Imfihlakalo Engcwele Iyembuleka
“Kuyavunywa ukuthi inkulu imfihlakalo engcwele yalokhu kuzinikela kokwesaba uNkulunkulu.”—1 THIMOTHEWU 3:16, “NW”.
1. Iyiphi imfihlakalo echazwa kweyoku-1 Thimothewu 3:16?
INGABE izimfihlakalo ziyakuthakazelisa? Ingabe uyakujabulela ukuphenya izimfihlakalo? Iningi lethu liyakujabulela! Khona-ke hlanganyela nathi njengoba siphenya enye yezimfihlakalo ezinkulu kunazo zonke—imfihlakalo ebivaleleke eZwini likaNkulunkulu izinkulungwane zeminyaka. Lemfihlakalo engcwele ikuthinta kakhulu ukuphila kwethu, kokubili okwamanje nokwesikhathi esizayo. ‘Iyimfihlakalo engcwele yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu,’ esiyichazelwa kweyoku-1 Thimothewu 3:16. Yeka indlela okufanele simbonge ngayo uJehova, “owambula izimfihlakalo,” ngokusazisa ngomusa lemfihlakalo ephakeme nencazelo yayo!—Daniyeli 2:28, 29.
2. (a) UJehova wakhuluma nini okokuqala ngemfihlakalo engcwele, futhi yini ayithembisa ngalesosikhathi? (b) Imiphi imibuzo edinga izimpendulo?
2 UJehova wakhuluma okokuqala ngemfihlakalo engcwele ngemva kokuba iNyoka ikhohlisé uEva, futhi uAdamu emlandela ekuhlubukeni kwakhe. Ngalesosikhathi uJehova wathembisa ukuthi “imbewu,” noma inzalo, yayiyochoboza ikhanda leNyoka. (Genesise 3:15, NW) Ingubani leMbewu? Yayiyoyinqoba kanjani iNyoka? Ingabe yayiyokulwela ukuba neqiniso kukaNkulunkulu nenjongo yaKhe ngalomhlaba?
3. Iziprofetho zaphezulu zanikeza ziphi izinkomba ngokuqondene nokuthi iMbewu ingubani kanye nomsebenzi wayo?
3 Ngemva kwesikhathi, iziprofetho zaphezulu zembula izinkomba ngokuqondene nokuthi ingubani leMbewu kanye nomsebenzi wayo wesikhathi esizayo. Yayizoba inzalo ka-Abrahama, yayizozuza umbuso kaDavide, yayizobizwa ngokuthi iNkosi Yokuthula. “Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela.” (Isaya 9:6, 7; Genesise 22:15-18; IHubo 89:35-37) Kodwa njengoba amaRoma 16:25 esho, leyomfihlakalo engcwele “yayifihliwe ngezikhathi zaphakade.”
Ukuxazulula Imfihlakalo
4. Imfihlakalo engcwele yaqala kanjani ukwembuleka ngo-29 C.E.?
4 Ekugcineni, ngemva kwezinkulungwane zeminyaka, kwaba khona ukukhanyiselwa! Ngayiphi indlela? Ngo-29 C.E., uJohane wabhapathiza uJesu waseNazaretha eMfuleni iJordani, futhi izwi likaNkulunkulu livela ezulwini lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.” (Mathewu 3:17) Ah, ekugcineni yavela iMbewu yesithembiso! Imfihlakalo engcwele yayisiqalile ukwambuleka ngazo zonke izici zayo ezikhazimulayo, kuhlanganise nendaba yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu.
5. Kuyini ‘ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu,’ futhi kubathinta kanjani labo abanakho?
5 Yini esiyiqondayo ‘ngokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu’? Emibhalweni yamaKristu YesiGreki, lamazwi avela izikhathi ezingama-20 kuphela, izikhathi ezingaphezu kwengxenye yalezi avela ezincwadini zikaPawulu ezimbili eziya kuThimothewu. Incwadi i-Insight on the Scriptures ichaza “ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu” ngokuthi “inhlonipho, ukukhulekela, nokukhonza uNkulunkulu, okuhambisana nokuthembeka ebukhosini bakhe bendawo yonke.” Inhlonipho ivela enhliziyweni esondela kuNkulunkulu, ngokwesaba ubukhosi bakhe, ubuphakade bakhe, nobuningi bendalo yakhe enhle, kanye nokubonga ngezipho ezingokomoya nezingokwenyama azithululela abantu abanokwazisa. Ngempela, ngamunye wethu onokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu angasho njengoba kwasho umhubi kumaHubo 104:1: “Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu, wembethe udumo nobukhosi.”
