Bambelela Okholweni Lwakho Naphezu Kokulingwa!
“Kubhekeni njengenjabulo yodwa, bafowethu, lapho nihlangabezana nokulingwa okuhlukahlukene.”—JAKOBE 1:2.
1. Abantu bakaJehova bamkhonza ngokholo ‘nangokwenama kwenhliziyo’ naphezu kwani?
ABANTU bakaJehova bakhonza njengoFakazi bakhe abanokholo kuye “nangokwenama kwenhliziyo.” (Duteronomi 28:47; Isaya 43:10) Lokhu bakwenza nakuba behlelwa ukulingwa okuningi. Naphezu kobunzima, bathola induduzo kulamazwi: “Kubhekeni njengenjabulo yodwa, bafowethu, lapho nihlangabezana nokulingwa okuhlukahlukene, njengoba nazi ukuthi lesisimo esivivinyiwe sokholo lwenu siveza ukukhuthazela.”—Jakobe 1:2, 3.
2. Yini eyaziwayo ngomlobi wencwadi kaJakobe?
2 Lawo mazwi alotshwa cishe ngo-62 C.E. ngumfundi uJakobe, umfowabo kaJesu Kristu ngomzali oyedwa. (Marku 6:3) UJakobe wayengumdala ebandleni laseJerusalema. Eqinisweni, yena noKhefase (uPetru), noJohane “babebonakala beyizinsika”—bengabasekeli bebandla abanamandla nabagxilile. (Galathiya 2:9) Lapho udaba lokusoka lwethulwa ‘kubaphostoli namadoda amadala’ cishe ngo-49 C.E., uJakobe wasikisela okuthile okwakunengqondo ngokomBhalo, okwamukelwa yileyo ndikimba ebusayo yekhulu lokuqala.—IzEnzo 15:6-29.
3. Yiziphi ezinye zezinkinga amaKristu ekhulu lokuqala ayebhekene nazo, futhi singazuza kanjani ngokugcwele encwadini kaJakobe?
3 Njengomalusi ongokomoya okhathalelayo, uJakobe ‘wayekwazi ukuma kwezimvu.’ (IzAga 27:23) Wayeqaphela ukuthi amaKristu ayebhekene nokulingwa okunzima ngaleso sikhathi. Ukucabanga kwamanye kwakudinga ukulungiswa, ngoba ayekhetha abacebile. Kwamaningana, ukukhulekela kwakumane nje kuwumkhuba ongenanjongo. Amanye ayelimaza abanye ngolimi lwawo olungalawuleki. Umoya wezwe wawunethonya elilimazayo, futhi amaningi ayengabekezeli futhi engakuthandi ukuthandaza. Eqinisweni, amaKristu athile ayehlaselwe ukugula okungokomoya. Incwadi kaJakobe isingatha izinto ezinjalo ngendlela eyakhayo, futhi iseluleko sakhe nanamuhla sisasebenza ngendlela esasisebenza ngayo ekhulwini lokuqala C.E. Sizozuza kakhulu uma sibheka lencwadi njengelotshelwe thina siqu.a
Lapho Sibhekana Nokulingwa
4. Kufanele sikubheke kanjani ukulingwa?
4 UJakobe usibonisa indlela okufanele sikubheke ngayo ukulingwa. (Jakobe 1:1-4) Ngaphandle kokukhuluma ngobuhlobo bakhe neNdodana kaNkulunkulu, ngokuthobeka uzibiza ‘ngesigqila sikaNkulunkulu neseNkosi uJesu Kristu.’ UJakobe ubhalela ‘izizwana eziyishumi nambili’ zika-Israyeli ongokomoya ekuqaleni ‘ezazihlakazeke’ ngenxa yoshushiso. (IzEnzo 8:1; 11:19; Galathiya 6:16; 1 Petru 1:1) NjengamaKristu, nathi siyashushiswa, futhi ‘sihlangabezana nokulingwa okuhlukahlukene.’ Kodwa uma sikhumbula ukuthi ukulingwa okukhuthazelelwe kuqinisa ukholo lwethu, ‘siyokubheka njengenjabulo yodwa’ lapho kusehlela. Uma silondoloza ubuqotho bethu kuNkulunkulu phakathi nokulingwa, lokhu kuyosilethela injabulo ehlala njalo.
