Isixuku Esikhulu Sinikela Inkonzo Engcwele
“Banikela inkonzo engcwele kuye imini nobusuku ethempelini lakhe.”—ISAMBULO 7:15, NW.
1. Iyiphi intuthuko ekuqondeni okungokomoya eyafinyelelwa ngo-1935?
NGO-MAY 31, 1935, kwaba nenjabulo enkulu phakathi kwezihambeli emhlanganweni woFakazi BakaJehova eWashington, D.C. Lapho, ngokokuqala ngqa, isixuku esikhulu sesAmbulo 7:9 sachazwa ngokucacile ngokuvumelana nalo lonke iBhayibheli nangokuvumelana nezenzakalo ezase ziqalile ukwambuleka.
2. Yini eyabonisa ukuthi inani elikhulayo laliqaphele ukuthi uNkulunkulu wayengalibizelanga ukuphila kwasezulwini?
2 Cishe emasontweni ayisithupha ngaphambili, emkhosini wokugubha iSidlo SeNkosi Sakusihlwa emabandleni oFakazi BakaJehova, abangu-10 681 kulabo ababekhona (cishe oyedwa kwabayisithupha) babengazange bazidle izifanekiselo zesinkwa newayini, futhi abangu-3 688 kulaba babengabamemezeli abakhuthele boMbuso kaNkulunkulu. Kungani bengazange bazidle izifanekiselo? Ngoba ngesisekelo salokho ababekufundile eBhayibhelini, baqaphela ukuthi uNkulunkulu wayengababizelanga ukuphila kwasezulwini kodwa babengahlanganyela ngenye indlela emalungiselelweni kaJehova othando. Ngakho, kulowomhlangano, lapho isikhulumi sithi: “Sicela bonke abanethemba lokuphila phakade emhlabeni basukume,” yini eyenzeka? Kwasukuma izinkulungwane, kwalandela ihlombe elashaywa isikhathi eside izilaleli.
3. Kungani ukuchazwa kwesixuku esikhulu kwanikeza inkonzo yasensimini umfutho omusha, futhi oFakazi bazizwa kanjani ngalokhu?
3 Lokho izihambeli ezakufunda kulowomhlangano kwanika inkonzo yazo umfutho omusha. Zaqala ukuqonda ukuthi manje, ngaphambi kokuphela kwesimiso sezinto esidala, akuzona nje izinkulungwane ezimbalwa kuphela kodwa isixuku esikhulu sabantu esiyonikezwa ithuba lokuba selungiselelweni likaJehova lokulondoloza ukuphila, ngombono wokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. Yeka isigijimi esifudumeza inhliziyo esanikezwa abathandi beqiniso lapho! OFakazi BakaJehova baqaphela ukuthi kwakunomsebenzi omkhulu okwakumelwe wenziwe—umsebenzi ojabulisayo. Eminyakeni eminingi kamuva, uJohn Booth, owaba ilungu leNdikimba Ebusayo, wakhumbula: “Lowomhlangano wasinika okuningi esasingajabula ngakho.”
4. (a) Empeleni ukubuthwa kwesixuku esikhulu kuye kwenziwa ngezinga elingakanani kusukela ngo-1935? (b) Abesixuku esikhulu babunikeza kanjani ubufakazi bokuthi ukholo lwabo lungoluphilayo?
4 Eminyakeni eyalandela, inani loFakazi BakaJehova landa ngendlela ephawulekayo. Naphezu kokushushiswa ngokuvamile okwakunobudlova abahlangabezana nakho phakathi neMpi Yezwe II, amanani abo anda acishe aphindwa kathathu eminyakeni eyishumi nje. Futhi abamemezeli abangu-56 153 ababefakaza obala ngo-1935 banda baba ngaphezu kwabamemezeli boMbuso abangu 4 900 000 ngo-1994, emazweni angaphezu kwangu-230. Iningi lalaba libheke phambili ngokulangazela okukhulu ekubeni lifakwe phakathi kwalabo uJehova ababonisa umusa ngokubanika ukuphila okuphelele emhlabeni oyipharadesi. Uma beqhathaniswa nomhlambi omncane, ngempela bayisixuku esikhulu. Ababona abantu abathi banokholo kodwa bebe bengalubonisi. (Jakobe 1:22; 2:14-17) Bonke bahlanganyela nabanye izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ingabe ungomunye walezozihlwele ezijabulayo? Ukuba uFakazi okhuthele kuwuphawu olubalulekile olukubonakalisayo, kodwa kunokwengeziwe okuhilelekile.
