ISahluko 23
Umaye Wesibili—Amabutho Abagibele Amahhashi
1. Naphezu kwemizamo yabefundisi yokuqeda isikhonyane, yini eye yenzeka, futhi kubonisani ukuza komaye ababili?
KUSUKELA ngo-1919 kuqhubeke, ukuhlasela okungokomfanekiso kwesikhonyane eLobukholwa kuye kwabangela abefundisi ukukhathazeka okukhulu. Baye bazama ukusiqeda isikhonyane, kodwa siye saqhubeka siza ngamandla ukwedlula noma yinini. (IsAmbulo 9:7) Futhi akupheleli lapho! UJohane uyabhala: “Umaye owodwa udlulile. Bheka! Kuseza omaye ababili abengeziwe ngemva kwalezi zinto.” (IsAmbulo 9:12) Ezinye izinhlupho ezihluphayo zilindele eLobukholwa.
2. (a) Yini eyenzekayo lapho ingelosi yesithupha ishaya icilongo layo? (b) Limeleleni ‘izwi elilodwa eliphuma ezimpondweni ze-altare legolide’? (c) Kungani kukhulunywa ngezingelosi ezine?
2 Uvelaphi umaye wesibili? UJohane uyabhala: “Ingelosi yesithupha yashaya icilongo layo. Ngezwa izwi elilodwa liphuma ezimpondweni ze-altare legolide eliphambi kukaNkulunkulu lithi engelosini yesithupha, eyayinecilongo: ‘Thukulula izingelosi ezine eziboshwe emfuleni omkhulu i-Ewufrathe.’” (IsAmbulo 9:13, 14) Ukukhululwa kwezingelosi kuyimpendulo ezwini elivela ezimpondweni ze-altare legolide. Leli yi-altare legolide lempepho, futhi kabili ngaphambili impepho yezitsha zegolide evela kuleli altare ihlanganiswe nemikhuleko yabangcwele. (IsAmbulo 5:8; 8:3, 4) Ngakho-ke, leli zwi elilodwa, limelela imikhuleko ebumbene yabangcwele emhlabeni. Banxusa ukuba bona ngokwabo bakhululelwe inkonzo eqhubekayo yentshiseko ‘njengezithunywa’ zikaJehova, njengoba lena kuyincazelo eyisisekelo yegama lesiGreki elihunyushwe lapha ngokuthi “izingelosi.” Kungani kunezingelosi ezine? Lesi sibalo esingokomfanekiso kubonakala sibonisa ukuthi zaziyohleleka kangako ukuba zikwazi ukuhlanganisa wonke umhlaba.—IsAmbulo 7:1; 20:8.
3. Izingelosi ezine ‘zaziboshwe’ kanjani “emfuleni omkhulu i-Ewufrathe”?
3 Lezo zingelosi ‘zaziboshwe kanjani emfuleni omkhulu i-Ewufrathe’? Ezikhathini zasendulo umfula i-Ewufrathe wawuwumngcele osenyakatho-mpumalanga yezwe uJehova alithembisa u-Abrahama. (Genesise 15:18; Duteronomi 11:24) Ngokusobala, izingelosi zazivinjwe emngceleni wezwe lazo ezilinikwe uNkulunkulu, noma indawo yomsebenzi yasemhlabeni, zivinjelwe ukuba zingene ngokugcwele enkonzweni uJehova ayeyilungiselele zona. I-Ewufrathe futhi yayihlangene ikakhulukazi nomuzi waseBhabhiloni, futhi ngemva kokuwa kweJerusalema ngo-607 B.C.E., u-Israyeli ongokwenyama wachitha iminyaka engu-70 lapho esekuthunjweni, ‘eboshwe emfuleni omkhulu i-Ewufrathe.’ (IHubo 137:1) Unyaka ka-1919 wathola ama-Israyeli angokomoya eboshwe ngendlela efanayo, edabukile futhi ecela isiqondiso kuJehova.
