ISahluko 38
Dumisani UJah Ngezahlulelo Zakhe!
1. Imaphi amazwi uJohane awezwa ‘enjengezwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini’?
IBHABHILONI ELIKHULU alisekho! Lezi izindaba ezijabulisa ngempela. Akumangalisi ukuthi uJohane uzwa ukumemeza kwenjabulo kokudumisa ezulwini! “Ngemva kwalezi zinto, ngezwa izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini. Sathi: ‘Haleluya!a Insindiso nenkazimulo namandla ngokukaNkulunkulu wethu, ngoba izahlulelo zakhe ziyiqiniso futhi zilungile. Ngoba usikhiphile isahlulelo phezu kwesifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, waliphindisela negazi lezinceku zakhe esandleni saso.’ Ngaso leso sikhathi saphinda okwesibili sathi: ‘Haleluya!b Umusi ophuma kuso isifebe unyuka kuze kube phakade naphakade.’”—IsAmbulo 19:1-3.
2. (a) Lisho ukuthini igama elithi “Haleluya,” futhi kubonisani ukulizwa kukaJohane kabili kuleli qophelo? (b) Ubani owamukela inkazimulo ngokubhubhisa iBhabhiloni Elikhulu? Chaza.
2 Haleluya ngempela! Leli gama lisho ukuthi “Dumisani uJah, nina bantu,” “uJah” ewukufushaniswa kwegama laphezulu elithi, Jehova. Lapha sikhunjuzwa ngokunxusa komhubi: “Konke okuphefumulayo—makudumise uJah. Dumisani uJah!” (IHubo 150:6) Ukuzwa kukaJohane iqembu labahlabeleli lasezulwini elithokozayo lihlabelela ‘uHaleluya!’ kabili kuleli qophelo kusAmbulo kubonisa ukuqhubeka kwesambulo saphezulu seqiniso. UNkulunkulu wemiBhalo YamaKristu YesiGreki usenguye uNkulunkulu wemiBhalo YesiHebheru yangaphambili, futhi uJehova igama lakhe. UNkulunkulu owabangela ukuwa kweBhabhiloni lasendulo manje usahlulele futhi wabhubhisa iBhabhiloni Elikhulu. Mnikeni lonke udumo ngenxa yaleso senzo! Amandla abangela ukuwa kwalo angawakhe kunokuba abe ngawezizwe azisebenzisa njengamathuluzi ekulenzeni incithakalo. Kumelwe sikuyise kuJehova kuphela ukubonga ngensindiso.—Isaya 12:2; IsAmbulo 4:11; 7:10, 12.
3. Kungani isifebe esikhulu besifanelwe kangaka isijeziso saso?
3 Kungani isifebe esikhulu besifanelwe kangaka yilesi sahlulelo? Ngokomthetho uJehova awunika uNowa—futhi ngaye sonke isintu—ukuchithwa kwegazi konya kufanelwe isigwebo sokufa. Lokhu kwashiwo futhi eMthethweni kaNkulunkulu ku-Israyeli. (Genesise 9:6; Numeri 35:20, 21) Ngaphezu kwalokho, ngaphansi kwalowo Mthetho KaMose kokubili ubufebe obungokwenyama nobungokomoya babunesigwebo sokufa. (Levitikusi 20:10; Duteronomi 13:1-5) IBhabhiloni Elikhulu selinezinkulungwane zeminyaka linecala legazi, futhi liyisifebekazi esikhulu. Ngokwesibonelo, isimiso seSonto LamaRoma Katolika sokwenqabela abapristi balo ukuba bashade siye saphumela ekuziphatheni okubi okukhulu ngabaningi babo, abaningi balaba namuhla bengenwa ingculaza. (1 Korinte 6:9, 10; 1 Thimothewu 4:1-3) Kodwa izono zalo ezinkulu, ‘ezinqwabelene zaze zafika phezulu ezulwini,’ ziyizenzo zalo ezishaqisayo zobufebe obungokomoya—lobu bamuva libenza ngokufundisa amanga nangokuzihlanganisa nabezombangazwe abonakele. (IsAmbulo 18:5) Njengoba ukujeziswa kwalo sekuye kwalizuma ekugcineni, isixuku sasezulwini manje senanela ngoHaleluya wesibili.
