“Abenzi Bezwi” Abajabulayo
“Namukele ngobumnene ukugxiliswa kwezwi elikwaziyo ukusindisa imiphefumulo yenu. Nokho, yibani abenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela.”—JAKOBE 1:21, 22.
1. Isihloko sethu sonyaka sika-1996 kumelwe sibhekwe kanjani?
“YIBANI ABENZI BEZWI.” Lamazwi alula anesigijimi esinamandla. Athathwe eBhayibhelini encwadini okuthiwa “Incwadi KaJakobe,” futhi azochonywa emaHholo OMbuso njengesihloko sonyaka soFakazi BakaJehova phakathi no-1996.
2, 3. Kungani kwakufaneleka ukuba uJakobe abhale incwadi ebizwa ngegama lakhe?
2 UJakobe, umfowabo weNkosi uJesu ngomzali oyedwa, wayevelele ebandleni lobuKristu lokuqala. Ngesinye isikhathi ngemva kokuvuswa kukaJesu, iNkosi yethu yabonakala ngokuqondile kuJakobe kwase kuba kubo bonke abaphostoli. (1 Korinte 15:7) Kamuva, lapho umphostoli uPetru ekhululwa ngokuyisimangaliso ejele, watshela iqembu lamaKristu ayebuthene: “Bikelani uJakobe nabafowethu lezizinto.” (IzEnzo 12:17) Kubonakala sengathi uJakobe, nakuba ayengeyena umphostoli, wengamela umhlangano wendikimba ebusayo eJerusalema lapho abaphostoli nabadala benquma ukuthi abeZizwe abaguqukile akudingekile basokwe. UJakobe walusonga udaba, futhi isinqumo esaqinisekiswa umoya ongcwele sathunyelwa kuwo wonke amabandla.—IzEnzo 15:1-29.
3 Ngokusobala, imibono kaJakobe evuthiwe yayinesisindo. Nokho, wakuvuma ngokuthobeka ukuthi wayemane ‘eyisigqila sikaNkulunkulu neseNkosi uJesu Kristu.’ (Jakobe 1:1) Incwadi yakhe ephefumulelwe iqukethe umcebo wezeluleko nezikhuthazo ezinengqondo kumaKristu namuhla. Yaqedwa cishe eminyakeni emine ngaphambi kokuba iJerusalema lihlaselwe amaRoma okokuqala ngaphansi kukaJenene Cestius Gallus, ngemva kokuba izindaba ezinhle zishunyayelwe kabanzi “kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.” (Kolose 1:23) Kwakuyizikhathi ezibucayi, futhi izinceku zikaJehova zazazi kahle ukuthi isahlulelo saKhe sase sizokhishwa phezu kwesizwe samaJuda.
4. Yini ebonisa ukuthi amaKristu okuqala ayethembele kakhulu eZwini likaNkulunkulu?
4 Lawo maKristu ayenayo kakade yonke imiBhalo YesiHeberu nengxenye enkulu yemiBhalo YesiGreki. Njengoba kuboniswa ukubhekisela kwabo kaningi emibhalweni yangaphambili, abalobi beBhayibheli abangamaKristu ngokusobala babethembela kakhulu eZwini likaNkulunkulu. Ngokufanayo, nathi namuhla kudingeka sitadishe iZwi likaNkulunkulu ngenkuthalo futhi silisebenzise ekuphileni kwethu. Ukuze sikhuthazele, sidinga amandla angokomoya nesibindi esinikezwa imiBhalo Engcwele.—IHubo 119:97; 1 Thimothewu 4:13.
5. Kungani sidinga isiqondiso esikhethekile namuhla, futhi siyositholaphi?
5 Namuhla isintu sisonqenqemeni ‘losizi olukhulu olungakaze lwenzeke kusukela ekuqaleni kwezwe kuze kube manje, cha, futhi olungasayikuphinde lwenzeke.’ (Mathewu 24:21) Ukusinda kwethu kuxhomeke ekutholeni isiqondiso saphezulu. Singasithola kanjani? Ngokuvula izinhliziyo zethu ukuze zamukele izimfundiso zeZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe ngomoya. Lokhu kuyosiholela ‘ekubeni abenzi bezwi,’ njengezinceku zikaJehova ezithembekile ezikhathini zangaphambili. Kumelwe sifunde futhi sitadishe iZwi likaNkulunkulu ngenkuthalo futhi silisebenzise kube udumo kuJehova.—2 Thimothewu 2:15; 3:16, 17.
