Incwadi Evela KuNkulunkulu
“Isiprofetho asikaze silethwe ngentando yomuntu, kodwa abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu njengoba babeqhutshwa umoya ongcwele.”—2 PETRU 1:21.
1, 2. (a) Kungani abanye bezibuza ukuthi iBhayibheli liyasebenza yini ekuphileni kwanamuhla? (b) Yimiphi imikhakha emithathu yobufakazi esingayisebenzisa ukuze sibonise ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu?
INGABE iBhayibheli liyasebenza kubantu abaphila onqenqemeni lwekhulu lama-21? Abanye abacabangi kanjalo. UDkt. Eli S. Chesen, echaza ukuthi kungani enomuzwa wokuthi iBhayibheli liphelelwe isikhathi, wabhala: “Akekho ongatusa ukuba kusetshenziswe inguqulo ka-1924 [yencwadi] yesayensi yokuthakwa kwemithi ekilasini lanamuhla lokufundela ukuthakwa kwemithi—kuningi kakhulu okuye kwatholakala ngesayensi yokuthakwa kwemithi kusukela ngaleso sikhathi.” Uma ungalibhekisisile, leli phuzu libonakala linengqondo. Kakade, umuntu usefunde okuningi ngesayensi, impilo yengqondo, nokuziphatha komuntu kusukela ezikhathini zeBhayibheli. Ngakho-ke, abanye bayazibuza: ‘Kungenzeka kanjani ukuthi incwadi endala kangaka ingabi nawo amaphutha angokwesayensi? Kungenzeka kanjani ukuthi ibe nezeluleko eziwusizo ekuphileni kwanamuhla?’
2 IBhayibheli ngokwalo linikeza impendulo. Kweyesi-2 Petru 1:21, sitshelwa ukuthi abaprofethi beBhayibheli “bakhuluma okuvela kuNkulunkulu njengoba babeqhutshwa umoya ongcwele.” Ngalokho iBhayibheli libonisa ukuthi liyincwadi evela kuNkulunkulu. Nokho, singabaqinisekisa kanjani abanye ngalokhu? Ake sicabangele imikhakha emithathu yobufakazi bokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu: (1) Linembile ngokwesayensi, (2) liqukethe izimiso ezingaphelelwa isikhathi eziwusizo ekuphileni kwanamuhla, futhi (3) liqukethe iziprofetho ezicacile eziye zagcwaliseka, njengoba kufakazelwa amaqiniso omlando.
Incwadi Evumelana Nesayensi
3. Kungani iBhayibheli lingazange lisongelwe yilokho okutholwe yisayensi?
3 IBhayibheli aliyona incwadi yokufundisa isayensi. Nokho, liyincwadi yeqiniso, futhi iqiniso alishintshwa ukuhamba kwesikhathi. (Johane 17:17) IBhayibheli alizange lisongelwe yilokho okutholakele kuyisayensi. Lapho lithinta izinto ezihlobene nesayensi, alinazo nakancane izinkolelo-mbono “ezingokwesayensi” zasendulo okwatholakala ukuthi zazimane ziyizinganekwane. Eqinisweni, aliqukethe nje izinkulumo ezinembile ngokwesayensi kodwa futhi liyiphikisa ingcaca imibono eyayamukelwa ngaleso sikhathi. Ngokwesibonelo, cabanga ngokuvumelana kweBhayibheli nesayensi yezokwelapha.
4, 5. (a) Yini odokotela basendulo ababengayiqondi ngezifo? (b) Kungani kungenakungabaza ngokuthi uMose wayezazi izindlela zokwelapha zodokotela baseGibithe?