“Simi Phambi Kwesihlalo Sobukhosi”
5. Yini eboniswa iqiniso lokuthi isixuku esikhulu “simi phambi kwesihlalo sobukhosi”?
5 Embonweni owanikezwa umphostoli uJohane, wasibona “simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu.” (IsAmbulo 7:9) Ukuma kwaso phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, njengoba kuchazwe kulomongo, kubonisa ukuthi sibuqaphela ngokugcwele ubukhosi bukaJehova. Lokhu kuhlanganisa izinto eziningi. Ngokwesibonelo: (1) Sivuma ilungelo likaJehova lokunqumela izinceku zakhe okuhle nokubi. (Genesise 2:16, 17; Isaya 5:20, 21) (2) Silalela uJehova njengoba ekhuluma naso ngeZwi lakhe. (Duteronomi 6:1-3; 2 Petru 1:19-21) (3) Siyakuqaphela ukubaluleka kokuzithoba kulabo uJehova abaphathise ububonisi. (1 Korinte 11:3; Efesu 5:22, 23; 6:1-3; Heberu 13:17) (4) Nakuba singaphelele, sizama ngobuqotho ukusabela esiqondisweni esingokwasezulwini, hhayi ngokukhononda, kodwa ngokuzithandela, ngokusuka enhliziyweni. (IzAga 3:1; Jakobe 3:17, 18) Siphambi kwesihlalo sobukhosi ukuze sinikele inkonzo engcwele kuJehova, esimhlonipha kakhulu nesimthanda ngokujulile. Ngokuqondene nalesisixuku esikhulu, ‘ukuma’ kwaso phambi kwesihlalo sobukhosi kubonisa ukuvunyelwa yiLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi. (Qhathanisa nesAmbulo 6:16, 17.) Ukuvunyelwa ngasiphi isisekelo?
‘Sembethe Izingubo Ezimhlophe’
6. (a) Kusho ukuthini ukuthi isixuku esikhulu “sembethe izingubo ezimhlophe”? (b) Isixuku esikhulu sikuzuza kanjani ukuma okulungile phambi kukaJehova? (c) Ukholo egazini likaKristu elachitheka lukuthonya ngezinga elingakanani ukuphila kwesixuku esikhulu?
6 Incazelo yomphostoli uJohane yalokho akubona ithi amalungu esixuku esikhulu ‘ambethe izingubo ezimhlophe.’ Lezozingubo ezimhlophe zifanekisela ukuma kwaso okuhlanzekile nokulungileyo phambi kukaJehova. Sikuzuze kanjani ukuma okunjalo? Kakade sesiphawulile ukuthi embonweni kaJohane sasimi ‘phambi kweWundlu.’ Siqaphela uJesu Kristu “njengeWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.” (Johane 1:29) UJohane wezwa omunye wamalunga, embonweni, owayekhona esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu echaza: “Bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba-mhlophe egazini leWundlu. Ngalokho-ke baphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.” (IsAmbulo 7:14, 15) Ngokomfanekiso, siye sahlanza izingubo zaso ngokubonisa ukholo egazini likaKristu elihlengayo. Asimane nje sivumelane ngengqondo kuphela nemfundiso yeBhayibheli ngesihlengo. Ukwazisa kwaso ngaso kuthinta uhlobo lwabantu esiyilo ngaphakathi; ngenxa yalokhu sibonisa ukholo “ngenhliziyo.” (Roma 10:9, 10) Lokhu kunomphumela ofinyelela kude kulokho esikwenzayo ngokuphila kwaso. Ngokholo, sizinikezela kuJehova ngesisekelo somhlatshelo kaKristu, sibonakalise lokho kuzinikezela ngokucwiliswa emanzini, siphile ngempela ngokuvumelana nokuzinikezela kwaso, futhi kanjalo sijabulele ubuhlobo bokuvunyelwa uNkulunkulu. Yeka ilungelo elihle—ilungelo okumelwe livikelwe ngokucophelela!—2 Korinte 5:14, 15.
