Yiba Nesithakazelo Somuntu Siqu Kwabanye
“Yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye.”—FILIPI 2:4.
1, 2. Yiziphi ezinye izizathu zokuba nesithakazelo somuntu siqu kwabanye?
SINEZIZATHU ezinhle zokuba nesithakazelo somuntu siqu kwabanye. Ngokwesibonelo, abantu esikanye nabo kumelwe basithakazelise ngoba sihlukile komunye nomunye. Izakhi zofuzo zamangqamuzana ethu omzimba zinomklamo wokwakheka kwethu ngokofuzo. Uhluke kakhulu kangangokuthi abantu abahlola ubugebengu baye banezela “imigqa yeminwe” yezici zofuzo ochungechungeni lwabo lwezindlela zokuthola izigebengu.
2 Kunezinye izizathu zokuthi kungani sihlukile futhi sithakazelisa njengabantu ngabanye. Kusukela ekukhulelweni, singaphansi kwethonya lendawo esizungezile. Kunobufakazi obuningi bokuthi izingane ezingakazalwa ziyasabela kulokho okwenzeka ngaphandle kwesibeletho. Khona-ke, ngemva kokuba singene ezweni njengabaphefumuli abazimele, noma imiphefumulo, izimo zengqondo nezindlela zabazali bethu ziyasithinta. Njengoba sikhula, singase sibe umntwana owukuphela kwakhe noma silandelwe abafowethu nodadewethu futhi sibe nengxenye ethile ekubanakekeleni. Ubudlelwano obunjalo noma ukuntuleka kwabo kuyayithonya indlela esikhula ngayo. Esikufundayo, esikufundiswa esikoleni, nesikubukela kuthelevishini nakho kuyakuthonya ukucabanga nezenzo zethu.
3. Ngokuvumelana nabaseFilipi 2:4, isiphi isithakazelo okufanele sibe naso ngokukhethekile kwabanye?
3 Khona-ke, indlela esihluke ngayo ishukumisa isithakazelo esithile komunye nomunye. Kodwa umphostoli uPawulu wayecabanga ngesizathu esikhudlwana sokuba nesithakazelo kwabanye. Ngakho-ke, wanxusa amaKristu ayekanye naye ukuba ‘angabheki okwawo, kepha abheke nokwabanye.’ (Filipi 2:4) Kunokuzifunela inzuzo yethu siqu, kumelwe ikakhulukazi sibe nesithakazelo kwabanye ngokomoya. Khona-ke, yiziphi ezinye izindlela esingaba ngazo nesithakazelo esinjalo somuntu siqu kwabanye?
Isithakazelo Esingokomoya Nokwehluka Kobuntu
4. Ngokweyabase-Efesu 4:22-24, yiluphi ushintsho olunezela ekubeni kwethu nesithakazelo somuntu siqu kwabanye?
4 Isithakazelo sethu esingokomoya kwabanye siyajula lapho thina ngokwethu sisebenzisa ulwazi lweqiniso elingokomBhalo futhi sifunda ukuzifanelanisa nesibonelo sikaJesu Kristu. (1 Petru 2:21) NjengamaKristu eqiniso, ‘sikhumula ubuntu obudala obungokwenkambo yethu yokuqala’ futhi esikhundleni sabo sisebenzele ukwembatha ‘ubuntu obusha obadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni.’ (Efesu 4:22-24) Ngakho-ke, izimo zengqondo zobugovu ziyaqhubeka zithathelwa indawo ukukhathalela abanye komusa nokokucabangela.—Isaya 65:25.
5. Kungani kunobuntu obuhlukene ebandleni lobuKristu, okuphakamisa muphi umbuzo?
5 Nakuba kuye kwaba noshintsho lobuntu oluphawulekayo phakathi kwabantu bakaJehova, ukuthambekela esonweni kusekhona. Ngisho noPawulu wavuma: “Ngifumana kimina engithanda ukwenza okuhle umthetho wokuthi kukhona okubi kimi.” (Roma 7:21) Yebo, kunezinye izici esazithola ngofuzo nesizizuzile, nazo zisenza sihluke. Abanye banekhono lokudweba, kanti abanye banekhono lokucubungula izinto. Nakuba abanye bethulile, abanye bathanda ukuzihlanganisa nabantu futhi bakhululekile. Khona-ke, ubunye bebandla lobuKristu kumelwe bulondolozwe kanjani naphezu kokungefani okunjalo kobuntu?
