwe. (1 Thesalonika 4:11) Nakuba kunjalo, ngokuqinisekile singasibonisa isithakazelo somuntu siqu komunye nomunye. Lokhu kuhilela okungaphezu nje kokubingelela eHholo LoMbuso. Kungani ungakhethi othile ongathanda ukumazi kangcono futhi uzimisele ukusebenzisa imizuzu embalwa nixoxa ngaphambi noma ngemva komhlangano? Okungcono ngisho nangokwengeziwe, ‘landela inkambo yokungenisa izihambi’ ngokumemela umngane oyedwa noma ababili ekhaya lakho ukuze nijabulele ukudla okulula. (Roma 12:13) Bonisa isithakazelo. Lalela. Ukubuza nje ukuthi kwenzeka kanjani ukuba lowomuntu azi futhi athande uJehova kungembula okuningi. Nokho, usengafunda okwengeziwe ngokuba nisebenze ndawonye enkonzweni yendlu ngendlu. Ukucabangelana ngalezozindlela kuyosisiza ukuba sakhe ukuzwelana kwangempela, noma ububele.—Filipi 2:4; 1 Petru 3:8.
‘Vuselelanani’
7. (a) Ukufundisa kukaJesu kwabathinta kanjani abantu? (b) Yini eyenza ukuba ukufundisa kwakhe kube namandla kangaka?
7 Lapho sicabangelana, sikulungela kangcono ukuvuselelana, ukunxusana ukuba sithathe isinyathelo. Abadala abangamaKristu ikakhulukazi bafeza indima eyinhloko kulokhu. Ngokuphathelene nesikhathi lapho uJesu ekhulumé obala, siyafunda: “Umphumela waba ukuthi izixuku zakhexa ngendlela yakhe yokufundisa.” (Mathewu 7:28) Ngesinye isikhathi ngisho namasosha ayethunywe ukuba ambophe abuya ethi: “Akukaze kukhulume omunye umuntu kanje.” (Johane 7:46) Yini eyenza ukuba ukufundisa kukaJesu kube namandla kangaka? Ukubonakaliswa kwentshiseko engokomzwelo? Cha; uJesu wayekhuluma ngesizotha. Nokho, ngaso sonke isikhathi wayejonge ukufinyelela izinhliziyo zezilaleli zakhe. Ngenxa yokuthi wayebacabangela abantu, wayeyazi kahle indlela yokubashukumisa. Wayesebenzisa imifanekiso ecacile, elula, eyayibonisa amaqiniso okuphila kwansuku zonke. (Mathewu 13:34) Ngokufanayo, labo abafeza izabelo emihlanganweni yethu kufanele balingise uJesu ngokunikeza izinkulumo ezifudumele, ezivuth’ uphondo ezishukumisayo. NjengoJesu, singazikhandla ekufuneni imifanekiso efanela izilaleli zethu futhi sifinyelele izinhliziyo zazo.
8. UJesu wavuselela kanjani ngesibonelo, futhi singamlingisa kanjani kulokhu?
8 Ekukhonzeni uNkulunkulu wethu, sonke singavuselelana ngesibonelo. UJesu ngokuqinisekile wazivuselela izilaleli zakhe. Wayewuthanda umsebenzi wenkonzo yobuKristu futhi waphakamisa inkonzo. Wathi yayifana nokudla kwakhe. (Johane 4:34; Roma 11:13) Intshiseko enjalo ingathelelana. Ingabe nawe ngokufanayo ungayenza injabulo yakho enkonzweni ibe sobala? Nakuba ngokucophelela ugwema ukukhuluma ngendlela yokuzazisa, hlanganyela okuhlangenwe nakho kwakho okuhle nabanye ebandleni. Lapho umema abanye ukuba basebenze nawe, bona ukuthi ungabasiza yini bathole injabulo yangempela ekukhulumeni nabanye ngoMdali wethu Omuhle, uJehova.—IzAga 25:25.
9. (a) Iziphi ezinye izindlela zokuvuselela abanye esiyofuna ukuzigwema, futhi ngani? (b) Yini okufanele isishukumisele ukuba sizinikele enkonzweni kaJehova?
9 Nokho, qaphela ukuba ungabavuseleli abanye ngendlela engafanele. Ngokwesibonelo, singase ngokungaqondile sibenze bazizwe benecala ngokungenzi okwengeziwe. Singahlosile singase sibenze bazizwe benamahloni ngokubaqhathanisa kabi nabanye ababonakala beshiseka kakhulu, noma singase simise ngisho nezindinganiso eziqinile futhi sibalulaze labo abangazifinyeleli. Noma iyiphi yalezizindlela ingase ishukumisele abanye esenzweni okwesikhashana, kodwa uPawulu akazange abhale ukuthi, ‘Vuselelani umuzwa wecala nemisebenzi emihle.’ Cha, kumelwe sivuselele uthando, khona-ke imisebenzi iyolandela ngenxa yesisusa esihle. Akekho okufanele ashukunyiswe ngokuyinhloko ukucabangela lokho abanye ebandleni abayokucabanga ngaye uma engahlangabezani kahle nalokho okulindelekile.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 9:6, 7.