4. Yikuphi ukuthunywa izingelosi ezine ezinakho, futhi kuye kwafezwa kanjani?
4 Ngokujabulisayo, uJohane angabika: “Izingelosi ezine zathukululwa, ebezilungiselelwe ihora nosuku nenyanga nonyaka, ukuba zibulale ingxenye yesithathu yabantu.” (IsAmbulo 9:15) UJehova unguMgcini-sikhathi onembayo. Unohlelo lwezikhathi futhi unamathela kulo. Ngakho, lezi zithunywa zikhululwa ngaso kanye isikhathi esimisiwe futhi ngesikhathi esifanele ukuze zifeze lokho okumelwe zikwenze. Cabanga ngenjabulo yazo lapho ziphuma ekuboshweni ngo-1919, zilungele umsebenzi! Azithunyiwe nje kuphela ukuba zihluphe kodwa ukuba ekugcineni “zibulale ingxenye yesithathu yabantu.” Lokhu kuhlobene nezinhlupho ezimenyezelwa ukukhala kwamacilongo amane okuqala, ezalimaza ingxenye yesithathu yomhlaba, yolwandle, yezidalwa zasolwandle, yemithombo yamanzi nemifula, neyemithombo yokukhanya yasezulwini. (IsAmbulo 8:7-12) Izingelosi ezine ziyaqhubeka. ‘Ziyabulala,’ zidalula ngokuphelele isimo seLobukholwa sokufa ngokomoya. Izimemezelo ezenziwa ngecilongo ikakhulukazi kusukela ngo-1922 kuya phambili futhi kuqhubeke kuze kube isikhathi samanje, ziye zakufeza lokhu.
5. Ngokuqondene neLobukholwa, umsindo wokukhala kwecilongo lesithupha wananelwa kanjani ngo-1927?
5 Khumbula, ingelosi yasezulwini isanda kushaya icilongo lesithupha. Ngokusabela kulokho, owesithupha ochungechungeni lwemihlangano yezizwe yaminyaka yonke yabaFundi BeBhayibheli wawuseToronto, e-Ontario, eCanada. Lapho, isimiso sangeSonto ngo-July 24, 1927, sasakazwa emoyeni ngochungechunge lweziteshi zemisakazo ezingu-53, okwakuyisimiso sokusakaza esibanzi kunazo zonke kuze kube yileso sikhathi. Leso sigijimi somlomo saya ezilalelini cishe eziyizigidi eziningi. Okokuqala, izwi lesinqumo elinamandla ladalula eLobukholwa njengelifile ngokomoya futhi lenza lesi simemo: “Kuleli hora lokudideka uJehova uNkulunkulu uyala abantu ukuba balilahle nokuba balishiye phakade ‘eLobukholwa’ noma ‘ubuKristu obuhleliwe’ nokuba balifulathele ngokuphelele . . . ; abantu [ma]banikeze uJehova uNkulunkulu neNkosi yakhe nombuso ukuzinikela kwezinhliziyo zabo nokwethembeka kwabo ngokuphelele.” Esithi “Inkululeko Yabantu” kwakuyisihloko senkulumo yeningi eyalandela. UJ. F. Rutherford, wabeka le nkulumo ngendlela yakhe evamile enamandla, efanelana ‘nomlilo, nomusi nesibabule’ uJohane akubona ngokulandelayo embonweni.
6. UJohane uwachaza kanjani amabutho abakhwele amahhashi awabonayo ngokulandelayo?
6 “Isibalo samabutho abagibele amahhashi sasingamashumi amabili ezinkulungwane aphindwe ngamashumi ezinkulungwane: ngasizwa isibalo sabo. Yile ndlela engawabona engayo amahhashi embonweni, nalabo abawagibele: babenezivikelo zesifuba ezinokubomvu njengomlilo nokuluhlaza njengehiyakinte nokuphuzi njengesibabule; amakhanda amahhashi ayenjengamakhanda ezingonyama, emilonyeni yawo kwaphuma umlilo nomusi nesibabule. Ngalezi zinhlupho ezintathu kwafa ingxenye yesithathu yabantu, ngenxa yomlilo, nomusi nesibabule okwakuphuma emilonyeni yawo.”—IsAmbulo 9:16-18.
7, 8. (a) La mabutho agabavula eholwa isiqondiso sikabani? (b) Kungaziphi izindlela la mabutho afana ngazo nesikhonyane esawandulela?