6. Kufanele sikubheke kanjani ukungafani kobuntu, futhi ubungakufanekisa kanjani lokhu?
6 Ukuze sibonise isithakazelo esingokomoya kwabanye futhi silondoloze ubunye bobuKristu, kumelwe sibe qotho futhi sibe abaqondayo. Njengoba uNkulunkulu engalindele ukuba sibe abaphelele, akumelwe sikufune ngenkani ukuphelela kumaKristu esihlanganyela nawo. Ngaphezu kwalokho, uJehova akalindele ukuba zonke izinceku zakhe zifane ncamishí. Ebandleni lobuKristu, sonke sinendawo futhi singawasebenzisa amakhono ethu esawathola ngofuzo nesiwanikwe uNkulunkulu ekuqhubekiseleni phambili umsebenzi wakhe. (1 Korinte 12:12-26) Uma sizigcina simatasa sikhandleka ngaphansi kokuqondisa kweNhloko yebandla, uJesu Kristu, ngeke sibe nesikhathi sokubhekana ngendlela yokugxeka. (1 Korinte 4:1-4) Njengoba ingcweti yazi, ithuluzi ngalinye liklanyelwe ukwenza umsebenzi othile. Ingabe isando singabhoboza imbobo enhle eyenziwa umshini wokubhoboza? Ingabe ithuluzi elisetshenziselwa ukubaza ipulangwe lingasibopha ngokuphumelayo isikulufu kulo? Cha, ngoba ithuluzi ngalinye linomsebenzi walo ofanele.
7. Njengoba sihlanganyela ndawonye enkonzweni yoMbuso, yini okufanele siyigcine iza kuqala engqondweni?
7 Yeka ukuthi amazwi engoma yoMbuso ethi “Inkonzo Ejabulisayo” ayiqiniso kanjani! Iyanxusa: “Masikhonze ngenjabulo iNkosi, ’zipho namakhono singawagodli.” Yiqiniso, kungenzeka asinalo ikhono eliphawulekayo. Nokho, siwugcina uza kuqala engqondweni umsebenzi esiwabelwe njengoFakazi BakaJehova futhi sizinikela kuwo ngenhliziyo epheleleyo. Njengoba lengoma inezela: “Nom’ incan’ inkonzo yethu, s’bonisa uthando lwethu nokuzimisela.”—Hubani Izindumiso zikaJehova, ingoma 130.
Bheka Abanye Njengabakhulu
8. Ubunye buthuthukiswa kanjani ngokusebenzisa lokho uPawulu akusho kwabaseFilipi 2:1-3?
8 Ubunye buyathuthukiswa futhi ngokucabangela abanye njengabakhulu kunawe. UPawulu wabhala: “Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKristu, uma kukhona ukududuzeka kothando, uma kukhona inhlangano kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu, gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe-nomqondo munye, ninothando lunye, nibe-nhliziyonye, niqonde into inye.” Phawula ukuthi lomphostoli uyanezela: “Ningenzi-lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.”—Filipi 2:1-3.
9. Kusho ukuthini ukuba othanda umbango nokuqhosha, futhi singazigwema kanjani lezizici?
9 Engabheki abanye njengabakhulu, umuntu othanda umbango ubonisa “ukuthambekela ezingxabanweni nasezimpikiswaneni okuvame ukuba okwenkani nokukhathazayo.” (Webster’s New Collegiate Dictionary) Lesisici singazibonakalisa ‘ekuphikisaneni ngamazwi.’ (1 Thimothewu 6:4) Ngokuqinisekile, umoya amazwi ashiwo ngawo nemiqondo ayinikezayo kumelwe kukhathalelwe ngokuyinhloko. Ngakho gwema ukuba umcubunguli wokunemba kwamazwi athile asetshenziswa enkulumweni noma kokubhaliwe. Futhi kuthiwani uma kwethulwa kuwe umbono ohlukile ngenkolelo ethile? Namathela ngokwethembeka ekwazisweni okungokomBhalo okunikezwa uNkulunkulu ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45-47) Kakade, kungaleyondlela esafunda ngayo iqiniso kwasekuqaleni. Ukukuqaphela lokhu kusisiza ukuba sigweme ukuqhosha, okungukuthi, ukuba nomuzwa oweqile wokuziqhenya.