6. (a) Abakhulekeli bakaJehova bahluke kanjani kubahambi bamasonto beLobukholwa? (b) Yini uPawulu ayisho kwabaseRoma 11:33, 34, futhi imiphi imibuzo ephakanyiswayo ngenxa yalokho?
6 Ukuzinikela kwethu kuNkulunkulu kumelwe kubonakale, futhi lokhu kwenzeka ngezenzo. Ngokuqondene nalokhu, abakhulekeli bakaNkulunkulu weqiniso, uJehova, bahluke kakhulu kubahambi bamasonto eLobukholwa anyamalalayo. Kubantu abaningi emhlabeni, inkolo—uma besenayo inkolo—iwukugcina icala nje, iyisembatho abasigqokayo ukuze babonakale bengcwele kuyilapho bephila ukuphila okuvumelana nezwe elonakele elibazungezile. Abazi ngisho nokuthi uNkulunkulu ungubani. Ngokuqinisekile, abantu abanjalo badinga ukucabangela amazwi kaPawulu akuzEnzo 17:23, lapho ethi kwabase-Athene ababekhulekela ‘UNKULUNKULU ONGAZIWAYO’: “Lokho-ke enikukhonza ningakwazi, yikho engikumemezela kini.” Ngokuqondene nalowoNkulunkulu obabazekayo, uPawulu uthi kwabaseRoma 11:33, 34: “Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo! Ngokuba ngubani owawazi umqondo weNkosi na? Nokuba ngubani owaba-ngumluleki wayo na?” Pho-ke, sizazi kanjani izindlela zikaNkulunkulu? Ngokwazi ‘imfihlakalo engcwele yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu.’ Kodwa sikwenza kanjani lokho?
7. Kungani kungase kushiwo ukuthi “kuyavunywa ukuthi inkulu imfihlakalo engcwele yalokhu kuzinikela kokwesaba uNkulunkulu”?
7 Kweyoku-1 Thimothewu isahluko 3, umphostoli uPawulu okokuqala uchaza lokho okudingekayo ngezinceku ezithembekile endlini kaNkulunkulu, ezichazwa evesini 15 ngokuthi ‘yibandla likaNkulunkulu ophilayo, insika nesisekelo seqiniso.’ UPawulu ube esenezela, evesini 16: “Kuyavunywa ukuthi inkulu imfihlakalo engcwele yalokhu kuzinikela kokwesaba uNkulunkulu.” Inkulu ngempela ngoba uJehova wathumela emhlabeni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba izokwambula lemfihlakalo, ukuba izobonisa ukuthi kuyini ngempela ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu nokuthi kubaluleke kangakanani ekukhulekeleni kweqiniso. Imfihlakalo engcwele yalokhu kuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ibonakaliswe enkambweni yokuphila kukaJesu lapha emhlabeni. Bonke abathandi bakaJehova kumelwe bakhele ukholo lwabo nokuphila kwabo kuKristu, owabeka isibonelo sokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Khona-ke, uJesu wayicacisa kanjani imfihlakalo engcwele yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
Izici Eziyisithupha
8. (a) Ziyini izici eziyisithupha zemfihlakalo engcwele uPawulu azichazayo kweyoku-1 Thimothewu 3:16? (b) Ubani obonakaliswayo?
8 Ngokuphefumlelwa kwaphezulu, uPawulu uyawuphendula lowombuzo. Lapha kweyoku-1 Thimothewu 3:16, uchaza izici eziyisithupha zalemfihlakalo engcwele, ethi: “[1] Owabonakaliswa enyamemi, [2] walungisiswa emoyeni, [3] wabonwa yizingelosi, [4] washunyayelwa ezizweni, [5] wakholeka ezweni [izwe lakholwa nguye], [6] waphakanyiselwa enkazimulweni.” Ubani lona obonakaliswayo? Ngokusobala, uyiMbewu ethenjisiwe, uJesu, oweza ukuzokwenza intando kaNkulunkulu. Ubalulekile kulemfihlakalo engcwele, eyenza ibe nkulu ngempela.
9. Kunabuphi ubufakazi bokuthi eyoku-1 Thimothewu 3:16 akufanele ifundeke ngokuthi: “UNkulunkulu wabonakaliswa enyameni”?