5. Kungase kuhlanganiseni ukulingwa kwethu, futhi kwenzekani lapho sikukhuthazelela ngokuphumelelayo?
5 Ukulingwa kwethu kuhlanganisa nosizi olwehlela sonke isintu. Ngokwesibonelo, singase sihlushwe impilo ebuthaka. UNkulunkulu akaphulukisi ngokuyisimangaliso namuhla, kodwa uphendula imithandazo yethu yokucela ukuhlakanipha namandla adingekayo ukuze sibhekane nokugula. (IHubo 41:1-3) Sihlupheka nangenxa yokulunga njengoFakazi BakaJehova abashushiswayo. (2 Thimothewu 3:12; 1 Petru 3:14) Lapho sikukhuthazelela ngokuphumelelayo ukulingwa okunjalo, ukholo lwethu lufakazelwa njengoluyilonalona, lube ‘nesimo esivivinyiwe.’ Futhi lapho ukholo lwethu lunqoba, lokhu ‘kuveza ukukhuthazela.’ Ukholo oluqiniswe ukulingwa luyosisiza ukuba sikhuthazelele ukuvivinywa kwesikhathi esizayo.
6. ‘Ukukhuthazela kuwuphelelisa kanjani umsebenzi wako,’ futhi yiziphi izinyathelo eziwusizo esingazithatha lapho singaphansi kokulingwa?
6 UJakobe uthi: “Kodwa vumelani ukukhuthazela kuphelelise umsebenzi wako.” Uma sivumela ukulingwa ukuba kuziqhubekele ngaphandle kokuzama ukukuqeda ngokushesha ngezindlela ezingezona ezingokomBhalo, ukukhuthazela kuyokwenza “umsebenzi” wokusenza siphelele njengamaKristu, singantuli okholweni. Yiqiniso, uma ukulingwa kudalula ubuthakathaka obuthile, kufanele sifune usizo lukaJehova lokubunqoba. Kuthiwani uma silingelwa ekuhlanganyeleni ekuziphatheni okubi kobulili? Masithandaze ngaleyo nkinga bese senza ngokuvumelana nemithandazo yethu. Kungase kudingeke sishintshe indawo esisebenza kuyo noma sithathe ezinye izinyathelo ukuze silondoloze ubuqotho kuNkulunkulu.—Genesise 39:7-9; 1 Korinte 10:13.
Ukufuna Ukuhlakanipha
7. Singaluthola kanjani usizo lokubhekana nokulingwa?
7 UJakobe usibonisa okufanele sikwenze uma singazi ukuthi singabhekana kanjani nokulingwa. (Jakobe 1:5-8) UJehova ngeke asisole ngenxa yokuntula ukuhlakanipha nokukuthandazela ngokholo. Uyosisiza ukuba sibheke ukulingwa ngendlela efanele futhi sikukhuthazelele. Esikholwa nabo bangasisiza siqaphele imiBhalo ethile noma singayithola lapho sitadisha iBhayibheli. Izenzakalo eziqondiswa nguNkulunkulu zingase zisenze sikwazi ukubona okufanele sikwenze. Singase siqondiswe umoya kaNkulunkulu. (Luka 11:13) Ukuze sijabulele izinzuzo ezinjalo, kumelwe sinamathele eduze kuNkulunkulu nakubantu bakhe.—IzAga 18:1.
8. Kungani umuntu ongabazayo engeke amukele lutho kuJehova?
8 UJehova usinika ukuhlakanipha kokubhekana nokulingwa uma ‘siqhubeka sicela ngokholo, singangabazi nhlobo.’ Umuntu ongabazayo “ufana negagasi lolwandle eliqhutshwa umoya lipheshulwa liyiswa ngapha nangapha” kungalindelekile. Uma singagxilile kanjalo ngokomoya, akufanele ‘sicabange ukuthi siyokwamukela okuthile kuJehova.’ Masingabi “manqikanqika,” singabi ‘abangagxilile’ emthandazweni noma ngezinye izindlela. Kunalokho, masibe nokholo kuJehova, uMthombo wokuhlakanipha.—IzAga 3:5, 6.
