Isihlengo Esifanelanayo Ngabo Bonke
‘INdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube-yisihlengo sabaningi.’—MATHEWU 20:28.
1, 2. (a) Kungani kungathiwa isihlengo siyisipho esikhulu kunazo zonke uNkulunkulu asinike isintu? (b) Iyiphi inzuzo eza ngokuhlola isihlengo?
ISIHLENGO yisipho esikhulu kunazo zonke uNkulunkulu asinike isintu. ‘Ngokukhululwa ngesihlengo, singathethelelwa izono zethu.’ (Efesu 1:7, qhathanisa neNW.) Siyisisekelo sethemba lokuphila okuphakade, ezulwini noma emhlabeni oyipharadesi. (Luka 23:43; Johane 3:16) Futhi ngenxa yaso, amaKristu angajabulela ukuma okuhlanzekile phambi kukaJehova ngisho namanje.—IsAmbulo 7:14, 15.
2 Ngakho-ke isihlengo asiyona into engaqondakali noma engeyona engokoqobo. Njengoba sisekelwe ngokomthetho ezimisweni zaphezulu, isihlengo singaletha izinzuzo ezingokoqobo neziphathekayo. Izici ezithile zalemfundiso kungase kube ‘lukhuni ukuzizwisisa.’ (2 Petru 3:16) Kodwa uzothola ukuthi kuwufanele ngempela umzamo ukuhlolisisa imfundiso yesihlengo, ngoba sibonisa uthando lukaNkulunkulu olwedlulele ngesintu. Ukuqonda lokho okushiwo isihlengo kusho ukuqonda isici esiyinhloko ‘sengcebo, ukuhlakanipha nokwazi’ kukaNkulunkulu okungenakuqhathaniswa.—Roma 5:8; 11:33.
Izimpikiswano Okumelwe Zixazululwe
3. Isihlengo saba kanjani ngesidingekayo, futhi kungani uNkulunkulu engazange amane athalalise ukuba nesono kwesintu?
3 Isihlengo sadingeka ngenxa yesono somuntu wokuqala, uAdamu, owadlulisela enzalweni yakhe ifa eliyize eliwukugula, izifo, usizi nobuhlungu. (Roma 8:20) Ngenxa yokungapheleli kwayo eyakuzuza njengefa, yonke inzalo ka-Adamu ‘ingabantwana bolaka,’ abafanelwe ukufa. (Efesu 2:3; Duteronomi 32:5) UNkulunkulu wayengeke avumele ukunqotshwa umuzwa ongenazimiso bese amane nje athethelele isintu esingalawuleki. IZwi lakhe siqu libonisa ukuthi “inkokhelo yesono ingukufa.” (Roma 6:23) Ukuze athalalise ukuba nesono kwesintu, uNkulunkulu kwakuyodingeka azishaye indiva izindinganiso zakhe siqu zokulunga, enze ukwahlulela kwakhe ngokulunga okungokomthetho kungasebenzi! (Jobe 40:8) Nokho, “ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sobukhosi [sikaNkulunkulu].” (IHubo 89:14) Noma yikuphi ukuchezuka ekulungeni angakwenza kungamane nje kukhuthaze ukungabi namthetho futhi kululaze isikhundla sakhe njengoMbusi Wendawo Yonke.—Qhathanisa nomShumayeli 8:11.
4. Ukuhlubuka kukaSathane kwaphakamisa ziphi izimpikiswano?
4 UNkulunkulu kwakumelwe futhi axazulule ezinye izimpikiswano ezaphakanyiswa ukuhlubuka kukaSathane, izimpikiswano ezibaluleke kakhulu kunesimo somuntu esibucayi. USathane weleka ithunzi elimnyama egameni elihle likaNkulunkulu ngokumangalela uJehova ngokuthi ungumqambimanga nomashiqela ononya oncisha izidalwa zakhe ulwazi nenkululeko. (Genesise 3:1-5) Ngaphezu kwalokho, ngokwenza okubonakala kuwukubhuntshisa injongo kaNkulunkulu yokugcwalisa umhlaba ngabantu abalungile, uSathane wenza uNkulunkulu wabonakala eyisehluleki. (Genesise 1:28; Isaya 55:10, 11) USathane futhi wazinika ngokwakhe isibindi sokunyundela izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile, ezimangalela ngokuthi zimkhonza nje ngenxa yezisusa zobugovu. USathane waqhosha ngokuthi, uma zazingaba ngaphansi kokucindezeleka, akukho neyodwa kuzo eyayiyohlala ithembekile kuNkulunkulu!—Jobe 1:9-11.
