Umthetho Wothando Osezinhliziyweni
“Ngiyofaka umthetho wami ngaphakathi kubo, ngiwulobe nasenhliziyweni yabo.”—JEREMIYA 31:33.
1, 2. (a) Sizoxoxa ngani manje? (b) UJehova wazibonakalisa kanjani eNtabeni iSinayi?
EZIHLOKWENI ezimbili ezandulele, sifunde ukuthi lapho uMose ehla eNtabeni iSinayi, ubuso bakhe babukhipha imisebe eyayibonakalisa inkazimulo kaJehova. Sixoxe nangomgubuzelo uMose ayezimboza ngawo. Manje ake sixoxe ngendaba ehlobene nalezi, ebalulekile kumaKristu namuhla.
2 Lapho uMose esentabeni, uJehova wamnika iziyalezo. Ebuthene phambi kweNtaba iSinayi, ama-Israyeli abona ukubonakaliswa okumangalisayo kukaNkulunkulu uqobo. “Laqala ukuduma kwaba nemibani, kwaba nefu elinzima phezu kwentaba kanye nomsindo omkhulu wophondo, kangangokuthi bonke abantu ababesekamu baqala ukuthuthumela. . . . INtaba iSinayi yathunqa umusi yonke indawo, ngenxa yokuthi uJehova wehlela phezu kwayo esemlilweni; umusi wawo wawulokhu wenyuka njengomusi kahhonela, futhi yonke intaba yayithuthumela kakhulu.”—Eksodusi 19:16-18.
3. UJehova wamnika kanjani u-Israyeli iMiyalo Eyishumi, futhi yini esabe sesiyiqonda leso sizwe?
3 UJehova wakhuluma nabantu ngengelosi, wabanika imithetho eyabizwa ngokuthi iMiyalo Eyishumi. (Eksodusi 20:1-17) Ngakho, kwakungekho kungabaza ngokuthi le mithetho yayivela kuMninimandla onke. UJehova wabhala leyo miyalo ezibhebheni zamatshe—izibhebhe uMose aziphihliza lapho ebona ama-Israyeli ekhulekela ithole legolide. UJehova waphinde wabhala le miyalo ematsheni. Kulokhu, lapho uMose ehla eziphethe izibhebhe, ubuso bakhe babukhipha imisebe. Ngaleso sikhathi, wonke umuntu wayezoqonda ukuthi leyo mithetho ibaluleke kakhulu.—Eksodusi 32:15-19; 34:1, 4, 29, 30.
4. Kungani iMiyalo Eyishumi yayibaluleke kakhulu?
4 Izibhebhe ezimbili okwakulotshwe kuzo iMiyalo Eyishumi zafakwa emphongolweni wesivumelwano owawuseNgcwelengcwele yetabernakele, kamuva waba kweyethempeli. Imithetho eyayikuzo yayiveza izimiso ezisemqoka zesivumelwano soMthetho KaMose futhi yayiyisisekelo sendlela leso sizwe esasiyophathwa ngayo ngokwasezulwini. Yaba ubufakazi bokuthi uJehova usebenzelana nesizwe esithile, abantu abakhethiwe.
5. Imithetho uNkulunkulu ayinika ama-Israyeli yayilubonisa ngaziphi izindlela uthando lwakhe?
5 Leyo mithetho yayembula lukhulu ngoJehova, ikakhulu uthando lwakhe ngabantu bakhe. Yeka ukuthi yaba isipho esiyigugu kangakanani kulabo abayilalela! Esinye isazi sabhala: “Akukho simiso sokuziphatha esake sakhiwa abantu esasikhona ngaphambi kwalokho noma esaba khona kamuva . . . esingasondela kula mazwi ayishumi kaNkulunkulu, ingasaphathwa eyokulingana nawo, noma ukuwadlula.” Mayelana noMthetho KaMose uwonke, uJehova wathi: “Uma nizolilalela nokulilalela izwi lami futhi nizosigcina impela isivumelwano sami, ngokuqinisekile niyoba impahla yami ekhethekile kuzo zonke ezinye izizwe, ngoba wonke umhlaba ungowami. Futhi nina ngokwenu niyoba umbuso wabapristi nesizwe esingcwele kimi.”—Eksodusi 19:5, 6.