Abacebile Nabampofu Bangethaba
9. Kungani sinesizathu sokwethaba njengabakhulekeli bakaJehova?
9 Ngisho noma okunye kokulingwa kwethu kuwubumpofu, masikhumbule ukuthi kokubili amaKristu acebile nampofu angethaba. (Jakobe 1:9-11) Ngaphambi kokuba babe abalandeli bakaJesu, abaningi babagcotshiwe babengenalutho olutheni ngokwezinto ezibonakalayo futhi izwe lalibabukela phansi. (1 Korinte 1:26) Kodwa babengethaba “ngokuphakanyiswa” kwabo babe izindlalifa zoMbuso. (Roma 8:16, 17) Ngokuphambene, abantu abacebile abake baba abahlonishwayo bathola ‘ukuthotshiswa’ njengabalandeli bakaKristu ngenxa yokudelelwa yizwe. (Johane 7:47-52; 12:42, 43) Nokho, njengezinceku zikaJehova, sonke singethaba ngoba ukuceba nokuvelela kwezwe kuyize uma kuqhathaniswa nengcebo engokomoya esiyijabulelayo. Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi phakathi kwethu akunandawo yokuqhosha ngenxa yesikhundla sethu ngokwezenhlalo!—IzAga 10:22; IzEnzo 10:34, 35.
10. UmKristu kufanele ayibheke kanjani ingcebo yezinto ezibonakalayo?
10 UJakobe usisiza ukuba sibone ukuthi ukuphila kwethu akuxhomekile engcebweni nasezintweni esizifezayo. Njengoba ubuhle bembali bungenakuyivimbela ukuba ibulawe ‘ukushisa okukhulu kwelanga,’ kanjalo nengcebo yesicebi ayinakukunweba ukuphila kwaso. (IHubo 49:6-9; Mathewu 6:27) Singase sife sisaphishekela ‘izindlela zaso zokuphila,’ mhlawumbe ebhizinisini. Ngakho, into ebalulekile ‘ukuceba kuNkulunkulu’ nokwenza konke esingakwenza ukuze sithuthukise izithakazelo zoMbuso.—Luka 12:13-21; Mathewu 6:33; 1 Thimothewu 6:17-19.
Bayajabula Abakhuthazelela Ukulingwa
11. Ayini amathemba ngalabo abanamathela okholweni lwabo lapho bebhekene nokulingwa?
11 Sicebile noma simpofu, singajabula kuphela uma sikhuthazelela ukulingwa kwethu. (Jakobe 1:12-15) Uma sikhuthazelela ukulingwa sínokholo oluqinile, kungase kuthiwe siyajabula, ngoba kunenjabulo ekwenzeni okulungile emehlweni kaNkulunkulu. Ngokunamathela okholweni lwawo kuze kube sekufeni, amaKristu azelwe ngomoya athola “umqhele wokuphila,” ukungafi emazulwini. (IsAmbulo 2:10; 1 Korinte 15:50) Uma sinamathemba asemhlabeni futhi silondoloza ukholo lwethu kuNkulunkulu, singabheka phambili ekuphileni okumi phakade emhlabeni oyipharadesi. (Luka 23:43; Roma 6:23) Yeka indlela uJehova amuhle ngayo kubo bonke ababonisa ukholo kuye!
12. Lapho sibhekene nosizi, kungani kungafanele sithi: “Ngilingwa uNkulunkulu”?
12 Kungenzeka yini ukuthi uJehova uqobo uyasilinga ngokuhlupheka? Cha, akufanele sithi: “Ngilingwa uNkulunkulu.” UJehova akazami ukusiyengela ekwenzeni isono kodwa uyaqikelela ukuthi uyasisiza futhi asinike amandla adingekayo ukuze sikhuthazelele ukulingwa uma sihlala sigxilile okholweni. (Filipi 4:13) UNkulunkulu ungcwele, ngakho akasibeki ezimweni ezingenza buthaka ukumelana kwethu nokona. Uma sizifaka esimweni esithile esingengcwele bese sona, akufanele sisole yena, “ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” Nakuba uJehova engase avumele ukulingwa kusiyale ukuze sizuze, akasilingi enenhloso embi. (Heberu 12:7-11) USathane angase asilingele ekwenzeni okungalungile, kodwa uNkulunkulu angasikhulula kulowo omubi.—Mathewu 6:13.