7 Ngokusobala, la mabutho agabavula eholwa isiqondiso sezingelosi ezine. Yeka umbukwane osabisayo! Cabanga ukuthi wawungenze njani uma wawungaba yisisulu sokuhlasela kwamabutho anjalo! Khona kanye ukubukeka kwawo kwakungafaka ukwesaba enhliziyweni yakho. Nokho, ingabe uphawulile ukuthi la mabutho afana kanjani nesikhonyane esiwandulele? Isikhonyane sasifana namahhashi; kula mabutho kukhona amahhashi. Khona-ke, kokubili kuhilelekile empini engokwasezulwini. (IzAga 21:31) Isikhonyane sasinamazinyo afana nawezingonyama; amahashi ala mabutho anamakhanda afana nawezingonyama. Ngakho-ke kokubili kuhlangene neNgonyama yesizwe sakwaJuda enesibindi, uJesu Kristu, onguMholi, uMlawuli, neSibonelo sakho.—IsAmbulo 5:5; IzAga 28:1.
8 Kokubili, isikhonyane namabutho akhwele amahhashi kuhlanganyela emsebenzini kaJehova wokwahlulela. Isikhonyane saphuma emsini owawubikezela umaye nomlilo obhubhisayo ngeLobukholwa; emilonyeni yamahhashi kuphuma umlilo, umusi, nesibabule. Isikhonyane sasinezivikelo zesifuba zensimbi, okubonisa ukuthi izinhliziyo zaso zazivikelwe ukuzinikela okungaxegi ekulungeni; abakhwele amahhashi bafake izivikelo zezifuba ezinombala obomvu, oluhlaza, nophuzi, okubonisa umlilo, umusi, kanye nesibabule sezigijimi zesahlulelo ezibulalayo eziphuma emilonyeni yamahhashi. (Qhathanisa noGenesise 19:24, 28; Luka 17:29, 30.) Isikhonyane sasinemisila yokuhlupha efana neyofezela; amahhashi anemisila yokubulala efana nezinyoka! Kubonakala sengathi lokho okwaqalwa isikhonyane kumelwe kuqhutshwe amabutho akhwele amahhashi ngamandla amakhulu kakhulu.
9. Abakhwele amahhashi bafanekiselani?
9 Ngakho, bafanekiselani abakhwele amahhashi? Njengoba nje isigaba sikaJohane esigcotshiwe saqalisa ukumenyezelwa okunjengecilongo kwezahlulelo zikaJehova zempindiselo yaphezulu kweLobukholwa, zinegunya ‘lokuntinyela nokulimaza,’ ngakho singalindela ukuba iqembu elifanayo eliphilayo lisetshenziswe ‘ekubulaleni,’ okungukuthi, ekwenzeni kwaziwe ukuthi eLobukholwa nabefundisi balo bafé ngokuphelele ngokomoya, balahliwe uJehova futhi balungele ‘isithando somlilo’ sokubhujiswa kwaphakade. Yebo, lonke iBhabhiloni Elikhulu kumelwe liphele. (IsAmbulo 9:5, 10; 18:2, 8; Mathewu 13:41-43) Nokho, ngaphambi kokubhujiswa kwalo, isigaba sikaJohane sisebenzisa ‘inkemba yomoya eyizwi likaNkulunkulu’ ekudaluleni isimo seLobukholwa esifana nokufa. Izingelosi ezine kanye nabagibeli bamahhashi bayaqondisa kulokhu kubulawa okungokomfanekiso ‘kwengxenye yesithathu yabantu.’ (Efesu 6:17; IsAmbulo 9:15, 18) Lokhu kubonisa ukuhlela okufanelekile nokuqondisa okungokwasezulwini ngaphansi kokwengamela kweNkosi uJesu Kristu njengoba iqembu elikhulu labamemezeli boMbuso liya kohlasela empini.