Umthetho Olotshwe Enhliziyweni
6. Imuphi umthetho oye wabonakala ubaluleke ngaphezu kwemithetho eyayilotshwe ematsheni?
6 Yebo, leyo mithetho kaNkulunkulu yayibaluleke kakhulu. Nokho, bewazi yini ukuthi amaKristu agcotshiwe anokuthile okubaluleke kakhulu kunemithetho elotshwe ematsheni? UJehova wabikezela ukuthi kwakuyokwenziwa isivumelwano esisha esingafani nesivumelwano soMthetho esasenziwe nesizwe sakwa-Israyeli. “Ngiyofaka umthetho wami ngaphakathi kubo, ngiwulobe nasenhliziyweni yabo.” (Jeremiya 31:31-34) UJesu, uMlamuleli wesivumelwano esisha, akazange yena ngokwakhe anikeze abalandeli bakhe isimiso esithile somthetho esilotshiwe. Wagxilisa umthetho kaJehova ezingqondweni nasezinhliziyweni zabafundi bakhe ngezinto azisho nazenza.
7. Obani abanikwa “umthetho kaKristu” kuqala, futhi obani abawamukela kamuva?
7 Lo mthetho ubizwa ngokuthi “umthetho kaKristu.” Awuzange unikezwe isizwe sika-Israyeli wemvelo, esasiyinzalo kaJakobe. Kunalokho, wanikezwa isizwe esingokomoya, “u-Israyeli kaNkulunkulu,” kuqala. (Galathiya 6:2, 16; Roma 2:28, 29) U-Israyeli kaNkulunkulu wakhiwa amaKristu agcotshwe ngomoya. Kamuva, “isixuku esikhulu” esivela kuzo zonke izizwe naso esifuna ukukhulekela uJehova sazihlanganisa nalesi sizwe esingokomoya. (IsAmbulo 7:9, 10; Zakariya 8:23) ‘Emhlambi munye’ ngaphansi ‘kukamalusi munye,’ womabili la maqembu amukela “umthetho kaKristu,” awuvumele ubuse konke akwenzayo.—Johane 10:16.
8. Umthetho kaKristu wawuhluke kanjani eMthethweni KaMose?
8 Ngokungafani nama-Israyeli emvelo, ayezalwa enesibopho sokugcina uMthetho KaMose, amaKristu ahlala ngokuzithandela ngaphansi komthetho kaKristu, futhi izici ezinjengohlanga nendawo umuntu azalelwa kuyo azisho lutho. Afunda ngoJehova nangezindlela zakhe abese elangazelela ukwenza intando yakhe. Njengoba enomthetho kaNkulunkulu ‘ngaphakathi kuwo,’ njengokungathi ulotshwe ‘enhliziyweni yawo,’ amaKristu agcotshiwe awamlaleli uNkulunkulu ngoba nje engabajezisa labo abangamlaleli; futhi awamlaleli ngoba nje ezizwa ebophekile. Ukulalela kwawo kubangelwa okuthile okubalulekile nokunamandla kakhulu, futhi nabezinye izimvu nabo balalela ngoba benomthetho kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo.
Imithetho Esekelwe Othandweni
9. UJesu wabonisa kanjani ukuthi uthando luyingqikithi yemithetho kaJehova?
9 Ingqikithi yayo yonke imithetho nezimiso zikaJehova ingafingqwa ngegama elilodwa: uthando. Uthando belulokhu luyingxenye ebalulekile yokukhulekela okuhlanzekile futhi luyohlale luyiyo. Lapho ebuzwa ukuthi imuphi umyalo omkhulu kunayo yonke eMthethweni, uJesu waphendula: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.” Owesibili kwaba yilona: “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” Wabe esethi: “Kule miyalo emibili kusekelwe wonke uMthetho, nabaProfethi.” (Mathewu 22:35-40) Kanjalo uJesu wabonisa ukuthi kwakungewona nje kuphela uMthetho oneMiyalo Eyishumi owawusekelwe othandweni, kodwa kwakuyiyo yonke imiBhalo YesiHebheru.
