ISAHLUKO SESHUMI NANE
Ungazuza Esivumelwaneni Esisha
1. Imuphi umyalo okabili owafezwa uJeremiya?
UJEHOVA wanikeza uJeremiya umyalo okabili. Ingxenye yokuqala yayithi kwakumelwe ‘asiphule futhi adilize, abhubhise futhi abhidlize.’ Ingxenye yesibili yayithi kwakumelwe ‘akhe futhi atshale.’ Lo mprofethi wafeza ingxenye yokuqala ngokudalula ububi bamaJuda ayezikhukhumeza, wamemezela ukuthi uNkulunkulu uzowahlulela wona neBhabhiloni. Noma kunjalo, iziprofetho zikaJeremiya zazihlanganisa nethemba ngekusasa. Wabikezela ukwakhiwa kwalokho uNkulunkulu ayejonge ukuba kwakhiwe nokutshalwa kwalokho ayejonge ukuba kutshalwe. Ngokwesibonelo, uJeremiya wagcwalisa ingxenye yesibili yesabelo sakhe lapho ekhuluma ngokubuyiselwa kwamaJuda ezweni lawo.—Jer. 1:10; 30:17, 18.
2. Kungani uJehova ahlulela abantu bakhe, futhi wabahlulela ngezinga elingakanani?
2 Ukuthi uJeremiya wabikezela ukubuyiselwa kwabantu bakaNkulunkulu kwakungasho ukuthi uNkulunkulu wayezobatotosa noma axegise indinganiso yakhe yobulungisa. Cha, wayezowahlulela la maJuda angalaleli. (Funda uJeremiya 16:17, 18.) Osukwini lukaJeremiya, bambalwa ‘ababenza ubulungisa’ noma ‘ababefuna ukwethembeka’ eJerusalema, futhi ukubekezela kukaJehova kwase kufike ekugcineni. Wathi: “Ngikhathele ukudabuka.” (Jer. 5:1; 15:6, 7) Lawo maJuda ‘ayebuyele eziphambekweni zokhokho bawo, abokuqala, abenqaba ukulalela’ amazwi kaJehova. Ngaphezu kwalokho, athukuthelisa uNkulunkulu ngokuphinga nonkulunkulu bamanga. (Jer. 11:10; 34:18) UJehova wayezobalungisa abantu bakhe, aze abajezise imbala “ngezinga elifanelekile.” Ngenxa yalokho, yayingase ise inkungu kwabanye bese bebuyela kuye.—Jer. 30:11; 46:28.
3. Kungani kufanele ufunde ngesiprofetho sesivumelwano esisha?
3 UNkulunkulu wasebenzisa uJeremiya ukuba abikezele okuthile okwakuyozuzisa abantu abaningi isikhathi eside—isivumelwano esisha. Njengoba sifunda imibhalo kaJeremiya engokwesiprofetho, sinezizathu zokugxila kulesi sici: isivumelwano esisha. Sasizothatha indawo yesivumelwano esasenziwe no-Israyeli ngemva koFuduko, uMose ayengumlamuleli waso. (Funda uJeremiya 31:31, 32.) Lapho uJesu Kristu emisa iSidlo Senkosi Sakusihlwa, wakhuluma ngalesi sivumelwano esisha, ngakho siyafuna ngempela ukwazi ngaso. (Luka 22:20) Umphostoli uPawulu wabhekisela kulesi sivumelwano lapho ebhalela amaHebheru. Wacaphuna isiprofetho sikaJeremiya futhi wagcizelela ukubaluleka kwesivumelwano esisha. (Heb. 8:7-9) Kodwa siyini ngempela isivumelwano esisha? Kungani sasidingeka? Obani abakuso, futhi singakuzuzisa kanjani wena? Ake sizwe.
KUNGANI KWAKUDINGEKA ISIVUMELWANO ESISHA?
