Umyalezo Okumelwe Siwumemezele
UJehova usinikeze umthwalo wemfanelo nelungelo elikhulu, ngokuba athi: “Ningofakazi bami, . . . mina nginguNkulunkulu.” (Isaya 43:12) Asiwona nje amakholwa asonge izandla angenzi lutho. Singofakazi abawafakazela obala amaqiniso asemqoka aseZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe. Yimuphi umyalezo uJehova asithume ukuba siwuhambise osukwini lwethu? Uphathelene noJehova uNkulunkulu, uJesu Kristu, noMbuso KaMesiya.
“MESABE UNKULUNKULU, UGCINE IMIYALO YAKHE”
ESIKHATHINI eside ngaphambi kwenkathi yobuKristu, uJehova watshela u-Abrahama othembekile ngelungiselelo lokuba “izizwe zonke zomhlaba” zizibusise. (Gen. 22:18) Wabuye waphefumulela noSolomoni ukuba abhale ngemfuneko eyisisekelo bonke abantu okumelwe bahlangabezane nayo: “Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.” (UmSh. 12:13) Kodwa abantu bezizwe zonke babeyozifunda kanjani lezi zinto?
Nakuba bebelokhu bekhona abantu abalikholelwayo izwi likaNkulunkulu, iBhayibheli libonisa ukuthi ubufakazi obunamandla bembulunga yonke obabuyofinyelela izizwe zonke ngezindaba ezinhle babuzonikezwa “osukwini lweNkosi.” Lolu suku lwaqala ngo-1914. (IsAm. 1:10) Mayelana nalesi sikhathi, isAmbulo 14:6, 7 sabikezela ukuthi ngaphansi kokuqondisa kwezingelosi, isimemezelo esibalulekile sasiyoyiswa ‘kuzo zonke izizwe nezizwana nezilimi nabantu.’ Babeyonxuswa: “Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo, ngoba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile, ngakho khulekelani Lowo owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.” Kuyintando kaNkulunkulu ukuba lo myalezo udluliselwe kwabanye. Sinelungelo lokuhlanganyela kulowo msebenzi.
“UNkulunkulu Weqiniso.” Ngesikhathi uJehova ethi, “Ningofakazi bami,” kwakunempikiswano ephathelene nobuNkulunkulu bakhe. (Isaya 43:10) Umyalezo okumelwe udluliselwe kwabanye akuwona nje owokuthi abantu kufanele babe nenkolo ethile noma bakholwe kunkulunkulu othile. Kunalokho, kudingeka banikezwe ithuba lokufunda ukuthi uMdali wezulu nomhlaba uwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. (Isaya 45:5, 18, 21, 22; Joh. 17:3) NguNkulunkulu weqiniso kuphela ongabikezela ikusasa ngendlela okungathenjelwa kuyo. Sinelungelo lokutshela abanye ukuthi ukugcwaliseka kwezwi likaJehova endulo kusinikeza isizathu esiqinile sokuqiniseka ukuthi konke akuthembisele isikhathi esizayo kuyofezeka.—Josh. 23:14; Isaya 55:10, 11.
Kuyiqiniso ukuthi abaningi esifakaza kubo bakhulekela abanye onkulunkulu noma bathi abakhulekeli nkulunkulu. Ukuze basilalele, kungase kudingeke siqale ngento abayithandayo nabo. Singazuza esibonelweni esilotshwe kuzEnzo 17:22-31. Phawula ukuthi yize umphostoli uPawulu ayenesu lokungacunuli, wakubeka kwacaca ukuthi bonke abantu bayolandisa kuNkulunkulu onguMdali wezulu nomhlaba.
Ukwenza Igama LikaNkulunkulu Laziwe. Ungenqeni ukumbiza ngegama uNkulunkulu weqiniso. UJehova uyalithanda igama lakhe. (Eks. 3:15; Isaya 42:8) Ufuna abantu balazi. Wenza ukuba igama lakhe elikhazimulayo lifakwe eBhayibhelini izikhathi ezingaphezu kuka-7 000. Kungumsebenzi wethu ukwenza abantu balazi.—Dut. 4:35.
Amathemba esintu okuphila kwesikhathi esizayo axhomeke ekwazini uJehova nasekumbizeni ngokholo. (Joweli 2:32; Mal. 3:16; 2 Thes. 1:8) Kodwa abantu abaningi abamazi uJehova. Kulaba bantu kunenqwaba yabantu abathi bakhulekela uNkulunkulu weBhayibheli. Ngisho noma benalo iBhayibheli futhi belifunda, kungenzeka ukuthi abakalazi namanje igama likaNkulunkulu ngoba lisusiwe ezinguqulweni eziningi zanamuhla. Abanye abantu bezwa igama likaJehova kuphela lapho abaholi babo benkolo bebatshela ukuthi bangalisebenzisi.
