-
Bonisa Ukuthembela KuJehova—Ngokwenza Izinto OzifundileINqabayokulinda—1988 | Agasti 15
-
-
Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni;
-
-
Bonisa Ukuthembela KuJehova—Ngokwenza Izinto OzifundileINqabayokulinda—1988 | Agasti 15
-
-
(Jakobe 1:22-24) Ngakho lokhu kuzihlola kwakungekhona nje ukumane uthi klabe ngamehlo. Igama lesiGreki elisho “ukubuka” elisetshenziswe lapha ngokuyisisekelo “lisho isenzo sengqondo ekuqondeni amaqiniso athile ngento.”—An Expository Dictionary of New Testament Words, kaW. E. Vine; qhathanisa nezEnzo 7:31, Kingdom Interlinear.
3. Umuntu ozibuka esibukweni angakhohlwa kanjani ngokushesha ukuthi “wayengonjani”?
3 Khona-ke, cabanga ngomuntu ozibukisisa esibukweni, mhlawumbe athole umfanekiso awubonayo ungathandeki. Angase abone amabilo abangelwa ukudla nokuphuza ngokweqile, ijwabu elingezansi kwamehlo livuvukele ngenxa yokungalali kahle, nezinhlonze esiphongweni ngenxa yezinkinga ezibeleselayo. Njengoba ebhekene nobuso bakhe, uzimisela ukuba enze izinguquko emikhubeni nasendleleni yokuphila okwakufanele zenziwe esikhathini eside ngaphambili.
-