-
Khuluma ‘Okwakhayo’“Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
-
-
7, 8. Amazwi ethu asenza silandise ngezinga elingakanani kuJehova?
7 Isizathu sesithathu sokuqapha esikushoyo ukuthi uJehova usenza silandise ngesikukhulumayo. Indlela esisebenzisa ngayo ulimi ayigcini ngokuthinta ubuhlobo bethu nabanye abantu kodwa nokuma kwethu kuJehova. UJakobe 1:26 uthi: “Uma umuntu ezibona sengathi ungumkhulekeli oqotho, kodwa nokho engalulawuli ulimi lwakhe ngokungathi ngetomu, kodwa eqhubeka ekhohlisa inhliziyo yakhe, indlela yalo muntu yokukhulekela iyize.”b Njengoba sibonile esahlukweni esandulele, esikushoyo kuyintonye nokukhulekela kwethu. Uma ulimi lwethu lungalawulwa njengokungathi ngetomu—lukhafula inkulumo elimazayo nenobuthi—yonke imisebenzi yethu yobuKristu ingaba yize phambi kukaNkulunkulu. Akusangulukisi lokho?—Jakobe 3:8-10.
-
-
Khuluma ‘Okwakhayo’“Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
-
-
b Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “yize” lihunyushwa nangokuthi ‘okungenamsebenzi’ nangokuthi ‘okungenazithelo.’—1 Korinte 15:17; 1 Petru 1:18.
-