4 Odokotela basendulo babengaqondi ngokugcwele ukuthi izifo zisakazeka kanjani, futhi bengakuqapheli nokubaluleka kwenhlanzeko ekuvimbeleni ukugula. Izindlela zokwelapha eziningi zasendulo zingabonakala ziwubulima ngokwezindinganiso zanamuhla. Omunye wemibhalo yezokwelapha emidala otholakalayo yi-Ebers Papyrus, iqoqo lolwazi lwezokwelapha lwaseGibithe, cishe lango-1550 B.C.E. Unemithi engu-700 yokwelapha izifo ezihlukahlukene, “kusukela ekulunyweni ingwenya kuya ekuqaqanjelweni uzipho lozwane.” Amaningi alawa makhambi ayengasebenzi nhlobo, kodwa amanye awo ayeyingozi kakhulu. Ukuze kwelashwe inxeba, enye indlela yokwelapha yayitusa ukuba kusetshenziswe ingxube eyenziwe ngokuhlanganisa indle yomuntu nezinye izinto.
5 Lo mbhalo waseGibithe wemithi yokwelapha wabhalwa cishe ngesikhathi okwabhalwa ngaso izincwadi zokuqala zeBhayibheli, ezazihlanganisa noMthetho KaMose. UMose, owazalwa ngo-1593 B.C.E., wakhulela eGibithe. (Eksodusi 2:1-10) Njengoba akhulela emkhayeni kaFaro, uMose “wafundiswa kukho konke ukuhlakanipha kwamaGibithe.” (IzEnzo 7:22) Wayezazi “izinyanga” zaseGibithe. (Genesise 50:1-3) Ingabe izindlela zazo zokwelapha ezingasebenzi noma eziyingozi zayithonya imibhalo yakhe?
6. Yimuphi umthetho wenhlanzeko eMthethweni KaMose isayensi yezokwelapha yanamuhla engawubheka njengonengqondo?
6 Ngokuphambene nalokho, uMthetho KaMose wawuhlanganisa nemithetho yenhlanzeko engabhekwa njengenengqondo ngokwesayensi yezokwelapha yanamuhla. Ngokwesibonelo, umthetho owawuphathelene namakamu ezempi wawufuna ukuba indle igqitshwe ngaphandle kwekamu. (Duteronomi 23:13) Lena kwakuyindlela ethuthuke kakhulu yokuvimbela izifo. Yayisiza ekugcineni amanzi ehlanzekile futhi ivikela esifweni esithwalwa izimpukane, i-shigellosis, kanye nezinye izifo zohudo ezisabulala izigidi zabantu unyaka ngamunye, ikakhulu emazweni asathuthuka.
7. Yimuphi umthetho wenhlanzeko eMthethweni KaMose owawuvimbela ukusakazeka kwezifo ezithathelwanayo?
7 UMthetho KaMose wawuneminye imithetho yenhlanzeko eyayisiza ekuvimbeleni ukusakazeka kwezifo ezithathelwanayo. Umuntu owayenesifo esithathelwanayo noma owayesolwa ukuthi unaso wayehlukaniswa nabanye. (Levitikusi 13:1-5) Izingubo noma izitsha ezazithintene nesilwane esizifele (mhlawumbe esibulawe isifo) kwakufanele ziwashwe ngaphambi kokuba ziphinde zisetshenziswe noma zaphulwe. (Levitikusi 11:27, 28, 32, 33) Noma ubani othinta isidumbu wayeba ongcolile futhi kwakufanele ahlanjululwe, okwakuhlanganisa ukuwasha izingubo zakhe nokugeza. Phakathi nezinsuku eziyisikhombisa engcolile, kwakufanele agweme ukuthintana nabanye.—Numeri 19:1-13.
8, 9. Kungani kungase kuthiwe isimiso senhlanzeko soMthetho KaMose sasithuthuke kakhulu?