10. Sazi kanjani ukuthi umthetho kaKristu usekelwe othandweni?
10 Ingabe umthetho osezinhliziyweni zamaKristu nawo usekelwe othandweni ngoNkulunkulu nangomakhelwane? Akubuzwa! Umthetho kaKristu uhilela ukuthanda uNkulunkulu ngokusuka enhliziyweni futhi uhlanganisa nomyalo omusha—amaKristu kufanele athandane ngothando lokuzidela. Kufanele athandane ngendlela uJesu enza ngayo, njengoba anikela ngokuphila kwakhe ngokuzithandela ngenxa yabangane bakhe. Wafundisa abafundi bakhe ukuba bathande uNkulunkulu futhi bathandane, njengoba nje naye ayebathanda. Uthando oluvelele abonisana lona luyimfanelo eyinhloko amaKristu eqiniso abonakala ngayo. (Johane 13:34, 35; 15:12, 13) UJesu waze wabayala nokuba bathande izitha zabo.—Mathewu 5:44.
11. UJesu walubonisa kanjani uthando ngoNkulunkulu nangesintu?
11 UJesu wabeka isibonelo esiphelele ekuboniseni uthando. Njengesidalwa somoya esinamandla ezulwini, walamukela ngenjabulo ithuba lokuthuthukisa izithakazelo zikaYise emhlabeni. Ngaphandle kokunikela ngokuphila kwakhe kobuntu ukuze abanye bakwazi ukuphila phakade, wabonisa abantu indlela okufanele baphile ngayo. Wayethobekile, enomusa, futhi ecabangela, esiza abasindwayo nabacindezelwe. Wanikeza “namazwi okuphila okuphakade,” ezikhandla ekusizeni abanye ukuba bazi uJehova.—Johane 6:68.
12. Kungani kungase kuthiwe ukuthanda uNkulunkulu nokuthanda umakhelwane kuyizinto ongenakuzihlukanisa?
12 Empeleni, ukuthanda uNkulunkulu nokuthanda umakhelwane kuyizinto ongenakuzihlukanisa. Umphostoli uJohane wathi: “Uthando luvela kuNkulunkulu . . . Uma umuntu ethi: ‘Ngiyamthanda uNkulunkulu,’ kodwa abe ezonda umfowabo, ungumqambimanga. Ngoba ongamthandi umfowabo, ambonileyo, akunakwenzeka ukuthi uyamthanda uNkulunkulu, angambonanga.” (1 Johane 4:7, 20) UJehova ungumthombo wothando futhi uwukwenziwa samuntu kwalo. Konke akwenzayo kuthonywa uthando. Nathi sikwazi ukuthanda nje ngoba senziwe ngomfanekiso wakhe. (Genesise 1:27) Ngokubonisa umakhelwane wethu uthando, sibonisa ukuthi siyamthanda uNkulunkulu.
Ukuthanda Kusho Ukulalela
13. Ukuze simthande uNkulunkulu, yini okumelwe siyenze kuqala?
13 Singamthanda kanjani uNkulunkulu sibe singenakumbona? Isinyathelo sokuqala esibaluleke kakhulu ukumazi. Asikwazi ukumthanda ngempela noma ukumethemba umuntu esingamazi. Ngakho, iZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba simazi uNkulunkulu ngokufunda iBhayibheli, ngokuthandaza, nangokuzihlanganisa nalabo asebemazi futhi asebemthanda. (IHubo 1:1, 2; Filipi 4:6; Hebheru 10:25) AmaVangeli amane awusizo kakhulu, ngoba aveza ubuntu bukaJehova obabonakala ekuphileni nasenkonzweni kaJesu Kristu. Isifiso sethu sokulalela uNkulunkulu nokulingisa ubuntu bakhe siya siqina njengoba simazi futhi sazisa uthando asibonisa lona. Yebo, ukuthanda uNkulunkulu kuhilela ukulalela.
