IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi YesAmbulo—I
NJENGOBA eboshwe esiqhingini sasePhatmose, umphostoli uJohane osekhulile uthola uchungechunge lwemibono engu-16. Kuyo ubona lokho okufezwa uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu phakathi nosuku lweNkosi—inkathi eqala lapho kumiswa uMbuso kaNkulunkulu ngo-1914 ize iphele ngemva kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. Incwadi yesAmbulo yabhalwa uJohane cishe ngo-96 C.E., futhi iqukethe le mibono ethakazelisayo.
Manje ake sixoxe ngamaphuzu avelele esAmbulo 1:1–12:17, ahlanganisa imibono engu-7 yokuqala eyabonwa uJohane. Sinesithakazelo kule mibono ngoba ikhuluma ngalokho okwenzekayo manje ezweni, ibonise nendlela uJehova azothatha ngayo isinyathelo maduze nje. Labo abafunda le mibono benokholo bathola induduzo futhi bayakhuthazeka.—Heb. 4:12.
“IWUNDLU” LIVULA IZIMPAWU EZIYISITHUPHA KWEZIYISIKHOMBISA
Okokuqala, uJohane ubona uJesu Kristu okhazinyulisiwe futhi uthola uchungechunge lwezigijimi okufanele ‘azilobe bese ezithumela emabandleni ayisikhombisa.’ (IsAm. 1:10, 11) Kulandela umbono wesihlalo sobukhosi sisendaweni yaso ezulwini. Ngakwesokunene saLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi kunomqulu ovalwe ngezimpawu ezingu-7. Ukuphela komuntu “okufanelekelayo ukuvula umqulu” “iNgonyama yesizwe sakwaJuda” noma ‘iwundlu elinezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa.’—IsAm. 4:2; 5:1, 2, 5, 6.
Umbono wesithathu wembula lokho okwenzekayo njengoba “iWundlu” livula izimpawu zokuqala eziyisithupha ngokulandelana kwazo. Lapho livula uphawu lwesithupha, kuba nokuzamazama komhlaba okukhulu futhi kufika usuku olukhulu lolaka. (IsAm. 6:1, 12, 17) Kodwa umbono olandelayo ubonisa ‘izingelosi ezine zibambe imimoya emine yomhlaba zayiqinisa’ kuze kuphele ukubekwa uphawu kwabangu-144 000. Kubonakala “isixuku esikhulu” salabo abangabekwanga uphawu “simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu.”—IsAm. 7:1, 9.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
1:4; 3:1; 4:5; 5:6—Ibonisani inkulumo ethi ‘imimoya eyisikhombisa’? Isikhombisa sibonisa ukuphelela ngokombono kaNkulunkulu. Ngakho, isigijimi esiya ‘emabandleni ayisikhombisa’ sisebenza kubo bonke abantu bakaNkulunkulu ababuthelwe emabandleni angaphezu kuka-100 000 emhlabeni wonke. (IsAm. 1:11, 20) Njengoba umoya ongcwele unikezwa ngokwalokho okudingeka ukufeze, inkulumo ethi ‘imimoya eyisikhombisa’ isho ukusebenza kwawo ngokugcwele ekunikezeni ukuqonda nezibusiso kulabo abasinakayo lesi siprofetho. Incwadi yesAmbulo ibonakala isebenzisa njalo uchungechunge lwezinto eziyisikhombisa. Lapha, isikhombisa simelela ukuphelela, futhi ngempela le ncwadi ikhuluma ‘ngokupheleliswa kwemfihlo engcwele kaNkulunkulu.’—IsAm. 10:7.
1:8, 17—Isiqu esithi “u-Alfa no-Omega” nesithi “owokuQala nowokuGcina” zibhekisela kubani? Isiqu esithi “u-Alfa no-Omega” sibhekisela kuJehova, sigcizelela ukuthi akekho uNkulunkulu ongumninimandla onke owaba khona ngaphambi kwakhe futhi ngeke abe khona ngemva kwakhe. ‘Ungowokuqala nowokugcina.’ (IsAm. 21:6; 22:13) Nakuba isiqu esithi “owokuqala nowokugcina” kusAmbulo 22:13 sibhekisela kuJehova ngomqondo wokuthi akekho owaba khona ngaphambi kwakhe noma oyoba khona ngemva kwakhe, umongo wesahluko sokuqala sencwadi yesAmbulo ubonisa ukuthi lapha isiqu esithi “owokuQala nowokuGcina” sisebenza kuJesu Kristu. Waba umuntu wokuqala ukuvuselwa ekuphileni komoya okungenakufa futhi waba owokugcina ukuvuswa uJehova uqobo ngaleyo ndlela.—Kol. 1:18.
2:7—Liyini ‘ipharadesi likaNkulunkulu’? Njengoba la mazwi eshiwo kumaKristu agcotshiwe, lapha ipharadesi kumelwe ukuba libhekisela endaweni yasezulwini enjengepharadesi—lapho kukhona uNkulunkulu uqobo. Abagcotshiwe abathembekile bayothola umvuzo wokudla “emthini wokuphila.” Bayonikwa ukungafi.—1 Kor. 15:53.