10. Kungani kufanele sikhumbule ukuthi asiwona amakhosi phezu kokholo lwabanye?
10 Ukuvuselelana akusho ukulawulana. Nakuba ayenalo lonke igunya ayelinikezwe uNkulunkulu, umphostoli uPawulu ngokuthobeka wakhumbuza ibandla laseKorinte: ‘Asiwona amakhosi phezu kokholo lwenu.’ (2 Korinte 1:24) Uma njengaye siqaphela ukuthi akuwona umsebenzi wethu ukunquma ukuthi kungakanani abanye okufanele bakwenze enkonzweni kaJehova, noma ukulawula onembeza babo kwezinye izinqumo zomuntu siqu, siyogwema ukuba ‘abalunge ngokwedlulele,’ abangajabuli, abalukhuni, abanombono ophambene, noma abathambekele ekubuseni abanye. (UmShumayeli 7:16) Izimfanelo ezinjalo azivuseleli; ziyacindezela.
11. Yini eyashukumisela ukunikelwa kweminikelo ezinsukwini zokwakhiwa kwetabernakele lakwa-Israyeli, futhi lokhu kungaba kanjani iqiniso osukwini lwethu?
11 Sifuna ukuthi yonke imizamo enkonzweni kaJehova yenziwe ngomoya ofana nalowo owawukhona ku-Israyeli wasendulo lapho kwakudingeka iminikelo yokwakhiwa kwetabernakele. U-Eksodusi 35:21 ufundeka kanje: “Bafika, kwaba-yilowo nalowo owavuswa yinhliziyo yakhe nowaqhutshwa ngumoya wakhe, baletha umnikelo kaJehova ube-ngowomsebenzi.” Abazange baphoqelelwe amandla athile angaphandle, kodwa bashukunyiswa ngaphakathi enhliziyweni. Eqinisweni, isiHeberu lapha ngokwezwi nezwi sifundeka ngokuthi “bonke labo ababephakanyiswe izinhliziyo zabo” baphana ngezipho ezinjalo. (Omalukeke sizenzele.) Ngaphezu kwalokho, masizame ukuphakamisana izinhliziyo lapho sindawonye. Umoya kaJehova usungenza okwengeziwe.
‘Khuthazanani’
12. (a) Iziphi ezinye izincazelo zegama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “khuthaza”? (b) Abangane bakaJobe bahluleka kanjani ukumkhuthaza? (c) Kungani kufanele sigweme ukwahlulelana?
12 Lapho uPawulu ebhala ukuthi kufanele “sikhuthazane,” wasebenzisa isimo segama lesiGreki elithi pa·ra·ka·leʹo, esingase sisho futhi ‘ukuqinisa, ukududuza.’ Enguqulweni yesiGreki i-Septuagint, leligama elifanayo lasetshenziswa kuJobe 29:25, lapho uJobe achazwa khona njengomuntu oduduza abalilayo. Ngokuphambene, lapho uJobe ngokwakhe engaphansi kovivinyo olunzima, akazange asithole isikhuthazo esinjalo. “Abaduduzi” bakhe abathathu babematasa kakhulu bemshumayeza futhi bemsola kangangokuba bahluleka ukumqonda noma ukumzwela. Eqinisweni, kukho konke ababekusho, abazange nakanye bambize ngisho nangegama uJobe. (Qhathanisa noJobe 33:1, 31.) Ngokusobala babembheka njengenkinga kunanjengomuntu. Akumangalisi ukuthi uJobe wababaza kubo ekhungathekile: “Uma imiphefumulo yenu ibisesikhundleni somphefumulo wami”! (Jobe 16:4) Ngokufanayo namuhla, uma ufuna ukukhuthaza othile, yiba nozwela! Musa ukwahlulela. Njengoba eyabaseRoma 14:4 isho, “ungubani wena ukuba wahlulele inceku yomunye yasendlini? Ima noma iwe enkosini yayo siqu. Impela iyomiswa, ngoba uJehova angayimisa.”
13, 14. (a) Iliphi iqiniso eliyisisekelo okudingeka siqinisekise ngalo abafowethu nodadewethu ukuze sibaduduze? (b) UDaniyeli waqiniswa kanjani ingelosi?