Ukukhuthazela Ngenjabulo
6. Kungani kufanele sikujabulele ukuhlangabezana nokulingwa?
6 Lapho eqala incwadi yakhe, uJakobe ukhuluma ngenjabulo, eyisithelo sesibili somoya kaNkulunkulu. Uyabhala: “Kubhekeni njengenjabulo yodwa, bafowethu, lapho nihlangabezana nokulingwa okuhlukahlukene, njengoba nazi ukuthi lesisimo esivivinyiwe sokholo lwenu siveza ukukhuthazela. Kodwa vumelani ukukhuthazela kuphelelise umsebenzi wako, ukuze nibe abaphelele nabaphilile ezicini zonke, abangantuli lutho.” (Jakobe 1:2-4; Galathiya 5:22, 23) Kungashiwo kanjani ukuthi ‘kuyinjabulo yodwa’ ukuhlangabezana nokulingwa okuningi? Ngisho noJesu eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni wathi: “Niyajabula lapho abantu benihlambalaza, benishushisa futhi ngokuqamba amanga besho yonke inhlobo yento embi ngani ngenxa yami. Jabulani nigxumagxume ngenjabulo, njengoba umvuzo wenu umkhulu emazulwini.” (Mathewu 5:11, 12) Kuba nokwaneliseka kwenjabulo lapho sibona uJehova ebusisa imizamo yethu njengoba siphishekela umgomo wokuphila okumi phakade.—Johane 17:3; 2 Thimothewu 4:7, 8; Heberu 11:8-10, 26, 35.
7. (a) Yini engasisiza ukuba sikhuthazele? (b) NjengoJobe, singase sivuzwe kanjani?
7 UJesu ngokwakhe wakhuthazela “ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe.” (Heberu 12:1, 2) Uma sigxilisa amehlo ethu esibonelweni sikaJesu sesibindi, nathi singakhuthazela! Njengoba uJakobe esho ngasekupheleni kwencwadi yakhe, uJehova ubavuza ngokucebile abagcini bobuqotho. “Bhekani! Sithi bayajabula labo abaye bakhuthazela,” kusho uJakobe. “Niye nezwa ngokukhuthazela kukaJobe futhi nabona umphumela uJehova awunikeza, ukuthi uJehova unesisa kakhulu ekusondelaneni ngokomzwelo futhi unesihe.” (Jakobe 5:11) Khumbula indlela ubuqotho bukaJobe obavuzwa ngayo lapho ebuyiselwa empilweni enhle nasekujabuleleni ukuphila okuphelele nokujabulisayo nabantu abathandayo. Ukukhuthazela ebuqothweni kungakulethela ukuthokoza okufanayo ePharadesi elithenjisiwe lezwe elisha likaNkulunkulu, njengomvuthwandaba wenjabulo yokukhonza uJehova manje.
Ukufuna Ukuhlakanipha
8. Singakuthola kanjani ukuhlakanipha kwangempela, nokusebenzisekayo, futhi iyiphi ingxenye umthandazo onayo kulokhu?
8 Ukutadisha kwethu iZwi likaNkulunkulu ngenkuthalo, nokulisebenzisa ngokoqobo, kuyophumela ekuhlakanipheni kokuhlonipha uNkulunkulu, kusenze sikwazi ukukhuthazelela ukulingwa kulenkathi yokonakala kwesimiso sikaSathane esifayo. Singaqiniseka kanjani ukuthi siyokuthola ukuhlakanipha okunjalo? UJakobe uyasitshela: “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makaqhubeke ecela kuNkulunkulu, ngoba unika bonke ngokuphana ngaphandle kokusola; futhi uyonikwa kona. Kodwa makaqhubeke ecela ngokholo, engangabazi nhlobo, ngoba lowo ongabazayo ufana negagasi lolwandle eliqhutshwa umoya lipheshulwa liyiswa ngapha nangapha.” (Jakobe 1:5, 6) Kufanele sithandaze ngobuqotho, siqiniseka ngokuqinile ukuthi uJehova uyozizwa izicelo zethu nokuthi uyoziphendula ngesikhathi sakhe esifanele nangendlela yakhe.