4. Yini efanekiselwa iqiniso lokuthi umusi ophuma eBhabhiloni Elikhulu “unyuka kuze kube phakade naphakade”?
4 IBhabhiloni Elikhulu liye lokhelwa ngomlilo njengomuzi onqotshiwe, futhi umusi ophuma kulo “unyuka kuze kube phakade naphakade.” Lapho umuzi ongokoqobo ushiswa amabutho anqobile, umusi uqhubeka wenyuka uma nje umlotha usashisa. Noma ubani ozama ukuwakha kabusha lapho usashunqa uyomane ashiswe umlotha oshisayo. Njengoba umusi ophuma eBhabhiloni Elikhulu uyokwenyuka “kuze kube phakade naphakade” okubonisa ukwahlulelwa kwalo kokugcina, akekho oyoke akwazi ukuvuselela lowo muzi okhohlakele. Inkolo yamanga ayisekho phakade. Haleluya, ngempela!—Qhathanisa no-Isaya 34:5, 9, 10.
5. (a) Yini abadala abangu-24 nezidalwa ezine abakwenzayo nabakushoyo? (b) Kungani isiphindo sikaHaleluya simnandi ukudlula kude kakhulu noma iyiphi ingoma kaHaleluya ehlatshelelwa emasontweni eLobukholwa?
5 Embonweni ongaphambili, uJohane wabona izidalwa ezine zizungeze isihlalo sobukhosi, kanye nabadala abangu-24 abafanekisela izindlalifa zoMbuso zisesikhundleni sazo esikhazimulayo ezulwini. (IsAmbulo 4:8-11) Manje uyazibona futhi njengoba zimemeza uHaleluya wesithathu ngokubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu: “Abadala abangamashumi amabili nane nezidalwa ezine eziphilayo bawa phansi bakhulekela uNkulunkulu ohlezi esihlalweni sobukhosi, bathi: ‘Amen! Haleluya!’”c (IsAmbulo 19:4) Khona-ke, le ngoma emnandi kaHaleluya inezela ‘engomeni entsha’ yokudumisa iWundlu. (IsAmbulo 5:8, 9) Manje bahlabelela isiphindo esimnandi sokunqoba, beyisa yonke inkazimulo eNkosini EnguMbusi uJehova ngenxa yokunqoba kwayo okungunqamula-juqu isifebe esikhulu, iBhabhiloni Elikhulu. Labo Haleluya baduma kamnandi ukwedlula noma ibaphi oHaleluya abahlatshelelwa emasontweni eLobukholwa, lapho uJehova, noma uJah, eye wadelelwa futhi weyiswa khona. Manje ukuhlabelela okunjalo kokuzenzisa okuhlambalaza igama likaJehova kuthuliswe phakade!
6. ‘Yizwi’ likabani elizwakalayo, likhuthazani, futhi obani abahlanganyela ekusabeleni?
6 Kwakungo-1918 lapho uJehova eqala ukuvuza ‘abesaba igama lakhe, abancane nabakhulu’—abokuqala balaba kungamaKristu agcotshiwe afa ethembekile, awavusa futhi wawabeka ezikhundleni zasezulwini zabadala abangu-24. (IsAmbulo 11:18) Abanye bahlanganyela nalaba ekuhlabeleleni oHaleluya, ngoba uJohane uyabika: “Kwaphuma izwi esihlalweni sobukhosi lathi: ‘Dumisani uNkulunkulu wethu, nonke nina zinceku zakhe, ezimesabayo, ezincane nezinkulu.’” (IsAmbulo 19:5) Leli “izwi” loMkhulumeli kaJehova, iNdodana yakhe siqu, uJesu Kristu, omi “phakathi kwesihlalo sobukhosi.” (IsAmbulo 5:6) Hhayi ezulwini kuphela kodwa futhi nalapha emhlabeni, “nonke nina zinceku zakhe” nihlanganyela ekuhlabeleleni, kanye nesigaba sikaJohane esigcotshiwe sihola emhlabeni. Yeka ukuthi laba bahlanganyela ngenjabulo kanjani ekuthobeleni umyalo: “Dumisani uNkulunkulu wethu”!
7. Ngemva kokuba iBhabhiloni Elikhulu libhujisiwe, obani abayobe bedumisa uJehova?
7 Yebo, nalabo besixuku esikhulu babalwa phakathi kwalezi zinceku. Kusukela ngo-1935 laba bebephuma eBhabhiloni Elikhulu futhi baye babona ukugcwaliseka kwesithembiso sikaNkulunkulu: “Uzobabusisa abesaba uJehova, abancane kanye nabakhulu.” (IHubo 115:13) Lapho iBhabhiloni elinjengesifebe libhujiswa, izigidi zabo ziyohlanganyela ‘ekudumiseni uNkulunkulu wethu’—kanye nesigaba sikaJohane naso sonke isixuku sasezulwini. Kamuva, labo abavusiwe emhlabeni, kungakhathaliseki ukuthi ngaphambili babevelele noma cha, ngokungangabazeki bayohlabelela abanye oHaleluya lapho bezwa ukuthi iBhabhiloni Elikhulu alisekho phakade. (IsAmbulo 20:12, 15) Lonke udumo maluye kuJehova ngenxa yokunqoba kwakhe okukhulu isifebe esidala!