5. Kungani uNkulunkulu ayengenakuzishaya indiva izinselele ezaphakanyiswa uSathane?
5 Lezinselele zazingenakushaywa indiva. Uma zashiywa zingaphenduliwe, ukuthembela ekubuseni kukaNkulunkulu nokukusekela ekugcineni kwakuyophela. (IzAga 14:28) Uma umthetho nokuhleleka kwanyamalala, ingabe kwakungeke kube nesiyaluyalu endaweni yonke? Ngakho ngenxa yegama lakhe nangenxa yezindlela zakhe zokulunga uNkulunkulu wazibophelela ukuba alwele ubukhosi bakhe. Ngenxa yezinceku zakhe ezithembekile uNkulunkulu wazibophelela ukuba azivumele zibonise ukuthembeka kwazo okungenakwephulwa kuye. Lokhu kwasho ukusingatha isimo esibi sesintu esinesono ngendlela eyazinikeza indawo yokuqala izimpikiswano ezibaluleke kakhulu. Kamuva watshela uIsrayeli: “Mina, mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami.”—Isaya 43:25.
Isihlengo Siyisisibekelo
6. Yimaphi amanye amagama asetshenziswa eBhayibhelini ekuchazeni izindlela zikaNkulunkulu zokusindisa isintu?
6 KumaHubo 92:5, siyafunda: “Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova. Imicabango yakho ijulile kakhulu.” Ngakho-ke kudinga umzamo ngathi ukuba sikuqonde lokho uNkulunkulu akwenzela isintu. (Qhathanisa neHubo 36:5, 6.) Ngokujabulisayo, iBhayibheli lisisiza ukuba siqonde lendaba ngokusebenzisa amagama amaningi achaza noma abonisa imisebenzi emikhulu kaNkulunkulu ngemibono ehlukahlukene. IBhayibheli likhuluma ngesihlengo ngamagama anjengokuthi ukuthenga, ukubuyisana, ukuxolisa, ukuhlenga, nokuhlangula. (IHubo 49:8; Daniyeli 9:24, NW; Galathiya 3:13, NW; Kolose 1:20; Heberu 2:17, NW) Kodwa mhlawumbe igama eliyichaza kangcono kakhulu lendaba yilelo elasetshenziswa uJesu ngokwakhe kuMathewu 20:28: ‘INdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo kube-yisihlengo [ngesiGreki, lyʹtron] sabaningi.’
7, 8. (a) Sifundani emagameni esiGreki nawesiHeberu asho isihlengo? (b) Bonisa indlela isihlengo esihilela ngayo ukufanelana.
7 Siyini isihlengo? Igama lesiGreki elithi lyʹtron livela esenzweni esisho “ukukhulula.” Lalisetshenziselwa ukuchaza imali ekhokhelwa ukukhulula iziboshwa zempi. Nokho, emiBhalweni yesiHeberu igama elisho isihlengo, elithi koʹpher, livela esenzweni esisho “ukusibekela” noma “ukweleka.” Ngokwesibonelo, uNkulunkulu watshela uNowa ukuba asibekele (ka·pharʹ) umkhumbi ngetiyela. (Genesise 6:14) Khona-ke ngokwalombono, ukuhlenga, noma ukuhlangula izono, kusho ukusibekela izono.—IHubo 65:3, NW.