7, 8. Inhlangano kaJehova iye yasisiza kanjani isixuku esikhulu ukuba silondoloze izingubo zaso zingangcolisiwe?
7 Ikhathalela ngothando inhlalakahle yaso yaphakade, inhlangano kaJehova ngokuphindaphindiwe iye yaphawula ngezimo zengqondo nangokuziphatha okungase kuchaphazele noma kungcolise izingubo zomuntu ezimbonakalisayo, kangangokuba naphezu kokusho kwakhe ngaphandle, umuntu angase angayifanelekeli ngempela incazelo engokwesiprofetho ekusAmbulo 7:9, 10. (1 Petru 1:15, 16) Iqinisa lokho okwakunyatheliswe ngaphambidlana, INqabayokulinda, ngo-1941 nangemva kwalokho, yabonisa ngokuphindaphindiwe ukuthi kungaba okungafaneleki ngempela ukushumayeza abanye bese kuthi ngamahora ongekho ngawo enkonzweni, uhileleke ekuziphatheni okunjengobufebe noma ukuphinga. (1 Thesalonika 4:3; Heberu 13:4) Ngo-1947 kwagcizelelwa ukuthi izindinganiso zikaJehova zomshado wobuKristu zisebenza kuwo wonke amazwe; kungakhathaliseki ukuthi ikuphi okuvunyelwa amasiko endawo, labo ababeqhubeka benesithembu babengenakuba oFakazi BakaJehova.—Mathewu 19:4-6; Thithu 1:5, 6.
8 Ngo-1973, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke baboniswa ukuthi bonke kwakumelwe bagweme noma yini ephathelene nemikhuba engcolisayo ngokungenakuphikwa, njengokusebenzisa kabi ugwayi, kungakhathaliseki ukuthi bakuphi—hhayi kuphela eHholo LoMbuso noma enkonzweni yasensimini kodwa nasemsebenzini wokuziphilisa noma endaweni ethile ekude nabantu. (2 Korinte 7:1) Ngo-1987 emihlanganweni yesigodi yoFakazi BakaJehova, intsha engamaKristu yelulekwa ngokuqinile ukuthi ukuze ilondoloze ukuma okuhlanzekile phambi kukaNkulunkulu, kumelwe iqaphele ukuphila ukuphila okumbaxa-mbili. (IHubo 26:1, 4) Ngokuphindaphindiwe, INqabayokulinda iye yaxwayisa ngezici ezihlukahlukene zomoya wezwe ngoba “ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba” kuhlanganisa nokuzigcina ‘ungenacala lokwezwe.’—Jakobe 1:27.
9. Obani ngempela aboyokuma benokuvunyelwa phambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu ngemva kosizi olukhulu?
9 Yilabo ukholo lwabo olubashukumisela ukuba baphile ngendlela yokuba bahlale behlanzekile ngokomoya nangokokuziphatha abayobe ‘besami phambi kwesihlalo sobukhosi’ njengezinceku zikaNkulunkulu ezamukelekayo ngemva kosizi olukhulu oluzayo. Laba akubona abantu abamane nje baqale ukuphila kobuKristu kodwa yilabo abaphikelela ngokwethembeka kukho.—Efesu 4:24.