9. UJakobe ukuchaza kanjani ukuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu nokukusebenzisa?
9 Ukuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu kuyisipho esivela kuJehova. Echaza izipho ezinjalo, uJakobe uthi: “Zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele zivela phezulu, ngoba zehla zivela kuYise wezinkanyiso zasezulwini, futhi kuye akukho ukuhlukahluka kokuphenduka kwethunzi.” Kamuva encwadini yakhe, uJakobe uchaza umphumela wokuzuza ukuhlakanipha kwangempela lapho ethi: “Ubani ohlakaniphile noqondayo phakathi kwenu? Makabonise ngobumnene bokuhlakanipha imisebenzi yakhe ekuziphatheni kwakhe okuhle. . . . Ukuhlakanipha okuvela phezulu okokuqala kumsulwa, bese kuba okunokuthula, okunengqondo, okusheshayo ukulalela, okugcwele isihe nezithelo ezinhle, okungahlukanisi abantu ngokukhetha, okungazenzisi.”—Jakobe 1:17; 3:13-17.
10. Inkolo yamanga ihluke kanjani kweyeqiniso?
10 Embusweni wezwe wenkolo yamanga, kungakhathaliseki ukuthi kukweLobukholwa noma kwamanye amazwe, ngokuvamile kuyinsakavukela ukuba abakhulekeli bacule amaculo athile, balalele imithandazo ephindaphindwayo, mhlawumbe bezwe nentshumayelo. Akukho sikhuthazo esinikezwayo ngokuqondene nokumemezela isigijimi sethemba, ngoba izinkolo eziningi azinalo ithemba elikhanyayo lesikhathi esizayo. Ithemba elikhazimulayo loMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya akukhulunywa ngalo nhlobo noma liqondwa ngokungeyikho. Ngokuphathelene nabalandeli beLobukholwa uJehova uthi esiprofethweni: “Abantu bami benzile okubi okubili: bangishiyile, umthombo wamanzi aphilileyo, bazigumbele imithombo, imithombo evuzayo, amanzi angenakuhlala kuyo.” (Jeremiya 2:13) Abanawo amanzi eqiniso. Bantula ukuhlakanipha kwasezulwini.
11, 12. (a) Ukuhlakanipha kwaphezulu kufanele kusishukumise kanjani? (b) Ukuhlakanipha kwaphezulu kusixwayisa ngani?
11 Yeka indlela isimo esihluke ngayo koFakazi BakaJehova namuhla! Benamandla amakhulu abawanikezwe uNkulunkulu, bagcwalisa umhlaba ngezindaba ezinhle zoMbuso waKhe ozayo. Ukuhlakanipha abakukhulumayo kusekelwe ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu. (Qhathanisa nezAga 1:20; Isaya 40:29-31.) Ngempela, balusebenzisa kahle ulwazi lweqiniso nokuqonda ekumemezeleni izinjongo ezinhle zikaNkulunkulu noMdali wethu. Kufanele kube yisifiso sethu ukuba bonke ebandleni ‘bagcwale ulwazi olunembile ngentando [kaNkulunkulu] kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya.’ (Kolose 1:9) Benalesi sisekelo, kokubili abancane nabadala ngaso sonke isikhathi bayoshukunyiselwa ukuba ‘babe abenzi bezwi.’