4. Safezani isivumelwano soMthetho?
4 Ukuze siqonde isivumelwano esisha, kudingeka siqale siqonde injongo yesivumelwano sokuqala, isivumelwano soMthetho. Sasizofeza imigomo emihle eminingana yesizwe esasilindele iMbewu ethenjisiwe, okwakuzobusiswa ngayo abaningi. (Gen. 22:17, 18) Lapho ama-Israyeli amukela isivumelwano soMthetho, aba “impahla [kaNkulunkulu] ekhethekile.” Kuleso sivumelwano, isizwe sakwaLevi sasiyoveza abapristi besizwe. Lapho uJehova enza leso sivumelwano nesizwe sakwa-Israyeli eNtabeni iSinayi, wakhuluma ‘ngombuso wabapristi nesizwe esingcwele’ kodwa wangasho ukuthi uyoba khona nini futhi kanjani. (Eks. 19:5-8) Leso sivumelwano sakwenza kwacaca ukuthi ama-Israyeli ayengeke azigcine zonke izici zoMthetho, kwakuyoze kufike lowo mbuso. Ngakho saziveza obala izono zawo. Ngakho, ngaphansi koMthetho, ama-Israyeli kwakumelwe anikele imihlatshelo njalo ukuze amboze izono zawo. Nokho, kwacaca ukuthi sikhona ngempela isidingo sokuthile okwengeziwe, umhlatshelo ophelele okwakungeke kudingeke uphindaphindwe. Yebo, kwakunesidingo esikhulu sokuthethelelwa kwezono okuhlala njalo.—Gal. 3:19-22.
5. Kungani uJehova abikezela isivumelwano esisha?
5 Ngakho sesiyabona kancane ukuthi kungani uNkulunkulu athi uJeremiya akaprofethe ngesinye isivumelwano, isivumelwano esisha, ngisho sisekhona esoMthetho. Ngenxa yothando nomusa wakhe, uJehova wayefuna zonke izizwe zithole usizo phakade. Mayelana nababeyokuba kulesi sivumelwano, uNkulunkulu ngoJeremiya wathi: “Ngizosithethelela isiphambeko sabo, nesono sabo ngeke ngisasikhumbula.” (Jer. 31:34) Nakuba leso sithembiso senziwa osukwini lukaJeremiya, sisiphathele okuhle kodwa isintu. Kanjani?
6, 7. (a) Abanye bazizwa kanjani ngokuba nesono? (b) Kungani kungakukhuthaza ukufunda ngesivumelwano esisha?
6 Asikapheleli futhi njalo nje siyakubona lokho. Umzalwane mumbe owayelwa nenkinga enkulu wakubonisa lokhu. Uthi: “Lapho ngiphinde ngihluleka ukulwa nobuthakathaka, ngangiphatheka kabi. Ngangicabanga ukuthi kwakungeke kwenzeke ukuba ngikhokhele engangikwenzile. Kwaba nzima ukuthandaza. Ngangiqala ngokuthi, ‘Jehova, angazi noma uzowulalela yini lo mthandazo, kodwa . . . ’” Abanye abaye bawela ebuthakathakeni obunjalo noma bona, baye baba nomuzwa wokuthi ‘ungqimba lwamafu’ luvimbe imithandazo yabo ingafiki kuNkulunkulu. (IsiL. 3:44) Abanye baye bahlushwa izinkumbulo zobubi asebabenza, zabahlupha nangemva kweminyaka eminingi. Ngisho namaKristu ayisibonelo angase asho izinto bese eyazisola kamuva.—Jak. 3:5-10.
7 Akufanele kube nomuntu ocabanga ukuthi akasoze aziphatha ngendlela engafanele. (1 Kor. 10:12) Ngisho nomphostoli uPawulu waqaphela ukuthi wayewenza amaphutha. (Funda eyabaseRoma 7:21-25.) Ngokuqondene nalokhu, kufanele sikhumbule isivumelwano esisha. UNkulunkulu wathembisa ukuthi isici esiyinhloko sesivumelwano esisha ukuthi ngeke aphinde azikhumbule izono. Yinzuzo engenakuqhathaniswa leyo! Kumelwe ukuba kwamkhuthaza ngempela uJeremiya ukubikezela lokho, futhi nathi singakhuthazeka njengoba sifunda okwengeziwe ngesivumelwano esisha futhi sibona indlela esingazuza ngayo kuso.
Kungani uNkulunkulu enza isivumelwano esisha?
SIYINI ISIVUMELWANO ESISHA?
8, 9. Walahlekelwa yini uJehova ngokwenza ukuba izono zithethelelwe?