“Siphethe Amahlamvu Esundu Ngezandla Zaso”
10. Yini efanekiselwa amahlamvu esundu uJohane awabona ezandleni zesixuku esikhulu?
10 Phakathi kwezici ezivelele zesixuku esikhulu, njengoba sibonwa umphostoli uJohane, ukuthi “siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso.” Kufanekiselani lokho? Ngokungangabazeki lawomahlamvu esundu akhumbuza uJohane ngomkhosi wamaJuda wamatabernakele, umkhosi owawujabulisa kunayo yonke ekhalendeni lamaHeberu, owawugujwa ngemva kwesivuno sasehlobo. Ngokuvumelana noMthetho, amahlamvu esundu, kuhlanganise namagatsha eminye imithi, ayesetshenziselwa ukwakha amadokodo okwakuhlalwa kuwo ngesikhathi somkhosi. (Levitikusi 23:39-40; Nehemiya 8:14-18) Abakhulekeli futhi babewavayizisa ethempelini ngesikhathi kuculwa iHallel. (AmaHubo 113-118) Ukuvayizisa amahlamvu esundu okwenziwa isixuku esikhulu ngokungangabazeki kwabuye kwakhumbuza uJohane ngesenzakalo lapho uJesu engena eJerusalema egibele kuyilapho isixuku sabakhulekeli sivayizisa ngenjabulo amahlamvu esundu futhi simemeza sithi: “Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi, yebo iNkosi kaIsrayeli.” (Johane 12:12, 13) Ngakho ukuvayizisa amahlamvu kubonisa ukuthi isixuku esikhulu sihalalisela ngenjabulo uMbuso kaJehova neNkosi yakhe egcotshiwe.
11. Kungani izinceku zikaNkulunkulu ngempela zithola injabulo ngokukhonza uJehova?
11 Yilowomoya wenjabulo isixuku esikhulu esiwubonisayo ngisho namanje njengoba sikhonza uJehova. Lokhu akusho ukuthi asibhekani nobunzima noma ukuthi asihlangabezani nosizi noma ubuhlungu. Kodwa ukwaneliseka okuvela ekukhonzeni nasekuthokoziseni uJehova kuyasisiza ekubhekaneni nalezozinto. Ngakho, isithunywa sevangeli esakhonza kanye nomyeni waso iminyaka engu-45 e-Guatemala salandisa ngezimo zokungaphucuzeki ezazibazungezile, umsebenzi onzima nokuhamba okuyingozi okwakuyingxenye yokuphila njengoba babezama ukufinyelela imizi yamaNdiya ngesigijimi soMbuso. Saphetha: “Kwakuyisikhathi sokuphila kwethu esasijabule kakhulu ngaso.” Nakuba sasiyizwa imiphumela yokuguga nokugula, phakathi kwezinto zokugcina esaziloba encwadini yaso yezenzakalo zansuku zonke kwakunamazwi athi: “Kwakuwukuphila okumnandi, okuvuza kakhulu.” Emhlabeni wonke oFakazi BakaJehova bazizwa ngendlela efanayo ngenkonzo yabo.
“Inkonzo Engcwele Imini Nobusuku”
12. Kungakhathaliseki ukuthi kusemini noma kusebusuku, yini uJehova ayibonayo lapha emhlabeni?
12 Lababakhulekeli abajabulayo banikela kuJehova “inkonzo engcwele imini nobusuku ethempelini lakhe.” (IsAmbulo 7:15) Kuyo yonke imbulunga, izigidi zihlanganyela kulenkonzo engcwele. Lapho kusebusuku kwamanye amazwe futhi abantu belele, kwamanye amazwe ilanga lisuke liphumile futhi oFakazi BakaJehova bematasa befakaza. Njengoba imbulunga iphenduka, ngokunganqamukiyo, ubusuku nemini, bahlabelela izindumiso zikaJehova. (IHubo 86:9) Kodwa inkonzo yemini nobusuku okubhekiselwe kuyo kusAmbulo 7:15 ingeyomuntu siqu.