8 Lesi simiso senhlanzeko sibonisa ukuhlakanipha okwakuthuthuke kakhulu. Isayensi yezokwelapha yanamuhla iye yafunda okuningi mayelana nokusakazeka nokuvinjelwa kwezifo. Ngokwesibonelo, intuthuko yezokwelapha ekhulwini le-19 yaholela ekuqalweni kwesimiso sokunqanda ukuvunda—ukuhlanzeka ukuze kuncishiswe ukungenwa yizifo. Umphumela waba ukuncipha okukhulu kokungenwa yizifo nokufa ngaphambi kwesikhathi. Ngonyaka ka-1900, emazweni amaningi aseYurophu nase-United States iminyaka umuntu ayelindeleke ukuba ayiphile kusukela ezalwa yayingaphansi kwengu-50. Kusukela ngaleso sikhathi, iye yanda ngokuphawulekayo hhayi nje ngenxa yentuthuko yezokwelapha ekunqandeni izifo kodwa nangenxa yenhlanzeko engcono nezimo zokuphila ezingcono.
9 Nokho, eminyakeni eyizinkulungwane ngaphambi kokuba isayensi yezokwelapha yazi ukuthi izifo zisakazeka kanjani, iBhayibheli lasho izindlela ezihlakaniphile zokuvimbela izifo. Akumangalisi-ke ukuthi uMose wayengakhuluma ngama-Israyeli osuku lwakhe njengayephila iminyaka engu-70 noma engu-80. (IHubo 90:10) UMose wayengayazi kanjani imithetho enjalo yenhlanzeko? IBhayibheli ngokwalo liyachaza: UMthetho “wadluliselwa ngezingelosi.” (Galathiya 3:19) Yebo, iBhayibheli aliyona incwadi yokuhlakanipha kwabantu; liyincwadi evela kuNkulunkulu.
Incwadi Ewusizo Ekuphileni Kwanamuhla
10. Nakuba iBhayibheli laqedwa cishe eminyakeni engu-2 000 edlule, yini eyiqiniso ngeseluleko salo?
10 Izincwadi ezinikeza izeluleko zivame ukuphelelwa isikhathi futhi ngokushesha zibukezwe noma kwenziwe ezinye. Kodwa iBhayibheli liyingqayizivele ngempela. IHubo 93:5 lithi: “Ukufakaza kwakho kuqinisekile kakhulu.” Nakuba iBhayibheli laqedwa cishe eminyakeni engu-2 000 edlule, amazwi alo asasebenza. Futhi asebenza ngokulinganayo kungakhathaliseki ibala lesikhumba sethu noma izwe esiphila kulo. Cabanga ngezinye zezibonelo zezeluleko zeBhayibheli ezingaphelelwa yisikhathi, ‘eziqiniseke kakhulu.’
11. Emashumini ambalwa eminyaka edlule, yini abazali abaningi abenziwa ukuba bayikholelwe ngokuyalwa kwezingane?
11 Emashumini athile eminyaka adlule abazali abaningi—beshukunyiswa “imiqondo emisha” yokukhuliswa kwezingane—babecabanga ukuthi “akuvunyelwe ukwenqaba.” Babesaba ukuthi ukubekela izingane imingcele kwakungabangela usizi nokukhungatheka. Abeluleki bokukhuliswa kwezingane abanezisusa ezinhle babelokhu begcizelela ukuthi abazali kufanele nje bangazinikezi iseluleko esiqatha izingane. Ochwepheshe abaningi abanjalo manje “bakhuthaza abazali ukuba baqinaqinise isandla, baphinde banikeze isiqondiso,” kubika i-New York Times.
12. Lisho ukuthini ibizo lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘isiyalo,’ futhi kungani izingane zisidinga isiyalo esinjalo?