8 Njengoba uya umazi kangcono uJehova, uya uqaphela ukuthi unomusa nesihe kangakanani kubantu abangaphelele. (IHu. 103:13, 14) Lapho ebikezela isivumelwano esisha, uJeremiya waqokomisa ukuthi uJehova ‘wayeyosithethelela isiphambeko sabo’ angaphinde asikhumbule isono sabo. (Jer. 31:34) Ungacabanga ukuthi kungenzeka uJeremiya wazibuza ukuthi uNkulunkulu wayezokwenza kanjani lokho. Okungenani wayengaqonda ukuthi uma uNkulunkulu ekhuluma ngesivumelwano esisha, wayesho ukuthi kwakuzoba nokuvumelana phakathi kwaKhe nabantu. Ngandlela-thile, esebenzisa leso sivumelwano, uJehova wayeyofeza lokho aphefumulela uJeremiya ukuba akusho, okuhlanganisa nentethelelo. Imininingwane eyengeziwe kwakuyodingeka ilinde uNkulunkulu ayembule ngokwengeziwe injongo yakhe, ehlanganisa nalokho okwakuyokwenziwa uMesiya.
9 Kungenzeka uye wababona abazali abatotosa izingane zabo, bangazikhuzi. Ucabanga ukuthi uJehova unjalo? Cha! Kuyabonakala lokhu endleleni isivumelwano esisha esasebenza ngayo. Kunokuba amane azesule izono, uNkulunkulu wahlangabezana ngokucophelela nendinganiso yakhe yobulungisa ngokwenza kube nesisekelo esingokomthetho sokuthethelela izono, walahlekelwa kakhulu ngokwenza lokho. Ungakuqonda lokhu ngokuphawula lokho okwalotshwa uPawulu lapho ekhuluma ngesivumelwano esisha. (Funda eyamaHebheru 9:15, 22, 28.) UPawulu wakhuluma ‘ngokukhululwa ngesihlengo’ wathi futhi “ngaphandle kokuba kuthululwe igazi akukho ukuthethelelwa okuba khona.” Endabeni yesivumelwano esisha, lokhu kwakungasho neze umhlatshelo wegazi lezinkunzi noma lezimbuzi njengoba lalinikelwa ngaphansi koMthetho. Cha, isivumelwano esisha senziwa sasebenza ngegazi likaJesu. Ngenxa yalowo mhlatshelo ophelele, uJehova ‘wayengazithethelela [phakade] iziphambeko nezono.’ (IzE. 2:38; 3:19) Kodwa obani ababezoba kulesi sivumelwano esisha futhi bathole intethelelo? Kwakungeke kube isizwe samaJuda. UJesu wathi uNkulunkulu wayezowalahla amaJuda ayenikela ngomhlatshelo wezilwane ngaphansi koMthetho, aphendukele kwesinye isizwe. (Math. 21:43; IzE. 3:13-15) Leso sizwe kwaba “u-Israyeli kaNkulunkulu,” owakhiwa amaKristu agcotshwe ngomoya ongcwele. Ngamafuphi nje, isivumelwano soMthetho sasiphakathi kukaNkulunkulu no-Israyeli ongokwenyama, kanti isivumelwano esisha siphakathi kukaJehova uNkulunkulu no-Israyeli ongokomoya, uJesu anguMlamuleli waso.—Gal. 6:16; Roma 9:6.
10. (a) Ubani “ihlumela” likaDavide? (b) Abantu bangazuza kanjani kuleli “hlumela”?
10 UJeremiya wachaza Lowo owayeza, uMesiya, ngokuthi “ihlumela” likaDavide. Kuyafaneleka lokho. Ngesikhathi uJeremiya ekhonza njengomprofethi, uhlu lozalo lukaDavide lwanqunywa. Kepha isiqu asifanga. Ngokuhamba kwesikhathi, uJesu wazalwa ohlwini lweNkosi uDavide. Wayengabizwa ngokuthi “UJehova Ungukulunga Kwethu,” okuqokomisa ukuyikhathalela kukaNkulunkulu okujulile leyo mfanelo. (Funda uJeremiya 23:5, 6.) UJehova wavumela ukuba iNdodana yakhe ezelwe yodwa ihlupheke emhlabeni futhi ife. Ngemva kwalokho—ngokuvumelana nobulungisa—uJehova wayengasebenzisa inani lomhlatshelo wesihlengo ‘wehlumela’ likaDavide njengesisekelo sentethelelo. (Jer. 33:15) Lokhu kwavula indlela yokuba abantu abathile kuthiwe “balungile kube ukuphila” futhi bagcotshwe ngomoya ongcwele, babe nengxenye esivumelwaneni esisha. Ubufakazi obengeziwe bokukhathalela kukaNkulunkulu ukulunga ukuthi nabanye abangahilelekile ngokuqondile kuleso sivumelwano bangazuza futhi bayazuza kuso, njengoba sizofunda.—Roma 5:18.