8 ITheological Dictionary of the New Testament iphawula ukuthi elithi koʹpher “njalo libonisa ukulingana,” noma ukufanelana. Ngakho, isisibekelo (kap·poʹreth) somphongolo wesivumelwano sasinesimo esifanelana nomphongolo ngokwawo. Ngokufanayo, ekuhlanguleni isono noma ekuhlengeni, ukwahlulela ngokulunga kwaphezulu kufuna “ukuphila ngokuphila, iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo.” (Duteronomi 19:21) Nokho, ngezinye izikhathi ukwahlulela ngokulunga kungafezwa uma esikhundleni sesijeziso esiqinile kunikezwa okuthile okulingana naso. Ngokwesibonelo, uEksodusi 21:28-32 ukhuluma ngenkabi ehlaba umuntu imbulale. Uma umniniyo wayazi ngesimo salenkabi kodwa wangathatha zinyathelo ezifanele, wayengasibekela, noma akhokhele ukuphila kobulewe ngokuphila kwakhe siqu! Nokho, kuthiwani uma umniniyo wayengenacala ngokugcwele ngayo? Wayeyodinga ikoʹpher, okuthile kokusibekela isiphambeko sakhe. Abahluleli abamisiwe babengafuna isihlengo kuye, noma inhlawulo, njengenani lesihlengo.
9. Isimo esihilela amazibulo akwaIsrayeli sikubonisa kanjani ukulingana ncamashi okwakufuneka enanini lesihlengo?
9 Elinye igama lesiHeberu elihlobene nelithi “ukuhlenga” lithi pa·dhahʹ, isenzo ngokuyisisekelo esisho ukuthi “hlenga.” UNumeri 3:39-51 ubonisa indlela inani lesihlengo okwakumelwe lilingane ngayo ncamashi. Ngemva kokusindisa amazibulo akwaIsrayeli ekubulaweni ngePhasika lika-1513 B.C.E., aba ngakaNkulunkulu. Ngakho wayengafuna ukuba wonke amadodana angamazibulo akwaIsrayeli amkhonze ethempelini. Kunalokho, uNkulunkulu wamukela ‘inani lesihlengo.’ (pidh·yohmʹ, ibizo elisuselwa kwelithi pa·dhahʹ), eyala: ‘Ngithabathele amaLevi . . . esikhundleni samazibulo onke aphakathi kwabantwana bakwaIsrayeli.’ Kodwa okwakuzothatha isikhundla kwakumelwe kulingane ncamashi. Kwabalwa isizwe sakwaLevi: Abesilisa abangu-22 000. Ngokulandelayo, kwabalwa wonke amazibulo akwaIsrayeli: Abesilisa abangu-22 273. Amazibulo angu-273 engeziwe ayengahlengwa kuphela ngokukhokha ‘inani lesihlengo’ elingamashekeli ayisihlanu ngomuntu ngamunye, akhululwe ekwenzeni inkonzo yasethempelini.
Isihlengo Esifanelanayo
10. Kungani imihlatshelo yezilwane yayingeke izisibekele ngokwanele izono zesintu?
10 Lokhu okwandulelayo kubonisa ukuthi isihlengo kumelwe silingane nalokho esikuthathela isikhundla, noma esikusibekelayo. Imihlatshelo yezilwane eyanikelwa amadoda okholo kusukela kuAbela kuqhubeke yayingeke ngempela isibekele izono zabantu, njengoba abantu bengaphezu kwezilwane ezingacabangi. (IHubo 8:4-8) Ngakho uPawulu wayengabhala ukuthi “akunakwenzeka ukuba igazi lezinkunzi nelezimbuzi lisuse izono.” Imihlatshelo enjalo yayingasebenza nje njengesisibekelo esingokomfanekiso, kusalindwe isihlengo esasizofika.—Heberu 10:1-4.
11, 12. (a) Kungani izinkulungwane zezigidi zabantu kungadingekanga ukuba zife ukufa komhlatshelo ukuze zisibekele ukuba nesono kwesintu? (b) Ubani kuphela owayengaba “isihlengo esifanelanayo,” futhi ukufa kwakhe kufeza yiphi injongo?
11 Lesihlengo esafanekiselwa kusengaphambili kwakumelwe silingane ncamashi noAdamu, njengoba isijeziso sokufa uNkulunkulu asinika uAdamu ngokufanelekile saphumela ekulahlweni kohlanga lwesintu. “KuAdamu bonke bayafa,” kusho eyoku-1 Korinte 15:22. Ngakho kwakungadingeki ukuba izinkulungwane zezigidi zabantu zife ukufa komhlatshelo ukuze kufanelane nomuntu ngamunye ongowenzalo ka-Adamu. “Isono sangena ezweni ngamuntu munye [uAdamu], nangesono kwangena ukufa.” (Roma 5:12) Futhi “[njengoba] ukufa kweza ngomuntu,” nokuhlengwa kwesintu kungeza “ngomuntu.”—1 Korinte 15:21.
