Lokho Okuyokwambulwa Usuku LukaJehova
“Usuku lukaJehova luyofika njengesela, . . . futhi umhlaba nemisebenzi ekuwo kuyokwambulwa.”—2 PET. 3:10.
1, 2. (a) Siyophela kanjani lesi simiso sezinto esibi? (b) Imiphi imibuzo esizoxoxa ngayo?
ISIMISO esibi sezinto samanje sisekelwe emangeni amakhulu athi umuntu angabusa umhlaba ngempumelelo ngaphandle kukaJehova. (IHu. 2:2, 3) Ikhona yini into esekelwe emangeni engama phakade? Inkomo ingazala umuntu! Noma kunjalo, akudingeki silindele ukuba leli zwe likaSathane liziphelele ngokwalo. Kunalokho, liyobhujiswa uNkulunkulu ngesikhathi sakhe esimisiwe nangendlela yakhe. Isinyathelo uNkulunkulu azosithathela leli zwe elibi siyobubonisa ngokuphelele ubulungisa nothando lwakhe.—IHu. 92:7; IzAga 2:21, 22.
2 Umphostoli uPetru wabhala: “Usuku lukaJehova luyofika njengesela, okuyodlula ngalo amazulu ngomsindo ohazayo, kodwa izakhi njengoba ziyobe zishisa kakhulu ziyoncibilika, futhi umhlaba nemisebenzi ekuwo kuyokwambulwa.” (2 Pet. 3:10) Ayini “amazulu” ‘nomhlaba’ okukhulunywa ngawo lapha? Ziyini “izakhi” eziyoncibilika? UPetru wayesho ukuthini lapho ethi “umhlaba nemisebenzi ekuwo kuyokwambulwa”? Ukwazi izimpendulo zale mibuzo kuzosisiza ukuba silungele izenzakalo ezesabekayo ezizokwenzeka maduze.
Amazulu Nomhlaba Okuthiwa Ayodlula
3. Ayini “amazulu” okukhulunywa ngawo kweyesi-2 Petru 3:10, futhi ayodlula kanjani?
3 Lapho iBhayibheli likhuluma ‘ngamazulu’ angokomfanekiso, ngokuvamile libhekisela emibusweni ekhona, ephakeme ngaphezu kwezikhonzi zayo. (Isaya 14:13, 14; IsAm. 21:1, 2) ‘Amazulu ayodlula’ amelela imibuso yabantu ebusa umphakathi wabantu abangamesabi uNkulunkulu. Ukudlula kwawo “ngomsindo” omkhulu “ohazayo”—noma ngokwenye inguqulo, “ngokuduma okunamandla”—kungenzeka kubonisa ukuthi la mazulu ayobhujiswa ngokuphazima kweso.
4. Uyini “umhlaba,” futhi uyobhujiswa kanjani?
4 “Umhlaba” umelela izwe lesintu esihlukaniswe noNkulunkulu. Izwe elinjalo lalikhona osukwini lukaNowa, futhi laphela ngoZamcolo ngokuyala kukaNkulunkulu. “Ngezwi elifanayo amazulu nomhlaba okukhona manje abekelwe umlilo futhi ayagcinwa kuze kube sosukwini lokwahlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamhloniphi uNkulunkulu.” (2 Pet. 3:7) Nakuba uZamcolo wababhubhisa ngasikhathi sinye bonke abantu abangamesabi uNkulunkulu, imbubhiso ezayo yona iyokwenzeka ngezigaba phakathi ‘nosizi olukhulu.’ (IsAm. 7:14) Esigabeni sokuqala salolo sizi, uNkulunkulu uyoshukumisela ababusi baleli zwe bezombangazwe ukuba babhubhise “iBhabhiloni Elikhulu,” ebonisa indlela asenyanya ngayo lesi sifebe esingokwenkolo. (IsAm. 17:5, 16; 18:8) Esigabeni sokugcina sosizi olukhulu, empini ye-Armagedoni, uJehova ngokwakhe uyobe eseqothula lonke izwe likaSathane.—IsAm. 16:14, 16; 19:19-21.
“Izakhi . . . Ziyoncibilika”
5. Zihlanganisani izakhi ezingokomfanekiso?
5 Ziyini “izakhi” ‘eziyoncibilika’? Esinye isichazamazwi seBhayibheli sichaza elithi “izakhi” ngokuthi “izimiso zokuqala,” noma “iziqalo.” Sithi leli gama, “lalisetshenziselwa izinhlamvu zamagama, njengezakhi zenkulumo.” Ngakho, “izakhi” uPetru akhuluma ngazo zibhekisela ezintweni eziyisisekelo ezenza leli lizwe libe nezici, izimo zengqondo, izindlela nemigomo ebonisa ukungamesabi uNkulunkulu. “Izakhi” zihlanganisa “umoya wezwe,” “osebenza emadodaneni okungalaleli.” (1 Kor. 2:12; funda eyabase-Efesu 2:1-3.) Lo moya ugcwele lonke izwe likaSathane. Ushukumisela abantu ukuba bacabange, bahlele, bakhulume futhi benze ngezindlela ezibonisa ukucabanga kukaSathane, ‘umbusi wegunya lomoya’ oqhoshayo nodelelayo.