11. (a) Ulotshwe kuphi umthetho wesivumelwano esisha? (b) Kungani “ezinye izimvu” zinesithakazelo emthethweni wesivumelwano esisha?
11 Ungathanda yini ukwazi ezinye zezici zesivumelwano esisha ezisenza sehluke? Umehluko omkhulu phakathi kwaso nesoMthetho KaMose yilokho ezalotshwa kukho. (Funda uJeremiya 31:33.) IMiyalo Eyishumi yesivumelwano soMthetho yayilotshwe ezibhebheni zamatshe, ezagcina zinyamalele. Kanti uJeremiya waprofetha ukuthi umthetho wesivumelwano esisha wawuyolotshwa ezinhliziyweni zabantu futhi uhlale phakade. Labo abanengxenye esivumelwaneni esisha, amaKristu agcotshiwe, bawazisa ngempela lo mthetho. Kuthiwani ngabangahilelekile ngokuqondile esivumelwaneni esisha, “ezinye izimvu,” ezinethemba lokuphila phakade emhlabeni? (Joh. 10:16) Nabo bayawuthokozela umthetho kaNkulunkulu. Bathi abafane nabafokazi bakwa-Israyeli abamukela uMthetho KaMose futhi bazuza kuwo.—Lev. 24:22; Num. 15:15.
12, 13. (a) Uyini umthetho wesivumelwano esisha? (b) Ngaphansi ‘komthetho kaKristu,’ kungani ungeke uzizwe uphoqelelwa ukuba ukhonze uNkulunkulu?
12 Ungaphendula uthini uma ungabuzwa, ‘Imuphi lo mthetho olotshwe enhliziyweni yamaKristu agcotshiwe?’ Lo mthetho ubizwa nangokuthi “umthetho kaKristu.” Waqale wanikezwa ama-Israyeli angokomoya, lawo asesivumelwaneni esisha. (Gal. 6:2; Roma 2:28, 29) “Umthetho kaKristu” ungafingqwa ngegama elilodwa: uthando. (Math. 22:36-39) Abagcotshiwe bawuloba kanjani lo mthetho enhliziyweni yabo? Izindlela eziyinhloko ukutadisha iZwi likaNkulunkulu nokuya kuJehova ngomthandazo. Wonke amaKristu eqiniso kufanele azenze njalo lezi zici zokukhulekela kweqiniso, ngisho nalawo angekho esivumelwaneni esisha kodwa afuna ukuzuza kuso.
13 “Umthetho kaKristu” ubizwa ngokuthi “umthetho ophelele ongowenkululeko” nangokuthi ‘umthetho wabantu abakhululekile.’ (Jak. 1:25; 2:12) Abaningi bazalelwa ngaphansi koMthetho KaMose, kodwa akekho ozalelwa esivumelwaneni esisha noma ngaphansi komthetho kaKristu. Akukho muntu olalela umthetho kaKristu ophoqwayo ukuba akhonze uNkulunkulu. Kunalokho, kuyabathokozisa ukwazi ukuthi umthetho kaNkulunkulu ungalotshwa ezinhliziyweni nokuthi abantu bangazuza phakade esivumelwaneni esabikezelwa uJeremiya.
UNkulunkulu wenza kanjani ukuba kube nokuthethelelwa ngesivumelwano esisha? Ungazi kanjani ngomthetho olotshwe ezinhliziyweni?
ABAZUZAYO ESIVUMELWANENI ESISHA
14. Ngokusobala obani abazuzayo esivumelwaneni esisha?
14 Kungenzeka ukuthi lapho abanye bezwa ukuthi bangu-144 000 abasesivumelwaneni esisha, bacabange ukuthi yibona bodwa abazuzayo kuso. Mhlawumbe bangacabanga kanjalo ngoba kungabagcotshiwe kuphela abadla izifanekiselo eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu saminyaka yonke, lapho igazi limelela khona ‘igazi lesivumelwano.’ (Marku 14:24) Nokho, khumbula ukuthi abasesivumelwaneni esisha bazoba kanye noJesu ‘njengenzalo’ ka-Abrahama, eziyobusiswa ngaye zonke izizwe. (Gal. 3:8, 9, 29; Gen. 12:3) Ngesivumelwano esisha, uJehova ngandlela-thile uyofeza isithembiso sakhe sokubusisa sonke isintu ‘ngenzalo’ ka-Abrahama.