3:7—UJesu wasithola nini ‘isihluthulelo sikaDavide,’ futhi ubelokhu esisebenzisa kanjani? Lapho ebhapathizwa ngo-29 C.E., uJesu waba omiselwe ubukhosi ohlwini lozalo lukaDavide. Nokho, uJesu waze wasithola ngo-33 C.E. isihluthulelo sikaDavide lapho ephakanyiselwa kwesokunene sikaNkulunkulu ezulwini. Lapho wathola njengefa wonke amalungelo oMbuso KaDavide. Kusukela ngaleso sikhathi, uJesu ubelokhu esebenzisa lesi sihluthulelo ukuze avule amathuba namalungelo ahlobene noMbuso. Ngo-1919, waphathisa “inceku ethembekileyo neqondayo” “isihluthulelo sendlu kaDavide” ngokumisa lesi sigaba senceku “phezu kwakho konke [okungokwakhe].”—Isaya 22:22; Math. 24:45, 47.
3:12—Liyini ‘igama elisha’ likaJesu? Leli gama lihlobene nesikhundla esisha namalungelo amasha kaJesu. (Fil. 2:9-11) Nakuba kungekho omunye umuntu owazi lelo gama ngendlela uJesu alazi ngayo, ulibhala kubafowabo abathembekile abasezulwini, ebenza babe nobuhlobo obuseduze naye. (IsAm. 19:12) Uze ahlanganyele amalungelo akhe nabo.
Izifundo Esizitholayo:
1:3. Ngenxa yokuthi “isikhathi esimisiwe [sokukhishwa kwezahlulelo zikaNkulunkulu ezweni likaSathane] siseduze,” kunesidingo esiphuthumayo sokuqonda isigijimi esisencwadini yesAmbulo nokwenza ngokuvumelana naso.
3:17, 18. Ukuze sibe abacebile ngokomoya, kudingeka sithenge kuJesu “igolide elicwengisiswe ngomlilo.” Lokhu kusho ukuthi kufanele silwele ukuceba emisebenzini emihle. (1 Thim. 6:17-19) Kudingeka nokuba sigqoke ‘izingubo zangaphandle ezimhlophe,’ ezisibonakalisa njengabalandeli bakaKristu, futhi sisebenzise ‘umuthi wamehlo,’ njengezeluleko esizithola kuyi-Nqabayokulinda, ukuze sibe nokuqonda okungokomoya.—IsAm. 3:17, 18.
7:13, 14. Abadala abangu-24 bamelela abagcotshiweyo abangu-144 000 besenkazimulweni yabo yasezulwini, lapho bekhonza khona njengamakhosi nanjengabapristi. Babefanekiselwa abapristi kwa-Israyeli wasendulo iNkosi uDavide eyabahlela baba izigaba ezingu-24. UJohane wembulelwa omunye walaba badala ukuthi singobani isixuku esikhulu. Ngakho, ukuvuswa kwamaKristu agcotshiwe kumelwe ukuba kwaqala esikhathini esithile ngaphambi kuka-1935. Kungani siphetha ngalokhu? Ngenxa yokuthi ngalowo nyaka izinceku zikaNkulunkulu ezigcotshiwe ezazisemhlabeni zakuqonda ngokunembile ukuthi singobani isixuku esikhulu.—Luka 22:28-30; IsAm. 4:4; 7:9.
UKUVULWA KOPHAWU LWESIKHOMBISA KUHOLELA EKUSHAYWENI KWAMACILONGO AYISIKHOMBISA
IWundlu livula uphawu lwesikhombisa. Izingelosi eziyisikhombisa zinikwa amacilongo ayisikhombisa. Eziyisithupha zishaya awazo, zimemezela izigijimi zesahlulelo ‘engxenyeni yesithathu’ yesintu—eLobukholwa. (IsAm. 8:1, 2, 7-12; 9:15, 18) Yilokhu uJohane akubonayo embonweni wesihlanu. Ehlanganyela embonweni olandelayo, uJohane udla umqulu omncane futhi alinganise indlu engcwele yethempeli. Ngemva kokushaywa kwecilongo lesikhombisa, izwi elikhulu liyamemezela: “Umbuso wezwe ngempela usungumbuso weNkosi yethu nokaKristu wayo.”—IsAm. 10:10; 11:1, 15.