Amashumi Amabili Ezinkulungwane Aphindwe Ngamashumi Ezinkulungwane
10. Kungamuphi umqondo abakhwele amahhashi bengamashumi amabili ezinkulungwane aphindwe ngamashumi ezinkulungwane?
10 Kungenzeka kanjani ukuba la mabutho abe amashumi amabili ezinkulungwane aphindwe ngamashumi ezinkulungwane? Amashumi amabili ezinkulungwane aphindwe ngamashumi ezinkulungwane akha izigidi ezingu-200.a Ngokujabulisayo, manje kunezigidi zabamemezeli boMbuso, kodwa isibalo sabo sincane kakhulu kunamakhulu ezigidi! Nokho, khumbula amazwi kaMose kuNumeri 10:36: “O Jehova, buya emashumini ezinkulungwane zezinkulungwane zakwa-Israyeli.” (Qhathanisa noGenesise 24:60.) Ngokoqobo, lokho kungasho ukuthi, ‘Buya emashumini ezigidi zika-Israyeli.’ Nokho, u-Israyeli wayeyizigidi ezimbili noma ezintathu kuphela ngosuku lukaMose. Pho, wayethini uMose? Ngokungangabazeki ayenakho engqondweni kwakuwukuthi ama-Israyeli kwakufanele abe maningi ‘njengezinkanyezi zamazulu nanjengesihlabathi sasogwini lolwandle,’ kunokuba abalwe. (Genesise 22:17; 1 IziKronike 27:23) Ngakho, wasebenzisa igama elisho “amashumi ezinkulungwane” ukuze abonise isibalo esikhulu kodwa esingashiwongo. Kanjalo, i-New English Bible ihumusha leli vesi kanje: “Phumula, NKOSI yezinkulungwane zika-Israyeli ezingenakubalwa.” Lokhu kuvumelana nencazelo yesibili yegama elisho “amashumi ezinkulungwane” etholakala kusichazamazwi sesiGreki nesesiHebheru: “isixuku esingenakubalwa,” “isixuku.”—The New Thayer’s Greek-English Lexicon of the New Testament; A Hebrew and English Lexicon of the Old Testament, kaGesenius eyahunyushwa ngu-Edward Robinson.
11. Ukuze isigaba sikaJohane sibe amashumi ezinkulungwane ngisho nangomqondo ongokomfanekiso, yini eyayiyodingeka?
11 Nokho, labo besigaba sikaJohane abasasele emhlabeni bangaphansi kuka-10 000. Bangafaniswa kanjani nezinkulungwane ezingenakubalwa zabagibeli bamahhashi? Ukuze babe amashumi ezinkulungwane ngisho nangomqondo ongokomfanekiso, bebengeke yini badinge ukusekelwa? Yilokho abaye bakudinga, futhi ngomusa kaJehova ongabafanele, yilokho abaye bakuthola! Kuye kwavelaphi lokhu kusekelwa?
12, 13. Yiziphi izenzakalo ezingokomlando kusukela ngo-1918 kuya ku-1935 ezabonisa umthombo wokusekelwa?
12 Kusukela ngo-1918 kuya ku-1922, isigaba sikaJohane saqala ukunikeza isintu esicindezelekile ithemba elijabulisayo lokuthi “izigidi eziphilayo manje azisoze zafa.” Ngo-1923 kwenziwa kwaziwa futhi ukuthi izimvu zikaMathewu 25:31-34 ziyodla ifa lomhlaba ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. Ithemba elifanayo lanikezwa encwajaneni i-Freedom for the Peoples, eyakhishwa emhlanganweni wezizwe ngo-1927. Ekuqaleni kwawo-1930 kwaboniswa ukuthi isigaba sikaJehonadaba esiqotho ‘nabantu ababubulayo futhi bequma’ ngenxa yesimo seLobukholwa esingokomoya esidabukisayo kuyafana nezimvu ezingokomfanekiso ezinamathemba okuphila kwasemhlabeni. (Hezekeli 9:4; 2 AmaKhosi 10:15, 16) Iqondisa abanjalo ‘emizini yesiphephelo’ yosuku lwanamuhla, INqabayokulinda yesiNgisi ka-August 15, 1934, yathi: “Labo besigaba sikaJonadaba baye bakuzwa ukukhala kwecilongo likaNkulunkulu futhi baye balalela isixwayiso ngokubalekela enhlanganweni kaNkulunkulu nangokuzihlanganisa nabantu bakaNkulunkulu, futhi kumelwe bahlale lapho.”—Numeri 35:6.
