Uthando Lunqoba Umhawu Ongafanele
“Uthando alunamhawu.”—1 KORINTE 13:4.
1, 2. (a) Yini uJesu ayitshela abafundi bakhe ngothando? (b) Kungenzeka yini ube nothando nomhawu ngesikhathi esifanayo, futhi kungani uphendula kanjalo?
UTHANDO luwuphawu olubonakalisa ubuKristu beqiniso. “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu,” kusho uJesu Kristu. (Johane 13:35) Umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba achaze indlela uthando okufanele luthinte ngayo ubuhlobo bamaKristu. Phakathi kwezinye izinto, wabhala: “Uthando alunamhawu.”—1 Korinte 13:4.
2 Lapho uPawulu ebhala lawo mazwi, wayebhekisele emhawini ongafanele. Ukube kwakungenjalo wayengenakutshela lona lelo bandla: “Ngiyakhweleza ngani ngesikhwele sokuhlonipha uNkulunkulu.” (2 Korinte 11:2) Isikhwele sakhe “sokuhlonipha uNkulunkulu” savuswa amadoda ayenethonya elonakalisayo ebandleni. Lokhu kwashukumisela uPawulu ukuba abhalele amaKristu aseKorinte incwadi yesibili ephefumulelwe eyayineseluleko sothando.—2 Korinte 11:3-5.
Umhawu Phakathi KwamaKristu
3. Inkinga eyayihilela umhawu phakathi kwamaKristu aseKorinte yaqala kanjani?
3 Encwadini yakhe yokuqala kwabaseKorinte, uPawulu kwadingeka asingathe inkinga eyayivimbela lamaKristu amasha okholweni ukuba azwane. Ayephakamisa amadoda athile, ‘ekhukhumele ekhetha omunye kunomunye.’ Lokhu kwaholela ekuhlukaneni ebandleni, abanye bethi: “Mina ngingokaPawulu,” “Kodwa mina ngingoka-Apholo,” “Kodwa mina ngingokaKhefase.” (1 Korinte 1:12; 4:6) Ngaphansi kokuqondisa komoya ongcwele, umphostoli uPawulu wakwazi ukungena emnyombweni walenkinga. AbaseKorinte babenzisa okwabantu abanengqondo engokwenyama, bengenzi ‘njengabantu abangokomoya.’ Ngakho, uPawulu wabhala: “Nisengabangokwenyama. Ngoba njengoba kukhona umhawu nengxabano phakathi kwenu, anibona yini abangokwenyama futhi anihambi yini njengoba kuhamba abantu?”—1 Korinte 3:1-3.
4. Yimuphi umfanekiso owasetshenziswa uPawulu ukuze asize abafowabo babe nombono ofanele ngomunye nomunye, futhi yisiphi isifundo esingasifunda kulokhu?
4 UPawulu wasiza abaseKorinte ukuba baqaphele ukubaluleka kokuba nombono oqondile ngamakhono abantu abahlukahlukene ebandleni. Wabuza: “Ubani okwenza uhluke komunye? Ngempela, yini onayo ongazange uyamukele? Manje, uma ngempela uyamukele, kungani uziqhayisa njengokungathi awuzange uyamukele?” (1 Korinte 4:7) Kweyoku-1 Korinte isahluko 12, uPawulu wachaza ukuthi labo ababeyingxenye yebandla babenjengamalungu ahlukene omzimba womuntu, njengesandla, iso, nendlebe. Waveza ukuthi uNkulunkulu wenza amalungu omzimba ngendlela eyayiyowenza anakekelane. UPawulu wabhala futhi: “Uma ilungu likhazinyuliswa, wonke amanye amalungu ajabula kanye nalo.” (1 Korinte 12:26) Zonke izinceku zikaNkulunkulu namuhla kufanele zisebenzise lesi simiso ebuhlotsheni bazo nabanye. Esikhundleni sokumfela umona omunye umuntu ngesabelo sakhe noma lokho akufezile enkonzweni kaNkulunkulu, kufanele sithokoze nalowo muntu.
