Umbono WeBhayibheli
Gwema Inkulumo Elimazayo
“Emlonyeni ofanayo kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanelekile, bazalwane, ukuba lezi zinto ziqhubeke zenzeka ngale ndlela.”—JAKOBE 3:10.
IKHONO lokukhuluma liyisici esiyingqayizivele esisenza sihluke ezilwaneni. Ngokudabukisayo, abanye abantu balisebenzisa kabi leli lungelo. Ulimi olunenhlamba nokuhlambalaza kungamlimaza umuntu—ngezinye izikhathi ngaphezu kwamanxeba angokoqobo. IBhayibheli lithi: “Kukhona ophahluka njengokuhlaba kwenkemba.”—IzAga 12:18.
Abantu abaningi ngokwengeziwe banomkhuba wokusebenzisa inhlamba. Izikole zibika ukuthi ziyanda izingane ezisebenzisa inhlamba. Nokho, abanye abantu bathi inkulumo elimazayo ingazuzisa uma isetshenziselwa ukukhipha intukuthelo. Umfundi othile wezifundo zezombusazwe wabhala: “Ukusebenzisa inhlamba kufanelekile njengesenzo esinamandla, uma inkulumo evamile ingayivezi kahle imizwa yethu ejulile.” Ingabe amaKristu kufanele abe nombono onjalo wokunganaki ngenkulumo elimazayo? UNkulunkulu uzizwa kanjani ngayo?
Kwenyanye Ukuntela Okuyichilo
Inkulumo eyinhlamba ayiyona into yesimanje. Kungakumangaza yini ukwazi ukuthi abantu babesebenzisa inkulumo eyinhlamba ngosuku lwabaphostoli, eminyakeni engaba ngu-2 000 edlule? Ngokwesibonelo, kubonakala sengathi abathile ebandleni laseKolose babesebenzisa inhlamba lapho bethukuthele. Kungenzeka lokhu babekwenza ukuze bahlasele noma balimaze abanye ngamabomu, mhlawumbe beziphindiselela. Ngokufanayo nanamuhla, abantu abaningi basebenzisa ulimi olunenhlamba lapho bethukuthele. Ngakho, incwadi uPawulu ayibhalela abaseKolose iyafaneleka osukwini lwethu. UPawulu wabhala: “Kulahleni konke kude nani, ulaka, intukuthelo, ububi, inkulumo eyihlazo, nenkulumo eyichilo ephuma emlonyeni wenu.” (Kolose 3:8) Ngokusobala, amaKristu ayalwa ukuba agweme ukuqhuma kwentukuthelo nolimi oluyichilo oluvame ukuhambisana nentukuthelo.
Kuyiqiniso ukuthi abaningi basebenzisa inhlamba bengahlosile ukuhlasela noma ukulimaza abanye. Cishe inhlamba isetshenziswa ngaphandle kokucabanga. Ngenxa yalokho, inkulumo enenhlamba iyajula enkulumweni yansuku zonke. Abanye bakuthola kunzima ngisho nokukhuluma ngaphandle kokusebenzisa inhlamba. Ngokuvamile, inhlamba isetshenziselwa ngisho nokuhlekisa abanye abantu. Kodwa ingabe ukuntela okunjalo okuyichilo kufanele kubhekwe njengento encane, engasho lutho? Cabangela okulandelayo.
Ukuntela okuyichilo kuwulimi olushaqisayo oluhloselwe ukuhlekisa abanye. Namuhla, ukuntela okuyichilo kuvame ukuthambekela ezindabeni zobulili. Futhi abaningi abazibheka njengabantu abahloniphekile baluthola lujabulisa lolu limi. (Roma 1:28-32) Ngakho, akusona isimanga ukuthi ukuziphatha kobulili okungokwemvelo nokuhlanekezelwe kuyizihloko zabantu abaningi abangochwepheshe bokwenza amahlaya. Ukuntela okuyichilo kutholakala ezithombeni eziningi zebhayisikobho, kanye nasezinhlelweni zethelevishini nasemsakazweni.
IBhayibheli aliyizibi indaba yokuntela okuyichilo. Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu ase-Efesu: “Ubufebe nokungcola kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu, njengoba nje kufanele abantu abangcwele; noma ukuziphatha okuyihlazo noma inkulumo yobuwula noma ukuntela okuyichilo, izinto ezingafaneleki.” (Efesu 5:3, 4) Ngokusobala, ulimi oluyinhlamba, kungakhathaliseki ukuthi luhloselweni, luyamcasula uNkulunkulu. Lubi. Luyinkulumo elimazayo.
Amagama Anonya Angamthokozisi UNkulunkulu
Inkulumo elimazayo ngokuqinisekile ihlanganisa okungaphezu nje kolimi oluyinhlamba. Inhlamba, ukubhuqa, ukugcona, nokukhaca kungalimaza ngokujulile. Kuyiqiniso ukuthi sonke siyona ngolimi, ikakhulukazi ngenxa yokubhuqa nokunyevuza okukhulu okusizungezile. (Jakobe 3:2) Noma kunjalo, amaKristu eqiniso akufanele neze abe nesimo sengqondo sokunganaki uma kuziwa enkulumweni ehlambalazayo. IBhayibheli likwenza kucace ukuthi uJehova uNkulunkulu uyayilahla yonke inkulumo elimazayo.