13. ImiBhalo ikubonisa kanjani okushiwo ukukhonza “imini nobusuku”?
13 Abantu ngabanye abakha isixuku esikhulu banikela inkonzo engcwele imini nobusuku. Ingabe lokhu kusho ukuthi konke abakwenzayo kubhekwa njengenkonzo engcwele? Kuyiqiniso ukuthi kungakhathaliseki ukuthi benzani, bafunda ukukwenza ngendlela edumisa uJehova. (1 Korinte 10:31; Kolose 3:23) Nokho, “inkonzo engcwele” ibhekisele kuphela kulokho okuhilela ngokuqondile ukukhulekela komuntu uNkulunkulu. Ukuhileleka emsebenzini ‘wemini nobusuku’ kusho ukuba kuwo njalo noma ngokungaguquguquki kanye nomzamo wenkuthalo.—Qhathanisa noJoshuwa 1:8; Luka 2:37; IzEnzo 20:31; 2 Thesalonika 3:8.
14. Yini engenza inkonzo yethu yomuntu siqu yasensimini ifanelane nencazelo yenkonzo ‘yemini nobusuku’?
14 Njengoba bekhonza emagcekeni asemhlabeni ethempeli likaJehova elikhulu elingokomoya, labo abakha isixuku esikhulu bazama ukuhlanganyela njalo nangokungaguquguquki enkonzweni yasensimini. Abaningi baye bakwenza umgomo wabo ukuba babe nengxenye ethile enkonzweni yasensimini isonto ngalinye. Abanye bazikhandla njengamaphayona avamile noma njengamaphayona asizayo. Ngokuvamile laba basuke sebematasa beshumayela emigwaqweni nasezitolo ekuseni kakhulu. Ukuze bazivumelanise nezimo zabathakazelayo, abanye oFakazi baqhuba izifundo zeBhayibheli ebusuku kakhulu. Bayafakaza lapho beyothenga, lapho besohambweni, ngezikhathi zekhefu emini, nangocingo.
15. Ngaphandle kwenkonzo yasensimini, yini ehlanganisiwe enkonzweni yethu engcwele?
15 Ukuhlanganyela emihlanganweni yebandla nakho kuyingxenye yenkonzo yethu engcwele; ngokufanayo nomsebenzi ohilelekile ekwakheni nasekunakekeleni izindawo zokuhlangana zamaKristu. Imizamo eyenziwayo yokusiza abafowethu nodadewethu abangamaKristu, ngokomoya nangezinto ezibonakalayo, ukuba baqhubeke bephila enkonzweni kaJehova nayo ihlanganisiwe. Lokhu kuhlanganisa umsebenzi wamaKomiti Okuxhumana Nezibhedlela. Inkonzo yaseBethel ngezici zayo zonke, kanye nenkonzo yokuzithandela emihlanganweni yethu emikhulu, nayo iyinkonzo engcwele. Ngempela, uma ukuphila kwethu kugxile ebuhlotsheni bethu noJehova, kugcwaliswa inkonzo engcwele. Njengoba umbhalo usho, abantu bakaJehova banikela “inkonzo engcwele imini nobusuku,” futhi bathola injabulo enkulu ngokwenza kanjalo.—IzEnzo 20:35; 1 Thimothewu 1:11.
“Sivela Kuzo Zonke Izizwe, Nemindeni, Nabantu, Nezilimi”
16. Kuba kanjani yiqiniso ukuthi isixuku esikhulu siphuma “kuzo zonke izizwe”?
16 Labo besixuku esikhulu bavela kuzo zonke izizwe. UNkulunkulu akakhethi, futhi ilungiselelo lesihlengo elenziwe ngoJesu Kristu lanele ukuba libahlanganise bonke. Lapho isixuku esikhulu sichazwa okokuqala ngokomBhalo ngo-1935, oFakazi BakaJehova babematasa emazweni angu-115. Ngawo-1990, ukufuna abanjengezimvu kwase kufinyelele emazweni angaphezu kwaphinda lawo kabili.—Marku 13:10.