15. Iyiphi indima okwabikezelwa ukuthi bayoba nayo abagcotshiwe?
15 UJesu Kristu, ingxenye eyinhloko yenzalo ka-Abrahama, ukhonza njengomPristi Ophakeme futhi waba umhlatshelo ophelele owenza sikwazi ukuthethelelwa iziphambeko nezono. (Funda eyamaHebheru 2:17, 18.) Noma kunjalo, endulo uNkulunkulu wathi kwakuyoba khona “umbuso wabapristi nesizwe esingcwele.” (Eks. 19:6) Kwa-Israyeli ongokwenyama abapristi babevela kwesinye isizwe, amakhosi evela kwesinye. Sasiyokwakheka kanjani-ke lesi sizwe samakhosi nabapristi esasithenjisiwe? Umphostoli uPetru waqondisa incwadi yakhe yokuqala kulabo ababengcweliswe ngomoya. (1 Pet. 1:1, 2) Wababiza ngokuthi “ubupristi bobukhosi, isizwe esingcwele, isizwe esiyimpahla ekhethekile.” (1 Pet. 2:9) Ngakho amaKristu agcotshiwe asesivumelwaneni esisha ayokhonza njengabapristi. Cabanga ngencazelo yalokho! Mihla yonke sishikashikeka ngaphansi kwethonya lesono ‘esisabusa njengenkosi.’ Laba abayokhonza njengabapristi nabo bayobe beshikashikekile ngaphansi kwesono. (Roma 5:21) Bayobe bazi ukuthi kunjani ukwenza amaphutha nokulwa nomuzwa wecala. Ngakho benoKristu, bayosizwela lapho sinqoba ukuthambekela kwesono.
16. Yisiphi isikhuthazo “isixuku esikhulu” esingasithola encwadini yesAmbulo 7:9, 14?
16 Encwadini yesAmbulo 7:9, 14, “isixuku esikhulu” sibonakala “sigqoke izembatho ezimhlophe,” okusho ukuma okuhlanzekile noNkulunkulu. Ukuze sisinde “osizini olukhulu,” leso sixuku esikhulu siyaqoqwa manje. Ngakho, ngisho kwamanje sizuza ukuma okulungile phambi kukaNkulunkulu. Kuthiwa silungile njengabangane bakaJehova. (Roma 4:2, 3; Jak. 2:23) Yeka inzuzo! Uma uyilungu lesixuku esikhulu, qiniseka ukuthi uNkulunkulu uzimisele ukukusiza njengoba uzama ukuhlala uhlanzekile emehlweni akhe.
17. Kungamuphi umqondo uJehova engabe ‘esazikhumbula’ izono?
17 Kwenzekani ezonweni zalabo abathandwa uNkulunkulu? Njengoba kuphawuliwe ngaphambili, uJehova wathi ngoJeremiya: “Ngizosithethelela isiphambeko sabo, nesono sabo ngeke ngisasikhumbula.” (Jer. 31:34) UNkulunkulu ubenzela lokhu abagcotshiwe ngesisekelo somhlatshelo kaJesu. Ngendlela efanayo, uNkulunkulu angathethelela izono zesixuku esikhulu ngesisekelo ‘segazi lesivumelwano’ elifanayo. Uma uJeremiya ethi uNkulunkulu ngeke ‘esazikhumbula’ izono, akasho ukuthi uyolahlekelwa inkumbulo, amane ahluleke ukukhumbula izono. Kunalokho, kubonisa ukuthi lapho uJehova esesikhiphile isiyalo futhi wasithethelela isoni, usiphonsa ngemva kwakhe leso sono. Cabanga ngezono ezenziwa iNkosi uDavide ezihilela uBhati-sheba no-Uriya. UDavide wasithola isiyalo futhi wayizwa nemiphumela yezono zakhe. (2 Sam. 11:4, 15, 27; 12:9-14; Isaya 38:17) Noma kunjalo, uNkulunkulu akamenzanga walandisa into engapheli ngenxa yalezo zono. (Funda eyesi-2 IziKronike 7:17, 18.) Njengoba kuboniswe esivumelwaneni esisha, lapho uJehova esezithethelele izono ngesisekelo somhlatshelo kaJesu, akabe esazikhumbula.—Hez. 18:21, 22.