12 Umuntu owayengaba isihlengo kwakumelwe abe umuntu ophelele wenyama negazi—olingana ncamashi noAdamu. (Roma 5:14) Isidalwa somoya noma “umuntu onguNkulunkulu” wayengeke enze izilinganiso zokwahlulela ngokulunga zilingane. Umuntu ophelele kuphela, othile ongekho ngaphansi kwesijeziso sokufa sika-Adamu, owayenganikela “isihlengo esifanelanayo,” umuntu ofanelana ngokuphelele noAdamu. (1 Thimothewu 2:6, qhathanisa neNW.)a Ngokwenza umhlatshelo ngokuphila kwakhe ngokuzithandela, ‘loAdamu wokugcina’ wayengakhokha inkokhelo yesono ‘somuntu wokuqala uAdamu.’—1 Korinte 15:45; Roma 6:23.
13, 14. (a) Ingabe uAdamu noEva bayazuza esihlengweni? Chaza. (b) Isihlengo siyizuzisa kanjani inzalo ka-Adamu? Bonisa.
13 Nokho, uAdamu noEva abazuzi esihlengweni. UMthetho kaMose wawunalesimiso: “Aniyikuthatha ihlawulo lokuphila kombulali onecala lokubulala.” (Numeri 35:31) UAdamu akazange akhohliswe, ngakho wona ngokuzithandela, ngamabomu. (1 Thimothewu 2:14) Kwaholela ekubulaweni kwenzalo yakhe, ngoba manje yazuza njengefa ukungapheleli kwakhe, kanjalo iba ngaphansi kwesigwebo sokufa. Ngokusobala, uAdamu wayefanelwe ukufa, ngoba njengomuntu ophelele, wakukhetha ngokuzithandela ukungawulaleli umthetho kaNkulunkulu. Kwakuyoba okuphambene nezimiso zikaJehova zokulunga ukuba asebenzise isihlengo ku-Adamu. Nokho, ukukhokha inkokhelo yesono sika-Adamu kulungiselela ukuqeda isigwebo sokufa enzalweni ka-Adamu! (Roma 5:16) Ngomqondo ongokomthetho, amandla abhubhisayo esono anqanyulwa khona kanye emnyombweni wawo. Umhlengi ‘uzwa ukufa ngenxa yabo bonke,’ ethwala imiphumela yesono sabo bonke abantwana baka-Adamu.—Heberu 2:9; 2 Korinte 5:21; 1 Petru 2:24.
14 Ngokwesibonelo, cabanga ngefekthri enkulu enamakhulu ezisebenzi. Umphathi wefekthri ongathembekile udla izimali zebhizinisi; ifekthri iyavalwa. Manje amakhulu alahlekelwa umsebenzi futhi awasakwazi ukukhokha izikweletu zawo. Abalingani bawo bomshado, abantwana, yebo nabakweletwayo bonke bayathinteka ngenxa yokungathembeki kwalowomuntu oyedwa! Khona-ke ngokuhamba kwesikhathi kufika umuphi ocebile akhokhe isikweletu senkampane futhi aphinde ayivule lefekthri. Ngokulandelayo, ukwesulwa kwalesosikweletu esisodwa kuletha impumuzo enkulu ezisebenzini eziningi, emikhayeni yazo nakulabo ezibakweletayo. Kodwa ingabe umphathi wokuqala uyahlanganyela kulokhu kuchuma okusha? Cha, usejele futhi kanjalo uselahlekelwe umsebenzi unomphelo! Ngokufanayo, ukwesulwa kwesikweletu esisodwa sika-Adamu kuletha izinzuzo ezigidini zenzalo yakhe—kodwa hhayi kuAdamu.
Ubani Olungiselela Isihlengo?