Singabenza kanjani abantu balazi igama likaNkulunkulu? Ayikho indlela ephumelela kangcono kunokubatshengisa lona eBhayibhelini—kwelabo uma kungenzeka. Kwezinye izinguqulo, lelo gama livela kaningi. Kanti kwezinye lingase livele kuphela kumaHubo 83:18 noma ku-Eksodusi 6:3-6, noma embhalweni waphansi ku-Eksodusi 3:14, 15 noma 6:3. Ezinguqulweni eziningi, kusetshenziswe iziqu ezibhalwe ngokugqamile ezinjengesithi “Nkosi” noma “Nkulunkulu,” lapho kuvela khona igama likaNkulunkulu embhalweni wolimi lokuqala. Lapho abahumushi banamuhla belisuse khona ngokuphelele igama likaNkulunkulu ezinguqulweni zanamuhla, kungase kudingeke usebenzise inguqulo yeBhayibheli endadlana ukuze utshengise abantu lokho okwenziwe. Kwamanye amazwe ungase ubatshengise igama likaNkulunkulu emaculweni esonto noma embhalweni osesakhiweni somphakathi.
Ngisho nakulabo abakhulekela abanye onkulunkulu, uJeremiya 10:10-13 eBhayibhelini lesiZulu elivamile angasetshenziswa kube nemiphumela emihle. Akagcini nje ngokusho igama likaNkulunkulu kodwa umchaza ngokucacile ukuthi ungubani.
Igama elithi Jehova ungalifihli ngeziqu ezinjengokuthi “Nkulunkulu” nesithi “Nkosi,” njengoba kwenza eLobukholwa. Lokhu akusho ukuthi njalo nje uma uqala ingxoxo kufanele ulibize leli gama. Ngenxa yemibono engenazisekelo, abanye abantu bangayiqeda ingxoxo. Kodwa uma sekukhona enixoxela phezu kwako, ungenqeni ukulisebenzisa igama likaNkulunkulu.
Kuyaphawuleka ukuthi iBhayibheli lisebenzisa igama likaNkulunkulu izikhathi eziningi ukwedlula elisebenzisa ngazo iziqu ezinjengokuthi “Nkosi” nesithi “Nkulunkulu.” Yize kunjalo, abalobi beBhayibheli abazange bazame ukufaka igama likaNkulunkulu kuyo yonke imisho. Balisebenzisa ngendlela evamile, ngokukhululeka, nangenhlonipho. Yisibonelo esihle sokusilandela leso.
Umuntu Obizwa Ngaleli Gama. Nakuba ukuthi uNkulunkulu unegama kuyiqiniso elibalulekile, kumane nje kuyisiqalo loko.
Ukuze bamthande uJehova futhi bambize ngokholo, kudingeka abantu balwazi uhlobo lukaNkulunkulu ayilo. Lapho uJehova etshela uMose igama lakhe eNtabeni YaseSinayi, wenza okungaphezu kokumane aphinde igama elithi “Jehova.” Wabhekisela nasezimfanelweni zaKhe ezivelele. (Eks. 34:6, 7) Yisibonelo sokulingiswa leso.
Kungakhathaliseki ukuthi ufakaza kubantu abathakazelayo noma unikeza izinkulumo ebandleni, uma ukhuluma ngezibusiso zoMbuso, bonisa ukuthi zisitshelani ngoNkulunkulu ozithembisile. Lapho ukhuluma ngemiyalo yakhe, gcizelela ukuhlakanipha nothando elubonisayo. Kwenze kucace ukuthi izimfuneko zikaNkulunkulu azisithwesi ubunzima kodwa ezokusisiza. (Isaya 48:17, 18; Mika 6:8) Bonisa ukuthi ukusebenzisa kukaJehova amandla kwembula okuthile ngobuntu bakhe, izindinganiso zakhe nenjongo yakhe. Chaza indlela uJehova abonisa ngayo ukulinganisela endleleni abonakalisa ngayo izimfanelo zakhe. Abantu mabakuzwe uveza eyakho imizwa ngoJehova. Uthando lwakho ngoJehova lungasiza ekwakheni uthando olunjalo kwabanye.
