‘Jehova, Ngivivinye’
“UJEHOVA ungumhloli wezinhliziyo.” (IzAga 17:3) Sonke kufanele kusikhuthaze kakhulu lokho. Ngani? Ngoba uBaba wethu wasezulwini “ubona lokho inhliziyo eyikho,” ngokungafani nabantu abahlulela ngokwalokho abakubonayo.—1 Samuweli 16:7.
Empeleni, ngisho nathi ngokwethu asikwazi ukuzihlola kahle izisusa nokuthambekela kwethu okujule kakhulu. Ngani? Ngoba “inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi yenza ngokuphelelwa yithemba. Ubani ongase ayazi?” Nokho, uNkulunkulu uyayazi, ngoba uthi: “Mina, Jehova, ngiphenya inhliziyo, ngihlola izinso.” (Jeremiya 17:9, 10) Yebo, uJehova uyayiqonda “inhliziyo”—kuhlanganise nezisusa zethu ezingaphakathi—‘nezinso,’ imicabango nemizwelo yethu ejule kakhulu.
Kungani Sivivinywa?
Akumangalisi-ke ukuthi inkosi yasendulo, uDavide, yathi kuNkulunkulu: “Ngihlole, Jehova, ungivivinye; cwenga izinso zami nenhliziyo yami.” (IHubo 26:2) Ingabe izenzo namazwi kaDavide kwakuhlanzeke ngokuphelele kangangokuthi wayengesabi lutho uma uJehova emvivinya? Lutho neze! Njengathi sonke, uDavide wayengaphelele futhi engenakuphila ngokuvumelana ngokugcwele nezindinganiso zikaNkulunkulu. Ngenxa yobuthakathaka bakhe, wenza izenzo eziningana ezimbi kakhulu. Noma kunjalo ‘wahamba ngobuqotho benhliziyo.’ (1 AmaKhosi 9:4) Wakwenza kanjani lokhu? Ngokwamukela ukusolwa nangokulungisa indlela yakhe. Ngaleyo ndlela wabonisa ukuthi wayemthanda ngempela uJehova. Wayezinikele ngokuphelele kuNkulunkulu.
Kuthiwani ngathi namuhla? UJehova uyazi ukuthi asiphelele nokuthi singase sone ngamazwi nangezenzo. Nokho, akasebenzisi ikhono lakhe lokwazi ikusasa lethu kusengaphambili ukuze anqume inkambo yethu yokuphila. Lapho esidala wasinika inkululeko yokuzikhethela, isipho somusa, futhi uyayihlonipha leyo nkululeko.
Noma kunjalo, ngezinye izikhathi uJehova uvivinya umuntu esinguye ngaphakathi ngomqondo othile, kuhlanganise nezisusa zethu. Lokhu angakwenza ngokusinika amathuba okuveza lokho okusezinhliziyweni zethu. Angase avumele nezimo noma izinselele ezihlukahlukene ukuba zembule ukuthambekela kwethu okujule kakhulu. Lokhu kusinikeza ithuba lokubonisa uJehova indlela esizinikele futhi esiqotho ngayo. Lolo vivinyo oluvunyelwa uJehova lungase luveze izinga lokholo lwethu, ukuthi ‘siphelele futhi siphilile yini ezicini zonke, futhi asintuli lutho.’—Jakobe 1:2-4.
Ukuvivinywa Kokholo Endulo
Izinceku zikaJehova aziqali manje ukuvivinywa ukholo nezisusa. Cabanga ngenzalamizi u-Abrahama. “UNkulunkulu weqiniso wamvivinya u-Abrahama.” (Genesise 22:1) Lapho kushiwo la mazwi, ukholo luka-Abrahama kuNkulunkulu lwase luke lwavivinywa. Emashumini eminyaka ngaphambili, uJehova wayecele u-Abrahama ukuba yena nomkhaya wakhe basuke e-Uri, umuzi owawuchuma, baye ezweni ababengalazi. (Genesise 11:31; IzEnzo 7:2-4) U-Abrahama, okungenzeka ukuthi wayenomuzi e-Uri, akazange athenge ndawo yokuhlala eKhanani, izwe ahlala kulo amashumi eminyaka. (Hebheru 11:9) Ukuba kuka-Abrahama uzulane kwabeka yena nomkhaya wakhe engozini yokubulawa indlala, izitha ezihlomile nokuhlushwa ababusi bendawo abangamaqaba. U-Abrahama wazibonakalisa enokholo olumangalisayo phakathi naso sonke leso sikhathi.