5. Yini eyembulwa uJakobe 4:5, futhi imiBhalo iliqokomisa kanjani iqiniso lalamazwi?
5 Kuyavunywa ukuthi ayingangamlomo. Umlobi weBhayibheli uJakobe usikhumbuza ukuthi ‘ukuthambekela emoneni’ kukubo bonke abantu abanesono. (Jakobe 4:5) Ukufa komuntu kokuqala kwenzeka ngenxa yokuthi uKayini wavumela ukunqotshwa umhawu wakhe ongafanele. AmaFilisti ashushisa u-Isaka ngoba enomona ngokuchuma kwakhe okwakukhula. URaheli wayenomhawu ngokuthi udadewabo wayezala. Amadodana kaJakobe ayenomhawu ngenxa yomusa owawuboniswa kumfowabo omncane uJosefa. Ngokusobala uMiriyamu wayenomhawu ngomkamfowabo owayengeyena umIsrayeli. Ngenxa yomona uKora, uDathani, no-Abiramu babophela uMose no-Aroni uzungu. INkosi uSawule yaba nomhawu ngokuphumelela kukaDavide kwezempi. Ngokungangabazeki umhawu yisona sici esabangela abafundi bakaJesu ukuba babe nezimpikiswano eziningi ngokuthi ubani owayemkhulu phakathi kwabo. Iqiniso liwukuthi akekho umuntu ongaphelele ongenakho ngokuphelele ‘ukuthambekela emoneni’ okuyisono.—Genesise 4:4-8; 26:14; 30:1; 37:11; Numeri 12:1, 2; 16:1-3; IHubo 106:16; 1 Samuweli 18:7-9; Mathewu 20:21, 24; Marku 9:33, 34; Luka 22:24.
Ebandleni
6. Abadala bangakulawula kanjani ukuthambekela kokuba nomona?
6 Wonke amaKristu kudingeka aqaphele umona nomhawu ongafanele. Lokhu kuhlanganisa nezindikimba zabadala ezimiselwe ukunakekela amabandla abantu bakaNkulunkulu. Uma umdala enokuthobeka kwengqondo, ngeke azame ukudlula abanye ngenxa yesifiso sokuvelela. Ngakolunye uhlangothi, uma umdala othile enamakhono avelele okuhlela noma okuba isikhulumi sasobala, abanye bayokuthokozela lokhu bekubheka njengesibusiso ebandleni. (Roma 12:15, 16) Umzalwane angase athuthuke kahle, anikeze ubufakazi bokuveza izithelo zomoya kaNkulunkulu ekuphileni kwakhe. Lapho becabangela izimfanelo zakhe, abadala kufanele baqaphele bangagqamisi ubuthakathaka obuncane ukuze bakwenze kufaneleke ukungamtusi njengenceku ekhonzayo noma umdala. Lokho kuyobonisa ukuntula uthando nokungacabangeli.
7. Iyiphi inkinga engase ibe khona lapho umKristu ethola isabelo esingokwasezulwini?
7 Uma umuntu ethola isabelo esingokwasezulwini noma isibusiso esingokomoya, abanye ebandleni kudingeka baqaphele umona. Ngokwesibonelo, udade ofanelekayo angase asetshenziswe kaningi kunabanye ekwenzeni imiboniso emihlanganweni yobuKristu. Lokhu kungase kwenze abanye odade babe nomhawu. Mhlawumbe kwakunenkinga efanayo phakathi kuka-Evodiya noSintike basebandleni laseFilipi. Abesifazane abanjalo bosuku lwanamuhla bangase badinge isikhuthazo somusa esivela kubadala ukuze bathobeke futhi “babe nomqondo ofanayo eNkosini.”—Filipi 2:2, 3; 4:2, 3.
8. Umhawu ungaholela kuziphi izenzo eziyisono?
8 UmKristu kungenzeka wazi iphutha lothile lesikhathi esidlule manje osebusiswe ngamalungelo athile ebandleni. (Jakobe 3:2) Ngenxa yomhawu, kungase kube nesilingo sokukhuluma nabanye ngalokhu nokukhononda ngesabelo salowo muntu ebandleni. Lokhu kuyobe kuphambene nothando, ‘olumboza izono eziningi.’ (1 Petru 4:8) Inkulumo yomhawu ingaphazamisa ukuthula kwebandla. “Kodwa uma ninomhawu obabayo nokubanga ezinhliziyweni zenu,” kuxwayisa umfundi uJakobe, “musani ukuzigabisa niqambela iqiniso amanga. Lokhu akukhona ukuhlakanipha okwehla kuvela phezulu, kodwa okwasemhlabeni, okobulwane, okobudemoni.”—Jakobe 3:14, 15.