18, 19. Yisiphi isifundo esiqukethwe isivumelwano esisha ngokuthethelela?
18 Isivumelwano esisha siqokomisa isici esihle kakhulu sokusebenzelana kukaJehova nabantu abanesono, kokubili abagcotshiwe, abasesivumelwaneni, nalabo abanethemba lasemhlabeni. Themba ukuthi lapho uJehova esezixolele izono zakho, ngeke aphinde akubalele zona. Ngakho, isithembiso sikaNkulunkulu ngesivumelwano esisha sifundisa ngamunye wethu isifundo. Zibuze, ‘Ingabe ngiyazama ukulingisa uJehova ngokungavundululi amaphutha abanye, iziphambeko zabo esengizithethelele?’ (Math. 6:14, 15) Lokhu kusebenza emaphutheni amancane nakwangathí sina impela, njengesono sokuphinga komuntu oshade naye. Uma lo ongenacala evuma ukusithethelela isiphingi esiphendukayo, kuyinto efanele ‘ukungabe esasikhumbula leso sono,’ akunjalo? Yiqiniso, kungase kungabi lula ukuphonsa iziphambeko ngemva kwethu, nokho kungenye indlela esingalingisa ngayo uJehova.a
19 Lesi sifundo esihlobene nesivumelwano esisha singasisebenzisa nangokuqondene nomuntu obesusiwe kodwa waphenduka futhi wabuyiselwa ekuhlanganyeleni. Ake sithi lowo muntu wayekulahlekisele okuthile noma wakuthela ngesihlamba ngandlela-thile. Manje usebuyile ebandleni. Lokhu esikufunda kuJeremiya 31:34 kuyoyithinta kanjani indlela esicabanga ngayo nesimbheka ngayo? Ingabe siyosithethelela leso soni, singalokhu sibuveza lobo bubi? (2 Kor. 2:6-8) Ngempela, bonke abasazisayo isivumelwano somthetho kufanele bazame ukukusebenzisa lokhu ekuphileni kwabo.
Ungasisebenzisa kanjani isifundo esisesivumelwaneni esisha esiphathelene nokuthethelela?
IZIBUSISO ZESIVUMELWANO ESISHA ZAMANJE NEZESIKHATHI ESIZAYO
20. Isimo sakho sengqondo sihluke kanjani kwesabaningi ngosuku lukaJeremiya?
20 Osukwini lukaJeremiya kwakunjengokungathi amaJuda amaningi athi: “UJehova ngeke akwenze okuhle, futhi ngeke akwenze okubi.” (Zef. 1:12) Nakuba ayenolwazi oluthile ngokuthi ungubani uJehova futhi unjani, ayenomuzwa wokuthi ngeke athathe sinyathelo; engeke futhi alindela ukuba aphile ngezindinganiso ezithile. Kodwa wena uyazi ukuthi akukho lutho uNkulunkulu angaluboni. Uyamesaba futhi uyamhlonipha uNkulunkulu, uzimisele ngempela ukungakwenzi okubi. (Jer. 16:17) Ngesikhathi esifanayo uyazi ukuthi uJehova unguBaba onomusa. Uyaziqaphela izenzo zethu ezinhle, kungakhathaliseki ukuthi abanye bayazibona noma cha.—2 IziKr. 16:9.
21, 22. Kungani kungasadingeki ukuba utshelwe ukuthi: “Yazi uJehova”?
21 Isici esibalulekile sesivumelwano esisha yilesi: “Ngiyofaka umthetho wami ngaphakathi kubo, ngiwulobe nasenhliziyweni yabo. Ngiyoba nguNkulunkulu wabo, . . . Ngeke besafundisa yilowo nalowo umngane wakhe nalowo nalowo umfowabo, bethi, ‘Yazini uJehova!’ ngoba bonke bayongazi.” (Jer. 31:33, 34) Abagcotshiwe namuhla babonisile ukuthi banomthetho kaNkulunkulu ngaphakathi kubo. Bathanda amaqiniso akuwo kunokuba bancike ezimfundisweni zabantu. Futhi ulwazi lweBhayibheli baye baluhlanganyela ngenjabulo nalabo abakha isixuku esikhulu. Ngakho, abanethemba lasemhlabeni nabo sebeyamazi futhi bayamthanda uJehova. Bazithoba ngokuzithandela esiqondisweni sakhe futhi bayazethemba izithembiso zakhe. Cishe nawe ungomunye walabo. Usumazi kahle uJehova futhi unobuhlobo naye. Yeka inzuzo!