13 Isimo segama elithi pa·ra·ka·leʹo nebizo elihlobene naso kuhunyushwe nangokuthi “induduzo” kweyesi-2 Thesalonika 2:16, 17: “Ngaphezu kwalokho, kwangathi iNkosi yethu uJesu Kristu ngokwayo noNkulunkulu uBaba wethu, owasithanda futhi wanikeza induduzo emi phakade nethemba elihle ngomusa ongafanelwe, bangaduduza izinhliziyo zenu futhi baniqinise kuzo zonke izenzo namazwi amahle.” Phawula ukuthi uPawulu uhlanganisa umqondo wokuba izinhliziyo zethu ziduduzwe neqiniso eliyisisekelo lokuthi uJehova uyasithanda. Ngakho singakhuthazana futhi siduduzane ngokuqinisekisa leloqiniso elibalulekile.
14 Ngesinye isikhathi umprofethi uDaniyeli waphazamiseka kakhulu ngemva kokubona umbono othusayo kangangokuba wathi: “Ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angaba-namandla.” UJehova wathumela ingelosi eyakhumbuza uDaniyeli izikhathi eziningana ukuthi ‘wayethandeka’ emehlweni kaNkulunkulu. Waba yini umphumela? UDaniyeli watshela ingelosi: “Ungiqinisile.”—Daniyeli 10:8, 11, 19.
15. Abadala nababonisi abajikelezayo kufanele bakulinganisele kanjani ukutusa nokulungisa?
15 Nansi-ke enye indlela esingakhuthaza ngayo abanye. Batuse! Kulula kakhulu ukuphendukela ekubeni nomoya ogxekayo, onokhahlo. Kuyavunywa, kunezikhathi lapho ukulungiswa kungase kudingeke khona, ikakhulukazi ngabadala nababonisi abajikelezayo. Kodwa kuhle uma bekhunjulwa ngesikhuthazo sabo esijabulisayo kunokuba bakhunjulwe ngesimo sabo sengqondo sokwahlulela.
16. (a) Lapho sikhuthaza abacindezelekile, kungani ngokuvamile kunganele ukumane nje sibanxuse ukuba benze okwengeziwe enkonzweni kaJehova? (b) UJehova wamsiza kanjani u-Eliya lapho ecindezelekile?
16 Ikakhulukazi labo abacindezelekile badinga isikhuthazo, futhi uJehova ulindele ukuba thina njengamaKristu akanye nabo sibe umthombo wosizo—ikakhulukazi uma singabadala. (IzAga 21:13) Yini esingayenza? Impendulo ingase ingabi lula kangako, njengokubatshela ukuba benze okwengeziwe enkonzweni kaJehova. Ngani? Ngoba lokho kungase kusho ukuthi ukucindezeleka kwabo kubangelwa ukuthi abenzi okwanele. Ngokuvamile akunjalo. Umprofethi u-Eliya wake wacindezeleka kakhulu kangangokuba wayefuna ukufa; kodwa lokhu kwafika esikhathini lapho ayematasa kakhulu enkonzweni yakhe eya kuJehova. UJehova wasebenzelana kanjani naye? Wathumela ingelosi ukuba imnikeze usizo olungokoqobo. U-Eliya wathululela inhliziyo yakhe kuJehova, eveza ukuthi wayezizwa engelutho njengawokhokho bakhe abafile, ukuthi umsebenzi wakhe wawulokhu uyize, nokuthi wayeyedwa ngokuphelele. UJehova walalela futhi wamduduza ngezibonakaliso ezisabekayo zamandla aKhe nangeziqinisekiso zokuthi wayengeyedwa neze nangokuthi umsebenzi ayewuqalile wawuzoqedwa. UJehova wathembisa futhi ukunikeza u-Eliya umngane ayezomqeqesha ekugcineni owayezomlandela.—1 AmaKhosi 19:1-21.
17. Umdala angamkhuthaza kanjani umuntu ozigxeka ngokweqile?
17 Yeka ukuthi kukhuthaza kanjani! Kwangathi nathi ngokufanayo singakhuthaza labo phakathi kwethu abakhathazekile ngokomzwelo. Funa ukubaqonda ngokulalela! (Jakobe 1:19) Nikeza induduzo engokomBhalo evumelana nezidingo zabo ngabanye. (IzAga 25:11; 1 Thesalonika 5:14) Ukuze bakhuthaze labo abazigxeka ngokweqile, abadala bangase ngomusa banikeze ubufakazi obungokomBhalo bokuthi uJehova uyabathanda futhi uyabazisa.a Ukuxoxa ngesihlengo kungaba indlela enamandla yokukhuthaza labo abazizwa bengelutho. Umuntu odatshukiswe isono esithile asenza esikhathini esidlule angase adinge ukuboniswa ukuthi isihlengo siye samhlanza uma ephenduke ngempela futhi waguquka kunoma imuphi umkhuba onjalo.—Isaya 1:18.