6. Ubonakala kanjani umoya wezwe?
6 Ngakho-ke, bazi noma bengazi, labo abangenwe umoya wezwe bavumela izingqondo nezinhliziyo zabo ukuba zithonywe uSathane, okwenza babonakalise ukucabanga nesimo sakhe sengqondo. Ngenxa yalokho, benza abakuthandayo, abanandaba nentando kaNkulunkulu. Indlela abasabela ngayo ezimweni iqhutshwa ukuqhosha noma ubugovu, babonisa isimo sengqondo sokuvukela igunya, futhi bavumela ukubuswa “isifiso senyama nesifiso samehlo.”—Funda eyoku-1 Johane 2:15-17.a
7. Kungani kumelwe ‘siqaphe inhliziyo’ yethu?
7 Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani-ke ukuba ‘siqaphe inhliziyo’ yethu ngokusebenzisa ukuhlakanipha kwaphezulu lapho sikhetha abangane, esikufundayo, okokuzijabulisa nezingosi ze-Internet esizivakashelayo! (IzAga 4:23) Umphostoli uPawulu wabhala: “Xwayani: mhlawumbe kungase kube khona oyomuka nani njengezisulu zakhe ngefilosofi nangenkohliso eyize ngokwesiko labantu, ngokwezinto zokucathula zezwe hhayi ngokukaKristu.” (Kol. 2:8) Leso sixwayiso siphuthuma nakakhulu njengoba usuku lukaJehova lusondela, ngoba ‘ukushisa’ kwalo okungakaze kube khona kuyoncibilikisa zonke “izakhi” zesimiso sikaSathane, kuzibonise ukuthi azikwazi nhlobo ukumelana nomlilo. Lokhu kusikhumbuza amazwi akuMalaki 4:1: “Luyeza usuku oluvutha njengesithando somlilo, bonke abagabadelayo nabo bonke abenza ububi bayoba njengezinhlanga. Lolu suku oluzayo ngokuqinisekile luyobashwabadela.”
“Umhlaba Nemisebenzi Ekuwo Kuyokwambulwa”
8. Umhlaba nemisebenzi ekuwo ‘kuyokwambulwa’ kanjani?
8 Wayesho ukuthini uPetru lapho ethi “umhlaba nemisebenzi ekuwo kuyokwambulwa”? Igama elithi ‘ukwambulwa’ lingahunyushwa nangokuthi “tholakala” noma “dalulwa.” UPetru wayesho ukuthi phakathi nosizi olukhulu, uJehova uyolidalula izwe likaSathane, abonise ukuthi limelene naYe noMbuso wakhe, ngakho kufanele libhujiswe. Ebikezela ngaleso sikhathi, u-Isaya 26:21 uthi: “UJehova uphuma endaweni yakhe ukuze enze ukuba owakhileyo ezweni alandise ngesiphambeko asenzile kuye, futhi ngokuqinisekile izwe liyokuveza obala ukuchithwa kwegazi okukulo futhi ngeke lisabafihla ababuleweyo balo.”
9. (a) Yini okufanele siyenqabe, futhi ngani? (b) Yini okufanele siyihlakulele, futhi ngani?
9 Phakathi nosuku lukaJehova, labo abaye balolongwa izwe nomoya walo omubi bayobonakalisa ubuntu babo bangempela, baze ngisho babulalane. Empeleni, kungenzeka ukuthi izinhlobo eziningi zokuzijabulisa okunobudlova ezithandwayo namuhla zilolonga izingqondo zabaningi ukuze zilungele isikhathi lapho isandla somuntu ‘siyophakama khona ngokumelene nesandla somngane wakhe.’ (Zak. 14:13) Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani-ke ukuba senqabe noma yini—amabhayisikobho, izincwadi, imidlalo ye-video, nokunye—engase iveze kithi izici ezinengekayo kuNkulunkulu, njengokuqhosha nokuthanda ubudlova! (2 Sam. 22:28; IHu. 11:5) Kunalokho, masihlakulele izithelo zomoya ongcwele kaNkulunkulu, ngoba zona ngeke zishe lapho ukushisa okungokomfanekiso kuvulelwa.—Gal. 5:22, 23.