14. Kungani kungase kuthiwe imithetho kaNkulunkulu ayiwona umthwalo?
14 Lapho sithanda abantu abathile, siye sikwazi abakuthandayo nabangakuthandi, futhi senze ngendlela evumelana nalolo lwazi. Asifisi ukubazwisa ubuhlungu abantu esibathandayo. Umphostoli uJohane wabhala: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.” (1 Johane 5:3) Ayiwona umthwalo, futhi ayiminingi ngokweqile. Uthando luqondisa indlela yethu. Akudingeki size sigcine engqondweni uhlu olude lwemithetho ezosiqondisa entweni ngayinye esiyenzayo; siqondiswa uthando esinalo ngoNkulunkulu. Imithetho kaNkulunkulu ayiwona umthwalo, ngoba ukukhonza labo esibathanda ngempela kusilethela injabulo. Uma simthanda uNkulunkulu, siyakujabulela ukwenza intando yakhe. Kanjalo sithola umusa kaNkulunkulu, kuzuze thina, ngoba isiqondiso sakhe siyasizuzisa njalo.—Isaya 48:17.
15. Yini eyosishukumisela ukuba silingise uJehova? Chaza.
15 Uthando ngoNkulunkulu lusishukumisela ukuba silingise izimfanelo zakhe. Lapho simthanda umuntu, izimfanelo zakhe ziyasikhanga futhi sifuna ukuba njengaye. Cabanga ngobuhlobo bukaJehova noJesu. Babendawonye ezulwini mhlawumbe izigidigidi zeminyaka. Bathandana ngothando olujulile olumsulwa. UJesu wamfuza wangamshiya uYise wasezulwini kangangokuthi wayengase athi kubafundi bakhe: “Ongibonile mina umbonile noBaba.” (Johane 14:9) Njengoba sithola ulwazi futhi sihlakulela ukwazisa ngoJehova neNdodana yakhe, sishukumiseleka ukuba sibe njengabo. Uthando lwethu ngoJehova, kanye nosizo lomoya wakhe ongcwele, kuyosenza sikwazi ‘ukuhlubula ubuntu obudala nemikhuba yabo, sigqoke ubuntu obusha.’—Kolose 3:9, 10; Galathiya 5:22, 23.
Uthando Oluboniswa Ngezenzo
16. Umsebenzi wethu wokushumayela nokufundisa ulubonisa kanjani uthando ngoNkulunkulu nomakhelwane?
16 NjengamaKristu, sivumela uthando lwethu ngoNkulunkulu nangomakhelwane lusishukumisele ukuba senze umsebenzi wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. Ngokwenza kanjalo, sijabulisa uJehova uNkulunkulu, “ontando yakhe iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thimothewu 2:3, 4) Ngakho singathola injabulo ekusizeni abanye ukuba bavumele umthetho kaKristu ulobeke ezinhliziyweni zabo. Siyakujabulela nokubukela ubuntu babo buguquka bubonisa izimfanelo zikaJehova. (2 Korinte 3:18) Ngempela, ukusiza abanye bazi uNkulunkulu kuyisipho esiyigugu kunazo zonke esingabapha zona. Labo abavuma ukuba abangane bakaJehova bangabujabulela kuze kube phakade lobo bungane.
17. Kungani kuwukuhlakanipha ukuhlakulela uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane kunezinto ezibonakalayo?
17 Siphila ezweni elizazisa kakhulu izinto ezibonakalayo, lize lizithande imbala. Nokho, izinto ezibonakalayo azihlali phakade. Zingebiwa noma ziguge. (Mathewu 6:19) IBhayibheli liyasixwayisa: “Izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:16, 17) Yebo, uJehova uyohlala phakade, ngokufanayo nalabo abamthandayo nabamkhonzayo. Ngenxa yalokho, akukhona yini ukuhlakanipha ukuba sihlakulele uthando ngoNkulunkulu nangabantu kunokuba siphishekele izinto zezwe, ezihlala isikhashana ngisho noma ngabe ziphambili kanjani?