8. Izingoma zasezulwini zokudumisa ezizwiwa uJohane zisinikeza siphi isisusa manje, ngaphambi kokuba iBhabhiloni Elikhulu libhujiswe?
8 Yeka isisusa konke lokhu okusinika sona sokuba sihlanganyele ngokugcwele emsebenzini kaNkulunkulu wanamuhla! Kwangathi zonke izinceku zikaJah zingazinikela ngenhliziyo nangomphefumulo ekumemezeleni izahlulelo zikaNkulunkulu, kanye nethemba elihle loMbuso, manje, ngaphambi kokuba iBhabhiloni Elikhulu lisishulwe futhi libhujiswe.—Isaya 61:1-3; 1 Korinte 15:58.
‘Haleluya—UJehova UyiNkosi!’
9. Kungani uHaleluya wokugcina ewumsindo omnandi, ohlangene kangaka?
9 Kunezizathu ezengeziwe zokujabula, njengoba uJohane eqhubeka esitshela: “Ngezwa futhi okwakunjengezwi lesixuku esikhulu, kunjengomsindo wamanzi amaningi nanjengomsindo wokuduma okukhulu kwezulu. Sathi: ‘Haleluya,d ngoba uJehova uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, uqalile ukubusa njengenkosi.’” (IsAmbulo 19:6) Lo Haleluya wokugcina yiwona ophelelisa lesi simemezelo. Ungumsindo omkhulu wasezulwini, omkhulu ngaphezu kwanoma owaliphi iqembu labahlabeleli abangabantu, omkhulu ngaphezu kwanoma owayiphi impophoma yasemhlabeni, futhi wesabisa ngaphezu kwanoma ikuphi ukuduma kwezulu kwasemhlabeni. Izigidigidi zamazwi asezulwini zihalalisela iqiniso lokuthi “uJehova uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, uqalile ukubusa njengenkosi.”
10. Kungashiwo ngamuphi umqondo ukuthi uJehova uqala ukubusa njengenkosi ngemva kokubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu?
10 Nokho, kukanjani ukuthi uJehova uqala ukubusa? Sekudlule izinkulungwane zeminyaka umhubi athi: “UNkulunkulu uyiNkosi yami kusukela kudala.” (IHubo 74:12) Ngisho nangaleso sikhathi ubukhosi bukaJehova base bungobasendulo, ngakho iqembu labahlabeleli lendawo yonke lingahlabelela kanjani ukuthi “uJehova . . . uqalile ukubusa njengenkosi”? Ngokuthi lapho iBhabhiloni Elikhulu libhujiswa, uJehova ngeke esaba nayo leyo mbangi egabadelayo ukuba iphazamise ukuthotshelwa kwakhe njengoMbusi Wendawo Yonke. Inkolo yamanga ngeke isabangela ababusi bomhlaba ukuba bamphikise. Lapho iBhabhiloni lasendulo liwa ekubeni umbuso wezwe, iZiyoni lezwa isimemezelo sokunqoba: “UNkulunkulu wakho usebe yinkosi!” (Isaya 52:7) Ngemva kokuzalwa koMbuso ngo-1914, abadala abangu-24 bamemezela: “Siyakubonga, Jehova Nkulunkulu . . . ngoba uthathe amandla akho amakhulu waqala ukubusa njengenkosi.” (IsAmbulo 11:17) Manje, ngemva kokubhujiswa kweBhabhiloni Elikhulu, isimemezelo siyaphindwa futhi: “UJehova . . . uqalile ukubusa njengenkosi.” Akukho nkulunkulu owenziwe abantu osalayo ukuba ancintisane nobukhosi bukaNkulunkulu weqiniso, uJehova!
Umshado WeWundlu Useduze!
11, 12. (a) IJerusalema lasendulo lalibiza kanjani iBhabhiloni lasendulo, libeka siphi isibonelo ngokuqondene neJerusalema Elisha neBhabhiloni Elikhulu? (b) Ngokunqotshwa kweBhabhiloni Elikhulu, izixuku zasezulwini zihlabelelani futhi zimemezelani?