12 Nokho, iBhayibheli belilokhu linikeza iseluleko esicacile nesilinganiselayo endabeni yokuqeqeshwa kwezingane. Liyeluleka: “Bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Ibizo lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘isiyalo’ lisho “ukukhulisa, ukuqeqesha, ukufundisa.” IBhayibheli lithi isiyalo, noma ukufundisa, kubonisa uthando lobuzali. (IzAga 13:24) Izingane zikhula kahle lapho zinikezwa iziqondiso zokuziphatha eziqondile ezizisiza ukuba zikwazi ukubona okulungile nokubi. Isiyalo esinikezwa ngendlela efanele siyazisiza ukuba zizizwe zilondekile; sizitshela ukuthi abazali bazo bayazikhathalela, bayakukhathalela nokuthi ziba abantu abanjani njengoba zikhula.—Qhathanisa nezAga 4:10-13.
13. (a) Ngokuphathelene nokuyala, yisiphi isixwayiso iBhayibheli elisinikeza abazali? (b) Luhlobo luni lwesiyalo iBhayibheli elilutusayo?
13 Kodwa iBhayibheli liyabaxwayisa abazali kule ndaba yesiyalo. Igunya lobuzali akufanele neze libe elihlukumezayo. (IzAga 22:15) Ingane akufanele nanini ijeziswe ngesihluku. Ubudlova obungokomzimba abunandawo emkhayeni ophila ngeBhayibheli. (IHubo 11:5) Kunjalo nangobudlova obungokomzwelo—amazwi anokhahlo, ukugxeka okungapheli, nokubhuqa okuntinyelayo, konke okungase kuphule umoya wengane. (Qhathanisa nezAga 12:18.) Ngokuhlakanipha, iBhayibheli lixwayisa abazali: “Ningabathukuthelisi abantwana benu, ukuze bangadangali [noma, “niyobaphuca isibindi,” Phillips].” (Kolose 3:21) IBhayibheli litusa izinyathelo zokuvimbela kusengaphambili. KuDuteronomi 11:19, abazali bakhuthazwa ukuba basebenzise ngokunenzuzo izikhathi zokuphumula ukuze bagxilise izindinganiso zokuziphatha nezingokomoya ezinganeni zabo. Iseluleko esinjalo esicacile nesinengqondo ngokukhuliswa kwezingane siyasebenza namuhla njengoba sasinjalo ezikhathini zeBhayibheli.
14, 15. (a) IBhayibheli linikeza kanjani okungaphezu nje kweseluleko esihlakaniphile? (b) Yiziphi izimfundiso zeBhayibheli ezingasiza amadoda nabesifazane bezinhlanga nezizwe ezihlukahlukene ukuba babhekane njengabalinganayo?
14 IBhayibheli linikeza okungaphezu nje kweseluleko esihlakaniphile. Umyalezo walo ukhanga inhliziyo. AmaHeberu 4:12 athi: “Izwi likaNkulunkulu liyaphila futhi linamandla futhi libukhali kunanoma iyiphi inkemba esika nhlangothi zombili futhi lihlaba kuze kuhlukane umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha wawo, futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.” Cabanga ngesibonelo samandla eBhayibheli ashukumisayo.
15 Abantu namuhla bahlukaniswe imigoqo yobuhlanga, yezwe neyobuzwe. Le migoqo yokwenziwa iye yabangela ukufa kwenqwaba yabantu abangenacala ezimpini kuwo wonke umhlaba. Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli liqukethe izimfundiso ezisiza amadoda nabesifazane bezinhlanga nezizwe ezihlukahlukene ukuba babhekane njengabalinganayo. Ngokwesibonelo, izEnzo 17:26 zithi uNkulunkulu “wenza ngomuntu oyedwa zonke izizwe zabantu.” Lokhu kubonisa ukuthi empeleni kunohlanga olulodwa kuphela—uhlanga lwesintu! IBhayibheli liyaqhubeka lisikhuthaza ukuba sibe ‘abalingisi bakaNkulunkulu,’ elithi ngaye: “Akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi asebenze ukulunga uyamukeleka kuye.” (Efesu 5:1; IzEnzo 10:34, 35) Kulabo abafuna ngempela ukuphila ngezimfundiso zeBhayibheli, lolu lwazi lunamandla ahlanganisayo. Lufinyelela ekujuleni—enhliziyweni—lususe imigoqo eyenziwe umuntu ehlukanisa abantu. Ingabe luyasebenza ngempela ezweni lanamuhla?