Ngokwesibonelo, encwadini yeBhayibheli yamaKhosi Esibili, sifunda ngeqembu labafana abagcona umprofethi u-Elisha. Ukulandisa kuthi “baqala ukumklolodela” futhi ‘babelokhu bethi kuye: “Yenyuka, mpandlana! Yenyuka, mpandlana!”’ UJehova, owayekwazi ukufunda izinhliziyo zalezi zingane futhi wabona izinhloso zazo ezimbi, wakubheka njengento engathí sina ukugcona kwazo. Ukulandisa kuthi uNkulunkulu wabulala abafana abangu-42 ngenxa yenkulumo yabo yokwedelela.—2 AmaKhosi 2:23, 24.
Abantu bakwa-Israyeli “babelokhu betekula ngezithunywa zikaNkulunkulu weqiniso bedelela amazwi akhe futhi bebahleka usulu abaprofethi bakhe, uJehova waze wabathukuthelela abantu bakhe, kwaze kwangaba bikho kuphulukiswa.” (2 IziKronike 36:16) Nakuba ngokuyinhloko intukuthelo kaNkulunkulu yabangelwa yinkambo yabantu bakhe yokukhonza izithombe nokungalaleli, kuyaphawuleka ukuthi iBhayibheli likhuluma ngokuqondile ngokuchashwa kwabaprofethi bakaNkulunkulu. Lokhu kugcizelela ukuthi uNkulunkulu ukulahla ngokuqondile ukuziphatha okunjalo.
Ngakho-ke, iBhayibheli liyala amaKristu: “Ungayikhaci indoda endala.” (1 Thimothewu 5:1) Lesi simiso singasetshenziswa lapho sisebenzelana nabo bonke abantu. IBhayibheli lisikhuthaza ukuba ‘singakhulumi kabi ngamuntu, singabi yizilwi, sibe abalinganiselayo, sibonise bonke ubumnene kubantu bonke.’—Thithu 3:2.
Ukubamba Izindebe Zethu
Ngezinye izikhathi, kungase kube nzima ukumelana nesilingo sokuhlasela othile ngamazwi. Lapho oniwe, umuntu angase abe nomuzwa wokuthi kuyafaneleka ukuba ajezise omonile ngamagama anonya nanokhahlo—ngokuqondile noma ngasese. Noma kunjalo, amaKristu ayamelana nalokho kuthambekela. IzAga 10:19 zithi: “Lapho kukhona amazwi amaningi asiphuthi iseqo, kodwa obamba izindebe zakhe wenza ngokuqonda.”
Izingelosi zikaNkulunkulu zibeka isibonelo esihle. Ziyakuqaphela konke okubi okwenziwa yisintu. Nakuba izingelosi zinamandla angaphezu kwawomuntu, azibamangaleli abantu ngamazwi ahlambalazayo, “ngenxa yenhlonipho ngoJehova.” (2 Petru 2:11) Njengoba zazi ukuthi uNkulunkulu ukuqaphela ngokugcwele ukushiyeka kwabo bonke abantu futhi ukwazi ngokuphelele ukulungisa izindaba, izingelosi ziyazibamba izindebe zazo. UMikayeli, inhloko yazo zonke izingelosi, wakugwema ukusebenzisa amazwi ahlambalazayo, ngisho nalapho ekhuluma noDeveli.—Jude 9.
AmaKristu alwela ukulingisa izingelosi. Alandela iseluleko seBhayibheli, esithi: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. Yenzani izinto ezinhle emehlweni abo bonke abantu. Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke. Ningaziphindiseleli, bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka; ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina, kusho uJehova.’”—Roma 12:17-19.
Ngokuthakazelisayo, ngisho nephimbo nokuphakama kwezwi lethu kungenza lokho esikushoyo kulimaze. Amadoda nawomkawo bavame ukulimazana lapho beqagulisana beklabalasa. Abazali abaningi bavame ukukhakhabisa izingane zabo. Nokho, asikho isidingo sokuklabalasa lapho siveza imizwa yethu. IBhayibheli liyeluleka: “Makususwe kini konke ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nokuhlambalaza kanye nabo bonke ububi.” (Efesu 4:31) IBhayibheli libuye lithi “inceku yeNkosi akufanele ilwe, kunalokho kufanele ibe mnene kubo bonke.”—2 Thimothewu 2:24.
Amagama Aphilisayo
Ngenxa yokwanda kwenkulumo ehlambalazayo nenhlamba namuhla, amaKristu kufanele abe nesu lokumelana naleli thonya elilimazayo. IBhayibheli linikeza isu elihle, okuwukuthi, sithande umakhelwane. (Mathewu 7:12; Luka 10:27) Ukukhathalela umakhelwane ngobuqotho nokumthanda kuyosishukumisela ukuba njalo sisebenzise amagama aphilisayo. IBhayibheli lithi: “Makungaphumi lizwi elibolile emilonyeni yenu, kodwa noma yiliphi izwi elakhayo kuye ngokwesidingo, ukuze lidlulisele okuhle kwabezwayo.”—Efesu 4:29.
Ukugxilisa iZwi likaNkulunkulu ezingqondweni zethu nako kusisiza ukuba sigweme inkulumo elimazayo. Ukufunda nokuzindla ngemiBhalo Engcwele kungasisiza ukuba ‘silahle konke ukungcola.’ (Jakobe 1:21) Yebo, iZwi likaNkulunkulu lingaphilisa izingqondo zethu.