11 “Wena wesifazane oyisitha sami”! Yileyo indlela iJerusalema, indawo lapho kwakukhona ithempeli likaJehova lokukhulekela, elabiza ngayo iBhabhiloni elikhulekela izithombe. (Mika 7:8) Ngokufanayo, “nomuzi ongcwele, iJerusalema Elisha,” owakhiwa umlobokazi ongamalungu angu-144 000, uye waba nazo zonke izizathu zokubiza iBhabhiloni Elikhulu ngokuthi isitha sawo. (IsAmbulo 21:2) Kodwa ekugcineni isifebe esikhulu siye sabhekana nobunzima, inhlekelele, nencithakalo. Imikhuba yaso yemimoya nabafundi bezinkanyezi akuzange kukwazi ukusisindisa. (Qhathanisa no-Isaya 47:1, 11-13.) Ngempela, ukunqoba okukhulu ngokukhulekela kweqiniso!
12 Isifebe esinyanyekayo, iBhabhiloni Elikhulu, sesingasekho phakade, manje ukunakekela sekungagxiliswa kumlobokazi weWundlu omsulwa! Ngakho, izixuku zasezulwini zihlabelela ngokuthokoza zidumisa uJehova: “Masijabule sichichime injabulo, futhi masimnike inkazimulo, ngoba umshado weWundlu ufikile nomkalo uzilungisile. Yebo, unikwé ukuba avunule ngelineni elikhanyayo, elihlanzekile, nelicolekileyo, ngoba ilineni elicolekileyo limelela izenzo ezilungileyo zabangcwele.”—IsAmbulo 19:7, 8.
13. Ikuphi ukulungiselela umshado weWundlu okuye kwenziwa emakhulwini eminyaka adlule?
13 Kuwo wonke amakhulu eminyaka, uJesu uye wenza amalungiselelo othando alo mshado wasezulwini. (Mathewu 28:20; 2 Korinte 11:2) Ubehlanza abangu-144 000 baka-Israyeli ongokomoya ukuze “ethule ibandla kuye ngokwakhe lisebukhazikhazini balo, lingenabala nambimbi noma enye yezinto ezinjalo, kodwa ukuze libe ngcwele futhi lingabi nasici.” (Efesu 5:25-27) Enombono wokwamukela “umklomelo wobizo lwaphezulu lukaNkulunkulu,” ngamunye umKristu ogcotshiwe kuye kwadingeka akhumule ubuntu obudala nemikhuba yabo, embathe ubuntu obusha bobuKristu, futhi enze izenzo zokulunga ‘ngomphefumulo wonke njengokungathi wenzela uJehova.’—Filipi 3:8, 13, 14; Kolose 3:9, 10, 23.
14. USathane uye wazama kanjani ukonakalisa amalungu esikhathi esizayo omfazi weWundlu?
14 Kusukela ngePhentekoste lika-33 C.E. kuye phambili, uSathane wayesebenzisa iBhabhiloni Elikhulu njengethuluzi lakhe lokuzama ukonakalisa amalungu esikhathi esizayo omkaWundlu. Ngasekupheleni kwekhulu lokuqala leminyaka, wayesehlwanyele imbewu yenkolo yobuBhabhiloni ebandleni. (1 Korinte 15:12; 2 Thimothewu 2:18; IsAmbulo 2:6, 14, 20) Umphostoli uPawulu uchaza labo ababephendukezela ukholo ngala mazwi: “Ngoba abantu abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi ezinenkohliso, beziguqula abaphostoli bakaKristu. Futhi akumangalisi, ngoba uSathane ngokwakhe uziguqula ingelosi yokukhanya.” (2 Korinte 11:13, 14) Emakhulwini eminyaka alandela, eLobukholwa elihlubukayo, njengalo lonke iBhabhiloni Elikhulu, lazembathisa isambatho sengcebo namalungelo, “ngokunsomi nokubomvu . . . ngegolide nangetshe eliyigugu nangamaparele.” (IsAmbulo 17:4) Abefundisi nopapa balo bazihlanganisa nababusi abanequngo, njengoConstantine noCharlemagne. Alikaze lembathe “izenzo ezilungileyo zabangcwele.” Njengomlobokazi mbumbulu, ngempela laliwubuchwepheshe bokukhohlisa kukaSathane. Ekugcineni, alisekho phakade!
