Phila Usuku Ngalunye Ngendlela Ekhazimulisa UNkulunkulu
UMHUBI uDavide wathandaza kuJehova: “Ngenze ukuba ngizwe umusa wakho wothando ekuseni . . . Ngazise indlela okufanele ngihambe ngayo.” (IHu. 143:8) Lapho uvuka futhi ubonga uJehova ngokuthi ukunike olunye usuku, ingabe wenza njengoDavide, ucele uJehova ukuba akuqondise ekwenzeni izinqumo nasekukhetheni inkambo engcono yokwenza izinto? Ngokungangabazeki wenza kanjalo.
Njengezinceku zikaJehova ezizinikezele, ‘kungakhathaliseki ukuthi siyadla noma siyaphuza noma senza noma yini enye,’ silwela ukuba ‘zonke izinto sizenzele inkazimulo kaNkulunkulu.’ (1 Kor. 10:31) Siyaqaphela ukuthi indlela yethu yokuphila usuku nosuku ingase ikhazimulise uJehova noma imthele ngesihlamba. Siyakhumbula nokuthi iZwi likaNkulunkulu lithi uSathane umangalela abafowabo bakaKristu “imini nobusuku,” eqinisweni, umangalela zonke izinceku zikaNkulunkulu emhlabeni. (IsAm. 12:10) Ngakho-ke, sizimisele ukunikeza impendulo ekumangaleleni kwamanga kukaSathane futhi senze inhliziyo kaJehova ijabule ngokunikela inkonzo engcwele kuBaba wethu osezulwini “imini nobusuku.”—IsAm. 7:15; IzAga 27:11.
Ake sicabangele kafushane izindlela ezimbili ezibalulekile esingasebenzisa ngazo usuku ngalunye lokuphila kwethu ngendlela ekhazimulisa uNkulunkulu. Eyokuqala ihilela ukuhlela kahle izinto eziza kuqala, futhi eyesibili ihilela ukucabangela abanye.
Ukuphila Ngokuvumelana Nesakuthembisa
Ukuzinikezela kwethu kuJehova kwakuzwakalisa isifiso esisuka enhliziyweni sokumkhonza. Sathembisa uJehova nokuthi siyohamba ezindleleni zakhe “usuku nosuku”—yebo, kuze kube phakade. (IHu. 61:5, 8) Sisigcwalisa kanjani-ke leso sithembiso? Sibonisa kanjani usuku ngalunye ukuthi uJehova simthanda ngenhliziyo yethu yonke?
IZwi likaNkulunkulu liyibonisa ngokucacile imithwalo yemfanelo uJehova alindele ukuba siyifeze. (Dut. 10:12, 13) Eminingana yayo isebhokisini elithi “Imithwalo Yemfanelo Esiyinikwe UNkulunkulu,” elisekhasini 22. Zonke lezi zabelo sizinikwe uNkulunkulu ngakho zibalulekile. Sinquma kanjani ukuthi isiphi esiza kuqala lapho ezimbili noma ngaphezulu zidinga ukuba sizenze ngesikhathi esifanayo?
Inkonzo yethu engcwele iza kuqala futhi ihlanganisa ukutadisha iBhayibheli, ukuthandaza, ukuya emihlanganweni yobuKristu nasenkonzweni yasensimini. (Math. 6:33; Joh. 4:34; 1 Pet. 2:9) Nokho, izinto ezingokomoya ngeke zithathe usuku lonke. Umsebenzi wokuziphilisa, isikole neminye imisebenzi yasekhaya nayo kudingeka yenziwe. Noma kunjalo, senza konke esingakwenza ukuze sihlele umsebenzi wokuziphilisa nezinye izinto ngendlela yokuthi zingaphazamisi inkonzo yethu engcwele, njengokuya emihlanganweni yobuKristu. Ngokwesibonelo, lapho sihlela ukuya eholidini, siyaqiniseka ukuthi ngeke siphuthelwe ukuhanjelwa umbonisi wesifunda, umhlangano okhethekile wosuku olulodwa, umhlangano wesifunda noma wesigodi. Ngezinye izikhathi, singase sikwazi ukufeza imithwalo yethu yemfanelo ngesikhathi esisodwa. Ngokwesibonelo, singase senze ukuhlanza iHholo LoMbuso kube into esiyenza njengomkhaya noma singase sisebenzise isikhathi sekhefu emsebenzini noma esikoleni ukuze sifakaze kwesisebenza noma kwesifunda nabo. Ngempela, noma nini lapho kudingeka senze izinqumo ekuphileni kwethu—njengokukhetha umsebenzi, izifundo noma abangane—sifuna ukuba lezo zinqumo zithonywe yilokho okuza kuqala kunakho konke ekuphileni kwethu, okuwukukhulekela uJehova, uBaba wethu onothando.—UmSh. 12:13.
Cabangela Abanye
UJehova ufuna sikhathalele abanye futhi sibenzele okuhle. Ngakolunye uhlangothi, uSathane ukhuthaza ubugovu. Izwe lakhe ligcwele abantu ‘abazithandayo nabathanda injabulo’ nalabo ‘abahlwanyela benombono wenyama.’ (2 Thim. 3:1-5; Gal. 6:8) Abantu abaningi abacabangi ngemiphumela izenzo zabo ezingaba nayo kwabanye. “Imisebenzi yenyama” ibonakala yonke indawo.—Gal. 5:19-21.