16. Landisa okuhlangenwe nakho okubonisa ukuthi oFakazi BakaJehova bawubuzalwane beqiniso bomhlaba wonke.
16 Ngokuqinisekile luyasebenza! OFakazi BakaJehova baziwa kahle ngobuzalwane babo bomhlaba wonke, obuhlanganisa abantu bezizinda ezihlukahlukene ngokuvamile abebengeke bazwane. Ngokwesibonelo, ngesikhathi sezimpi zobuhlanga eRwanda, oFakazi BakaJehova besizwe ngasinye babevikela abafowabo nodadewabo abangamaKristu besinye isizwe, bebeka ukuphila kwabo engozini ngokwenza kanjalo. Kokunye, uFakazi ongumHutu wafihla kwakhe umkhaya ongamaTutsi onamalungu ayisithupha wasebandleni ayekulo. Ngokudabukisayo, lo mkhaya ongamaTutsi wagcina utholakele futhi wabulawa. Umzalwane ongumHutu nomkhaya wakhe base bebhekene nolaka lwababulali futhi kwadingeka babalekele eTanzania. Kwabikwa izibonelo eziningi ezifanayo. OFakazi BakaJehova abananazi ukuvuma ukuthi lobo bunye benzeka ngenxa yokuthi izinhliziyo zabo ziye zathintwa ngokujulile amandla ashukumisayo omyalezo weBhayibheli. Ukuthi iBhayibheli lingahlanganisa abantu kuleli lizwe eligcwele inzondo kuwubufakazi obunamandla bokuthi livela kuNkulunkulu.
Incwadi Yesiprofetho Seqiniso
17. Iziprofetho zeBhayibheli zihluke kanjani ezibikezelweni ezenziwa umuntu?
17 Eyesi-2 Petru 1:20 ithi: “Asikho isiprofetho semiBhalo esivela kunoma iyiphi incazelo yomuntu ngokwakhe.” Abaprofethi beBhayibheli abazange bahlaziye imikhuba yesimo sezwe sangaleso sikhathi bese bebikezela ngokusekelwe kulokho okuqondwa yibo ngalezo zenzakalo. Futhi abazange benze izibikezelo ezingacacile ezazingase zenziwe zifanelane nanoma yisiphi isenzakalo sesikhathi esizayo. Ngokwesibonelo, ake sicabange ngesiprofetho seBhayibheli esasicace ngendlela engavamile futhi esabikezela okuphambene kakhulu nalokho abantu ababephila ngaleso sikhathi ababengase bakulindele.
18. Kungani kungenakungatshazwa ukuthi izakhamuzi zaseBabiloni lasendulo zazizizwa zilondeke kakhulu, kodwa yini u-Isaya ayeyibikezele ngeBabiloni?
18 Ngekhulu lesikhombisa B.C.E., iBabiloni lalibonakala liyinhloko-dolobha yoMbuso WaseBabiloni engenakunqotshwa. Lo muzi wawuhlezi phezu koMfula i-Ewufrathe, futhi amanzi alo mfula asetshenziselwa ukwakha umsele wamanzi obanzi nojulile owawuzungeze umuzi kanye neminye imisele eminingi. Lo muzi wawuvikelwe nangezindonga ezinkulu ezimbili, ezisekelwe yimibhoshongo eminingi yokuvikela. Akungabazeki ukuthi izakhamuzi zaseBabiloni zazizizwa zilondeke kakhulu. Nokho ngekhulu lesishiyagalombili B.C.E., ngisho nangaphambi kokuba iBabiloni lidlondlobale libe nodumo, umprofethi u-Isaya wabikezela: “IBabele . . . liyakuba-njengokuchitha kukaNkulunkulu iSodoma neGomora. Alisoze labuye lakhiwa, akusayikuhlalwa kulo ezizukulwaneni ngezizukulwane; UmArabiya akayikumisa khona, nabelusi abayikulala lapho nemihlambi yabo.” (Isaya 13:19, 20) Phawula ukuthi lesi siprofetho asibikezelanga nje kuphela ukuthi iBabiloni laliyobhujiswa kodwa nokuthi lalingeke liphinde lihlalwe. Yeka isibindi esasidingeka ekwenzeni lesi sibikezelo! Ingabe kungenzeka ukuthi u-Isaya wabhala lesi siprofetho ngemva kokuba eselibonile iBabiloni liyincithakalo? Umlando uphendula ngokuthi cha!
