Ingabe Uyamvumela UNkulunkulu Ukuba Akhulume Nawe Nsuku Zonke?
UZIBUKA kangaki esibukweni? Abaningi bethu bakwenza njalo lokhu—mhlawumbe kaningana ngosuku. Ngani? Ngoba siyayikhathalela indlela esibukeka ngayo.
Ukufunda iBhayibheli kungafaniswa nokuzibuka esibukweni. (Jakobe 1:23-25) Izinto ezilotshwe eZwini likaNkulunkulu zinamandla okusisiza ukuba sizibone njengoba sinjalo. ‘Zihlaba kuze kuhlukane umphefumulo nomoya.’ (Hebheru 4:12) Ngamanye amazwi, zenza kubonakale ngokucacile lokho esiyikho ngaphandle nalokho esiyikho ngempela ngaphakathi. Zisibonisa izinto okudingeka sizilungise, njengoba kwenza isibuko.
IBhayibheli alibonisi kuphela lapho kudingeka silungise khona, kodwa liphinde lisisize senze lokho kulungisa. Umphostoli uPawulu wabhala: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni.” (2 Thimothewu 3:16, 17) Phawula, kulezi zinzuzo ezine ezibaliwe, ezintathu zazo—ukusola, ukuqondisa izinto nokuyala—zihilela ukwenza ushintsho esimweni sethu sengqondo nasezenzweni zethu. Uma kubalulekile ukuzibuka njalo esibukweni ukuze siqiniseke ukuthi sibukeka kahle yini, kangakanani-ke ngokufunda iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli njalo!
Lapho ebeka uJoshuwa ukuba ahole isizwe sakwa-Israyeli, uJehova uNkulunkulu wathi kuye: “Le ncwadi yomthetho akufanele isuke emlonyeni wakho, futhi kumelwe uyifunde ngezwi eliphansi ubusuku nemini, ukuze uqaphele ukwenza ngokuvumelana nakho konke okulotshwe kuyo; ngoba uma wenza kanjalo uyoyiphumelelisa indlela yakho futhi uyokwenza ngokuhlakanipha.” (Joshuwa 1:8) Yebo, ukuze uJoshuwa aphumelele kwakudingeka afunde iZwi likaNkulunkulu “ubusuku nemini,” noma njalo.
Ihubo lokuqala nalo lisitshela ngezinzuzo zokufunda iBhayibheli nsuku zonke. Lithi: “Uyajabula umuntu ongazange ahambe ngeseluleko sababi, ongazange ame endleleni yezoni, futhi ongazange ahlale endaweni yabahleka usulu. Kodwa injabulo yakhe isemthethweni kaJehova, futhi ufunda umthetho wakhe ngezwi eliphansi imini nobusuku. Ngokuqinisekile uyoba njengomuthi otshalwe ngasemifudlaneni yamanzi, othela isithelo sawo ngenkathi yaso nomahlamvu awo angabuni, futhi konke akwenzayo kuyophumelela.” (IHubo 1:1-3) Yebo, siyafuna ukuba njengalowo muntu.
Abantu abaningi bakwenza umkhuba ukufunda iBhayibheli nsuku zonke. Lapho ebuzwa ukuthi kungani efunda iBhayibheli nsuku zonke, omunye umKristu waphendula: “Uma ngithandaza kuNkulunkulu ngokuphindaphindiwe phakathi nosuku ngilindela ukuba angizwe, kungani-ke mina ngingakulaleli lokho akushoyo ngokufunda iZwi lakhe nsuku zonke? Uma sifuna ukuba ngabangane abahle nathi kumelwe sibalalele abanye lapho bekhuluma.” Lo mKristu uqinisile. Ukufunda iBhayibheli kufana nokulalela uNkulunkulu ngoba lokho kusisiza ukuba sithole umbono wakhe ngezinto.
Ukunqoba Inselele
Mhlawumbe usuke wazama ukuziqalela isimiso sokufunda iBhayibheli. Ingabe wake walifunda iBhayibheli kusukela kuGenesise kuya kusAmbulo? Leyo indlela enhle kakhulu yokuzijwayelanisa nalokho elikuqukethe. Nokho, abanye baye bazama kaningana ukulifunda lonke iBhayibheli, kodwa isimiso sabo sokulifunda saphazamiseka. Wake wabhekana yini nale nselele? Yini ongayenza ukuze ufinyelele umgomo wokulifunda lonke iBhayibheli? Zama lokhu kusikisela okulandelayo.
Yiba nesikhathi sokufunda iBhayibheli esimisweni sakho sansuku zonke. Khetha isikhathi usuku ngalunye lapho ungakwazi khona ukufunda iBhayibheli. Hlela esinye isimiso uma kwenzeka lesi singasebenzi ukuze uma uhluleka ukufunda iBhayibheli ngesikhathi osinqumile, ube nesinye isikhathi osihlelile ukuze usuku lungadluli ungalifundanga iZwi likaNkulunkulu. Ngale ndlela uyokwazi ukulingisa isibonelo sabantu baseBhereya bamandulo. Nakhu esitshelwa kona ngabo: “Bamukela izwi ngengqondo enokulangazela okukhulu, behlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezi zinto.”—IzEnzo 17:11.
Yiba nomgomo oqondile engqondweni. Ngokwesibonelo, uma ufunda izahluko zeBhayibheli ezintathu kuya kwezinhlanu nsuku zonke, ungalifunda lonke iBhayibheli ngonyaka owodwa. Ishadi elisemakhasini alandelayo libonisa indlela yokwenza lokhu. Zimisele ukuzama lesi simiso. Ngaphansi kwengxenye ethi “Usuku,” hlela ukuthi uzozifunda nini izahluko ezibonisiwe. Ebhokisaneni yibe usubhala uqhwí obonisa ukuthi usuzifundile lezo zahluko. Ukwenza kanjalo kuzokusiza ubone intuthuko yakho.
Uma usuliqede lonke iBhayibheli, kungani ungaphindi ulifunde? Ungasebenzisa isimiso esifanayo ekulifundeni minyaka yonke, mhlawumbe uqale ngengxenye ehlukile njalo. Uma ufuna ukulifunda kancane kancane, ungathatha izinsuku ezimbili noma ezintathu ufunda ingxenye ngayinye ehleliwe.
Njalo lapho ufunda iBhayibheli, uzothola izinto ezintsha ongazisebenzisa ekuphileni kwakho—izinto obungakaze uziqaphele ngaphambili. Kwenziwa yini lokho? Kwenziwa ukuthi “isimo saleli zwe siyashintsha” futhi ukuphila kwethu nezimo zethu nakho kushintsha njalo. (1 Korinte 7:31) Ngakho-ke, zimisele ngokuqinile ukubheka nsuku zonke esibukweni esiyiZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ngaleyo ndlela, ungaqiniseka ngokuthi uvumela uNkulunkulu akhulume nawe nsuku zonke.—IHubo 16:8.