Yeka ukuthi sihluke kanjani isimo sengqondo salabo abashukunyiswa umoya ongcwele kaJehova ukuba babonise uthando, umusa nobuhle ekusebenzelaneni kwabo nabanye! (Gal. 5:22) IZwi likaNkulunkulu lisitshela ukuba sibeke izidingo zabanye ngaphambi kwezethu. Ngakho-ke, sinesithakazelo komunye nomunye, nakuba siqaphela ukuba singagxambukeli ezindabeni zomuntu siqu. (1 Kor. 10:24, 33; Fil. 2:3, 4; 1 Pet. 4:15) Siwacabangela ngokukhethekile amanye amaKristu. Noma kunjalo, silwela nokusiza abangakholwa. (Gal. 6:10) Ungazama yini namuhla ukuthola ithuba lokubonisa umusa kumuntu ohlangana naye?—Bheka ibhokisi elithi “Bacabangele,” elisekhasini 23.
Ukucabangela abanye akufanele kube ngezikhathi ezikhethekile noma ezimweni ezithile kuphela. (Gal. 6:2; Efe. 5:2; 1 Thes. 4:9, 10) Kunalokho, nsuku zonke sizama ukuqaphela izimo zabanye futhi sisabele ngokushesha lapho bedinga usizo, ngisho noma ukwenza kanjalo kungase kuphazamise izinhlelo zethu. Sifuna ukuba nesandla esivulekile ngakho konke esinakho—isikhathi sethu, izinto zethu ezibonakalayo, okuhlangenwe nakho kwethu nokuhlakanipha. UJehova uyasiqinisekisa ukuthi lapho sipha abanye, nathi uyosipha.—IzAga 11:25; Luka 6:38.
Inkonzo Engcwele “Imini Nobusuku”
Kungenzeka yini ngempela ukuba sinikele inkonzo engcwele kuJehova “imini nobusuku”? Yebo, ngokuhlanganyela njalo nangenkuthalo kuzo zonke izici zokukhulekela kwethu. (IzE. 20:31) Singagxilisa ukuphila kwethu enkonzweni engcwele ngokufunda nangokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu nsuku zonke, ngokuthandaza ngokungaphezi, ngokulwela ukuba khona kuyo yonke imihlangano nangokusebenzisa wonke amathuba ukuze sifakaze.—IHu. 1:2; Luka 2:37; IzE. 4:20; 1 Thes. 3:10; 5:17.
Ingabe thina ngabanye sinikela inkonzo engcwele enjalo kuJehova? Uma kunjalo, isifiso sethu sokumjabulisa siyobonakala kuzo zonke izici zokuphila kwethu kwansuku zonke futhi siyonikeza impendulo ekumangaleleni kukaSathane. Silwela ukukhazimulisa uJehova kukho konke esikwenzayo nakunoma iziphi izimo esizithola sikuzo. Sivumela izimiso zakhe ukuba ziqondise esikushoyo, ukuziphatha kwethu nezinqumo esizenzayo. Sibonisa ukuthi siyakwazisa ukusinakekela nokusisekela kwakhe ngothando ngokumthemba ngokugcwele nangokusebenzisa wonke amandla esinawo enkonzweni yakhe. Siyasamukela iseluleko nesiyalo sakhe lapho sehlulekile ukuhlangabezana nezindinganiso zakhe, ngenxa yokungapheleli.—IHu. 32:5; 119:97; IzAga 3:25, 26; Kol. 3:17; Heb. 6:11, 12.
Masiqhubeke siphila usuku ngalunye ngendlela ekhazimulisa uNkulunkulu. Ngokwenza lokhu, siyotholela imiphefumulo yethu ukuqabuleka futhi siyokujabulela phakade ukunakekelwa ngothando uBaba wethu osezulwini.—Math. 11:29; IsAm. 7:16, 17.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 22]
Imithwalo Yemfanelo Esiyinikwe UNkulunkulu
• Ukuthandaza njalo.—Roma 12:12.
• Ukufunda nokutadisha iBhayibheli, silisebenzise ekuphileni kwethu.—IHu. 1:2; 1 Thim. 4:15.
• Ukukhulekela uJehova ebandleni.—IHu. 35:18; Heb. 10:24, 25.
• Ukunakekela amalungu omkhaya wethu ngokwenyama, ngokomoya nangokomzwelo.—1 Thim. 5:8.
• Ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso nokwenza abafundi.—Math. 24:14; 28:19, 20.
• Ukunakekela impilo yethu engokwenyama, engokomoya nengokomzwelo, okuhlanganisa nokuhlela ukuzijabulisa okwakhayo.—Marku 6:31; 2 Kor. 7:1; 1 Thim. 4:8, 16.
• Ukufeza imithwalo yemfanelo yebandla.—IzE. 20:28; 1 Thim. 3:1.
• Ukugcina imizi yethu neHholo LoMbuso kubukeka.—1 Kor. 10:32.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 23]
Bacabangele
• Udade noma umzalwane osekhulile.—Lev. 19:32.
• Umuntu ogula emzimbeni noma ngokomzwelo.—IzAga 14:21.
• Ilungu lebandla elidinga ngokuphuthumayo usizo ongalunikeza.—Roma 12:13.
• Isihlobo esiseduze.—1 Thim. 5:4, 8.
• UmKristu oshonelwe umngane wakhe womshado.—1 Thim. 5:9.
• Umdala ozikhandlayo ebandleni lakini.—1 Thes. 5:12, 13; 1 Thim. 5:17.