18. Imfundiso yesihlengo kufanele isetshenziswe kanjani ukukhuthaza umuntu oye wahlukunyezwa othile, njengokudlwengulwa?
18 Yiqiniso, umdala uyocabangela indaba ukuze asebenzise lokho kufundisa ngokufanele. Cabangela nasi isibonelo: Umhlatshelo kaKristu wesihlengo wafanekiselwa kusengaphambili imihlatshelo yezilwane yoMthetho kaMose, eyayidingeka ukuze kube nokubuyisana ngazo zonke izono. (Levitikusi 4:27, 28) Nokho, kwakungenasidingo sokuba isisulu sokudlwengulwa senze umnikelo onjalo wesono. Umthetho wawuthi ‘bangenzi-lutho’ ukusijezisa. (Duteronomi 22:25-27) Ngokufanayo namuhla, uma udade eye wahlaselwa futhi wadlwengulwa futhi lokhu kumbangele ukuba azizwe engcolile futhi engelutho, bekuyoba okufanele yini ukugcizelela kuye isidingo sesihlengo ukuze simhlanze kulesosono? Ngokuqinisekile akunjalo. Akazange one ngokuhlaselwa. Umdlwenguli owonile futhi odinga ukuhlanzwa. Nokho, uthando olwaboniswa uJehova noKristu ngokulungiselela isihlengo lungasetshenziswa njengobufakazi bokuthi akazange angcoliswe emehlweni kaNkulunkulu yisono somunye umuntu kodwa ukuthi uyigugu kuJehova futhi usamthanda.—Qhathanisa noMarku 7:18-23; 1 Johane 4:16.
19. Kungani kungafanele silindele ukuthi konke ukubuthana nabafowethu nodadewethu kuyoba okukhuthazayo, kodwa yini okufanele sizimisele ukuyenza?
19 Yebo, kungakhathaliseki ukuthi siyini isimo somuntu ekuphileni, kungakhathaliseki ukuthi iziphi izimo ezibuhlungu ezingase zonakalise isikhathi sakhe esidlule, kufanele akwazi ukuthola isikhuthazo ebandleni labantu bakaJehova. Futhi uyosithola uma ngabanye silwela ukucabangelana, ukuvuselelana, nokukhuthazana lapho sihlangana ndawonye. Nokho, njengoba singaphelele, sonke siyahluleka ukwenza kanjalo ngezinye izikhathi. Ngokungenakugwenywa, siyadumazana size ngisho sizwisane ubuhlungu ngezinye izikhathi. Zama ukungagxili ekwehlulekeni kwabanye kulendaba. Uma ugxila emaphutheni, uzifaka engozini yokugxeka ibandla ngokweqile futhi ungase ngisho uwele kulo kanye ugibe uPawulu ayeshisekela kakhulu ukusisiza ukuba silugweme, okungukuthi, ukuyeka ukubuthana kwethu ndawonye. Kwangathi lokhu kungelokothe kwenzeke! Njengoba lesisimiso esidala siya siba yingozi futhi sicindezela ngokwengeziwe, masizimisele ngokuqinile ukwenza konke okusemandleni ethu ukuba senze ukuhlangana kwethu emihlanganweni kube okwakhayo—futhi ikakhulu njengoba sibona usuku lukaJehova lusondela!
[Umbhalo waphansi]
a Umdala angase akhethe ukufunda izihloko ezikhuthazayo ze-Nqabayokulinda noma i-Phaphama! nomuntu onjalo—ngokwesibonelo, ezinjengesithi “Ingabe Uyozuza Emseni Ongasifanele?” nesithi “Ukunqoba Impi Yokucindezeleka.”—INqabayokulinda ka-February 15 neka-March 1, 1990.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Kungani kubalulekile ukuba imihlangano nemibuthano yethu ibe ekhuthazayo kulezizinsuku zokugcina?
◻ Kusho ukuthini ukucabangelana?
◻ Kusho ukuthini ukuvuselelana?
◻ Yini ehilelekile ekukhuthaza- neni?
◻ Abacindezelekile nabadangele bangakhuthazwa kanjani?
[Isithombe ekhasini 16]
Umoya wokungenisa izihambi usisiza ukuba sazane kangcono
[Isithombe ekhasini 18]
Lapho u-Eliya ecindezelekile, uJehova wamduduza ngomusa