“Ninesidingo Sokukhuthazela”
UKUZE samukele “ukugcwaliswa kwesithembiso,” ‘sidinga ukukhuthazela.’ (Heberu 10:36) Esinye isazi seBhayibheli sichaza ukuthi igama lesiGreki elisho “ukukhuthazela” elasetshenziswa umphostoli uPawulu kulombhalo ngezinye izikhathi lalisetshenziselwa ukuchaza “ikhono lesitshalo lokuphila ngaphansi kwezimo ezinzima nezingezinhle.”
Ezintabeni zaseYurophu, kunesitshalo esinjalo kanye esimila khona. Ngokuthakazelisayo, sibizwa ngokuthi uphila-phakade. Yebo, lesi sitshalo sasezintabeni asiphili phakade, kodwa sikhuthazela iminyaka eminingi, siqhakaza izimbali ezikhangayo njalo ehlobo. I-New Encyclopædia Britannica ichaza ukuthi lesi sitshalo sanikezwa leli gama elithi phila-phakade ngenxa ‘yokuqina nokubekezela’ kwaso. (Igama lesayensi lalezi zitshalo zohlobo lwe-Sempervivum nalo lisho ukuthi “phila-phakade.”)
Okwenza lesi sitshalo esibekezelayo siphawuleke ukuthi simila ezindaweni ezimbi ngempela. Singatholakala lé phezulu emimangweni yezintaba ehushwe umoya, lapho amazinga okushisa engehla khona ngisho nango-35° C. ngamahora angu-24 kuphela. Singamila emfantwini onamadwala onenkeshezana yomhlabathi. Ziyini ezinye zezimfihlo zokukhuthazela kwaso ezimweni ezilukhuni kanjalo?
Uphila-phakade unamaqabunga awugqinsi, amumatha amanzi ngokucophelela. Lokhu kwenza ukwazi ukuwusebenzisa ngokugcwele wonke umswakama otholakala emvuleni noma eqhweni elincibilikayo. Ngaphezu kwalokho, umila ngezixha okuwenza ube namandla ukuze ubambelele uqine emadwaleni awusekele. Ngokumila emifantwini, uyavikeleka ezimweni zezulu, ngisho noma kunomhlabathi omncane. Ngamanye amazwi, ukhula ngokusebenzisa izimo ezinzima ngokuyinzuzo.
Ngomqondo ongokomoya, singase sizithole sisezimweni ezivivinya ukukhuthazela kwethu. Yini eyosisiza ukuze sikhuthazele ngaphansi kovivinyo? Njengesitshalo uphila-phakade, singagcina amanzi anikeza ukuphila eZwi likaNkulunkulu futhi sisondelane eduze namaKristu eqiniso ukuze sithole ukusekelwa nokuvikeleka. Ngaphezu kwakho konke, njengalembali yasezintabeni, kumelwe sinamathele ngokuqinile ‘edwaleni’ lethu, uJehova, kanye naseZwini lakhe nasenhlanganweni yakhe.—2 Samuweli 22:3.
Ngempela, isitshalo uphila-phakade siyisikhumbuzo esikhangayo sokuthi, ngisho nasezimweni ezilukhuni, singakhuthazela uma siwasebenzisa ngokugcwele amalungiselelo atholakalayo. UJehova usiqinisekisa ngokuthi ukukhuthazela okunjalo kuyosiholela ‘ekuzuzeni izithembiso njengefa,’ okuyosho ukuphila phakade ngokoqobo.—Heberu 6:12; Mathewu 25:46.