17. Yini eyenziwayo ukusiza abantu bayo yonke ‘imindeni, nabantu, nezilimi’ ukuba bahlanganiswe esixukwini esikhulu?
17 Lapho befuna abayoba amalungu esixuku esikhulu, oFakazi BakaJehova abazange nje kuphela babhekise ukunakekela emaqenjini ezizwe kodwa futhi nasemindenini nabantu nezilimi phakathi kwalezozizwe. Ukuze bafinyelele lababantu, oFakazi banyathelisa izincwadi zeBhayibheli ngezilimi ezingaphezu kwezingu-300. Lokhu kuhilela ukuqeqesha nokunakekela amaqembu abahumushi abafanelekayo, ukulungiselela imishini ye-computer ezokwazi ukusebenza ngazo zonke lezizilimi, kanye nokwenza umsebenzi wokunyathelisa ngokwawo. Phakathi neminyaka emihlanu nje kuphela edlule, kuye kwanezelwa ohlwini izilimi ezingu-36 ezikhulunywa abantu abangaba ngu-98 000 000. Ngaphezu kwalokho, oFakazi benza umzamo wokuhambela umuntu ngamunye kulababantu ukuze babasize baqonde iZwi likaNkulunkulu.—Mathewu 28:19, 20.
“Abaphuma Osizini Olukhulu”
18. (a) Lapho usizi olukhulu lugqashuka, obani abayovikelwa? (b) Iziphi izimemezelo zenjabulo eziyokwenziwa ngalesosikhathi?
18 Lapho izingelosi zidedela imimoya yembubhiso okukhulunywe ngayo kusAmbulo 7:1, akunakuba nje kuphela “izinceku zikaNkulunkulu wethu” ezigcotshiwe eziyojabulela isivikelo sothando sikaJehova kodwa futhi nesixuku esikhulu esiye sahlanganyela nazo ekukhulekeleni kweqiniso. Njengoba umphostoli uJohane atshelwa, labo besixuku esikhulu ‘bayophuma osizini olukhulu’ njengabasindile. Yeka indlela abayomemeza ngayo ngalesosikhathi bebonga futhi bedumisa njengoba bememezela bethi: “Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu”! Futhi zonke izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile emazulwini ziyonezela amazwi azo ekumemezeleni zithi: “Amen, isibusiso, nenkazimulo, nokuhlakanipha, nokubongwa, nodumo, namandla, nokunqoba makube-kuNkulunkulu wethu kuze kube-phakade naphakade. Amen.”—IsAmbulo 7:10-14.
19. Yimuphi umsebenzi ojabulisayo abasindile abayolangazela ukuhlanganyela kuwo?
19 Yeka ukuthi leso kuyoba isikhathi esijabulisa kangakanani! Bonke abaphilayo bayobe beyizinceku zikaNkulunkulu okuwukuphela kwakhe weqiniso! Injabulo enkulu kakhulu yabo bonke laba iyoba sekukhonzeni uJehova. Kuyobe kunomsebenzi omningi odinga ukwenziwa—umsebenzi ojabulisayo! Umhlaba kumelwe uguqulwe ube iPharadesi. Izinkulungwane zezigidi zabafileyo ziyovuswa bese zifundiswa ngezindlela zikaJehova. Yeka ilungelo elijabulisayo okuyoba yilo ukuhlanganyela kuwo!
Ithini Impendulo Yakho?
◻ Izenzakalo zango-1935 zaba namuphi umphumela enkonzweni yasensimini yoFakazi BakaJehova?
◻ Iqiniso lokuthi isixuku esikhulu sivezwa “simi phambi kwesihlalo sobukhosi” libonisani?
◻ Ukwazisa igazi leWundlu kufanele kukuthinte kanjani ukuphila?
◻ Yini efanekiselwa ukuvayizisa kwaso amahlamvu esundu?
◻ Isixuku esikhulu siyinikela kanjani inkonzo engcwele imini nobusuku?
[Izithombe ekhasini 16, 17]
Inkonzo yabo engcwele ibonisa ukuba kuyo njalo, inkuthalo, nomzamo oqotho