UJehova wabe esemvivinya nakakhulu u-Abrahama. “Ngicela uthathe indodana yakho, indodana yakho okuwukuphela kwayo oyithanda kakhulu, u-Isaka, . . . uyinikele . . . njengomnikelo wokushiswa.” (Genesise 22:2) U-Isaka wayekhetheke kakhulu ku-Abrahama. Wayenguzinyo-bulala kuye nomkakhe uSara. U-Isaka wayeyindodana yesithembiso, ukuphela kwethemba lika-Abrahama lokuthi ‘inzalo’ yakhe yayiyothola izwe laseKhanani njengefa futhi ibe isibusiso kwabaningi, ngokwesithembiso sikaNkulunkulu. Phela u-Isaka wayeyiyona ndodana okwakulindeleke ukuba u-Abrahama abe nayo neyaba isimangaliso esivela kuNkulunkulu!—Genesise 15:2-4, 7.
Ungacabanga ukuthi lo myalo wamxaka kanjani u-Abrahama. Ingabe ngempela uJehova wayefuna umhlatshelo ongumuntu? UJehova wayengamzwiselani nje u-Abrahama ubumnandi bokuba nendodana ekugugeni kwakhe, abese ecela ukuba ayenze umhlatshelo?a
Nakuba ayengenazo izimpendulo ezicacile zale mibuzo, u-Abrahama walalela ngaphandle kokuchitha isikhathi. Wahamba izinsuku ezintathu ukuya entabeni eyayikhethwe uJehova. Esefikile, wakha i-altare wabeka izinkuni phezu kwalo. Uvivinyo lwase lufike emvuthwandaba. U-Abrahama wawuthatha ummese, kodwa kwathi lapho esezoyibulala indodana yakhe, uJehova wamnqanda esebenzisa ingelosi, wathi: “Manje ngiyazi ukuthi uyamesaba uNkulunkulu ngoba awungigodlelanga indodana yakho, okuwukuphela kwayo.” (Genesise 22:3, 11, 12) Cabanga nje ukuthi u-Abrahama wajabula kanjani ukuzwa lawo mazwi! U-Abrahama wayenokholo olukhulu ngempela, njengoba uJehova ayebonile ngaphambili. (Genesise 15:5, 6) Ngemva kwalokho, u-Abrahama wanikela ngenqama esikhundleni sika-Isaka. UJehova wabe eseqinisa izithembiso zesivumelwano eziphathelene nenzalo ka-Abrahama. Kuyaqondakala-ke ukuthi kungani u-Abrahama abizwa ngokuthi umngane kaJehova.—Genesise 22:13-18; Jakobe 2:21-23.
Nolwethu Ukholo Luyavivinywa
Sonke siyazi ukuthi izinceku zikaNkulunkulu ziyavivinywa namuhla. Nokho, olwethu uvivinyo lungase lube yilokho uJehova akuvumela ukuba kwenzeke kunokuba asitshele ukuba senze okuthile.
Umphostoli uPawulu wabhala: “Bonke labo abafisa ukuphila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kanye noKristu Jesu nabo futhi bayoshushiswa.” (2 Thimothewu 3:12) Singase sishushiswe esifunda nabo esikoleni, abangane, izihlobo, omakhelwane noma izikhulu zikahulumeni ezitshelwe amanga ngathi. Singase sihlukunyezwe ngamazwi noma emzimbeni, siphazanyiswe nasemsebenzini wokuziphilisa. AmaKristu eqiniso abhekana nanezinkinga ezehlela wonke umuntu—ukugula, ukudumazeka nokungaphathwa ngobulungisa. Zonke lezi zinkinga zivivinya ukholo lomuntu.
Umphostoli uPetru wagcizelela izinzuzo zokuvivinywa kokholo lomuntu: “Niye nenziwa lusizi yizilingo ezihlukahlukene okwesikhashana, ukuze isimo esivivinyiwe sokholo lwenu, senani elikhulu kakhulu kunegolide elishabalalayo naphezu kokuvivinywa kwalo ngomlilo, sitholakale siyisizathu sendumiso nenkazimulo nodumo ekwambulweni kukaJesu Kristu.” (1 Petru 1:6, 7) Yebo, ukuvivinywa kufaniswa nokucwengwa kwegolide ngomlilo. Le nqubo isusa amanyela ishiye igolide elimsulwa. Kwenzeka okufanayo nasokholweni lwethu lapho sivivinywa.
Ngokwesibonelo, ingozi noma inhlekelele engokwemvelo ingase idale izinkinga ezithile. Nokho, abantu abanokholo lweqiniso abavumi ukuba lokho kubacindezele ngokungadingekile. Isiqinisekiso sikaJehova siyabaduduza: “Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.” (Hebheru 13:5) Bayaqhubeka bebeka izinto ezingokomoya kuqala ekuphileni kwabo, beqiniseka ukuthi uJehova uNkulunkulu uyoyibusisa imizamo yabo yokuthola izinto abazidinga ngempela. Ukholo lwabo luyabalonda phakathi nezikhathi ezinzima futhi lubasize bagweme ukusenza sibe nzima nakakhulu isimo sabo ngokukhathazeka ngokungadingekile.
