-
Ukuvusa Ofakazi AbabiliIsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
-
-
“Ngemva kwalezo zinsuku ezintathu nengxenye umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu wangena kubo, bama ngezinyawo, labo ababebabona, behlelwa ukwesaba okukhulu.
-
-
Ukuvusa Ofakazi AbabiliIsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
-
-
Kanjalo baba nokuhlangenwe nakho okufana nokwamathambo omile esigodini uHezekeli asihambela esembonweni. UJehova waphefumulela lawo mathambo omile, futhi aphila, enikeza umbono wokuzalwa kabusha kwesizwe sakwa-Israyeli ngemva kweminyaka engu-70 yokuthunjelwa eBhabhiloni. (Hezekeli 37:1-14) Lezi ziprofetho ezimbili, esikuHezekeli nesikusAmbulo, zaba nokugcwaliseka okuphawulekayo kosuku lwanamuhla ngo-1919, lapho uJehova ebuyisela ofakazi bakhe ‘abafile’ ekuphileni kobungqabavu.
24. Lapho ofakazi ababili bevuka, kwabathinta kanjani abashushisi babo benkolo?
24 Yeka ukushaqeka kulabo bashushisi! Ngokungazelele izidumbu zofakazi ababili zase ziphila futhi zikhuthele. Kwakuyinto enzima kulabo befundisi ukuyamukela, ikakhulukazi njengoba izikhonzi ezingamaKristu ababecebe ukuzifaka ejele zase zikhululekile futhi, kamuva amacala azo ezosulwa ngokuphelele. Kumelwe ukuba ukushaqeka kwaba kukhulu kakhulu lapho, ngo-September 1919, abaFundi BeBhayibheli beba nomhlangano eCedar Point, e-Ohio, e-U.S.A. Lapha uJ. F. Rutherford, owayesanda kukhululwa ejele, washukumisa ababeze emhlanganweni ngenkulumo yakhe ethi “Ukumemezela UMbuso,” eyayisekelwe kusAmbulo 15:2 naku-Isaya 52:7. Labo besigaba sikaJohane baqala futhi “ukuprofetha,” noma ukushumayela obala. Amandla abo aya ekhula, bedalula ngesibindi ubuzenzisi beLobukholwa.
-
-
Ukuvusa Ofakazi AbabiliIsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
-
-
c Phawula ukuthi ekuhloleni okuhlangenwe nakho kwabantu bakaNkulunkulu kulesi sikhathi, kuyabonakala ukuthi nakuba izinyanga ezingu-42 zimelela iminyaka emithathu nengxenye engokoqobo, izinsuku ezintathu nengxenye azimeleli inkathi engokoqobo yamahora angu-84. Cishe, inkathi eshiwo ngokuqondile yezinsuku ezintathu nengxenye iphawulwe izikhathi ezimbili (emavesini 9 no-11) ukuze kuqokonyiswe ukuthi kuyoba isikhathi esifushane kuphela uma kuqhathaniswa neminyaka engokoqobo emithathu nengxenye yomsebenzi oyandulelayo.
-