Umyalezo ophuthumayo wosuku lwethu unxusa bonke abantu ukuba besabe uNkulunkulu. Ngalokho esikushoyo, kufanele sakhe leyo mfanelo yokwesaba uNkulunkulu kwabanye. Loku kwesaba kuwukwesaba okunengqondo, ukuthuthumela ngoJehova, ukumhlonipha ngokujulile. (IHu. 89:7) Kuhlanganisa ukuqaphela ukuthi uJehova unguMahluleli ophakeme nokuthi amathemba okuphila kwethu kwesikhathi esizayo ancike ekusamukeleni kwakhe. (Luka 12:5; Roma 14:12) Ngakho, loko kwesaba kuhlangene nothando olujulile ngaye, nesifiso esinamandla sokumjabulisa, esakhiwa yilolo thando. (Dut. 10:12, 13) Ukwesaba uNkulunkulu kusishukumisela nasekuzondeni okubi, silalele imiyalo kaNkulunkulu, futhi simkhulekele ngenhliziyo ephelele. (Dut. 5:29; 1 IziKr. 28:9; IzAga 8:13) Kusenza singazami ukukhonza uNkulunkulu sibe sithanda izinto zezwe.—1 Joh. 2:15-17.
Igama LikaNkulunkulu—“Umbhoshongo Onamandla.” Abantu abafumana ukumazi uJehova bathola isivikelo esikhulu. Akungenxa nje yokuthi basebenzisa igama lakhe noma ukuthi bangasho izimfanelo zakhe. Kungenxa yokuthi bathembela kuJehova. IzAga 18:10 zithi ngabo: “Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.”
Wasebenzise ngokunenzuzo amathuba okukhuthaza abanye ukuba bathembele kuJehova. (IHu. 37:3; IzAga 3:5, 6) Ukumethemba kubonisa ukuthi banokholo kuJehova nasezithembisweni zakhe. (Heb. 11:6) Lapho abantu ‘bebiza igama likaJehova’ ngoba bazi ukuthi unguMbusi Wendawo Yonke, ngoba bethanda izindlela zakhe, futhi bekholelwa ngokugcwele ukuthi insindiso yangempela itholakala ngaye kuphela, khona-ke bayosindiswa—njengoba siqinisekiswa yiZwi likaNkulunkulu. (Roma 10:13, 14) Njengoba ufundisa abanye, basize bakhe ukholo olunjalo kuzo zonke izici zokuphila.
Abantu abaningi bakhungethwe izinkinga zomuntu siqu. Bangase bangaliboni ikhambi. Bakhuthaze ukuba bafunde izindlela zikaJehova, bamethembe, futhi bakusebenzise abakufundayo. (IHu. 25:5) Bakhuthaze ukuba bathandaze ngokusuka enhliziyweni bacele usizo lukaNkulunkulu futhi bambonge ngezibusiso zakhe. (Fil. 4:6, 7) Lapho sebemazi uJehova, bengamazi nje ngokumane bafunde okuthile eBhayibhelini kuphela, kodwa bemazi nangokubona ukufezeka kwezithembiso zakhe ekuphileni kwabo, bayoqala ukuthola ukulondeka okuwumphumela wokuqonda kahle hle ukuthi igama likaJehova limeleleni.—IHu. 34:8; Jer. 17:7, 8.
Wasebenzise ngokunenzuzo wonke amathuba okusiza abantu babone ukuthi kuwukuhlakanipha ukwesaba uNkulunkulu weqiniso, uJehova, nokugcina imiyalo yakhe.
‘UKUFAKAZA NGOJESU’
NGEMVA kokuvuswa kwakhe, kodwa engakabuyeli ezulwini, uJesu Kristu wanikeza abafundi bakhe imiyalo, ethi: ‘Nizoba ofakazi bami ezingxenyeni eziqhele kakhulu zomhlaba.’ (IzE. 1:8) Izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile osukwini lwethu zichazwa ‘njengezinomsebenzi wokufakaza ngoJesu.’ (IsAm. 12:17) Ukukhuthalele kangakanani ukunikeza lobo bufakazi?