Ukuthi uvivinyo lungase luveze ubuthaka okholweni lwethu nakho kungasisiza uma lusenza sibone isidingo sokulungisa bese silungisa lapho kudingeka khona. Kuhle ukuba umuntu azibuze: ‘Ngingaluqinisa kanjani ukholo lwami? Ingabe ngidinga ukuzinika isikhathi esengeziwe sokutadisha iZwi likaNkulunkulu ngosizo lomthandazo futhi ngizindle ngalo? Ingabe ngiya njalo emihlanganweni ngibe namanye amakholwa? Ingabe ngiye ngizethembe mina lapho kufanele ngabe izinto ezingikhathazayo ngizitshela uJehova uNkulunkulu ngomthandazo?’ Nokho, lokho kuzihlola kumane kuyisiqalo nje.
Ukuze umuntu aqinise ukholo lwakhe, kungase kudingeke alambele ukudla okungokomoya, ‘alangazelele ubisi olungonakalisiwe olungolwezwi.’ (1 Petru 2:2; Hebheru 5:12-14) Kufanele silwele ukufana nomuntu umhubi amchaza lapho ethi: “Injabulo yakhe isemthethweni kaJehova, futhi ufunda umthetho wakhe ngezwi eliphansi imini nobusuku.”—IHubo 1:2.
Lokhu kusho okungaphezu nje kokufunda iBhayibheli. Kubalulekile ukucabanga ngalokho iZwi likaNkulunkulu elisitshela khona bese senza ngokweseluleko salo. (Jakobe 1:22-25) Lokho kuyokhulisa uthando lwethu ngoNkulunkulu, kusisize ukuba sithandazele izinto ezithile ngokuqondile nangokusuka enhliziyweni futhi kwenze ukholo lwethu kuye luqine ngokwengeziwe.
Inani Lokholo Oluvivinyiwe
Into eyoluqinisa kakhulu ukholo lwethu ukuqaphela ukuthi kumelwe nakanjani sibe nalo ukuze sithole ukwamukelwa uNkulunkulu. IBhayibheli liyasikhumbuza: “Ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa ngoba lowo oza kuNkulunkulu kumelwe akholelwe ukuthi ukhona nokuthi uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.” (Hebheru 11:6) Ngakho, kufanele sizizwe njengendoda eyancenga uJesu: “Ngisize lapho ngidinga khona ukholo!”—Marku 9:24.
Ukuvivinywa kokholo lwethu kungasiza nabanye. Ngokwesibonelo, lapho umKristu efelwa umuntu amthandayo, ukholo lwakhe oluqinile esithembisweni sikaNkulunkulu sovuko luyamqinisa. Uyadabuka yena, kodwa ‘akadabuki njengoba nje kwenza bonke abanye abangenalo ithemba.’ (1 Thesalonika 4:13, 14) Abanye abantu ababona amandla okholo lwalowo mKristu bangase babone ukuthi unokuthile okuyigugu ngempela. Lokho kungashukumisa izinhliziyo zabo kubenze bafise ukuba nokholo olufanayo, bafunde ngeZwi likaNkulunkulu futhi babe abafundi bakaJesu Kristu.
UJehova uyazi ukuthi ukholo oluvivinyiwe lunenani elikhulu. Ngaphezu kwalokho, ukuvivinywa kokholo lwethu kusenza sibone ukuthi ukholo lwethu lungasilondoloza ngempela noma cha. Kusisiza nokuba sibone lapho ukholo lwethu lubuthaka khona, sibe sesimweni esingcono kakhulu sokulungisa izinto. Okokugcina, ukubhekana kwethu ngokuphumelelayo novivinyo kungase kusize abanye babe abafundi bakaJesu. Ngakho, kwangathi singenza konke okusemandleni ukugcina ukholo lwethu luqinile—ukholo oluyokwenza ukuba “sitholakale siyisizathu sendumiso nenkazimulo nodumo ekwambulweni kukaJesu Kristu,” naphezu kokuvivinywa kaninginingi.—1 Petru 1:7.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukuthi “umhlatshelo” ka-Isaka ongokomfanekiso umelelani, bheka INqabayokulinda ka-July 1, 1989, ikhasi 22.
[Isithombe ekhasini 13]
Imisebenzi ka-Abrahama yokholo yamenza umngane kaJehova
[Izithombe ekhasini 15]
Uvivinyo lungabonisa ukuthi ukholo lwethu lungasiqinisa ngempela
[Umthombo Wesithombe ekhasini 12]
From the Illustrated Edition of the Holy Scriptures by Cassell, Petter, & Galpin