13 Ngo-1935 labo balesi sigaba sikaJonadaba bamenywa ngokukhethekile ukuba babe khona emhlanganweni woFakazi BakaJehova eWashington, D.C., e-U.S.A. Lapho, ngoLwesihlanu, ngo-May 31, uJ. F. Rutherford wanikeza inkulumo yakhe edumile ethi “Isixuku Esikhulu,” abonisa kuyo ngokucacile ukuthi leli qembu lesAmbulo 7:9 lalifana nezimvu zikaMathewu 25:33—iqembu elizinikezele elinamathemba asemhlabeni. Njengesandulela sezinto ezisazokuza, kulowo mhlangano kwabhapathizwa oFakazi abasha abangu-840, abaningi babo bengabesixuku esikhulu.b
14. Ingabe isixuku esikhulu sasiyoba nengxenye ekuhlaseleni okungokomfanekiso kwabakhwele amahhashi, futhi yiliphi izwi lesinqumo elashiwo ngo-1963?
14 Ingabe lesi sixuku esikhulu siye saba nengxenye ekuhlaseleni kwabakhwele amahhashi okwaqala ngo-1922 futhi okwathola ukugcizelelwa okukhethekile emhlanganweni waseToronto ngo-1927? Ngaphansi kokuqondisa kwezingelosi ezine, isigaba sikaJohane esigcotshiwe, sinayo ngokuqinisekile! Emhlanganweni owawujikeleza umhlaba wonke “Wezindaba Ezinhle Zaphakade” ka-1963, sahlanganyela nesigaba sikaJohane ezwini lesinqumo elivusa amadlingozi. Lamemezela ukuthi umhlaba “ubhekene nokuzamazama komhlaba okuyizinkinga umhlaba ongazange ukubone okufana nakho ngaphambili, futhi zonke izinhlangano zawo zezombangazwe kanye neBhabhiloni lawo lanamuhla elingokwenkolo kuyozanyazanyiswa kube yizicucu.” Kwenziwa isinqumo sokuthi “siyoqhubeka simemezela kubo bonke abantu ngokungakhethi ‘izindaba ezinhle zaphakade’ ngokuqondene noMbuso kaNkulunkulu ngoMesiya nangokuqondene nezahlulelo zakhe, ezifana nezinhlupho ezitheni zakhe kodwa eziyokhishwa ukuze kukhululwe bonke abantu abafisa ukukhonza uNkulunkulu uMdali ngokwamukelekayo ngomoya nangeqiniso.” Leli zwi lesinqumo lamukelwa ngentshiseko emihlanganweni engu-24 embulungeni yonke yingqikithi yababesemhlanganweni abangu-454 977, abangaphezu kwamaphesenti angu-95 abo babengabesixuku esikhulu.
15. (a) Ngo-2005 isixuku esikhulu sakha amaphesenti amangaki ezisebenzi uJehova azisebenzisayo ensimini? (b) Umthandazo kaJesu okuJohane 17:20, 21 ububonisa kanjani ubunye besixuku esikhulu nesigaba sikaJohane?
15 Isixuku esikhulu siye saqhubeka simemezela ubunye baso obuphelele nesigaba sikaJohane ekuthululeni izinhlupho kweLobukholwa. Ngo-2005 lesi sixuku esikhulu sakha amaphesenti angaphezu kwangu-99,8 ezisebenzi uJehova azisebenzisayo ensimini. Amalungu aso avumelana ngenhliziyo yonke nesigaba sikaJohane, leso uJesu athandaza ngaso kuJohane 17:20, 21: “Angiceleli laba kuphela, kodwa nalabo ababa nokholo kimi ngezwi labo; ukuze bonke babe munye, njengoba nje wena, Baba, umunye nami futhi nami ngimunye nawe, ukuba nabo babe munye nathi, ukuze izwe likholwe ukuthi ungithumile.” Njengoba isigaba sikaJohane esigcotshiwe sihola ngaphansi kukaJesu, isixuku esikhulu esishisekayo sihlanganyela naso ekuhlaseleni kwabakhwele amahhashi okunamandla kunakho konke emlandweni wesintu!c
16. (a) UJohane uyichaza kanjani imilomo nemisila yamahhashi angokomfanekiso? (b) Imilomo yabantu bakaJehova iye yalungiselelwa kanjani inkonzo? (c) Yini ehambisana neqiniso lokuthi “imisila yawo injengezinyoka”?