Emkhayeni Wakho
9. Abangane bomshado bangayilawula kanjani imizwa yesikhwele?
9 Imishado eminingi iyawohloka ngenxa yomhawu ongafanele. Ukubonisa ungamethembi umngane womshado akulona uthando. (1 Korinte 13:7) Ngakolunye uhlangothi, omunye umngane kungenzeka angayikhathaleli imizwa yesikhwele yomunye umngane womshado. Ngokwesibonelo, umfazi angase abe nesikhwele ngenxa yokunakekela umyeni wakhe akunikeza othile wobulili obuhlukile. Noma indoda ingase ibe nesikhwele ngenxa yesikhathi umkayo asichitha enakekela isihlobo esiswelayo. Ngenxa yamahloni ngemizwa enjalo, abangane bomshado bangase bathule bese bebonisa ukukhungatheka kwabo ngezindlela ezenza inkinga ibe yimbi nakakhulu. Esikhundleni salokho, umngane womshado onesikhwele kudingeka akhulume ngobuqotho ngemizwa yakhe. Nalona omunye umngane kudingeka abonise ukuqonda futhi amqinisekise ngothando lwakhe. (Efesu 5:28, 29) Bobabili kungadingeka banciphise imizwa yesikhwele ngokugwema izimo ezisivusayo. Ngezinye izikhathi umbonisi ongumKristu kungase kudingeke asize umkakhe aqonde ukuthi unikeza amalungu obulili obuhlukile ukunakekela okulinganiselwe nokufanele, ukuze afeze umthwalo wakhe wemfanelo njengomalusi womhlambi kaNkulunkulu. (Isaya 32:2) Yiqiniso, umdala kufanele aqaphele ukuba anganikezi isizathu esifanele sesikhwele. Lokhu kudinga ukulinganisela, eqikelela ukuba abe nesikhathi sokuqinisa ubuhlobo emshadweni wakhe siqu.—1 Thimothewu 3:5; 5:1, 2.
10. Abazali bangazisiza kanjani izingane zabo ukuba zibhekane nemizwa yomhawu?
10 Abazali kumelwe basize nabantwana babo ukuba bawuqonde kahle umhawu ongafanele. Izingane zivame ukuhilizisana okugcina ngokulwa. Ngokuvamile umsuka kusuke kuwumhawu. Ngenxa yokuthi izidingo zengane ngayinye azifani, izingane ngeke ziphathwe ngendlela efana nsé. Ngaphezu kwalokho, izingane kudingeka ziqonde ukuthi ngayinye yazo inezimfanelo ezinhle nezimbi enye engenazo. Uma enye ingane ihlale ikhuthazwa ukuba yenze kahle njengenye, lokhu kungahlakulela umona kwenye nokuqhosha kwenye. Ngakho, abazali kufanele baqeqeshe izingane zabo ukuba zilinganise ukuthuthuka kwazo ngokucabangela izibonelo eziseZwini likaNkulunkulu, hhayi ngokuncintisana zodwa. IBhayibheli lithi: “Masingabi abazazisayo, sibhebhezela ukuncintisana, sifelana umona.” Kunalokho, “yilowo nalowo makahlole umsebenzi wakhe siqu, khona-ke uyoba nesizathu sokwethaba ngokuqondene naye yedwa, hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu.” (Galathiya 5:26; 6:4) Okubaluleke nakakhulu, abazali abangamaKristu kudingeka basize izingane zabo ngesifundo seBhayibheli sasikhathi sonke, beqokomisa izibonelo ezinhle nezimbi eziseZwini likaNkulunkulu.—2 Thimothewu 3:15.
Izibonelo Zokulawula Umhawu
11. UMose waba kanjani isibonelo esihle ekusingatheni umhawu?
11 Ngokungafani nabaholi balelizwe abomele amandla, “uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.” (Numeri 12:3) Lapho ukuhola u-Israyeli kuba nzima kuMose ukuba akuthwale yedwa, uJehova wenza ukuba umoya wakhe usebenze kwamanye ama-Israyeli angu-70, ewanika amandla okusiza uMose. Lapho amabili alamadoda eqala ukwenzisa okwabaprofethi, uJoshuwa waba nomuzwa wokuthi lokhu kwakuphazamisa ukuhola kukaMose. UJoshuwa wayefuna ukuwavimbela lamadoda, kodwa ngokuzithoba uMose wathi: “Unomhawu ngenxa yami na? Sengathi bonke abantu bakaJehova bangaba-ngabaprofethi, uJehova abeke uMoya wakhe phezu kwabo.” (Numeri 11:29) Yebo, uMose wayejabula lapho abanye bethola amalungelo enkonzo. Akazange azifunele udumo ngenxa yomhawu.