Yiba Nesithakazelo Somuntu Siqu Kwabanye
10. EyabaseFilipi 2:4 kufanele isetshenziswe kanjani ebandleni?
10 Khumbula ukuthi uPawulu wasinxusa ukuba ‘singabheki okwethu, kepha sibheke nokwabanye.’ (Filipi 2:4) Kusho ukuthini lokhu? Njengoba ukuba abayiqaphelisisayo indawo yethu esizungezile kungasisiza enkonzweni yasensimini, kanjalo ukuba nesithakazelo ngenhlala-kahle yabanye ebandleni kuyosinikeza amathuba okuqinisa isibopho sothando esisihlanganisayo. Ikakhulukazi abadala banomthwalo wemfanelo wokubonisa ukukhathalela amakholwa abakanye nawo, ngoba esinye isaga sithi: “Yazi nokwazi ukuma kwezimvu zakho.” (IzAga 27:23) Yebo, sonke singazinakekela futhi kufanele sizinakekele izidingo zamakholwa esikanye nawo.—1 Petru 2:17.
11. Kungani kudingeka silalelisise lapho sikhuluma nabafowethu nodade abangokomoya?
11 Enye indlela yokuthuthukisa ubunye nokuba nesithakazelo kwabanye iwukuzinika isikhathi sokuxoxa kahle nabafowenu nodade abangokomoya. Thola ukuthi bacabangani. Lokhu kungenziwa lapho uvakashela emakhaya abo, ngaphambi nangemva kwemihlangano eHholo LoMbuso, naphakathi namakhefu esimiso semihlangano yethu emikhulu. Futhi lalelisisa lapho bekhuluma. Lokhu kungase kusho ukuthi siyozwa ngobunzima ababhekana nabo, ngokwenza kanjalo singase sikwazi ukubasiza ekuthwaleni imithwalo yabo futhi ngaleyondlela sigcwalise umthetho kaKristu. (Galathiya 6:2) Nokho, okuthile okungaphezu kokukhuluma nabafowethu kuyolondoloza ubunye bebandla. Kuyini lokho?
Bonisa Uzwela
12. Kungani kufanele sibonise uzwela?
12 Uzwela nalo luthuthukisa ubunye bobuKristu. Njengoba kunokucindezela okukhulayo kokuphila, sonke kudingeka ukuba sibonise lemfanelo. Kwangathi singelokothe sinake kakhulu lokho esikucabangayo kangangokuthi sihluleke ukucabangela imizwa yabanye. Ngokwesibonelo: Njengoba omunye owayenengxenye esimisweni soMhlangano Wenkonzo efika, umdala wakhuluma naye ngokushesha ngendaba okwakumelwe imenyezelwe. Okwamangalisa umdala futhi kwambangela amahloni ukuthi, lowomuntu wambheka, wamoyizela, wayesethi: “Okokuqala, Mfowethu, sawubona!” Indaba okwakumelwe imenyezelwe yaxoxwa ngemva kokuba bebingelelene ngobungane futhi lowomzalwane wenziwa wakhululeka. Yeka isifundo esafundwa yilowomdala! Musa ukushesha kakhulu, ngaleyondlela ungayinaki imikhuba yenhlonipho eyenza ubuhlobo bakho nabanye bube obujabulisayo.
13. Uzwela lushukumisela abadala ukuba benzeni ekusebenzelaneni namaKristu abakanye nawo?
13 Uzwela lushukumisela abadala ukuba babonise isihe nezinye izici ezinhle. Ngezinye izikhathi, lamadoda kumelwe abe mnene, ‘njengomdlezane ondla abantwana bakhe.’ (1 Thesalonika 2:7) Ukusiza abanye abantu kudinga ukubekezela okukhulu nokusekela kothando. Labo abaye ‘baluyeka uthando ababenalo ekuqaleni’ bangase badinge ukushukunyiswa ukuba benze umsebenzi omkhulu ngokwengeziwe futhi bangase badinge usizo lokuqonda ukuphuthuma kwezikhathi zethu. (IsAmbulo 2:4; 2 Thimothewu 4:2; Heberu 6:11, 12) NjengoPawulu, abadala ‘banothando lomzwelo’ ngamaKristu abahlanganyela nawo, bawanxuse futhi bawakhuthaze ‘ukuba ahambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu.’—1 Thesalonika 2:8, 11, 12.