Umfazi WeWundlu Uzilungisile
15. Kwenzeka kanjani ukubekwa uphawu, futhi yini edingekile ngomKristu ogcotshiwe?
15 Ngakho manje, cishe ngemva kweminyaka engu-2 000, bonke abangu-144 000 besigaba somlobokazi baye bazilungiselela. Kodwa kungathiwa ‘umkaWundlu uzilungise’ ngasiphi isikhathi? Ngokuqhubekayo, kusukela ngePhentekoste lika-33 C.E. kuya phambili, abakholwayo abagcotshiwe ‘babekwa uphawu ngomoya ongcwele othenjisiwe,’ kucatshangelwa ‘usuku oluzayo lokukhululwa ngesihlengo.’ Njengoba umphostoli uPawulu akubeka, uNkulunkulu “ubeke nophawu lwakhe phezu kwethu futhi usinike uphawu lwalokho okuzokuza, okungukuthi, umoya, ezinhliziyweni zethu.” (Efesu 1:13; 4:30; 2 Korinte 1:22) UmKristu ngamunye ogcotshiwe ‘ungobiziweyo, nokhethiweyo,’ futhi uye wazibonakalisa ‘ethembekile.’—IsAmbulo 17:14.
16. (a) Kwaphelela nini ukubekwa uphawu kukamphostoli uPawulu, futhi sazi kanjani? (b) Kunini lapho umfazi weWundlu eyobe ‘esezilungise’ khona ngokuphelele?
16 Ngemva kwamashumi eminyaka yokuvivinywa, uPawulu ngokwakhe wayengathi: “Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiligijimile ibanga ngaze ngayoqeda, ngilugcinile ukholo. Kusukela manje kuqhubeke ngigcinelwe umqhele wokulunga, lowo iNkosi, umahluleli olungileyo, eyonginika wona njengomvuzo ngalolo suku, nokho kungemina ngedwa, kodwa futhi nabo bonke labo abakuthandile ukubonakaliswa kwayo.” (2 Thimothewu 4:7, 8) Kubonakala sengathi ukubekwa uphawu komphostoli uPawulu kwase kuphelele, ngisho nakuba wayesesenyameni futhi esazobhekana nokufel’ ukholo. Ngokufanayo, kumelwe sifike isikhathi lapho bonke abasele emhlabeni babangu-144 000 beyobe sebebekwe uphawu ngabanye njengabangabakaJehova. (2 Thimothewu 2:19) Lokhu kuyoba ngesikhathi umkaWundlu esezilungise ngokuphelele—iningi labangu-144 000 seliwamukele kakade umvuzo walo wasezulwini nalabo abasesemhlabeni sebamukelwe ekugcineni futhi babekwa uphawu njengabathembekile.
17. Uqala nini umshado weWundlu?
17 Kuleli qophelo ohlelweni lukaJehova lwesikhathi, lapho ukubekwa uphawu kwabangu-144 000 sekufinyelele ekupheleni, izingelosi zidedela imimoya emine yosizi olukhulu. (IsAmbulo 7:1-3) Okokuqala, kukhishwa isahlulelo eBhabhiloni Elikhulu elinjengesifebe. Ngokulandelayo uKristu onqobayo uqhubekela ngokushesha e-Armagedoni ukuze abhubhise ingxenye esele yenhlangano kaSathane yasemhlabeni, futhi ekugcineni, afake uSathane namademoni akhe kwalasha. (IsAmbulo 19:11–20:3) Uma kukhona abagcotshiwe abasesemhlabeni, ngokungangabazeki bayongena emvuzweni wabo wasezulwini ngokushesha nje ngemva kokuba uKristu eqede ukunqoba kwakhe futhi babe namalungu abakanye nawo esigaba somlobokazi. Khona-ke, ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele, umshado weWundlu usungaqala!
18. IHubo 45 likugcizelela kanjani ukulandelana kwezehlakalo ngokuqondene nomshado weWundlu?
18 Ukulandisa okungokwesiprofetho kumaHubo 45 kuqinisekisa ukulandelana kwezenzakalo. Okokuqala iNkosi emisiwe igibela iyonqoba izitha zayo. (Amavesi 1-7) Khona-ke kuba nomshado, umlobokazi wasezulwini ekhonzwa emhlabeni abangane bakhe abayizintombi, isixuku esikhulu. (Amavesi 8-15) Ngokulandelayo umshado uveza inzalo, isintu esivusiwe silethwa ekupheleleni ngaphansi kokwengamela ‘kwezikhulu emhlabeni wonke.’ (Amavesi 16, 17) Yeka izibusiso ezikhazimulayo ezihambisana nomshado weWundlu!