12. Yini eyenza uJonathani wakwazi ukugwema imizwa yomhawu?
12 Isibonelo esihle sendlela uthando oluyinqoba ngayo imizwa engafanele yomhawu engaba khona sabekwa uJonathani, indodana yeNkosi yakwa-Israyeli uSawule. NguJonathani owayezolandela ohlwini lwababezodla ifa lesihlalo sobukhosi sikayise, kodwa uJehova wayekhethe uDavide, indodana kaJese, ukuba abe inkosi elandelayo. Abaningi abasesimweni sikaJonathani babeyoba nomhawu ngoDavide, bambheke njengembangi. Nokho, uthando lukaJonathani ngoDavide lwaluvimbela umuzwa onjalo ukuba umbuse. Lapho ezwa ngokufa kukaJonathani, uDavide wayengasho athi: “Ngidabukile ngawe-mfowethu Jonathani; wawumnandi kakhulu kimi; lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho, ludlula uthando lwabesifazane.”—2 Samuweli 1:26.
Izibonelo Ezivelele Kakhulu
13. Ubani oyisibonelo esingcono kakhulu endabeni yomhawu, futhi ngani?
13 UJehova uNkulunkulu uyisibonelo esivelele kakhulu somuntu okwazi ukulawula ngisho nomhawu ofanele. Uyilawula ngokuphelele imizwa enjalo. Noma yikuphi ukubonakaliswa okunamandla komhawu waphezulu ngaso sonke isikhathi kuvumelana nothando lukaNkulunkulu, ubulungisa, nokuhlakanipha.—Isaya 42:13, 14.
14. Yisiphi isibonelo uJesu asibeka ngokungafani noSathane?
14 Isibonelo sesibili esivelele somuntu obonisa ukulawula umhawu yiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo, uJesu Kristu. “Nakuba ayekhona ngesimo sikaNkulunkulu,” uJesu ‘akakucabangelanga ukuqhwaga, okuwukuthi, ukuba alingane noNkulunkulu.’ (Filipi 2:6) Yeka inkambo ephambene ngempela naleyo eyathathwa yingelosi eyaba uSathane uDeveli! ‘Njengenkosi yaseBabele,’ ngomhawu, uSathane wafisa ‘ukuzenza abe ngangoPhezukonke’ ngokuzenza abe unkulunkulu oyimbangi kaJehova. (Isaya 14:4, 14; 2 Korinte 4:4) USathane wazama ngisho nokwenza uJesu ‘awe phansi futhi enze isenzo sokukhulekela kuye.’ (Mathewu 4:9) Kodwa akukho lutho olwalungachezukisa uJesu enkambweni yakhe yokuzithoba ebukhosini bukaJehova. Ngokungafani noSathane, uJesu “wazigeqa wathatha isimo sesigqila futhi wafana nabantu. Ngaphezu kwalokho, lapho ezithola esesimweni esinjengesomuntu, wazithoba futhi walalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni esigxotsheni sokuhlushwa.” UJesu wamelela ukufaneleka kokubusa kukaYise, eyilahla ngokuphelele inkambo kaDeveli yokuqhosha nomhawu. Ngenxa yokuthembeka kukaJesu, ‘uNkulunkulu wamphakamisela esikhundleni esiphakeme futhi ngomusa wamnika igama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama, ukuze egameni likaJesu wonke amadolo aguqe awabasezulwini nawabasemhlabeni nawabangaphansi komhlabathi, nokuba zonke izindimi zivume obala ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi kube inkazimulo kaNkulunkulu uBaba.’—Filipi 2:7-11.
Ukulawula Umhawu Wakho
15. Kungani kumelwe siqikelele ukuthi siyalwa nemizwa yomhawu?
15 Ngokungafani noNkulunkulu noKristu, amaKristu awaphelele. Ngenxa yokuba nesono, ngezinye izikhathi angase enze izinto ngomhawu oyisono. Ngakho-ke, esikhundleni sokuvumela umhawu usenze sigxeke esikholwa naye ngenxa yephutha elincane noma ukona okucatshangelwayo, kubalulekile ukuba sizindle ngalamazwi aphefumulelwe: “Ungabi-ngolungileyo ngokudluleleyo, ungazenzi ohlakaniphileyo kakhulu; uzichithelani na?”—UmShumayeli 7:16.