14. Yibuphi ubufakazi obanikezwa uPawulu bokuthi wayenozwela?
14 UPawulu washiyela abadala isibonelo esihle sendlela yokubonisa ukukhathalela kothando ngenhlala-kahle yabazalwane nodade abangokomoya. Wabhala: “Ngaphandle kwezinye izinto kukhona okungicindezelayo imihla yonke: ukukhathalela onke amabandla.” Ngenxa yokuthi uPawulu wayenokukhathalela okunjalo, wayengabuza: “Ngubani obuthakathaka ngingebuthakathaka nami na? Ngubani okhubekiswayo kungavuthi kimi na?” Uma ungumdala, ingabe unozwela olunjalo?—2 Korinte 11:28, 29.
Ukuzuza Umfowenu
15. Lapho kuphakama ubunzima obungathi sína phakathi kwabazalwane, yisiphi iseluleko sikaJesu kuMathewu 18:15 okufanele silandelwe, futhi kufanele ibe yini inhloso?
15 Ukubonisa uzwela kuthuthukisa ubunye phakathi kwezinceku zikaJehova. Nokho, kungathuka kwenzeka ukuba kuphakame ukungezwani. Lapho kuhileleke izindaba ezingathi sína, amaKristu kumelwe alandele iseluleko sikaJesu esilotshwe kuMathewu 18:15-17. Phawula isinyathelo sokuqala. Siwukukhuluma nomfowenu ngasese ukuze “wenze iphutha lakhe licace” (NW). Kufanele ibe yini inhloso yakho? Phela, ‘ukuzuza umfowenu’! UJesu wathi: “Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.” Ngokujabulisayo, ukukhulumisana ngasese ngokuvamile yikho kuphela okudingekayo ukuze kubuyiselwe ubuhlobo obunokuthula phakathi kwakho nomkhulekeli kaJehova okanye naye.
16. Yini okufanele yenziwe uma uqaphela ukuthi umfowenu unokuthile ngawe?
16 Uma uphawula ukuthi umfowenu unokuthile ngawe, landela iseluleko sikaJesu ‘sokubuyisana nomfowenu.’ (Mathewu 5:24) Xazululani inkinga ngendlela epholile, enomusa, nizama ukuba ngamunye wenu aqonde umbono womunye. Ngalendlela, ngokuvamile indaba ingaxazululwa futhi ukuthula kwebandla kungalondolozwa.
Ukuzuza Abangakholwa
17, 18. Yisiphi iseluleko uPetru asinikeza abafazi abangamaKristu abahlala emikhayeni ehlukene ngokwenkolo?
17 Esinye sezimo ezinzima kakhulu okumelwe kusetshenziswe kuso izimiso ezingokomBhalo kuphakathi komkhaya ohlukene ngokwenkolo. AmaKristu amaningi akhandleka ngokwethembeka nakuba ebhekene nokukhungatheka nobunzima obubangelwa ukuntuleka kobunye obungokomoya emshadweni wawo. Angasizwa kanjani?
18 Ngenxa yokuthi banesithakazelo somuntu siqu kwabanye, abadala balunikeza ngenjabulo usizo olungokomoya kulabo abaphila emikhayeni ehlukene ngokwenkolo. Ngokwesibonelo, kungase kuqondiswe ukunakekela eselulekweni sikaPetru ngokuziphatha kwabafazi abangamaKristu abakulesimo. Ubatshela ukuba bathobele amadoda abo, ngisho nakuba engakholwa futhi “engalaleli izwi.” Kungani kudingeka bawathobele? “Ukuze . . . azuzwe ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwabafazi bawo.” (1 Petru 3:1; Kingdom Interlinear) Kodwa ukusebenzisa leseluleko kuphumelela kangakanani?
19. Nikeza isibonelo sokubonisa inzuzo yokusebenzisa eyoku-1 Petru 3:1.
19 Owesifazane ogama lakhe linguVera uyavuma ukuthi lapho eqala ukuba umKristu, wayekhuluma njalo nomyeni wakhe ngeqiniso leBhayibheli, futhi lamcika. Uyanezela: “Ngilandela iseluleko esingokomBhalo engasithola komunye umdala, nganquma ukuthi kungcono ukuba ngisebenzise amasu futhi ngilindele amathuba amahle aziveze.” Ngokuyisisekelo, uVera wasebenzisa eyoku-1 Petru 3:1, nakuba athatha isinyathelo sokuqala sokuba ashukumisele umyeni wakhe, uBarry, ukuba baxoxe ngezimiso zeBhayibheli. Kamuva umyeni wakhe wachaza: “Eminyakeni eminingi, ngaqaphela ukuthi iPhaphama! [iphephabhuku eliwumngane weNqabayokulinda] yayibekwe ezindaweni ezingavamile endlini. Yayiqukethe izihloko eziwusizo futhi ngezinye izikhathi ezingakaphumi ezindabeni.” Ngenxa yalokho, ngemva kweminyaka engama-20 yokuntuleka kobunye, uBarry noVera bajabulela ukuba nobunye enkonzweni kaJehova.