Bayajabula Labo Abamenyiwe
19. Iyini injabulo yesine kweziyisikhombisa kusAmbulo, futhi obani abahlanganyela kule njabulo ekhethekile?
19 Manje uJohane ubhala eyesine yezinjabulo eziyisikhombisa kusAmbulo: “Yathi kimi [ingelosi ebimbulela uJohane lezo zinto]: ‘Loba: Bayajabula abamenyelwe esidlweni sakusihlwa somshado weWundlu.’ Yathi futhi kimi: ‘Lawa ngamazwi eqiniso kaNkulunkulu.’” (IsAmbulo 19:9)e Labo abamenyelwe “esidlweni sakusihlwa somshado weWundlu” bangamalungu esigaba somlobokazi. (Qhathanisa noMathewu 22:1-14.) Wonke umthimba ogcotshiwe uhlanganyela injabulo yokwamukela lesi simemo. Iningi labamenywa selisezulwini kakade, indawo okuyoba kuyo isidlo somshado sakusihlwa. Nalabo abasesemhlabeni, futhi, bayajabula ngokuthi bamenyiwe. Indawo yabo esidlweni sakusihlwa somshado ilondekile. (Johane 14:1-3; 1 Petru 1:3-9) Lapho bevuselwa ezulwini, khona-ke wonke umlobokazi onobunye uyohlanganyela neWundlu kulowo mshado onenjabulo.
20. (a) Asho ukuthini amazwi athi: “Lawa ngamazwi eqiniso kaNkulunkulu”? (b) Amthinta kanjani uJohane amazwi engelosi, futhi ingelosi yasabela kanjani?
20 Ingelosi yenezela ngokuthi “lawa ngamazwi eqiniso kaNkulunkulu.” Leli gama elithi “eqiniso” lihumusha elesiGreki elithi a·le·thi·nosʹ futhi lisho “okungokoqobo” noma “okuthembekile.” Njengoba la mazwi empeleni evela kuJehova, athembekile futhi anokwethenjelwa. (Qhathanisa neyoku-1 Johane 4:1-3; IsAmbulo 21:5; 22:6.) Njengomenyiwe kulelo dili lomshado, kumelwe ukuba uJohane wagcwala injabulo lapho ezwa lokhu nalapho ecabanga ngezibusiso ezizayo zesigaba somlobokazi. Eqinisweni, washukunyiswa ngokujulile kangangokuthi ingelosi kwadingeka ukuba imeluleke, njengoba uJohane elandisa: “Khona-ke ngawa phansi phambi kwezinyawo zayo ukuze ngiyikhulekele. Kodwa yathi kimi: ‘Qaphela! Ungakwenzi lokho! Ngimane nje ngiyinceku kanye nawe nabafowenu abanomsebenzi wokufakaza ngoJesu. Khulekela uNkulunkulu.’”—IsAmbulo 19:10a.
21. (a) IsAmbulo sembulani ngokuqondene nezingelosi? (b) Isiphi isimo sengqondo amaKristu okumelwe abe naso ngezingelosi?
21 Kuso sonke isAmbulo kunikezwa ubufakazi obuphawulekayo bokuthembeka nokukhuthala kwezingelosi. Zihilelekile emzileni wamaqiniso ambuliwe. (IsAmbulo 1:1) Zisebenza kanye nabantu ekushumayeleni izindaba ezinhle nasekuthululeni izinhlupho ezingokomfanekiso. (IsAmbulo 14:6, 7; 16:1) Zalwa kanye noJesu ekuxosheni uSathane nezingelosi zakhe ezulwini, futhi zizophinda zilwe kanye naye e-Armagedoni. (IsAmbulo 12:7; 19:11-14) Ngempela, zinelungelo lokuba phambi kukaJehova uqobo. (Mathewu 18:10; IsAmbulo 15:6) Nokho, zimane nje ziyizinceku zikaNkulunkulu ezithobekile. Ekukhulekeleni okumsulwa ayikho indawo yokukhulekelwa kwezingelosi noma ngisho neyokukhulekelwa kwazo okusesilinganisweni, ukukhulekela uNkulunkulu ‘ngosanta’ othile noma ingelosi. (Kolose 2:18) AmaKristu akhulekela uJehova kuphela, eyisa izicelo zawo kuye egameni likaJesu.—Johane 14:12, 13.