9 Abafundisa uZiqu-zintathu bazama ukudunga ukuqondakala kwemfihlakalo engcwele ngokuba bathi lowo okukhulunywa ngaye kweyoku-1 Thimothewu 3:16 uNkulunkulu ngokwakhe. Lokhu bakusekela eBhayibhelini iKing James, elifundeka ngokuthi, “UNkulunkulu wabonakala enyameni.” Nokho, ithini imiBhalo yesiGreki ethembeke kakhulu? Ngokungaguquki, isebenzisa isabizwana esikhundleni selithi “Nkulunkulu.” Abacusumbuli bemibhalo manje bayavuma ukuthi ukufakwa kwelithi “Nkulunkulu” kulombhalo kuyiphutha lababhali. Ngakho, izinguqulo zamuva, njengeAmerican Standard Version, iNew English Bible, neNew World Translation, zifundeka ngokunembile ngokuthi: ‘Wabonakala [noma Yena owabonakala] enyameni.’ Cha, akuyena uNkulunkulu ngokwakhe owabonakala “enyameni.” Kunalokho, kwakuyiNdodana yakhe ethandekayo neyindalo yokuqala, umphostoli uJohane abhala ngayo ukuthi: “ULizwi waba-yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.”—Johane 1:14.
“Owabonakaliswa Enyameni”
10. (a) Isici sokuqala semfihlakalo engcwele sabonakala kanjani ekubhapathizweni kukaJesu? (b) Kungani uJesu aba “uAdamu wokugcina”?
10 Ekubhapathizweni kukaJesu isici sokuqala salemfihlakalo engcwele sabonakala: UJesu “wabonakaliswa enyameni” njengeNdodana kaNkulunkulu egcotshiwe. UJehova uNkulunkulu wayedlulisele ukuphila kweNdodana yakhe kusuka ezulwini kuya esibelethweni sikaMariya ukuze uJesu azalwe enyameni njengomuntu ophelele. Kanjalo, njengoba eyoku-1 Korinte 15:45-47 ibonisa, uJesu waba uAdamu wesibili, noma “wokugcina,” umphefumulo ophelele ongumuntu ofana ncimishi noAdamu wokuqala. Ngayiphi injongo? UThimothewu wokuqala 2:5, 6 ubhekisela ‘kuAdamu wokugcina’ ngokuthi “umuntu uKristu Jesu, owazinikela abe-yinhlawulo yabo bonke.” Kulesisekelo esingokomthetho somhlatshelo womuntu ophelele, uJesu ungumlamuleli esivumelwaneni esisha kubantu abayizi-144 000 ababa izindlalifa kanye naye eMbusweni wakhe.—IsAmbulo 14:1-3.
11. Izinzuzo zomhlatshelo wesihlengo sikaJesu zidlulela kobani?
11 Ingabe nabanye bayozuza ekufeni kukaJesu komhlatshelo? Ngokuqinisekile! UJohane Wokuqala 2:2 uthi uJesu Kristu “uyinhlawulo ngezono zethu [okungukuthi, izono zamaKristu agcotshiwe njengoJohane], kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.” Kanjalo izinzuzo zomhlatshelo wesihlengo sikaJesu zidlulela ngalé kwamaKristu agcotshiwe ayizi-144 000 zifinyelele lonke izwe lesintu. “Isixuku esikhulu” esiphilayo manje nezinkulungwane zezigidi eziyovuswa emhlabeni oyiPharadesi ziyokwamukela ukuphila okuphakade ngesisekelo sokholo lwazo emhlatshelweni kaJesu oyisihlengo. Kakade, njengoba kuprofethwe kusAmbulo 7:9, 10, isixuku esikhulu sesizihlanzile izingubo zaso sazenza zaba mhlophe ngokuba nokholo egazini elichithekile leWundlu, uJesu Kristu. Sibhekwa njengesilungile ngokuqondene nobungane noNkulunkulu. Ngenjabulo, sifunda izici ezihlukahlukene zalemfihlakalo engcwele futhi sibonisa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu ngokuvumelana nesibonelo sikaJesu!
Ezinye Izici
12. UJesu “walungisiswa” kanjani “emoyeni”?
12 Manje, kuthiwani ngesici sesibili esikweyoku-1 Thimothewu 3:16? UJesu “walungisiswa emoyeni.” Kodwa kanjani? Ngokuvusa kukaJehova iNdodana yakhe egcina ubuqotho kwabafileyo eyivusela ekuphileni komoya. Lokhu kwafana nokuthi uNkulunkulu uthi uJesu wayelunge ngokuphelele futhi efanelwe ezinye izabelo eziphakeme. Njengoba amaRoma 1:4 ekubeka, uJesu ‘wabonakaliswa ngamandla ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu ngokoMoya wobungcwele ngokuvuka kwabafileyo.’ Eqinisekisa lokhu, encwadini yakhe yokuqala, isahluko 3, ivesi 18, uPetru uyasitshela: “UKristu wahlupheka kwaba-kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni.” Ingabe isibonelo sikaJesu sokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu siyakuholela wena kuNkulunkulu?