“Amazulu Amasha Nomhlaba Omusha”
10, 11. Ayini “amazulu amasha nomhlaba omusha”?
10 Funda eyesi-2 Petru 3:13. “Amazulu amasha” awuMbuso kaNkulunkulu osezulwini, owamiswa ngo-1914 lapho kuphela “izikhathi ezimisiwe zezizwe.” (Luka 21:24) Lo hulumeni ophethwe inkosi wakhiwa uKristu Jesu nababusi abakanye naye abangu-144 000, abaningi kubo asebewutholile umvuzo wabo wasezulwini. Encwadini yesAmbulo, laba abakhethiweyo bachazwa ‘njengomuzi ongcwele, iJerusalema Elisha, owehla uvela ezulwini kuNkulunkulu futhi ulungiswe njengomlobokazi ehlotshiselwe umyeni wakhe.’ (IsAm. 21:1, 2, 22-24) Njengoba nje iJerusalema lasemhlabeni laliyikomkhulu lombuso kwa-Israyeli wasendulo, iJerusalema Elisha noMyeni walo bakha uhulumeni wesimiso sezinto esisha. Lo muzi wasezulwini ‘uyokwehla’ ngokuthi ugxilise ukunaka emhlabeni.
11 ‘Umhlaba omusha’ ubhekisela emphakathini omusha wabantu wasemhlabeni oyobe ubonise ukuzithoba ngokuzithandela eMbusweni kaNkulunkulu. Ipharadesi elingokomoya abantu bakaNkulunkulu abalijabulelayo kwamanje ekugcineni liyoba sendaweni yalo efanele kulowo “mhlaba owakhiwe ozayo.” (Heb. 2:5) Singaba kanjani ingxenye yaleso simiso esisha sezinto?
Zilungiselele Usuku Olukhulu LukaJehova
12. Kungani usuku lukaJehova luyolethusa izwe?
12 UPawulu noPetru babikezela ukuthi usuku lukaJehova lwaluyofika kungazelelwe ‘njengesela’—isinyelela. (Funda eyoku-1 Thesalonika 5:1, 2.) Ngisho namaKristu eqiniso, ahlale elulindele lolo suku, kuyowamangaza ukufika kwalo ngokuzumayo. (Math. 24:44) Nokho, izwe lona ngeke ligcine ngokumangala. UPawulu wabhala: “Noma nini lapho [labo abahlukaniswe noJehova] bethi: ‘Ukuthula nokulondeka!’ khona-ke imbubhiso engazelelwe iyobafikela ngaso leso sikhathi njengomhelo wokucindezeleka ufikela owesifazane okhulelweyo; futhi abasoze baphunyuka nangayiphi indlela.”—1 Thes. 5:3.
13. Singakugwema kanjani ukukhohliswa isimemezelo esithi “Ukuthula nokulondeka!”?
13 Isimemezelo esithi “Ukuthula nokulondeka!” siyobe singamanye nje amanga aphefumulelwe amademoni; kodwa ngeke sizikhohlise izinceku zikaJehova. UPawulu wabhala: “Anikho ebumnyameni, ukuba lolo suku lunifice njengoba belungafica amasela, ngoba nonke ningamadodana okukhanya namadodana emini.” (1 Thes. 5:4, 5) Ngakho, masihlale ekukhanyeni, siqhele ebumnyameni bezwe likaSathane. UPetru wabhala: “Bathandekayo, ninalolu lwazi kusengaphambili, qaphani ukuba ningamuki nabo [abafundisi bamanga abangaphakathi ebandleni lobuKristu] ngesiphambeko sabantu abadelela umthetho futhi niwe ekugxileni kwenu.”—2 Pet. 3:17.
14, 15. (a) UJehova usihlonipha kanjani? (b) Imaphi amazwi aphefumulelwe okungafanele siwathathe kalula?
14 Phawula ukuthi uJehova akagcini ngokusitshela ukuba ‘siqaphe.’ Kunalokho uyasihlonipha ngokusinika ngomusa ‘ulwazi kusengaphambili’ lwalokho okuzokwenzeka esikhathini esizayo.
15 Nokho, kuyadabukisa ukuthi abanye abasenandaba noma abasazethembi izikhumbuzo eziphathelene nesidingo sokuhlala bephapheme. Bangase bathi, ‘Sekungamashumi eminyaka sizwa isikhumbuzo esifanayo.’ Nokho, labo bantu kufanele bakhumbule ukuthi ngokusho lokhu, empeleni bangabaza uJehova neNdodana yakhe, hhayi nje isigaba senceku ethembekileyo. UJehova wathi: “Hlala uwulindele.” (Hab. 2:3) Ngokufanayo, uJesu wathi: “Hlalani nilindile ngoba anazi ukuthi iNkosi yenu iza ngaluphi usuku.” (Math. 24:42) Ngaphezu kwalokho, uPetru wabhala: “Luhlobo luni lwabantu okufanele nibe yilo ezenzweni zokuziphatha ezingcwele nasezenzweni zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, nilindele futhi nikukhumbula njalo ukufika kosuku lukaJehova!” (2 Pet. 3:11, 12) Isigaba senceku ethembekileyo neNdikimba yaso Ebusayo abasoze bawathatha kalula lawo mazwi anohlonze!