12 “Ukuhlakanipha okuvela phezulu” kusixwayisa ngezono ezingasenza singamukeleki ngokwaphezulu. “Nikwazi lokhu, bafowethu abathandekayo,” kusho uJakobe. “Wonke umuntu kumelwe asheshe ngokuphathelene nokuzwa, ephuze ngokuphathelene nokukhuluma, ephuze ngokuphathelene nolaka; ngoba ulaka lomuntu alukufezi ukulunga kukaNkulunkulu.” Yebo, kumelwe sisheshe, silangazelele, ukulalela iseluleko saphezulu futhi sisisebenzise. Nokho, kumelwe siqaphele ukuba singalisebenzisi kabi lelo “lungu elincane,” ulimi. Ngokuzigabisa, inhlebo yobuwula, noma ingxoxo eveza ukunamathela ngokungenangqondo emibonweni yomuntu siqu, ngokomfanekiso, ulimi lungathungela “ihlathi elikhulu ngomlilo.” Ngakho-ke kudingeka sihlakulele ubuhle nokuzithiba kubo bonke ubuhlobo bethu nabanye.—Jakobe 1:19, 20; 3:5.
13. Kungani kubalulekile ukuba samukele “ukugxiliswa kwezwi”?
13 “Ngakho,” kubhala uJakobe, “lahlani konke ukungcola naleyonto engadingekile, ububi, namukele ngobumnene ukugxiliswa kwezwi elikwaziyo ukusindisa imiphefumulo yenu.” (Jakobe 1:21) Lelizwe elinobugovu, nendlela yalo yokuphila yobugovu, yokubukisa ngezinto ezibonakalayo, kanye nokungabi nasimilo, selizodlula. “Kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:15-17) Khona-ke, yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba samukele “ukugxiliswa kwezwi”! Ukuhlakanipha okunikezwa yiZwi likaNkulunkulu kuhluke ngokuphelele ebubini balelizwe elifayo. Asibufuni nhlobo lobo bubi. (1 Petru 2:1, 2) Kudingeka sigxilise uthando ngeqiniso nokholo oluqinile ezinhliziyweni zethu, ukuze sizimisele ukungalokothi sichezuke ezindleleni zikaJehova zokulunga. Kodwa ingabe kwanele ukuzwa iZwi likaNkulunkulu?
Ukuba “Abenzi BeZwi”
14. Singaba kanjani kokubili ‘abezwa nabenzi’ beZwi?
14 KuJakobe 1:22, siyafunda: “Yibani abenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa ngokucabanga okungamanga.” “Yibani abenzi bezwi”! Lesi sihloko siqokonyiswe ngempela encwadini kaJakobe. Kumelwe silalele, bese ‘senze njalo’! (Genesise 6:22) Abantu abaningi namuhla bathi kwanele ukulalela intshumayelo noma ukuhlanganyela ekukhulekeleni kokugcina icala ngezikhathi ezithile, bese begcina lapho. Bangase bacabange ukuthi uma nje bephila ‘ukuphila okukahle’ ngokwezindinganiso zabo, kwanele. Kodwa uJesu Kristu wathi: “Uma noma ubani efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele njalo.” (Mathewu 16:24) Ngokucacile amaKristu eqiniso kudingeka azidele futhi akhuthazele ekulandeleni isibonelo sikaJesu sokwenza intando kaNkulunkulu. Kuwo, intando kaNkulunkulu namuhla injengoba yayinjalo ekhulwini lokuqala lapho uJesu ovusiwe eyala: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.” (Mathewu 28:19) Wenza kanjani wena kulesi sici?
15. (a) Yimuphi umfanekiso uJakobe awenzayo, obonisa indlela esingajabula ngayo ‘njengabenzi bezwi’? (b) Kungani ukukhulekela kokugcina icala kunganele?
15 Uma siqhubeka sibukisisa eZwini likaNkulunkulu, lingaba njengesibuko ngokusibonisa uhlobo lwabantu esiyilo kanye. UJakobe uthi: “Lowo osinga umthetho ophelele ongowenkululeko nophikelelayo kuwo, lomuntu, ngoba akabanga umuntu ozwayo oyisikhohlwa kodwa ube umenzi womsebenzi, uyojabula ekuwenzeni kwakhe.” (Jakobe 1:23-25) Yebo, uyoba ‘umenzi wezwi’ ojabulayo. Ngaphezu kwalokho, kubalulekile ukuba ‘umenzi’ kuzo zonke izici zokuphila kobuKristu. Akufanele nanini sizikhohlise sicabange ukuthi ukukhulekela kokugcina icala kwanele. UJakobe useluleka ukuba siqaphele ezinye izici zokukhulekela kweqiniso lezo okungenzeka ngisho namaKristu ashisekayo aye azidebeselela. Uyabhala: “Indlela yokukhulekela ehlanzekile nengangcolile ngokombono kaNkulunkulu noBaba wethu yile: ukunakekela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenalo ibala elivela ezweni.”—Jakobe 1:27.