22 Yini ekwenze wakwazi ukuqinisa ubuhlobo bakho noJehova? Cishe uyazikhumbula izikhathi owaba ngazo nomuzwa wokuthi uyiphendulile imikhuleko yakho. Ngenxa yalokho, ukumazisa kwakho njengoNkulunkulu onomusa kwajula. Kungenzeka walubona usizo lwakhe lapho ukhumbula umBhalo owakusiza ukuba ukwazi ukuthwala usizi oluthile. Zazise izikhathi ezinjalo. Njengoba uqhubeka utadisha iZwi lakhe, ulwazi onalo ngaye luzoqhubeka lukhula—okuyinzuzo engapheli.
23. Ukwazi uJehova kungakukhulula kanjani emizweni ekuhlupha ngokungadingekile?
23 Kodwa kunesinye isibusiso esihlobene nesivumelwano esisha esingasithola manje. Ukwazi uJehova njengothethelelayo ngokuvumelana naleso sivumelwano kungasiza kusikhulule emizweni yecala ebeleselayo. Ngokwesibonelo, abanye abakhipha isisu bengakayazi indinganiso kaNkulunkulu bangase bazizwe benecala futhi bedabukile ngoba bakuqeda ngamabomu ukuphila komuntu okusakhula. Abanye bazizwa kanjalo ngoba babulala abantu lapho besezimpini. Umhlatshelo wesihlengo sikaJesu—owumgogodla wesivumelwano esisha—ubanika intethelelo abaphenduka ngobuqotho. Njengoba kunjalo, akufanele yini siqiniseke ngokuthi uma uJehova esezithethelele izono, kusuke sekuphelile? Akudingeki sihlale sicabanga ngezono uJehova asezithethelele.
24. Yisiphi isikhuthazo osithola endabeni ekuJeremiya 31:20?
24 Sithola ubufakazi obucacile bokuthethelela kukaNkulunkulu kuJeremiya 31:20. (Yifunde.) Kusasele amashumi eminyaka ngaphambi kosuku lukaJeremiya, uJehova wajezisa umbuso wasenyakatho wakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi (owawumelelwe u-Efrayimi, isizwe esivelele) ngenxa yokukhonza izithombe. Wadingiswa. Yize kunjalo, uNkulunkulu wayesondelene kakhulu nabantu baleso sizwe futhi wababonisa uthando. Wayesabathanda ‘njengomntwana ophathwa ngothando.’ Lapho ecabanga ngabo amathumbu akhe ‘ayehlokoma,’ okusho ukuthi kwakuthinteka imizwa esekujuleni. Uma sicabanga ngomongo wesivumelwano esisha, le ndaba ibonisa indlela uJehova anenhliziyo enhle ngayo kwabaphendukayo abebengaziphethe kahle.
25. Kungani ungambonga uJehova ngesivumelwano esisha?
25 Isithembiso sikaJehova sokuthethelela izono ngesivumelwano esisha siyogcwaliseka ngokugcwele ekupheleni kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. UJesu Kristu kanye nabapristi abangaphansi abangu-144 000 bayobe sebebabuyisele ekupheleleni abantu abaqotho. Ngemva kovivinyo lokugcina, isintu siyoba amalungu omkhaya kaJehova wasezulwini nasemhlabeni ngomqondo ophelele. (Funda eyabaseRoma 8:19-22.) Sekungamakhulu eminyaka bonke bebubula ngenxa yokucindezelwa isono. Nokho, indalo kaJehova engabantu iyobe isithola ‘inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu,’ ikhululwe esonweni nasekufeni. Ngenxa yalokho, qiniseka ukuthi ngelungiselelo lothando lesivumelwano esisha, ungathola izinzuzo eziningi. Ungazuza manje naphakade ‘ngehlumela’ likaDavide futhi ujabulele ‘ukulunga ezweni.’—Jer. 33:15.
Ungazuza kanjani esivumelwaneni esisha manje nasesikhathini esizayo?
a Ukuzimisela kukaNkulunkulu ukuthethelela kwaboniswa endleleni uHoseya aphatha ngayo uGomere. Bheka ukukhulunyelwa kukaHoseya 2:14-16 encwadini ethi Lukhumbule Njalo Usuku LukaJehova, amakhasi 128-131.