16 Labo abakhwele amahhashi badinga izikhali zempi. Futhi yeka indlela enhle uJehova aye wazilungiselela ngayo! UJohane uyayichaza: “Ngoba igunya lamahhashi lisemilonyeni yawo nasemisileni yawo; ngoba imisila yawo injengezinyoka futhi inamakhanda, ayalimaza ngayo.” (IsAmbulo 9:19) UJehova uye wazigcobela le nkonzo izikhonzi zakhe ezizinikezele, nezibhapathiziwe. Uye wazifundisa indlela yokushumayela izwi ngeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini nangeminye imihlangano yebandla nezikole, ukuze zikwazi ukukhuluma ngegunya ‘ngolimi lwabafundisiweyo.’ Uye wabeka amazwi akhe emilonyeni yazo futhi wazithuma ukuba zazise ngezahlulelo zakhe “obala nasendlini ngendlu.” (2 Thimothewu 4:2; Isaya 50:4; 61:2; Jeremiya 1:9, 10; IzEnzo 20:20) Isigaba sikaJohane nesixuku esikhulu siye sashiya isigijimi esintinyelayo, ngokuvumelana ‘nemisila,’ ngezinkulungwane zezigidi zamaBhayibheli, izincwadi, izincwajana ezingangomagazini, nomagazini okuye kwasakazwa eminyakeni edlule. Kubaphikisi babo, abatshelwa ‘ngokulimala’ okuzayo okuvela kuJehova, la mabutho abakhwele amahhashi ngempela abonakala engamashumi amabili ezinkulungwane aphindwe ngamashumi ezinkulungwane.—Qhathanisa noJoweli 2:4-6.
17. Ingabe oFakazi BakaJehova banayo ingxenye ekuhlaseleni kwabakhwele amahhashi emazweni lapho izincwadi zingenakusakazwa khona ngenxa yokuthi umsebenzi uvinjelwe? Chaza.
17 Ingxenye eshiseka kakhulu yalaba abakhwele amahhashi yakhiwa abazalwane abasemazweni lapho umsebenzi woFakazi BakaJehova uvinjelwe khona. Njengezimvu phakathi kwezimpisi, kumelwe babe ‘abaqaphile njengezinyoka nokho babe msulwa njengamajuba.’ Belalela uJehova, abanakuyeka ukukhuluma ngalokho abakubonile nabakuzwile. (Mathewu 10:16; IzEnzo 4:19, 20; 5:28, 29, 32) Njengoba benokuncane noma bengenakho okubhaliwe ukuze bakusakaze obala, ingabe kumelwe siphethe ngokuthi abanangxenye ekuhlaseleni kwabakhwele amahhashi? Lutho neze! Banemilomo yabo negunya elivela kuJehova ukuze bakusebenzise ekukhulumeni iqiniso leBhayibheli. Lokhu bakwenza, ngokwethukela nangokubonisa abantu, beqalisa izifundo zeBhayibheli futhi ‘beletha abaningi ekulungeni.’ (Daniyeli 12:3) Nakuba bengase bangantinyeli ngemisila yabo ngomqondo wokushiya izincwadi ezishaya kanzima, umlilo, umusi, nesibabule okungokomfanekiso kuphuma emilonyeni yabo njengoba befakaza ngokuhlakanipha ngokuphathelene nosuku lukaJehova lwempindiselo olusondelayo.
18. Laba abakhwele amahhashi baye basisakaza ngezilimi ezingaki futhi ngamanani angakanani isigijimi esihluphayo esibhaliwe?
18 Kwezinye izindawo, izincwadi zoMbuso ziyaqhubeka zidalula izimfundiso nezindlela zeLobukholwa zobuBhabhiloni, zililethela ukulimala okulifanele ngendlela engokomfanekiso. Ngokusebenzisa izindlela zokunyathelisa ezithuthukisiwe, laba abakhwele amahhashi abaningi eminyakeni engu-68 ngaphambi kuka-2005, bakwazi ukusakaza, ngezilimi zomhlaba ezifinyelela ku-450, inqwaba yamaBhayibheli, izincwadi, omagazini, nezincwadi ezingangomagazini—ngokuphindwe kaningi kunamashumi amabili ezinkulungwane aphindwe ngamashumi ezinkulungwane angokoqobo. Yeka ukuntinyela leyo misila ekwenzile!