19. Kungani isiprofetho sika-Isaya sasingakagcwaliseki ngokuphelele ngo-October 5, 539 B.C.E.?
19 Ngobusuku buka-October 5, 539 B.C.E., iBabiloni lanqotshwa amabutho amaMede namaPheresiya ayengaphansi kukaKoresi Omkhulu. Nokho, isiprofetho sika-Isaya asizange sigcwaliseke ngokuphelele ngaleso sikhathi. Ngemva kokuba selithathwe uKoresi, iBabiloni elalisahlalwa—nakuba lase libuthakathaka—laqhubeka likhona amakhulu eminyaka. Ngekhulu lesibili B.C.E., cishe ngesikhathi okwakopishwa ngaso uMqulu WasoLwandle Olufile ka-Isaya, amaPharithiya aqala ukulawula iBabiloni, ngaleso sikhathi elalibhekwa njengegugu izizwe ezizungezile ezazililwela. Isazi-mlando esingumJuda uJosephus sabika ukuthi kwakunamaJuda “amaningi” ayehlala lapho ngekhulu lokuqala B.C.E. Ngokwe-Cambridge Ancient History, abahwebi basePalmyra bamisa ikoloni elichumayo lezohwebo eBabiloni ngo-24 C.E. Ngakho, ngisho nangekhulu lokuqala C.E., iBabiloni lalisalokhu lingeyona incithakalo ngokuphelele; nokho, incwadi ka-Isaya yayisinesikhathi eside yaqedwa.—1 Petru 5:13.
20. Kunabuphi ubufakazi bokuthi ekugcineni iBabiloni laba “yizinqwaba” nje zamatshe?
20 U-Isaya wafa engalibonanga iBabiloni liba indawo engahlalwa muntu. Kodwa njengoba isiprofetho sasishilo, ekugcineni iBabiloni laba “yizinqwaba” nje zamatshe. (Jeremiya 51:37) Ngokwesazi esingumHeberu uJerome (owazalwa ngekhulu lesine C.E.), ngesikhathi sakhe iBabiloni laliyindawo yokuzingela lapho kwakuzulazula khona “izilwane zazo zonke izinhlobo,” futhi liseyincithakalo nanamuhla. Noma ikuphi ukuvuselelwa kweBabiloni njengendawo yokuvakashelwa kungase kuzihehe izivakashi, kodwa ‘izizukulwana’ zaseBabiloni zahamba unomphela, njengoba u-Isaya abikezela.—Isaya 14:22.
21. Kungani abaprofethi abakholekile bakwazi ukubikezela ikusasa ngokunemba okungaphazami?
21 Umprofethi u-Isaya akazange abikezele ngokubheka izimo. Akazange futhi abhale umlando awenze ubonakale sengathi isiprofetho. U-Isaya wayengumprofethi weqiniso. Babenjalo bonke abanye abaprofethi beBhayibheli abakholekile. Kungani la madoda akwazi ukwenza lokho okungekho omunye umuntu ongakwenza—ukubikezela ikusasa ngokunemba okungaphazami? Impendulo icacile. Iziprofetho zazisuka kuNkulunkulu wesiprofetho, uJehova, ‘omemezela ngaphambili okuyakuza.’—Isaya 46:10.