Abantu abaningi abasho ngobuqotho ukuthi bakholelwa kuJesu abazi nakwazi ngokuba khona kwakhe ngaphambi kokuba abe umuntu. Abazi ukuthi wayengumuntu ngempela ngesikhathi esemhlabeni. Abaqondi ukuthi kusho ukuthini ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu. Kuncane kakhulu abakwaziyo ngendima yakhe ekufezekeni kwenjongo kaNkulunkulu. Abazi ukuthi wenzani manje, futhi abaqapheli ukuthi lokho ayokwenza esikhathini esizayo kuyokuthinta kanjani ukuphila kwabo. Bangase benze nephutha lokucabanga ukuthi oFakazi BakaJehova abakholelwa kuJesu. Sinelungelo lokuzama ukwenza laziwe iqiniso mayelana nalokhu.
Kanti kunabanye abangakholwa ukuthi umuntu onjengoJesu ochazwe eBhayibhelini wake waphila ngempela. Abanye bacabanga ukuthi uJesu ungumuntu nje odumile. Abaningi balichilizela eceleni iqiniso lokuthi uyiNdodana kaNkulunkulu. “Ukufakaza ngoJesu” kubantu abanjalo kudinga umzamo omkhulu, isineke, nesu.
Kungakhathaliseki ukuthi izilaleli zakho zinamuphi umbono, kudingeka zingenise ulwazi ngoJesu Kristu uma zifuna ukuzuza elungiselelweni likaNkulunkulu lokuphila okuphakade. (Joh. 17:3) Intando kaNkulunkulu eshiwo ngokucacile iwukuba bonke abaphilayo ‘bavume obala ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi’ futhi bazithobe egunyeni lakhe. (Fil. 2:9-11) Ngakho, ngeke nje simane siyishalazele le ndaba uma sithola abantu abanemibono eqinile kodwa eyiphutha noma benobandlululo nje oluqondile. Kwezinye izimo singase sikwazi ukukhuluma ngoJesu Kristu ngokukhululeka—ngisho nasekuhambeleni kokuqala—kanti kwezinye kungase kudingeke sisho amazwi anokuhlakanipha ayosiza izilaleli zethu ziqale ukucabanga ngendlela eqondile ngaye. Kungase kudingeke sicabange nezindlela zokwethula amaphuzu engeziwe ngale ndaba ekuhambeleni okulandelayo. Kodwa singase singakwazi ukuxoxa ngakho konke okuhilelekile kuze kube yilapho sesimqhubela isifundo seBhayibheli sasekhaya lowo muntu.—1 Thim. 2:3-7.
Indima KaJesu Esemqoka Enjongweni KaNkulunkulu. Kudingeka sisize abantu baqonde ukuthi njengoba uJesu ‘eyindlela’ futhi ‘kungekho oya kuYise ngaphandle kokuba aye ngaye,’ asinakuba nobuhlobo obamukelwa uNkulunkulu uma singenalo ukholo kuJesu Kristu. (Joh. 14:6) Uma umuntu engayiqapheli indima esemqoka uJehova ayabele iNdodana yakhe eyizibulo, ngeke aliqonde nhlobo iBhayibheli. Ngani? Ngoba uJehova wenza le Ndodana yakhe yaba isihluthulelo sokufezeka kwazo zonke izinjongo zaKhe. (Kol. 1:17-20) Iziprofetho zeBhayibheli zigxile kuleli qiniso. (IsAm. 19:10) UJesu Kristu kuphela oyikhambi lazo zonke izinkinga ezadalwa ukuhlubuka kukaSathane nesono sika-Adamu.—Heb. 2:5-9, 14, 15.
Ukuze aqonde indima kaKristu, umuntu kumelwe abone ukuthi abantu basesimweni esidabukisayo abangenakuzitakula kuso. Sonke sizalelwe esonweni. Lokhu kungase kusithinte ngezindlela ezihlukahlukene phakathi nesikhathi sokuphila kwethu. Ekugcineni umphumela uwukufa. (Roma 3:23; 5:12) Bonisana nalabo ofakaza kubo ngaleli qiniso. Yibe usuveza ukuthi ngomhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu, uJehova wenza ilungiselelo lokuba labo ababonisa ukholo kulo mhlatshelo bakhululwe esonweni nasekufeni. (Marku 10:45; Heb. 2:9) Lo mhlatshelo ubavulela indlela yokuba bathole ukuphila okuphakade bephelele. (Joh. 3:16, 36) Ngeke kwatholakala ngenye indlela. (IzE. 4:12) Njengomfundisi, kungakhathaliseki ukuthi ufundisa umuntu ngayedwa noma usebandleni, ungagcini nje ngokusho la maqiniso. Ngomusa nangesineke yakha ukwazisa indima kaKristu njengoMhlengi wethu ezilalelini zakho. Uma umuntu elazisa leli lungiselelo, lokho kungasithinta ngokujulile isimo sakhe sengqondo, ukuziphatha kwakhe, nemigomo yakhe ekuphileni.—2 Kor. 5:14, 15.