15. Ubani owayengalungiselela isintu isihlengo, futhi ngani?
15 UmHubi wabubula: “Umuntu angemhlenge umfowabo, angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye. Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu; akunakuphela nanini.” INew English Bible ithi inani lesihlengo ‘laliyohlala lingaphezu kwamandla akhe ukuba angalikhokha.’ (IHubo 49:7, 8) Khona-ke, ubani owayeyolungiselela isihlengo? UJehova kuphela owayengalungiselela “iWundlu” eliphelele “elisusa izono zezwe.” (Johane 1:29) UNkulunkulu akazange athumele ingelosi ethile ukuba izokhulula isintu. Wazidela kakhulu ngokuthumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa, ‘ayeyithanda ngokukhethekile.’—IzAga 8:30, qhathanisa neNW; Johane 3:16.
16. (a) Kwenzeka kanjani ukuba iNdodana kaNkulunkulu izalwe njengomuntu ophelele? (b) UJesu wayengabizwa ngokuthini ngomqondo ongokomthetho?
16 Ngokuhlanganyela kwayo ngokuzithandela ohlelweni olungokwaphezulu, iNdodana kaNkulunkulu ‘yadela’ isimo sayo sasezulwini. (Filipi 2:7) UJehova wadlulisela amandla okuphila nezimfanelo zobuntu zeNdodana yakhe yasezulwini eyizibulo esibelethweni sentombi engumJuda ethiwa uMariya. Umoya ongcwele ‘wawusuyisibekela,’ uqinisekisa ukuthi umntwana okhula esibelethweni sayo wayeyoba ngcwele, angabi nasono ngokuphelele. (Luka 1:35; 1 Petru 2:22) Njengomuntu, wayezobizwa ngokuthi uJesu. Kodwa ngomqondo ongokomthetho, wayengabizwa ngokuthi ‘uAdamu wesibili,’ ngoba wayefanelana ngokuphelele noAdamu. (1 Korinte 15:45, 47) Kanjalo uJesu wayengazinikela abe ngumhlatshelo ‘njengewundlu elingenacala, elingenabala,’ isihlengo sesintu esinesono.—1 Petru 1:18, 19.
17. (a) Isihlengo sikhokhwa kubani, futhi ngani? (b) Njengoba uNkulunkulu elungiselela futhi amukela isihlengo, kungani-ke kwenziwa lokhu kushintshanisa?
17 Nokho, lesosihlengo sasiyokhokhwa kubani? Emakhulwini amaningi eminyaka izazi zenkolo zeLobukholwa zaphikisa ngokuthi sakhokhwa kuSathane uDeveli. Iqiniso liwukuthi isintu siye ‘sathengiselwa phansi’ kwesono futhi kanjalo siye saba ngaphansi kokulawula kukaSathane. (Roma 7:14; 1 Johane 5:19) Nokho, nguJehova, hhayi uSathane, ‘okhipha isijeziso’ ngenxa yokwenza okubi. (1 Thesalonika 4:6) Ngakho-ke, kunjengoba iHubo 49:7 lisho ngokucacile, isihlengo kumelwe sikhokhwe ‘kuNkulunkulu.’ NguJehova owenza kube nesihlengo, kodwa ngemva kokuba iWundlu likaNkulunkulu lenziwe umhlatshelo, inani lalo lesihlengo kumelwe likhokhwe kuNkulunkulu. (Qhathanisa noGenesise 22:7, 8, 11-13; Heberu 11:17.) Lokhu akwenzi isihlengo sibe ukushintshanisa okungenangqondo nokwenziwa ngokoqobo, njengokungathi imali ithathwa kwelinye iphakethe ifakwe kwelinye. Isihlengo asihileli ukushintshiselana okungokoqobo njengokuthengiselana okungokomthetho. Ngokuphikelela ukuba kukhokhwe isihlengo—ngisho noma kwakuyosho ukulahlekelwa okukhulu ngaye—uJehova waqinisekisa ukunamathela kwakhe okungantengantengi ezimisweni zokulunga.—Jakobe 1:17.
“Kufeziwe”
18, 19. Kungani kwakudingekile ukuba uJesu ahlupheke?
18 Entwasahlobo ka-33 C.E., kwase kuyisikhathi sokuba kukhokhwe isihlengo. UJesu Kristu waboshwa emangalelwe ngamanga, walahlwa ngecala, futhi wabethelwa esigxotsheni sokuhlushwa. Wanxusa uNkulunkulu ‘ngokudazuluka okukhulu nangezinyembezi’ ngenxa yobuhlungu obukhulu nokululazwa okwakuhilelekile. (Heberu 5:7) Ingabe kwakudingekile ukuba uJesu ahlupheke kanjalo? Yebo, ngoba ngokuhlala ‘engcwele, engenacala, engenabala, ehlukanisiwe nezoni,’ kuze kube sekugcineni, uJesu wayixazulula ngesiphetho esiphawulekayo impikiswano yobuqotho bezinceku zikaNkulunkulu.—Heberu 7:26.
