Umoya Wezwe
Incazelo: Amandla ashukumisayo athonya umphakathi wesintu owenziwe yilabo abangezona izinceku zikaJehova uNkulunkulu, abangela abantu abanjalo ukuba basho futhi benze izinto ngokokhondolo oluthile. Nakuba abantu benza izinto ngokombono womuntu siqu, labo ababonisa umoya wezwe banikeza ubufakazi bemibono ethile eyisisekelo, izindlela zokwenza izinto, nezinhloso ekuphileni ezivame esimisweni samanje sezinto esinoSathane njengombusi nonkulunkulu waso.
Kungani ukunindwa umoya wezwe kuyindaba yokukhathalelwa ngokungathi sína?
1 Joh. 5:19: “Izwe lonke limi [emandleni omubi].” (USathane uye wakhuthaza umoya obusa ukucabanga nemisebenzi yalabo besintu abangezona izinceku zikaJehova ezamukelekayo. Kungumoya wobugovu nowokuqhosha ogcwele kangangokuthi usufana nomoya abantu abawuphefumulayo. Kudingeka sicophelele kakhulu ukuba singaweli emandleni kaSathane ngokuvumela lowomoya uthonye ukuphila kwethu.)
IsAm. 12:9: “Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.” (Kusukela lokhu kwenzeka, ngemva kokuzalwa koMbuso ngo-1914, ithonya likaSathane namademoni akhe liye laqina kakhulu phakathi kwesintu. Umoya wakhe uye washukumisela abantu ezenzweni zobugovu obengeziwe nobudlova. Ikakhulukazi labo abafuna ukukhonza uJehova baba ngaphansi kokucindezeleka okukhulu kokuba babe yingxenye yezwe, benze okwenziwa abanye, nokuba balahle ukukhulekela kweqiniso.)
Iziphi ezinye zezici zomoya wezwe okumelwe siziqaphele?
1 Kor. 2:12: “Thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa.” (Uma umoya wezwe ugxila ekucabangeni komuntu nasezifisweni, izithelo zawo zibonakala ngokushesha ezenzweni ezibonisa lowomoya. Ngakho-ke, ukukhululeka emoyeni wezwe akudingi nje kuphela ukugwema imisebenzi engebona ubuKristu nokweqisa kodwa futhi nokufinyelela emsukeni wendaba ngokuhlakulela imibono ebonisa umoya kaNkulunkulu nothando loqobo ngezindlela zakhe. Lokhu kumelwe ukukhumbule njengoba ucabangela izinto ezilandelayo ezibonisa umoya wezwe.)
Ukwenza lokho umuntu afuna ukukwenza, engenandaba nentando kaNkulunkulu
USathane wakhuthaza uEva ukuba azinqumele ngokwakhe okuhle nokubi. (Gen. 3:3-5; ngokuphambene bheka izAga 3:5, 6.) Abaningi abalandela inkambo kaEva abazi ukuthi iyini intando kaNkulunkulu ngesintu, futhi abazihluphi ngokuyazi. Bamane nje “benza abakuthandayo,” njengokusho kwabo. Labo abazi izimfuneko zikaNkulunkulu futhi abazama ukuhambisana nazo badinga ukuqaphela ukuba umoya wezwe ungababangeli ukuba ngamabomu bangasinaki iseluleko seZwi likaNkulunkulu ngokuqondene nalokho abangase bakubheke ngokuthi “izinto ezincane.”—Luka 16:10; bheka futhi esithi “Ukuzibusa.”
Ukusabela ngokuqhosha ezimweni ezithile
USathane ungowokuqala owavumela ukuzicabangela njengongcono konakalise inhliziyo yakhe. (Qhathanisa noHezekeli 28:17; IzAga 16:5.) Ukuqhosha kungamandla ahlukanisayo ezweni angumbusi walo, kubangela abantu bazicabangele njengabangcono kunalabo bezinye izinhlanga, izizwe, izilimi, nezikhundla ezingokomnotho. Ngisho nalabo abakhonza uNkulunkulu bangase badinge ukukhuculula izinsalela zemizwa enjalo. Nabo badinga ukuqaphela ukuze ukuziqhenya kungababangeli ukuba benze izimpikiswano ezinkulu ngezinto ezincane, noma kube umgoqo obavimbela ukuba bavume amaphutha abo futhi bamukele iseluleko ngaleyondlela bazuze osizweni lothando uJehova alulungiselela ngenhlangano yakhe.—Roma 12:3; 1 Pet. 5:5.
Ukubonisa isimo sokuvukela igunya
Ukuvukela kwaqala kuSathane, ogama lakhe lisho “uMphikisi.” Ngokwedelela kwakhe uJehova, uNimrode, ogama lakhe lingase lisho ukuthi “Masivukele,” kwabonisa ukuthi wayengumntwana kaSathane. Ukugwema lowomoya kuyovimbela abantu abesaba uNkulunkulu ekubeni badelele ababusi basemhlabeni (Roma 13:1); kuyosiza abantwana ukuba bazithobe egunyeni labazali babo abalinikwe uNkulunkulu (Kol. 3:20); kuyoba isivikelo sokuba bangazwelani nezihlubuki, ezingabahloniphi labo uJehova aye wabaphathisa umthwalo wemfanelo enhlanganweni yakhe ebonakalayo.—Juda 11; Heb. 13:17.