19, 20. (a) Nakuba isisulu esikhethekile sezigijimi ezihluphayo kuye kwaba eLobukholwa, abanye emazweni angaphandle kweLobukholwa baye basabela kanjani? (b) UJohane ukuchaza kanjani ukusabela kwabantu ngokuvamile?
19 Injongo kaJehova ukuba lesi sigijimi esihluphayo ‘sibulale ingxenye yesithathu yabantu.’ Ngakho, isisulu saso esikhethekile kuye kwaba eLobukholwa. Kodwa siye safinyelela emazweni akude kakhulu neLobukholwa, kuhlanganise namaningi lapho ubuzenzisi bezinkolo zeLobukholwa baziwa kahle kakhulu. Ingabe abantu bakula mazwe baye basondela kuJehova ngenxa yokubona ukuhlushwa kwale nhlangano engokwenkolo eyonakele? Abaningi bakwenzile! Kuye kwaba khona ukusabela okusheshayo phakathi kwabantu abathobekile nabathandekayo abahlala ezindaweni ezingaphandle kwethonya leLobukholwa. Kodwa ngokuqondene nabantu ngokuvamile, uJohane uchaza ukusabela kwabo: “Kodwa bonke abanye abantu abangabulawanga yilezi zinhlupho abazange baphenduke emisebenzini yezandla zabo, ukuba bangakhulekeli amademoni, nezithombe, zegolide, nesiliva, nethusi, netshe, nokhuni, okungakwazi ukubona noma ukuzwa noma ukuhamba; futhi abazange baphenduke ezenzweni zabo zokubulala noma ezenzweni zabo zokusebenzelana nemimoya noma ebufebeni babo noma ekwebeni kwabo.” (IsAmbulo 9:20, 21) Ngeke kuguqulwe umhlaba wonke wabantu abanjalo abangaphenduki. Bonke abaphikelela ezindleleni zabo ezonakele kuyodingeka babhekane nesahlulelo esibuhlungu esivela kuJehova ngosuku olukhulu lokulwelwa kwakhe. Kodwa ‘wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosinda.’—Joweli 2:32; IHubo 145:20; IzEnzo 2:20, 21.
20 Esisanda kuxoxa ngakho kuyingxenye kamaye wesibili. Kunokwengeziwe okumelwe kuze ngaphambi kokuba lo maye adlule, njengoba sizobona ezahlukweni ezilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a I-Commentary on Revelation, kaHenry Barclay Swete, iphawula lokhu ngokuqondene nesibalo ‘samashumi amabili ezinkulungwane aphindwe ngamashumi ezinkulungwane’: “Lezi zibalo ezinkulu ziyasinqabela ukuba sifune ukugcwaliseka okungokoqobo, futhi incazelo elandelayo isekela lesi siphetho.”
b Bheka amakhasi andulelayo 119-26; ne-Vindication, iNcwadi Yesithathu, eyakhishwa ngo-1932 oFakazi BakaJehova, amakhasi 83-4.
c Ngokungafani nesikhonyane, amabutho abakhwele amahhashi abonwa uJohane ayengafakile “okwakungathi imiqhele enjengegolide.” (IsAmbulo 9:7) Lokhu kuvumelana neqiniso lokuthi isixuku esikhulu, namuhla esakha ingxenye enkulu yabakhwele amahhashi, asinalo ithemba lokubusa eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini.
[Isithombe ekhasini 149]
Ukushaywa kwecilongo lesithupha kwethula umaye wesibili
[Izithombe ekhasini 150, 151]
Izingelosi ezine ziqondisa ukuhlasela kwabakhwele amahhashi okukhulu kunakho konke emlandweni
[Izithombe ekhasini 153]
Abakhwele amahhashi abangenakubalwa baye basakaza izigidi ezingenakubalwa zezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini
[Izithombe ekhasini 154]
Bonke abanye abantu abaphendukanga