Yebo, uJesu wafa kanye ukuze abe isihlengo. (Heb. 9:28) Kodwa manje ukhonza njengomPristi Ophakeme. Siza abanye baqonde ukuthi kusho ukuthini lokho. Ingabe bacindezelekile, badumele, bayahlupheka, noma banezinkinga ngenxa yabantu ababazungezile abangenamusa? Ngesikhathi uJesu engumuntu, wabhekana nazo zonke lezi zinto. Uyazi ukuthi sizizwa kanjani. Ngenxa yokungapheleli, siyasibona yini isidingo sesihe sikaNkulunkulu? Uma sithandaza kuNkulunkulu sicela intethelelo ngesisekelo somhlatshelo kaJesu, uJesu uba ‘umsizi kuBaba.’ ‘Usincengela’ ngesihawu. (1 Joh. 2:1, 2; Roma 8:34) Ngesisekelo somhlatshelo kaJesu nangezinkonzo zakhe njengomPristi Ophakeme, siyakwazi ukusondela “esihlalweni sobukhosi somusa ongafanelwe” ukuze sithole usizo ngesikhathi esifanele. (Heb. 4:15, 16) Yize singaphelele, usizo esilunikezwa uJesu njengomPristi Ophakeme lusenza sikwazi ukukhonza uNkulunkulu ngonembeza ohlanzekile.—Heb. 9:13, 14.
Ngaphezu kwalokho, uJesu unegunya elikhulu njengoba emiswe uNkulunkulu ukuba abe iNhloko yebandla lobuKristu. (Math. 28:18; Efe. 1:22, 23) Njengoba ekuleso sikhundla, unikeza isiqondiso esidingekayo esihambisana nentando kaNkulunkulu. Lapho ufundisa abanye, basize baqonde ukuthi nguJesu Kristu oyiNhloko yebandla, hhayi umuntu. (Math. 23:10) Lapho uqala ukubonana nabantu abathakazelayo, bamemele emihlanganweni yebandla lakini, lapho sitadisha khona iBhayibheli ngosizo lwezincwadi ezikhishwa ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’ Bachazele ukuthi ingubani le “nceku” nokuthi ingubani iNkosi ukuze babazi ubunhloko bukaJesu. (Math. 24:45-47) Bethule kwabadala, ubachazele izimfuneko ezingokomBhalo okumelwe abadala bahlangabezane nazo. (1 Thim. 3:1-7; Thithu 1:5-9) Veza ukuthi ibandla akulona elabadala kodwa bayasisiza ukuba sihambe ezinyathelweni zikaJesu Kristu. (IzE. 20:28; Efe. 4:16; 1 Pet. 5:2, 3) Siza abathakazelayo babone ukuthi kunomphakathi ohlelekile nowomhlaba wonke osebenza ngaphansi kobunhloko bukaKristu.
EmaVangelini sifunda ukuthi ngesikhathi uJesu engena eJerusalema ngaphambi nje kokufa kwakhe, abafundi bakhe bamdumisa bethi ‘uyiLowo oza njengeNkosi egameni likaJehova!’ (Luka 19:38) Lapho abantu bejula ngokwengeziwe ekutadisheni iBhayibheli, bathola ukuthi uJehova usenikeze uJesu igunya lokubusa elithinta abantu bezizwe zonke. (Dan. 7:13, 14) Lapho unikeza izinkulumo ebandleni noma uqhuba izifundo, yenza abantu baqonde ukuthi ukubusa kukaJesu kufanele kusho ukuthini kithi sonke.
Gcizelela ukuthi indlela yethu yokuphila ibonisa ukuthi siyakukholelwa ngempela yini ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi nokuthi sizithoba ngokuzithandela yini ngaphansi kokubusa kwakhe. Gcizelela umsebenzi uJesu awunikeza abalandeli bakhe ngemva kokugcotshwa ukuba abe iNkosi. (Math. 24:14; 28:18-20) Xoxa ngalokho uJesu, uMluleki omangalisayo, akusho ngokuqondene nezinto eziza kuqala ekuphileni. (Isaya 9:6, 7; Math. 6:19-34) Khuluma ngomoya iNkosi Yokuthula eyathi abalandeli bayo bayowubonisa. (Math. 20:25-27; Joh. 13:35) Qaphela ukuba ungagabadeli wahlulele abanye ukuthi benza konke okusemandleni yini noma cha, kodwa bakhuthaze ukuba bacabangele ukuthi izenzo zabo zibonisani ngokuzithoba kwabo ebukhosini bukaKristu. Njengoba ubakhuthaza, khumbula ukuthi nawe kudingeka wenze okufanayo.