13. Kungenzekani uma singasichilizi isifiso esingafanele?
13 Kudingeka sithambekele ekuthandazeni ngoba isimo esithile singase siholele esifisweni esingafanele esingasiyengela ekoneni. UJakobe uthi: “Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa isifiso sakhe siqu.” Asinakusola uNkulunkulu ngesono sethu uma siye savumela inhliziyo yethu yagxila esifisweni esiyisono. Uma singasixoshi isifiso esingafanele, ‘siyavunda,’ sifukameleke enhliziyweni, bese “sizala isono.” Lapho isono sesifeziwe, “siveza ukufa.” Ngokusobala, kudingeka siqaphe izinhliziyo zethu futhi simelane nokuthambekela ekoneni. (IzAga 4:23) UKayini waxwayiswa ngokuthi isono sase sizomnqoba, kodwa akazange amelane naso. (Genesise 4:4-8) Kuthiwani-ke uma siqala ukuphishekela inkambo engavumelani nemiBhalo? Ngokuqinisekile kufanele sibonge uma abadala abangamaKristu bezama ukusilungisa ukuze singoni kuNkulunkulu.—Galathiya 6:1.
UNkulunkulu—Umthombo Wezinto Ezinhle
14. Kungashiwo ngamuphi umqondo ukuthi izipho zikaNkulunkulu “ziphelele”?
14 Kufanele sikhumbule ukuthi uJehova unguMthombo wezinto ezinhle, hhayi owokulingwa. (Jakobe 1:16-18) UJakobe ubiza amakholwa akanye nawo ngokuthi “bafowethu abathandekayo” futhi ubonisa ukuthi uNkulunkulu unguMuphi wazo ‘zonke izipho ezinhle neziphelele.’ Izipho zikaJehova ezingokomoya nezingokwenyama “ziphelele,” azintuli lutho. “Zivela phezulu,” endaweni kaNkulunkulu yokuhlala emazulwini. (1 AmaKhosi 8:39) UJehova ‘unguYise wezinkanyiso zasezulwini’—ilanga, inyanga nezinkanyezi. Usinika nokukhanya okungokomoya neqiniso. (IHubo 43:3; Jeremiya 31:35; 2 Korinte 4:6) Ngokungafani nelanga elenza izithunzi zishintshe njengoba lihamba futhi lingabi nasithunzi emini bebade kuphela, uNkulunkulu uhlale esesimweni esingcono kakhulu sokunikeza okuhle. Ngokuqinisekile uyosihlomisela ukuba sibhekane nokulingwa uma siwasebenzisa ngokugcwele amalungiselelo akhe angokomoya atholakala ngeZwi lakhe ‘nesigqila esikholekile nesiqondayo.’—Mathewu 24:45.
15. Yisiphi esinye sezipho zikaJehova ezinhle kakhulu?
15 Yini eye yaba esinye sezipho zikaNkulunkulu ezinhle kakhulu? Ukuzalwa kwamadodana angokomoya ngomoya ongcwele, okusebenzisana nezindaba ezinhle, noma “izwi leqiniso.” Labo abazalwa ngokomoya ‘bawulibo oluthile,’ bakhethwe phakathi kwesintu ukuba babe “umbuso nabapristi” basezulwini. (IsAmbulo 5:10; Efesu 1:13, 14) Kungenzeka uJakobe wayecabanga ngolibo lwezithelo zebhali olwanikelwa ngo-Nisan 16, okuwusuku uJesu avuswa ngalo, nangokunikelwa kwezinkwa ezimbili zikakolweni ngosuku lwePhentekoste, lapho kuthululwa umoya ongcwele. (Levitikusi 23:4-11, 15-17) Kuleso simo, uJesu wayeyoba ulibo futhi izindlalifa ezikanye naye zibe “ulibo oluthile.” Kuthiwani uma sinethemba lasemhlabeni? Ukuhlala sicabanga ngalo kuyosisiza sinamathele ekukholelweni kwethu kuMuphi ‘wazo zonke izipho ezinhle,’ oye wenza kwenzeka ukuphila okumi phakade ngaphansi kokubusa koMbuso.