18. Esinye isithunywa sevangeli salubonisa kanjani uthando lokuzidela?
18 Labo abaphishekela uthando baletha udumo kuJehova. Cabanga ngoSonia, isithunywa sevangeli saseSenegal. Wafunda iBhayibheli nowesifazane okuthiwa uHeidi, owathola isandulela-ngculaza kumyeni wakhe ongakholwa. Ngemva kokushona komyeni wakhe, uHeidi wabhapathizwa, kodwa kungakabiphi waqala ukugula, walaliswa esibhedlela esenengculaza. USonia uyalandisa: “Izisebenzi zasesibhedlela zazenza okusemandleni azo, kodwa zazimbalwa. Kwacelwa amavolontiya ebandleni ukuba azomnakekela esibhedlela. Ngobusuku besibili, ngahlala ecansini eduze kombhede wakhe ngasiza ekumnakekeleni kwaze kwaba yilapho eshona. Udokotela owayephethe wathi: ‘Inkinga enkulu esinayo ukuthi ngisho nezihlobo ngokuvamile ziyawalahla amalungu emikhaya yazo lapho sezazi ukuthi anengculaza. Wena, njengoba ungahlobene nalo muntu, ningadabuki ezweni elilodwa, futhi ningafani ngisho nangebala, kungani uzichaya engozini?’ Ngachaza ukuthi kimi, uHeidi ungudadewethu wangempela, sisondelene sengathi sizalwa umama nobaba oyedwa. Njengoba ngase ngimazi lo dadewethu omusha, ngangikujabulela ukumnakekela.” Singasho nje nokuthi uSonia akavelelwanga yilutho olubi ngemizamo yakhe yothando yokunakekela uHeidi.
19. Njengoba sinomthetho kaNkulunkulu ezinhliziyweni zethu, yimaphi amathuba okufanele siwabambe?
19 Ziningi izibonelo zothando lokuzidela phakathi kwezinceku zikaJehova. Akukho simiso esilotshiwe somthetho esibonakalisa abantu bakaNkulunkulu namuhla. Kunalokho, sibona ukugcwaliseka kwalokho okulotshwe kumaHebheru 8:10: “‘Yilesi isivumelwano engiyosenza nendlu ka-Israyeli ngemva kwalezo zinsuku,’ kusho uJehova. ‘Ngiyofaka imithetho yami ezingqondweni zabo, ngiyilobe nasezinhliziyweni zabo. Futhi ngiyoba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.’” Kwangathi singawazisa njalo umthetho wothando uJehova awulobe ezinhliziyweni zethu, sibambe wonke amathuba okubonisa uthando.
20. Kungani umthetho kaKristu uyinto eyigugu kakhulu umuntu angaba nayo?
20 Yeka injabulo okuyiyo ukukhonza uNkulunkulu kanye nabazalwane bomhlaba wonke ababonisa uthando olunje! Labo abanomthetho kaKristu ezinhliziyweni zabo bajabulela ukuba nento eyigugu kakhulu kuleli zwe elingenaluthando. Abagcini ngokujabulela uthando lukaJehova, kodwa futhi bajabulela nesibopho esiqinile sothando phakathi kwabo. “Bheka! Yeka ukuthi kuhle futhi kumnandi kanjani ngabazalwane ukuba bahlale ndawonye ngobunye!” Nakuba oFakazi BakaJehova behlala emazweni amaningi, bekhuluma izilimi eziningi, futhi bevela ezizweni eziningi, bajabulela ubunye obungokwenkolo obungenakutholakala ndawo. Lobu bunye bubalethela umusa kaJehova. Umhubi wabhala: “UJehova wayala ukuba isibusiso sibe lapho [phakathi kwabantu abahlanganiswe uthando], yebo ukuphila kuze kube nini nanini.”—IHubo 133:1-3.
Ungaphendula?
• Yayibaluleke kangakanani iMiyalo Eyishumi?
• Uyini umthetho olotshwe ezinhliziyweni?
• Uthando lufeza yiphi indima ‘emthethweni kaKristu’?
• Iziphi izindlela esingabonisa ngazo uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane?
[Isithombe ekhasini 25]
Ama-Israyeli ayenemithetho elotshwe ezibhebheni zamatshe
[Izithombe ekhasini 26]
AmaKristu anomthetho kaNkulunkulu ezinhliziyweni zawo
[Isithombe ekhasini 28]
USonia nentombazane yaseSenegal emhlanganweni wesigodi ka-2004