13. UJesu ovusiwe wabonakala kuziphi izingelosi, futhi hlobo luni lwesigijimi asishumayela kuzo?
13 Eqhubeka neyoku-1 Thimothewu 3:16, ngokulandelayo uPawulu ubhekisela esicini sesithathu semfihlakalo engcwele, ethi uJesu “wabonwa yizingelosi.” Kungase kube zingobani lezingelosi? Ngokuqondene noJesu, manje ‘osephilisiwe emoyeni,’ uPetru uyabhala kweyoku-1 Petru 3:19, 20: “Ehamba ngawo ukushumayeza omoya abasekuboshweni abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa.” NgokukaJuda 6, leyomimoya ‘kwakuyizingelosi ezingagcinanga ubukhosi bazo, kodwa zalishiya ikhaya lazo’ emazulwini. Zathatha imizimba yenyama ukuze zijabulele ubuhlobo bobulili obungemthetho nabesifazane. Lapho uZamcolo uphoqelela lezozingelosi ukuba zibuyele endaweni yomoya, zaphonswa eTartarus, isimo sokwehliswa ngokuphelele. (2 Petru 2:4, NW) UJesu ovusiwe wazishumayeza. Kodwa ingabe leso kwakuyisigijimi sensindiso? Ngokuqinisekile kwakungesona! Kunalokho, uJesu wabulahla ububi bazo njengobuyinto ephikisanayo nokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Noma ubani kubantu bakaNkulunkulu namuhla odlala ngokuziphatha okubi kobulili kufanele axwaye ngenxa yesahlulelo esakhishwa kulezozingelosi!
14. Kukanjani ukuthi uJesu waqala ‘ukushunyayelwa ezizweni’?
14 Isici sesine seyoku-1 Thimothewu 3:16 siwukuthi uJesu “washunyayelwa ezweni.” Lokhu kuye kwagcwaliseka kanjani? Ngaphambi nje kokuboshwa kwakhe, uJesu watshela abaphostoli: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunalé uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba.” (Johane 14:12) Ngemva nje kwalokho, ngePhentekoste lika-33 C.E., uJesu wathululela umoya ongcwele phezu kwabafundi bakhe, futhi izindaba ezimangalisayo zokuthi “uJesu lo uNkulunkulu wamvusa” zaqala ukushunyayelwa kumaJuda. Kamuva, amaSamariya nawo alamukela izwi likaNkulunkulu futhi aqala ukwamukela umoya ongcwele. (IzEnzo 2:32; 8:14-17) Khona-ke, ngo-36 C.E., uPetru washumayeza uKorneliyu nabanye beZizwe ababebuthene ekhaya lakhe. Kanjalo, izindaba ezinhle eziphathelene noJesu zaqala ‘ukushunyayelwa ezizweni,’ okungukuthi, phakathi kwabangemaJuda, nabo abagcotshwa ngomoya ongcwele.
15. Yini efakazela ukuthi amaKristu ekhulu leminyaka lokuqala ayeyifunde kahle imfihlakalo engcwele yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?
15 Njengoba kubikwé kuzEnzo 12:24, “izwi likaNkulnkulu lakhula, landa.” IzEnzo 17:6 zilandisa ukuthi enyakatho yeGrisi abaphikisi bakhononda, njengoba besakhonanda lapho nanamuhla, bathi: “Laba abayaluzisa izwe lonke sebefikile nalapha.” Phakathi neminyaka engama-30, uPawulu wayengabhala eseRoma ukuthi izindaba ezinhle ‘zazishunyayelwe kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu.’ (Kolose 1:23) AmaKristu angalesosikhathi ayeyifunde kahle imfihlakalo engcwele yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu. Yeka indlela ayeyisebenzisa ngentshiseko ngayo! Sengathi nathi ngokufanayo singayifunda futhi siyisebenzise kulolusuku lomvuthwandaba wokushumayela ngoMbuso!