Yiba ‘Umenzi Wezwi’
16. Kungani kufanele ‘sisheshe ngokuphathelene nokuzwa, sephuze ngokuphathelene nokukhuluma nolaka’?
16 Kungakhathaliseki ukuthi sibhekene nokulingwa kokholo lwethu manje noma cha, kumelwe sibe “abenzi bezwi.” (Jakobe 1:19-25) Kudingeka ‘sisheshe ngokuphathelene nokuzwa’ izwi likaNkulunkulu, sibe abenzi balo abalalelayo. (Johane 8:47) Ngakolunye uhlangothi, ‘masephuze ngokuphathelene nokukhuluma,’ siwabale amazwi ethu. (IzAga 15:28; 16:23) Kungenzeka uJakobe usinxusa ukuba singasheshe sithi ukulingwa kwethu kuvela kuNkulunkulu. Selulekwa futhi ukuba ‘sephuze ngokuphathelene nolaka; ngoba ulaka lomuntu alukufezi ukulunga kukaNkulunkulu.’ Uma sithukutheliswe okushiwo othile, ‘masehlise umoya’ ukuze sigweme impendulo yokuziphindiselela. (Efesu 4:26, 27) Umoya wolaka ongase usibangele izinkinga futhi ube uvivinyo kwabanye awunakukukhiqiza lokho okudingekayo kumuntu onokholo kuNkulunkulu wethu olungileyo. Ngale kwalokho, uma ‘sinokuqonda okuningi,’ ‘siyophuza ukuthukuthela,’ futhi abafowethu nodadewethu bayodonsekela kithi.—IzAga 14:29.
17. Kufezani ukususa ububi enhliziyweni nasengqondweni?
17 Ngokuqinisekile kudingeka singabi ‘nakungcola’—yonke into uNkulunkulu ayenyanyayo nekhuthaza ukuba nolaka. Ngaphezu kwalokho, kumelwe ‘silahle leyonto engadingekile, ububi.’ Sonke kufanele sisuse ekuphileni kwethu noma yikuphi ukungahlanzeki kwenyama noma komoya. (2 Korinte 7:1; 1 Petru 1:14-16; 1 Johane 1:9) Ukususa ububi enhliziyweni nasengqondweni kwasisiza ukuba ‘samukele ngobumnene ukugxiliswa kwezwi’ leqiniso. (IzEnzo 17:11, 12) Kungakhathaliseki ukuthi sinesikhathi eside kangakanani singamaKristu, kumelwe siqhubeke sivumela amaqiniso engeziwe angokomBhalo ukuba agxiliswe kithi. Ngani? Ngoba ngomoya kaNkulunkulu, izwi eligxilisiwe liveza “ubuntu obusha” obenza sithole insindiso.—Efesu 4:20-24.
18. Umuntu ongumuzwi wezwi kuphela uhluke kanjani kulowo ongumenzi walo futhi?
18 Sibonisa kanjani ukuthi izwi liyisiqondiso sethu? Ngokuba “abenzi bezwi” abalalelayo, hhayi “abalizwayo kuphela.” (Luka 11:28) “Abenzi” banokholo oluveza imisebenzi enjengokukhuthala enkonzweni yobuKristu nokuhlanganyela njalo emihlanganweni yabantu bakaNkulunkulu. (Roma 10:14, 15; Heberu 10:24, 25) Umuzwi nje wezwi “ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni.” Uyazibuka, abese ehamba akhohlwe yilokho okungenzeka kuyadingeka ukuze alungise ukubukeka kwakhe. ‘Njengabenzi bezwi,’ ngokucophelela sitadisha futhi silalele “umthetho ophelele” kaNkulunkulu, ositshela konke akufunayo kithi. Inkululeko esiyijabulelayo ngalokho ihluke ngokuphelele ekugqilazweni yisono nokufa, ngoba iholela ekuphileni. Ngakho ‘masiphikelele emthethweni ophelele,’ siwuhlolisise njalo futhi siwulalele. Cabanga nje! ‘Njengabenzi bomsebenzi, hhayi abezwayo bakhohlwe,’ sinenjabulo ebangelwa ukuvunyelwa uNkulunkulu.—IHubo 19:7-11.