16. Yiziphi izindlela u-Abrahama aba ngazo “umngane kaJehova,” futhi singabuzuza kanjani ubungane baKhe?
16 Akwanele ukumane uthi, ‘Ngiyakholelwa kuNkulunkulu,’ bese ugcina lapho. Njengoba uJakobe 2:19 ephawula: “Uyakholelwa ukuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa, akunjalo? Wenza kahle impela. Nokho namademoni ayakholelwa aqhaqhazele.” UJakobe ugcizelela ukuthi ‘ukholo uma lungenayo imisebenzi, lufile,’ abese ebhekisela ku-Abrahama, ethi: “Ukholo lwakhe lwasebenza kanye nemisebenzi yakhe futhi ukholo lwakhe lwapheleliswa ngemisebenzi yakhe.” (Jakobe 2:17, 20-22) Imisebenzi ka-Abrahama yahlanganisa nokukhulula izihlobo zakhe, ukubonisa umoya wokungenisa izihambi, ukulungiselela ukwenza umhlatshelo ngo-Isaka, ‘nokuvuma obala’ ukholo olungenakunyakaziswa esithembisweni sikaNkulunkulu ‘somuzi onezisekelo zangempela,’ uMbuso wobuMesiya wesikhathi esizayo. (Genesise 14:16; 18:1-5; 22:1-18; Heberu 11:8-10, 13, 14; 13:2) Ngokufanelekile, u-Abrahama “wabizwa ngokuthi ‘umngane kaJehova.’” (Jakobe 2:23) Nathi singabhekwa ‘njengabangane bakaJehova’ njengoba simemezela ngenkuthalo ukholo nethemba lethu eMbusweni wakhe wokulunga ozayo.
17. (a) Kungani uRahabi ‘kwathiwa ulungile,’ futhi wavuzwa kanjani? (b) Yiluphi uhlu olude iBhayibheli elilunikezayo lwalabo ‘ababa abenzi bezwi’? (c) UJobe wavuzwa kanjani, futhi ngani?
17 Labo ‘ababa abenzi bezwi’ ngempela ‘kuthiwa balungile ngemisebenzi, hhayi ngokholo lodwa.’ (Jakobe 2:24) URahabi ungomunye owanezela imisebenzi okholweni lwakhe ‘ezwini’ ayelizwile ngokuqondene nezenzo zikaJehova zamandla. Wafihla izinhloli ezingama-Israyeli futhi wazisiza ukuba zibaleke, wabe esebuthela ndawonye abendlu kayise ukuze basinde. Ovukweni, yeka indlela ayothokoza ngayo uma ezwa ukuthi ukholo lwakhe, olwasekelwa imisebenzi, lwaholela ekubeni abe ukhokhokazi kaMesiya! (Joshuwa 2:11; 6:25; Mathewu 1:5) AmaHeberu isahluko 11 anikeza uhlu olude lwabanye ‘ababa abenzi bezwi’ ekubonakaliseni ukholo lwabo, futhi bayovuzwa ngokucebile. Futhi akumelwe simkhohlwe uJobe, okwathi engaphansi kokulingwa okunzima wathi: “Malibongwe igama likaJehova.” Njengoba sesiphawulile kakade, ukholo lwakhe nemisebenzi kwaphumela emvuzweni omkhulu. (Jobe 1:21; 31:6; 42:10; Jakobe 5:11) Ngokufanayo, ukukhuthazela kwethu namuhla ‘njengabenzi bezwi’ kuyosenza samukelwe uJehova.
18, 19. Abazalwane ababecindezelwe isikhathi eside baye baba kanjani “abenzi bezwi,” futhi yisiphi isibusiso umsebenzi wabo oye wasiletha?