Umbono wesikhombisa uqhubeka kulokho okushiwo kusAmbulo 11:15, 17. Kubonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini. Owesifazane wasezulwini ubeletha indodana, owesilisa. UDeveli uyaxoshwa ezulwini. Ethukuthelele owesifazane wasezulwini, uyahamba “ayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe.”—IsAm. 12:1, 5, 9, 17.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
8:1-5—Kungani kwaba nokuthula ezulwini, futhi yini kamuva eyaphonswa emhlabeni? Kwaba nokuthula okungokomfanekiso ezulwini ukuze kuzwiwe ‘imithandazo yabangcwele’ abasemhlabeni. Lokhu kwenzeka ekupheleni kwempi yezwe yokuqala. AmaKristu agcotshiweyo awazange anyukele ezulwini ekupheleni kweZikhathi Zabezizwe, njengoba amaningi ayelindele. Abhekana nezikhathi ezinzima phakathi naleyo mpi. Ngakho manje ayethandaza ngobuqotho efuna isiqondiso. Kuphendulwa imithandazo yawo, ingelosi yaphonsa umlilo ongokomfanekiso emhlabeni okwenza amaKristu agcotshiwe avutha emoyeni. Nakuba ayembalwa, aqala umkhankaso wokushumayela emhlabeni wonke owenza uMbuso kaNkulunkulu waba impikiswano evuthayo, ngaleyo ndlela abasa umlilo kweLobukholwa. Kwamenyezelwa izixwayiso ezisakuduma ezivela eBhayibhelini, amaqiniso angokomBhalo akhanya kuhle kwemibani, futhi inkolo yamanga yanyakaziswa ezisekelweni zayo, njengezakhiwo ezinyakaziswa ukuzamazama komhlaba.
8:6-12; 9:1, 13; 11:15—Izingelosi eziyisikhombisa zaqala nini ukulungiselela ukushaya amacilongo azo, zawashaya nini futhi kanjani? Ukulungiselela ukushaya amacilongo ayisikhombisa kwakuhlanganisa ukunikeza isiqondiso emalungwini esigaba sikaJohane esivuselelwe emhlabeni kusukela ngo-1919 kuya ku-1922. Labo abagcotshiwe ngaleso sikhathi babematasa ngokuhlela kabusha inkonzo yasobala nangokwakha izindawo zokunyathelisa. (IsAm. 12:13, 14) Ukushaywa kwamacilongo kufanekisela ukumemezela ngesibindi kwabantu bakaNkulunkulu behlangane nezingelosi izahlulelo zikaJehova ezweni likaSathane. Ngokuphawulekayo, lokhu kwaqala emhlanganweni wesigodi eCedar Point, e-Ohio, ngo-1922 futhi kuyaqhubeka kuze kube usizi olukhulu.
8:13; 9:12; 11:14—Kungayiphi indlela ukushaywa kwamacilongo amathathu okugcina ‘kungomaye’? Ukushaywa kwamacilongo amane okuqala kuyizimemezelo ezidalula ukuthi eLobukholwa lifile ngokomoya, amathathu okugcina angomaye ngokuthi ahlobene nezenzakalo ezithile eziqondile. Ukushaywa kwelesihlanu kuhlobene nokukhululwa kwabantu bakaNkulunkulu “kwalasha” wokungenzi lutho ngo-1919 futhi kuhlobene nomsebenzi wabo wokushumayela ngentshiseko, owaba njengenhlupho ebuhlungu kweLobukholwa. (IsAm. 9:1) Ukushaywa kwelesithupha kuphathelene nokuhlasela kwabagibeli bamahhashi okukhulu kunakho konke emlandweni kanye nomkhankaso wokushumayela emhlabeni wonke owaqala ngo-1922. Ukushaywa kwecilongo lokugcina kuhlobene nokuzalwa koMbuso kaMesiya.
Izifundo Esizitholayo:
9:10, 19. Amazwi anegunya asekelwe eBhayibhelini asezincwadini ‘zenceku ethembekileyo neqondayo’ aqukethe isigijimi esintinyelayo. (Math. 24:45) Lesi sigijimi sifana nemisila yesikhonyane ‘enezindosi njengawofezela’ futhi sifana namahhashi empi ‘anemisila enjengezinyoka.’ Ngani? Ngoba lezi zincwadi zixwayisa ‘ngosuku lukaJehova lwempindiselo.’ (Isaya 61:2) Masizisakaze ngesibindi nangentshiseko.
9:20, 21. Abantu abaningi abathobekile abahlala emazweni okuthiwa awawona awobuKristu baye basabela kahle esigijimini esisimemezelayo. Nokho, asilindele ukuba kuphenduke uquqaba lwabantu abangeyona ingxenye yeLobukholwa, okubhekiselwa kubo ngokuthi “bonke abanye abantu.” Noma kunjalo, siyaphikelela enkonzweni.
12:15, 16. “Umhlaba”—izingxenye zesimiso sikaSathane, noma imibuso yamazwe ahlukahlukene—wasekela inkululeko yokukhulekela. Kusukela ngawo-1940, leyo mibuso ‘yagwinya umfula [woshushiso] udrako ayewukhiphe emlonyeni wakhe.’ Ngempela, lapho ekhetha ukwenza kanjalo, uJehova angenza ohulumeni ukuba bafeze intando yakhe. Ngakho, kuyafaneleka ukuba izAga 21:1 zithi: “Inhliziyo yenkosi injengemifudlana yamanzi esandleni sikaJehova. Uyiphendulela noma kuphi lapho ethanda khona.” Lokhu kufanele kuqinise ukholo lwethu kuNkulunkulu.