Kungaphezulu Kakhulu Kokuba Abakhulekeli Abaqotho
19, 20. (a) NgokukaJakobe 1:26, 27, ukukhulekela okuhlanzekile kudinga ukuba senzeni? (b) Yiziphi ezinye zezibonelo zokukhulekela okungangcolisiwe?
19 Ukuze sijabulele ukuvunyelwa kwaphezulu, kudingeka sikhumbule ukuthi ukukhulekela kweqiniso akuwona umkhuba nje ongenanjongo. (Jakobe 1:26, 27) Singase sicabange ukuthi ‘singabakhulekeli bakaJehova abaqotho,’ kodwa okubaluleke ngempela ukuthi yena usibheka kanjani ngabanye. (1 Korinte 4:4) Okunye ukushiyeka okukhulu kungase kube ukuhluleka ‘ukulawula ulimi ngokungathi ngetomu.’ Siyobe siyazikhohlisa uma sicabanga ukuthi uNkulunkulu uyakujabulela ukukhulekela kwethu uma sinyundela abanye, siqamba amanga, noma sisebenzisa kabi ulimi ngezinye izindlela. (Levitikusi 19:16; Efesu 4:25) Ngokuqinisekile, asifuni ukuba ‘indlela yethu yokukhulekela ibe yize’ futhi ingamukeleki kuNkulunkulu nganoma isiphi isizathu.
20 Nakuba uJakobe engakhulumi ngazo zonke izici zokukhulekela okuhlanzekile, uthi kuhlanganisa ‘nokunakekela izintandane nabafelokazi osizini lwabo.’ (Galathiya 2:10; 6:10; 1 Johane 3:18) Ibandla lobuKristu libonisa isithakazelo esikhethekile ekondleni abafelokazi. (IzEnzo 6:1-6; 1 Thimothewu 5:8-10) Njengoba uNkulunkulu enguMvikeli wabafelokazi nezintandane, masibambisane naYe ngokwenza esingakwenza ukuze sibasize ngokomoya nangokwezinto ezibonakalayo. (Duteronomi 10:17, 18) Ukukhulekela okuhlanzekile kusho futhi “ukuba umuntu azigcine engenalo ibala elivela ezweni,” umphakathi wesintu ongalungile osemandleni kaSathane. (Johane 17:16; 1 Johane 5:19) Ngakho-ke, masihlale sikhululekile ethonyeni lokuziphatha kwezwe kokungamhloniphi uNkulunkulu ukuze sikhazimulise uJehova futhi sibe usizo enkonzweni yakhe.—2 Thimothewu 2:20-22.
21. Mayelana nencwadi kaJakobe, yimiphi eminye imibuzo okudingeka siyicabangele?
21 Iseluleko sikaJakobe esiye sasicabangela kuze kube manje kufanele sisisize sikhuthazelele ukulingwa futhi sinamathele okholweni lwethu. Kufanele sikhulise indlela esazisa ngayo uMuphi wezipho ezinhle onothando. Futhi amazwi kaJakobe asisiza ukuba siqhube ukukhulekela okuhlanzekile. Yini enye asenza siyiqaphele? Yiziphi ezinye izinyathelo esingazithatha ukuze sibonise ukuthi sinokholo lweqiniso kuJehova?
[Umbhalo waphansi]
a Lapho uzitadishela wedwa noma nisitadisha njengomkhaya lesi sihloko nezimbili ezilandelayo, nizokuthola kuzuzisa ngokukhethekile ukufunda ingxenye ngayinye ekhonjiwe yencwadi kaJakobe eqinisa ukholo.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Yini eyosisiza ukuba sikhuthazelele ukulingwa?
◻ Kungani amaKristu engethaba naphezu kokulingwa?
◻ Singaba kanjani abenzi bezwi?
◻ Kuhilelani ukukhulekela okuhlanzekile?
[Isithombe ekhasini 9]
Lapho ungaphansi kokulingwa, bonisa ukholo emandleni kaJehova okuphendula imithandazo
[Izithombe ekhasini 10]
“Abenzi bezwi” bamemezela uMbuso kaNkulunkulu emhlabeni wonke