19 Ukuhlupheka kukaKristu futhi kwamphelelisela indima yakhe njengomPristi Omkhulu wesintu. Enjalo, wayengeke abe umashiqela ongenazwela nongenandaba. “Ngokuba lokhu wahlupheka yena uqobo elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.” (Heberu 2:10, 18; 4:15) Ngomoya wakhe wokufa, uJesu wayengamemeza ngokunqoba, “Kufeziwe.” (Johane 19:30) Wayengabonakalisanga ubuqotho bakhe siqu kuphela kodwa wayephumelele ekubekeni isisekelo sokusindiswa kwesintu—futhi okubaluleke nakakhulu, ukulwela ubukhosi bukaJehova!
20, 21. (a) Kungani uKristu avuswa kwabafileyo? (b) Kungani uJesu Kristu ‘aphiliswa emoyeni’?
20 Nokho, iyiphi indlela isihlengo esasingasetshenziswa ngayo ngempela esintwini esinesono? Nini? Kanjani? Lezindaba azishiywanga zingacacisiwe. Ngosuku lwesithathu ngemva kokufa kukaKristu, uJehova wamvusa kwabafileyo. (IzEnzo 3:15; 10:40) Ngalesisenzo esibalulekile, esiyiqiniso eliqinisekiswa amakhulu ofakazi bokuzibonela, uJehova akazange nje avuze inkonzo yokwethembeka yeNdodana yakhe kuphela kodwa wayinika ithuba lokuqedela umsebenzi wayo wokuhlenga.—Roma 1:4; 1 Korinte 15:3-8.
21 UJesu ‘waphiliswa emoyeni,’ umzimba wakhe wasemhlabeni wasuswa ngandlela-thile engambuliwe. (1 Petru 3:18; IHubo 16:10; IzEnzo 2:27) Njengesidalwa somoya, uJesu ovusiwe manje wayengabuyela ezulwini ngokunqoba. Yeka ukuthi kumelwe ukuba kwaba nenjabulo enkulu kangakanani ezulwini ngalesosikhathi! (Qhathanisa noJobe 38:7.) UJesu akazange aphindele ukuze nje ayojabulela ukwamukelwa kwakhe. Wayeyele ukuyokwenza omunye umsebenzi, kuhlanganise nalowo wokwenza kube nokwenzeka ngalo lonke uhlanga lwesintu ukuzuza esihlengweni sakhe. (Qhathanisa noJohane 5:17, 20, 21.) Ukuthi wakufeza kanjani lokhu nokuthi kusho ukuthini ngesintu kuzoxoxwa ngakho esihlokweni esilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Igama lesiGreki elisetshenziswe lapha, elithi an·tiʹly·tron, aliveli kwenye indawo eBhayibhelini. Lihlobene negama uJesu alisebenzisa kwelithi isihlengo (lyʹtron) kuMarku 10:45. Nokho, iNew International Dictionary of New Testament Theology iveza ukuthi elithi an·tiʹly·tron ‘ligcizelela umqondo wokushintshanisa.’ Ngokufanelekile, iNew World Translation ilihumusha ngokuthi “isihlengo esifanelanayo.”
Imibuzo Yokubukeza
◻ Yiziphi izimpikiswano ezazibaluleke ngisho nakakhulu kunokusindiswa kwesintu?
◻ Kusho ukuthini ‘ukuhlenga’ izoni?
◻ UJesu kwakumelwe afanelane nobani, futhi ngani?
◻ Ubani olungiselela isihlengo, futhi sikhokhwa kubani?
◻ Kungani kwakudingeka ukuba uKristu avuswe kwabafileyo engumoya?
[Isithombe ekhasini 13]
Imihlatshelo yezilwane yayinganele ukuba isibekele izono zabantu; yayifanekisela umhlatshelo omkhulu owawuzoza