16. Isiphi isimo sengqondo okufanele sisigweme, futhi ngani?
16 Ngempela, ‘yinceku embi’ ephetha ngokuthi iNkosi iyephuza. (Math. 24:48) Leyo nceku embi iyingxenye yeqembu elichazwe kweyesi-2 Petru 3:3, 4. UPetru wabhala: “Ezinsukwini zokugcina kuyofika abahleki bosulu” labo “ngokwezifiso zabo siqu” abayogcona abalalelayo futhi abalukhumbula njalo usuku lukaJehova. Yebo, kunokuba bagxile ezithakazelweni zoMbuso, labo bahleki bosulu bagxila kubo ngokwabo nasezifisweni zabo zobugovu. Masingalokothi sibe nesimo sengqondo esinjalo nesiyingozi sokungalaleli! Kunalokho, kwangathi “[singabheka] ukubekezela kweNkosi yethu njengensindiso” ngokuhlale simatasa emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nowokwenza abafundi futhi singakhathazeki ngokweqile ngokuthi izinto zizokwenzeka nini ngoba lokho kuwumsebenzi kaJehova uNkulunkulu.—2 Pet. 3:15; funda izEnzo 1:6, 7.
Thembela KuNkulunkulu Wensindiso
17. AmaKristu athembekile asabela kanjani emyalweni kaJesu wokubaleka eJerusalema, futhi ngani?
17 Ngemva kokuba amabutho amaRoma ehlasele iJudiya ngo-66 C.E., amaKristu athembekile enza ngokuvumelana nomyalo kaJesu wokubaleka emzini waseJerusalema lapho nje kuvela ithuba. (Luka 21:20-23) Kungani enza ngokushesha nangokunganqikazi? Akungabazeki ukuthi ayehlale esikhumbula isixwayiso sikaJesu. Ngokuqinisekile, ayekulindele ukuba isinqumo sawo sihilele ubunzima obuthile njengoba uKristu ayexwayisile. Kodwa ngesikhathi esifanayo, ayazi ukuthi uJehova wayengeke abalahle abantu bakhe abaqotho.—IHu. 55:22.
18. Amazwi kaJesu akuLuka 21:25-28 awuthonya kanjani umbono wakho ngosizi olukhulu oluzayo?
18 Nathi kumelwe simethembe ngokugcwele uJehova, ngoba nguye yedwa oyoba insindiso yethu lapho lesi simiso sibhekana nosizi olukhulu kunalo lonke emlandweni. Esikhathini esithile ngemva kokuba luqalile lolo sizi olukhulu, kodwa ngaphambi kokuba uJehova akhiphe isahlulelo kulo lonke izwe, abantu “[bayoba] nesinxi ngenxa yokwesaba nokulindela izinto ezehlela umhlaba owakhiweyo.” Nokho, lapho izitha zikaNkulunkulu zithuthumeliswa ukwesaba, izinceku zikaJehova eziqotho ngeke zibe nangebhe. Kunalokho, ziyojabula ngoba zazi ukuthi ukukhululwa kwazo kuseduze.—Funda uLuka 21:25-28.
19. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
19 Yebo, yeka ukuthi labo abahlala behlukile ezweni ‘nasezakhini’ zalo balindelwe ikusasa elijabulisa kangakanani! Nokho, njengoba isihloko esilandelayo sizochaza, uma sifuna ukuthola ukuphila, kumelwe senze okungaphezu kokugwema okubi. Kudingeka sihlakulele izimfanelo ezijabulisa uJehova futhi senze imisebenzi ayamukelayo.—2 Pet. 3:11.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole incazelo egcwele yalezi zici ezigqugquzelwa umoya wezwe, bheka incwadi ethi Ukubonisana NgemiBhalo, amakhasi 373-377.
Ungachaza?
• Yini emelelwa . . .
‘amazulu nomhlaba’ okukhona?
“izakhi”?
“amazulu amasha nomhlaba omusha”?
• Kungani simethemba ngokugcwele uNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 5]
‘Ungayiqapha’ kanjani “inhliziyo” yakho futhi uhlale uhlukile ezweni?
[Isithombe ekhasini 6]
Sibonisa kanjani ukuthi ‘sibheka ukubekezela kweNkosi yethu njengensindiso’?