Ukuyekelela isifiso senyama enesono
Ithonya lalokhu lingabonakala futhi lizwakale yonke indawo. Kunesidingo sokuba siliqaphele njalo. (1 Joh. 2:16; Efe. 4:17, 19; Gal. 5:19-21) Ukucabanga nezifiso ezingase ziholele ekubonakalisweni kwalo okungathi sína kungabonakala engxoxweni yomuntu, amahlaya awenzayo, umculo awulalelayo, uhlobo lokudansa alwenzayo, noma ekubukeleni kwakhe imidlalo ebukisa ngobulili bokuziphatha okubi. Lesisici somoya wezwe sizibonakalisa ekusebenziseni kabi izidakamizwa, ekudakweni, ekuphingeni, ekuhlobongeni, nasebungqingilini. Siyabonakala futhi uma umuntu edivosa omunye umngane athathe omunye ngesizathu esingesona esingokombhalo, kodwa mhlawumbe esingokomthetho.—Mal. 2:16.
Ukuvumela ukuphila kwakho kubuswe isifiso sokuba nalokho okubonayo
Yilesosifiso uSathane asihlakulela kuEva, emyenga ukuba enze okuthile okonakalisa ubuhlobo bakhe noNkulunkulu. (Gen. 3:6; 1 Joh. 2:16) UJesu wasenqaba ngokunamandla isilingo esinjalo. (Math. 4:8-10) Labo abafuna ukuthokozisa uJehova kudingeka baqaphele ukuze bangavumeli izwe lezentengiselwano lithuthukise umoya onjalo kubo. Kuba nosizi olukhulu nokubhubha ngokomoya njengomphumela kulabo ababanjwe ugibe lwawo.—Math. 13:22; 1 Thim. 6:7-10.
Ukubukisa ngezinto zakhe umuntu nalokho okuthiwa kuyizinzuzo
Nalomkhuba futhi, “uvela ezweni” futhi kudingeka bawulahle labo ababa yizinceku zikaNkulunkulu. (1 Joh. 2:16) Umsuka wawo usekuzaziseni, futhi esikhundleni sokwakha abanye ngokomoya, uqokomisa ukukhanga kwezinto ezibonakalayo nemibono yokufezwa yizwe phambi kwabo.—Roma 15:2.
Ukubonisa ukucasuka kwakho ngenkulumo yenhlamba nangezenzo zobudlova
Lokhu ‘kuyimisebenzi yenyama’ abantu abaningi okumelwe balwisane nayo kanzima. Ngokholo loqobo nangosizo lomoya kaNkulunkulu bangalinqoba izwe kunokuba bavumele umoya walo ubabuse.—Gal. 5:19, 20, 22, 23; Efe. 4:31; 1 Kor. 13:4-8; 1 Joh. 5:4.
Ukusekela amathemba akho nokwesaba kulokho abantu abakwazi ukukwenza
Umuntu wenyama ucabangela lokho akwazi ukukubona futhi akuthinte njengalokho okubaluleke ngempela. Amathemba akhe nokwesaba kusezithembisweni nokusongela kwabanye abantu. Usizo ulubheka kubabusi abangabantu abese edumazeka uma behluleka. (IHu. 146:3, 4; Isaya 8:12, 13) Kuyena, lokhu kuphila ukuphela kwakho. Ukusongela kokufa kumenza isigqila kalula. (Ngokuphambene, bheka uMathewu 10:28; Heberu 2:14, 15.) Kodwa amandla amasha ashukumisa izingqondo zabantu abafinyelela ekwazini uJehova, labo abagcwalisa izingqondo zabo nezinhliziyo ngezithembiso zakhe futhi abafunda ukuphendukela kuye ngosizo ngaso sonke isikhathi sokuswela.—Efe. 4:23, 24; IHu. 46:1; 68:19.
Ukunikeza abantu nezinto udumo lokukhulekela olungolukaNkulunkulu
“Unkulunkulu walelizwe,” uSathane uDeveli, ukhuthaza zonke izinhlobo zemikhuba eziqondisa kabi ukuthambekela komuntu akunikezwa uNkulunkulu kokukhulekela. (2 Kor. 4:4) Abanye ababusi baye baphathwa njengonkulunkulu. (IzE. 12:21-23) Izigidi zikhothama phambi kwezithixo. Izigidi ezengeziwe zenza abadlali bamabhayisikobho nabagijimi abavelele izithixo. Imikhosi eyenziwayo ngokuvamile inikeza udumo olungafanele kubantu ngabanye. Lomoya uvame kangangokuthi labo abamthanda ngempela uJehova nabafuna ukumnikeza ukuzinikela okukhethekile kudingeka baqaphele ithonya lawo nsuku zonke.