16. Yisiphi iseluleko ngomhawu esanikezwa kwenye ikhophi yalomagazini eyadlula?
16 I-Watch Tower ka-March 15, 1911, yaxwayisa ngendaba yomhawu: “Nakuba kufanele sishiseke kakhulu, sibe nomhawu kakhulu enjongweni yeNkosi, kumelwe siqikelele ukuthi akuyona indaba yomuntu siqu; futhi kufanele sicabangele ukuthi asibona yini ‘ogaxekile.’ Futhi-ke, kufanele sicabangele ukuthi kungaba yinto efanele yini ukuba abadala bayisingathe nokuthi kuwumthwalo wethu yini ukuya kubadala. Sonke kufanele sibe nomhawu omkhulu ngenjongo yeNkosi nangomsebenzi weNkosi, kodwa siqaphele kungabi yilolu hlobo olubi . . . ngamanye amazwi, kufanele siqikelele ukuba singamfeli umona omunye umuntu, kodwa sibe nomhawu ngaye, ngezithakazelo nangenhlala-kahle yakhe.”—1 Petru 4:15.
17. Singazigwema kanjani izenzo zomhawu eziyisono?
17 Thina njengamaKristu singakugwema kanjani ukuqhosha, umhawu, nomona? Ikhambi liwukuvumela ukugeleza ngokukhululekile komoya ongcwele kaNkulunkulu ekuphileni kwethu. Ngokwesibonelo, kudingeka sithandazele umoya kaNkulunkulu nosizo ekuboniseni izithelo zawo ezinhle. (Luka 11:13) Kudingeka siye emihlanganweni yamaKristu, evulwa ngomthandazo futhi enomoya nesibusiso sikaNkulunkulu phezu kwayo. Ngaphezu kwalokho, kudingeka sitadishe iBhayibheli, elaphefumulelwa uNkulunkulu. (2 Thimothewu 3:16) Futhi kudingeka sihlanganyele emsebenzini wokushumayela ngoMbuso owenziwa ngamandla omoya ongcwele kaJehova. (IzEnzo 1:8) Ukusiza amaKristu esinawo aye acindezelwa isimo esibuhlungu kungenye indlela yokuvumela ithonya elihle lomoya kaNkulunkulu. (Isaya 57:15; 1 Johane 3:15-17) Ukufeza zonke lezi zibopho zobuKristu ngentshiseko kuyosivimba ekwenzeni izenzo zomhawu eziyisono, ngoba iZwi likaNkulunkulu lithi: “Qhubekani nihamba ngomoya futhi ngeke neze nifeze isifiso senyama.”—Galathiya 5:16.
18. Kungani kungeke kudingeke silwe nemizwa engafanele yomhawu phakade?
18 Uthando lungolokuqala ohlwini lwezithelo zomoya ongcwele kaNkulunkulu. (Galathiya 5:22, 23) Ukubonisa uthando kuyosisiza ekulawuleni ukuthambekela okuyisono manje. Kodwa kuthiwani ngekusasa? Izigidi zezinceku zikaJehova zinethemba lokuphila ePharadesi lasemhlabeni elizayo, lapho zingalindela khona ukuba zithuthukiselwe ekupheleleni kobuntu. Kulelozwe elisha, uthando luyovama futhi akukho muntu oyonqotshwa imizwa engafanele yomhawu, ngoba “indalo ngokwayo nayo iyokhululwa ekugqilazweni ukonakala futhi ibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.”—Roma 8:21.
Amaphuzu Okuzindla
◻ Yimuphi umfanekiso uPawulu awusebenzisa ukuze asize ekulweni nomhawu?
◻ Umhawu ungakuphazamisa kanjani ukuthula kwebandla?
◻ Abazali bangaziqeqesha kanjani izingane zabo ukuba zilwe nomhawu?
◻ Singazigwema kanjani izenzo zomhawu eziyisono?
[Isithombe ekhasini 16]
Ungawuvumeli umhawu uphazamise ukuthula kwebandla
[Isithombe ekhasini 17]
Abazali bangaqeqesha izingane zabo ukuba zilwe nemizwa yomhawu