16. Siyini isici sesihlanu semfihlakalo engcwele, futhi imuphi umsebenzi owasenza sabonakala?
16 Ngenxa yalokho kushumayela kwangekhulu lokuqala, isici sesihlanu semfihlakalo engcwele yeyoku-1 Thimothewu 3:16 sabonakala ngokuphawulekayo. UJesu manje “wakholeka ezweni, [izwe lakholwa nguye].” Lokhu kwakungenxa yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu okunjengokukaKristu kwezithunywa zevangeli ezishisekayo, kuhlanganise noPawulu noThimothewu. Zayisa izindaba ezinhle eAsia Minor naseYurophu, mhlawumbe kuze kuyofika naseSpain, kuqhubeke kuye eMpumalanga Afrika ngomTiyopiya obhapathiziwe, kuyilapho uPetru ekhonza eBabiloni.
17. Kungani uJesu kukholelwa kuye kulo lonke izwe lanamuhla?
17 Kuthiwani ngosuku lwethu? Kusukela ngo-1919 insali egcotshiwe ibibonisa ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu okuyisibonelo. Laba abagcotshiwe, baye bakhela ngokuqinile esisekelweni sokholo esabekwa uJesu. Ikakhulukazi kusukela ngo-1935, baye baqhubeka beqoqa isixuku esikhulu, esijabulela ithemba lokusinda “osizini olukhulu” nokujabulela ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. (IsAmbulo 7:9, 14) Ngakho, izindaba ezinhle ezigxile kuJesu bayazikholwa kulo lonke ‘izwe lanamuhla.’ Ngokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, oFakazi BakaJehova abangaphezu kwezi-3 700 000 manje bayashumayela futhi bayanda embulungeni yonke!
18. UJesu “waphakanyiselwa” kanjani “enkazimulweni”?
18 Kusele isici esisodwa saleyomfihlakalo engcwele, esesithupha: uJesu “waphakanyiselwa enkazimulweni.” Phakathi nezinsuku ezingu-40 ngemva kokuba evuselwe ukuphila emoyeni, uJesu wayembatha imizimba yenyama, ebonakala kubafundi bakhe futhi ebatshela “ngezombuso kaNkulunkulu.” (IzEnzo 1:3, 6-9) Khona-ke wenyukela ezulwini. Ngaleyondlela umthandazo wakhe obhalwe kuJohane 17:1-5, waphendulwa: “Baba, . . . khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana ikukhazimulise wena . . . Ngikukhazimulisile emhlabeni . . . Manje-ke ngikhazimulise wena-Baba kuwe uqobo ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, izwe lingakabikho.”
19. Yini okumelwe ukuba yahambisana nokubuyela kukaJesu ezulwini?
19 Yeka injabulo enkulu okumelwe ukuba yahambisana nokubuyela kukaJesu ezulwini! Esikhathini eside ngaphambili, lapho uJehova emisa umhlaba, “onke amadodana kaNkulunkulu ajabula.” (Jobe 38:7) Kumelwe ukuba lezixuku zezingelosi zajabula ngisho nangokwengeziwe ngokuphinde zamukele iQhawe elithembekile lobukhosi bukaJehova!
20. Kungani uJesu azuza igama elihle kangaka, futhi yini ayenza ngesikhathi esemhlabeni?
20 KumaHeberu 1:3, 4, uPawulu uthi ngoJesu onqobile: “Isiyenzile ukuhlanzwa kwezono yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu, seyaba-nkulu kunezingelosi, njengalokhu igama eliyifa layo likhulu kunelazo.” UKristu wamukela lelogama ngenxa yokunqoba kwakhe ukungalungi. LeNdodana kaNkulunkulu ngempela yayiyivulile indlela yokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu lapha emhlabeni. Futhi yayibabekele isibonelo bonke abanye abayozuza ukuphila okuphakade. Ngokuphakanyiselwa kukaJesu esandleni sikaNkulunkulu sokunene ezulwini, imfihlakalo engcwele yalokhu kuzinikela kokwesaba uNkulunkulu yembuleka ngazo zonke izici zayo.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Kuyini ‘ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu’?
◻ UJesu “wabonakaliswa” kanjani “enyameni” futhi ngemva kwalokho “walungisiswa emoyeni”?
◻ UJesu wabonwa yiziphi izingelosi, futhi enasiphi isigijimi?
◻ UKristu uye “washunyayelwa” kanjani “ezizweni” futhi “izwe lamkholwa” kanjani?
◻ UJesu “waphakanyiselwa” nini “enkazimulweni,” futhi ngemva kokwenzani ngokuqondene nokuzinikela kokwesaba uNkulunkulu?