20. Yiluphi usizo abadala abangalunikeza amadoda angamaKristu asemikhayeni ehlukene ngokwenkolo?
20 Indoda ekholwayo ibhekana nobunzima obukhulu uma umkayo ephikisa ubuKristu beqiniso futhi ethonya abantwana babo ukuba bamelane nayo. Beba nesithakazelo somuntu siqu endodeni enjalo, abadala bangadonsela ukunakekela ezimisweni eziwusizo ezingokomBhalo. Ngokwesibonelo, kungavezwa ukuthi naphezu kokuphikisa komkayo, iyinhloko yomkhaya futhi kufanele inikeze abantwana bayo imfundo engokomBhalo. (Efesu 6:4) Ingakhuthazwa ukuba ihlale nomkayo “ngokokwazi,” ibonisa isithakazelo kulokho akwenzayo futhi imsize ngemisebenzi yasekhaya nokunakekelwa kwabantwana. (1 Petru 3:7) Ngaphezu kwakho konke, indoda ekholwayo nengubaba kufanele ikhuthazwe ukuba igcine imizila yokukhulumisana ivulekile ukuze ikwazi okusenhliziyweni yelungu ngalinye lomkhaya wayo. Abadala bangase futhi bayikhuthaze ukuba iqhubeke izama ukusiza umkayo ngamazwi ‘ayoliswe ngosawoti,’ ilethula ngokuhlakanipha iqiniso elingokomBhalo kuye ngezikhathi ezifanelekile.—Kolose 4:6.
21. Umfazi ongakholwa angase asizwe kanjani ukuba abe nesithakazelo eqinisweni?
21 Ukubonisa isithakazelo ezihlotsheni zamaKristu emikhayeni ehlukene ngokwenkolo ngezinye izikhathi kwenza umuntu asabele esigijimini soMbuso. Ngokwesibonelo: Enye indoda engumKristu yayidumele ngenxa yokuthi umkayo wayeyiphikise kanzima iminyaka eminingana. Omunye umdala wacela ukuvakasha futhi asize ngengxoxo yeBhayibheli. Lapho efika ekhaya, lowomdala wabingelela umkayo ngobungane wayesebuza: “Ubungethande yini ukuhlala nathi?” Lesosimemo sobungane samhlaba umxhwele kakhulu lona wesifazane kangangokuthi wahlanganyela ngenjabulo engxoxweni. Ngokushesha wamukela iqiniso futhi waqala ukushumayela kwabanye.
22. Kungani kufanele sibe nesithakazelo somuntu siqu komunye nomunye?
22 Khona-ke, njengoFakazi BakaJehova, ‘masenze konke ngenxa yezindaba ezinhle.’ (1 Korinte 9:23) Ngempela, “njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.” (Galathiya 6:10) Kwangathi singaba nesithakazelo somuntu siqu komunye nomunye ukuze uthando luchume ebuzalwaneni bethu bomhlaba wonke.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Kungani, ikakhulukazi, kufanele sibe nesithakazelo kwabanye?
◻ Singaba kanjani nesithakazelo somuntu siqu kwesikholwa kanye nabo?
◻ Abadala bangalubonisa kanjani uzwela?
◻ Yini engaba umphumela wokuba kwethu nesithakazelo somuntu siqu kwabangakholwa?
[Izithombe ekhasini 16, 17]
Njengoba ithuluzi ngalinye liklanyelwe ukwenza umsebenzi othile, bonke abasebandleni lobuKristu bangasebenzisa amakhono abawanikwe uNkulunkulu ekuqhubekiseleni phambili umsebenzi waKhe
Ukuze uthuthuthukise ubunye bobuKristu, yiba nesithakazelo somuntu siqu kwabanye
[Izithombe ekhasini 18]
UPawulu washiyela abadala isibonelo esihle sendlela yokubonisa ukukhathalela kothando ngamakholwa abakanye nawo