-
Ukulwa Nezilo Ezimbili EzinolakaIsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
-
-
Sanikwa ukuba silwe nabangcwele sibanqobe, sanikwa igunya phezu kwazo zonke izinhlanga nabantu nezilimi nezizwe.
-
-
Ukulwa Nezilo Ezimbili EzinolakaIsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
-
-
Ngakho, kusukela ekupheleni kuka-1914 kuze kube u-1918, lapho izizwe ezilwayo zazidwengulana ngokoqobo njengezilo zasendle, abantu balezo zizwe bacindezeleka ukuba bakhulekele isilo sasendle, ukuba bazifake enkolweni yobuzwe, baze balungele ngisho nokufela izwe labo. Ukucindezela okunjalo kwabangela ukuhlupheka okukhulu kwabaningi abagcotshiwe, ababenomuzwa wokuthi ukulalela kwabo okukhulu kungokukaJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uKristu Jesu. (IzEnzo 5:29) Uvivinyo lwabo lwafinyelela umvuthwandaba ngo-June 1918, lapho ‘benqotshwa.’ E-United States, abaphathi abaqhamile nabanye abameleli be-Watch Tower Society baboshwa ngokungeyikho, futhi ukushumayela okuhleliwe kwabafowabo abangamaKristu kwaphazamiseka kakhulu. Sinegunya “phezu kwazo zonke izinhlanga nabantu nezilimi nezizwe,” isilo sasendle sawucindezela umsebenzi kaNkulunkulu womhlaba wonke.
-