22. Kungani kufanele senze okusemandleni ethu ukuze sikhuthaze abanhliziyo ziqotho ukuba bazihlolele iBhayibheli?
22 Ngakho ingabe iBhayibheli likufanele ukuhlolwa? Siyazi ukuthi likufanele! Kodwa abantu abaningi abaqiniseki. Baye bazakhela imibono ngeBhayibheli yize kungenzeka abakaze balifunde. Khumbula uprofesa okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwesihloko esandulele. Wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli, futhi ngemva kokulihlola ngokucophelela iBhayibheli, waphetha ngokuthi liyincwadi evela kuNkulunkulu. Wagcina ebhapathiziwe njengomunye woFakazi BakaJehova, futhi namuhla ukhonza njengomdala! Masenze okusemandleni ethu ukuze sikhuthaze abanhliziyo ziqotho ukuba bazihlolele iBhayibheli bese kuba yimá bezakhela noma imuphi umbono ngalo. Siyaqiniseka ukuthi uma bezihlolela ngokwabo ngobuqotho, bayoqaphela ukuthi le ncwadi eyingqayizivele, iBhayibheli, iyincwadi yabo bonke abantu ngempela!
Ungachaza?
◻ Ungawusebenzisa kanjani uMthetho KaMose ukuze ubonise ukuthi iBhayibheli aliveli kumuntu?
◻ Yiziphi izimiso ezingaphelelwa yisikhathi eziwusizo ekuphileni kwanamuhla?
◻ Kungani isiprofetho esiku-Isaya 13:19, 20 kungenakwenzeka ukuthi sabhalwa ngemva kokuba senzekile?
◻ Yini okufanele sikhuthaze abanhliziyo ziqotho ukuba bayenze, futhi ngani?
[Ibhokisi ekhasini 19]
Kuthiwani Ngokwaziswa Okungenakufakazelwa?
IBhayibheli linamazwi amaningana angenabufakazi obuphathekayo. Ngokwesibonelo, elikushoyo ngendawo engabonakali okuhlala kuyo abantu bomoya akunakufakazelwa ukuthi kuyiqiniso—noma ukuthi akulona—ngokwesayensi. Ingabe izinto ezinjalo ezingenakufakazelwa zenza iBhayibheli lingqubuzane nesayensi?
Lona umbuzo usosayensi wezakhi zamaplanethi owaqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova abhekana nawo eminyakeni ethile edlule. Uyakhumbula: “Kumelwe ngivume ukuthi kwakunzima ekuqaleni ukuba ngamukele iBhayibheli ngoba ngangingenakuzifakazela ngokwesayensi ezinye izinto ezishiwo iBhayibheli.” Le ndoda eqotho yaqhubeka itadisha iBhayibheli futhi ekugcineni yagculiseka ukuthi ubufakazi obutholakalayo bubonisa ukuthi liyilo iZwi likaNkulunkulu. Iyachaza: “Lokhu kwadambisa ukulangazelela ukuba wonke amaqiniso eBhayibheli afakazelwe ngobufakazi obungekho kulo. Umuntu othambekele kuyisayensi kumelwe azimisele ukuhlola iBhayibheli ngombono ongokomoya, ngalé kwalokho akasoze alamukela iqiniso. Akunakulindelwa ukuba isayensi ifakazele wonke amazwi aseBhayibhelini. Kodwa ukuthi nje amazwi athile awanakufakazelwa akusho ukuthi awalona iqiniso. Into ebalulekile ukuthi noma ikuphi lapho amazwi athile enabo ubufakazi, ukunemba kweBhayibheli kuyaqinisekiswa.”
[Isithombe ekhasini 17]
UMose wabhala imithetho yenhlanzeko eyayiphucuzeke kakhulu