Indima KaJesu Esiprofethweni
22. Ingelosi ithini kuJohane, futhi asho ukuthini lawo mazwi?
22 Ingelosi iqhubeka ithi: “Ngoba ukufakaza ngoJesu yikho okuphefumulela ukuprofetha.” (IsAmbulo 19:10b) Kanjani? Lokhu kusho ukuthi zonke iziprofetho eziphefumulelwe zenziwa ngenxa kaJesu nangendima anayo ezinjongweni zikaJehova. Isiprofetho sokuqala eBhayibhelini sathembisa ukuza kwenzalo. (Genesise 3:15) UJesu waba yileyo Nzalo. Izambulo ezalandela zakha isakhiwo esikhulu seqiniso elingokwesiprofetho phezu kwalesi sithembiso esiyisisekelo. Umphostoli uPetru watshela oweZizwe okholwayo uKorneliyu: “Bonke abaprofethi bafakaza ngaye [uJesu].” (IzEnzo 10:43) Eminyakeni engu-20 kamuva, umphostoli uPawulu wathi: “Kungakhathaliseki ukuthi ziningi kangakanani izithembiso zikaNkulunkulu, ziye zaba nguYebo [ngoJesu].” (2 Korinte 1:20) Ngemva kweminye iminyaka engu-43, uJohane ngokwakhe uyasikhumbuza: ‘Iqiniso laba khona ngoJesu Kristu.’—Johane 1:17.
23. Kungani isikhundla sikaJesu esiphakeme negunya kungakunciphisi ukukhulekela esikunikeza uJehova?
23 Ingabe lokhu kuyakunciphisa ngandlela-thile ukukhulekela esikunika uJehova? Cha. Khumbula iseluleko sengelosi sokuxwayisa: “Khulekela uNkulunkulu.” UJesu akazami ukubangisana noJehova. (Filipi 2:6) Yiqiniso, zonke izingelosi zitshelwa ukuba “zikhothamele [uJesu],” futhi yonke indalo kumelwe iqaphele isikhundla sakhe esiphakeme ukuze “egameni likaJesu wonke amadolo aguqe.” Kodwa phawula, lokhu kwenziwa ukuze “kube inkazimulo kaNkulunkulu uBaba” futhi ngomyalo wakhe. (Hebheru 1:6; Filipi 2:9-11) UJehova wanika uJesu igunya lakhe eliphakeme, futhi ngokuqaphela lelo gunya, sikhazimulisa uNkulunkulu. Uma senqaba ukuzithoba ekubuseni kukaJesu, kufana nokuthi senqaba uJehova uNkulunkulu ngokwakhe.—IHubo 2:11, 12.
24. Yiziphi izenzakalo ezimbili ezivelele esizilindele, futhi imaphi-ke amazwi okufanele siwasho?
24 Khona-ke, masisho ngobunye amazwi okuqala eHubo 146 kuya ku-150: “Dumisani uJah!” Kwangathi ingoma yokuDumisa uJah ingazwakala kakhulu njengoba kulindelwe ukunqoba kukaJehova umbuso wezwe wobuBhabhiloni wenkolo yamanga! Futhi kwangathi injabulo ingachichima njengoba umshado weWundlu usondela!
[Imibhalo yaphansi]
a IBhayibheli lesiZulu elivamile.
b IBhayibheli lesiZulu elivamile.
c IBhayibheli lesiZulu elivamile.
d IBhayibheli lesiZulu elivamile.
e Bheka futhi isAmbulo 1:3; 14:13; 16:15.
[Ibhokisi ekhasini 273]
“Incwadi Yomphostoli Eya ESodoma NaseGomora”
Ngaphansi kwalesi sihloko esikhulu, i-Daily Telegraph yaseLondon ka-November 12, 1987, yabika ngesiphakamiso esayiswa eMkhandlwini Wabefundisi WeSonto LaseNgilandi. Lesi siphakamiso sacela ukuba kukhishwe “amaKristu” angongqingili esontweni. Umlobeli wephephandaba uGodfrey Barker wathi: “UMbhishobhi Omkhulu waseCanterbury izolo uveze lo mbono ngokudumala: ‘Uma uSt Paul wayengabhalela iSonto laseNgilandi incwadi, singabuza ukuthi kwakungaba luhlobo luni lwencwadi.’” UMnu. Barker ngokwakhe wathi: “Impendulo ithi incwadi yomphostoli eya eSodoma naseGomora,” futhi wanezela: “UDkt. Runcie [umbhishobhi omkhulu] ucabange ukuthi ingaba njengeyamaRoma, iSahl. 1.”