18 Phakathi kwalabo abaye bakhuthazelela okuningi phakathi neminyaka edlule kunabafowethu baseMpumalanga Yurophu. Njengoba imithetho eminingi evimbelayo iye yasuswa, laba baye ‘baba abenzi bezwi’ ngempela esimweni sabo esisha. Izithunywa zevangeli namaphayona asemazweni angomakhelwane aye athuthela khona ukuze asize ekufundiseni nasekuhleleni. Igatsha laseFinland namanye amagatsha aseduze e-Watch Tower Society aye athumela abakhi abangochwepheshe, kanti abazalwane abaphanayo emhlabeni wonke baye baxhasa ngezimali ukwakhiwa kwamahhovisi egatsha amasha namaHholo OMbuso.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 8:14, 15.
19 Yeka indlela labo bazalwane ababecindezelwe isikhathi eside abaye basabela ngentshiseko ngayo ensimini! ‘Basebenza kanzima futhi bayazikhandla’ njengokungathi bakhokha isibhongo ngenxa yamathuba abalahlekela phakathi ‘nenkathi enzima.’ (1 Thimothewu 4:10; 2 Thimothewu 4:2) Ngokwesibonelo, kulo-April odlule e-Albania, lapho ukucindezelwa kwakunonya kakhulu khona, sonke isitokwe se-Kingdom News enesihloko esithi “Kungani Ukuphila Kugcwele Izinkinga Kangaka?” sasakazwa ngezinsuku ezintathu nje kuphela. Lokhu kwaba ukulandelela okuhle ngemva kweSikhumbuzo sokufa kukaJesu, okwakukhona kuso abantu abangu-3 491—abangaphezulu kakhulu kunabamemezeli bakhona abakhuthele abangu-538.
20. Amanani amuva ababa khona eSikhumbuzweni abonisani, futhi abaningi bangasizwa kanjani?
20 Amanye amazwe nawo aye aba nengxenye ephawulekayo emananini ababa khona eSikhumbuzweni, lawo eminyakeni yamuva aye anda aba ngaphezu kuka-10 000 000. Ezindaweni eziningi abasanda kuhlanganyela, ukholo lwabo luqiniswé ukuba khona eSikhumbuzweni nokusigubha, ‘baba abenzi bezwi.’ Ingabe singakhuthaza abanye abasanda kuhlanganyela ukuba bafanelekele lelo lungelo?
21. Ngokuvumelana nesihloko sethu sonyaka, iyiphi inkambo okufanele siyiphishekele, futhi sinamuphi umgomo?
21 Njengalawo maKristu ashisekayo ekhulwini lokuqala, nabanye abaningi kusukela ngaleso sikhathi, masizimisele ukuzikhandla ‘ekuphishekeleni umgomo’ wokuphila okumi phakade, kungakhathaliseki ukuthi kuyoba seMbusweni wasezulwini noma endaweni yawo yasemhlabeni. (Filipi 3:12-14) Kuyifanele yonke imizamo yethu ukufinyelela lowo mgomo. Lesi akusona isikhathi sokuhlehlela ekubeni abezwa izwi kuphela, kodwa yisikhathi sokuba ‘siqine futhi sisebenze’ kunanini ngaphambili. (Hagayi 2:4; Heberu 6:11, 12) Njengoba ‘samukele ukugxiliswa kwezwi,’ kwangathi ‘singaba abenzi bezwi abajabulayo’ manje kuze kube phakade.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Singakhuthazela kanjani ngenjabulo?
◻ Kuyini “ukuhlakanipha okuvela phezulu,” futhi singakuphishekela kanjani?
◻ Kungani kumelwe ‘sibe abenzi bezwi, hhayi abalizwayo kuphela’?
◻Yimiphi imibiko okufanele isishukumisele ekubeni “abenzi bezwi”?
[Isithombe ekhasini 17]
Kwangathi nathi singamukela ukufundisa kwaphezulu
[Isithombe ekhasini 18]
Ubuqotho bukaJobe bavuzwa ngokubuyiselwa kwakhe ekuphileni okuphelele nokujabulisayo nabantu abathandayo