Umlobi wacaphuna amazwi kaPawulu akwabaseRoma 1:26-32: “UNkulunkulu wabanikela ekuhuhekeni okuyihlazo; . . . abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa, . . . besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abenzi lokho kuphela, kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.” Waphetha: “USt Paul wayemane ekhathazeke ngezinsizwa ezazihleli emabhentshini. Inkinga kaDkt. Runcie ingezinsizwa ezisemapulpiti.”
Kungani umbhishobhi omkhulu enaleyo nkinga? Izihloko ezinkulu kuyi-Daily Mail yaseLondon ka-October 22, 1987 zazithe: “‘Umfundisi oyedwa kwabathathu ungungqingili’ . . . Umkhankaso wokuxosha ongqingili ‘ungalivala iSonto LaseNgilandi.’” Le mibiko yacaphuna “umfundisi” ongunobhala-jikelele weNhlangano YamaKristu Yongqingili Besilisa Nabesifazane ethi: “Uma lesi siphakamiso besingamukelwa besingalibhidliza iSonto, futhi uMbhishobhi Omkhulu WaseCanterbury uyakwazi lokho. Njengenani elivamile, sikholelwa ukuthi amaphesenti aphakathi kwangu-30 nangu-40 abefundisi beSonto LaseNgilandi angongqingili. Futhi angabantu abakhuthele kakhulu abanengxenye enkonzweni yeSonto.” Ngokungangabazeki amanani anciphayo abantu abasontayo ngokwengxenye abonisa ukwenyanya leyo nkonzo yobungqingili echumayo.
Umkhandlu wesonto wanqumani? Amalungu amaningi ngokwethusayo angu-388 (amaphesenti angu-95 abefundisi) avotela isiphakamiso esixegisiwe. Ngokuqondene nalokhu, i-Economist ka-November 14, 1987, yabika: “ISonto LaseNgilandi limelene nezenzo zobungqingili, kodwa hhayi kakhulu. Umkhandlu wabefundisi, iphalamende leSonto, ucabangela abefundisi abangongqingili, kuleli sonto unqume ukuthi izenzo zobungqingili, ngokungafani nobufebe nokuphinga, azisona isono: zimane nje ‘zisilela endinganisweni ephelele’ yokuthi ‘ukuhlangana ngokobulili kuyisenzo sokuzibopha okuphelele esindawo yaso efanele iwubuhlobo bomshado obuhlala njalo.’” Iqhathanisa ukuma koMfundisi Omkhulu WaseCanterbury nenkulumo yomphostoli uPawulu eqondile ekwabaseRoma 1:26, 27, i-Economist yabeka amagama kaPawulu ngenhla kwesihloko esithi “USt Paul wayekwazi ayekucabanga.”
NoJesu Kristu wayekwazi ayekucabanga futhi wakubeka ngamazwi acacile. Wathi ‘laliyokhuthazela kangcono izwe laseSodoma ngoSuku Lokwahlulela’ kunangabantu benkolo ababedelela isigijimi sakhe. (Mathewu 11:23, 24) UJesu lapha wayesebenzisa ihaba ukuze abonise ukuthi labo baholi benkolo abenqaba iNdodana kaNkulunkulu nemfundiso yayo babenecala elikhulu ngisho nangaphezu kwabantu baseSodoma. UJude 7 uthi labo bantu baseSodoma bezwa “isijeziso sokwahlulela somlilo waphakade,” okusho ukubhujiswa kwaphakade. (Mathewu 25:41, 46) Khona-ke, yeka ukuthi siyoba nzima kanjani isahlulelo salabo ababizwa ngokuthi abaholi bobuKristu abathi beyizimpumputhe baholele imihlambi yabo ephumputhekisiwe kude nezindinganiso eziphakeme zokuziphatha zoMbuso kaNkulunkulu beyiyisa ezindleleni zaleli zwe zokuyekelela, ezonakele! (Mathewu 15:14) Ngokuqondene nenkolo yamanga, iBhabhiloni Elikhulu, izwi elivela ezulwini limemeza ngokuphuthuma: “Phumani kulo, bantu bami, uma ningafuni ukuhlanganyela nalo ezonweni zalo, futhi ningafuni ukwamukela ingxenye yezinhlupho zalo.”—IsAmbulo 18:2, 4.
[Izithombe ekhasini 275]
Izulu liyankeneneza ngoHaleluya abane, lidumisa uJah ngokunqoba kwakhe kokugcina iBhabhiloni Elikhulu