Ukubeka Isisekelo EsinguKristu. IBhayibheli lifanisa umsebenzi wokwenza umfundi ongumKristu nokwakha isakhiwo phezu kwesisekelo esinguJesu Kristu. (1 Kor. 3:10-15) Ukuze ukwenze lokhu, siza abantu bazi uJesu njengoba echazwe eBhayibhelini. Qaphela ukuba bangabheki wena njengomholi wabo. (1 Kor. 3:4-7) Baqondise kuJesu Kristu.
Uma isisekelo sibekwe kahle, abafundi bayoqaphela ukuthi uKristu wasishiyela isibonelo ‘sokuba silandele izinyathelo zakhe eduze.’ (1 Pet. 2:21) Ukuze ubenze baqaphele lokho, khuthaza abafundi ukuba bafunde amaVangeli ngenjongo yokulandela akushoyo, hhayi nje njengomlando oyiqiniso. Basize bacabangisise ngezimo zengqondo nezimfanelo ezenza uJesu wehluka. Bakhuthaze banake indlela uJesu ayezizwa ngayo ngoYise, indlela abhekana ngayo nezilingo novivinyo, indlela akubonisa ngayo ukuzithoba kuNkulunkulu, nendlela aphatha ngayo abantu ngaphansi kwezimo ezihlukahlukene. Gcizelela umsebenzi uJesu ayewenza njalo ekuphileni kwakhe. Khona-ke, kuyothi lapho umfundi kufanele enze izinqumo futhi ebhekene novivinyo ekuphileni, azibuze: ‘UJesu ubeyokwenzenjani kulesi simo? Ingabe inkambo yami izobonisa ukuthi ngikwazisa ngempela lokho angenzele kona?’
Uma ukhuluma nebandla, musa ukuphetha ngokuthi njengoba abafowenu sebenalo kakade ukholo kuJesu, asisekho isidingo sokukhuluma ngaye ngokukhethekile. Okushoyo kuyoba nesisindo ngokwengeziwe uma wakhela phezu kwalolo lukholo. Uma ukhuluma ngemihlangano, yihlobanise nendima kaJesu njengeNhloko yebandla. Uma uxoxa ngenkonzo yasensimini, gcizelela umoya uJesu awubonisa lapho enza inkonzo yakhe, futhi ukhulume ngenkonzo ngomqondo walokho uKristu njengeNkosi akwenzayo ukuze aqoqe abantu ngenjongo yokubalondoloza bangene emhlabeni omusha.
Kusobala ukuthi kudingeka okwengeziwe kunokumane umuntu afunde amaqiniso ayisisekelo ngoJesu. Ukuze abantu babe amaKristu angempela, kumelwe babe nokholo kuye futhi bamthande ngeqiniso. Uthando olunjalo luyisisusa sokulalela ngokwethembeka. (Joh. 14:15, 21) Lwenza abantu bame baqine ngaphansi kobunzima, baqhubeke behamba ezinyathelweni zikaKristu zonke izinsuku zokuphila kwabo, bazibonakalise bengamaKristu avuthiwe angathí nyaka, ‘agxilile futhi ami esisekelweni.’ (Efe. 3:17) Inkambo enjalo iletha inkazimulo kuJehova, uNkulunkulu noYise kaJesu Kristu.
“LEZI ZINDABA EZINHLE ZOMBUSO”
LAPHO enikeza imininingwane yesibonakaliso sokuba khona kwakhe nesokuphela kwalesi simiso sezinto, uJesu wabikezela: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Math. 24:14.
Siyini ngempela lesi sigijimi okumelwe simenyezelwe ezindaweni eziningi kangaka? Siphathelene noMbuso uJesu asifundisa ukuba siwuthandazele kuNkulunkulu, sithi: “Umbuso wakho mawuze.” (Math. 6:10) IsAmbulo 11:15 siwuchaza ngokuthi “umbuso weNkosi yethu [uJehova] nokaKristu wayo” ngoba igunya lokubusa lingelikaJehova futhi linikezwe uKristu njengeNkosi. Kodwa phawula ukuthi isigijimi uJesu athi siyomenyezelwa osukwini lwethu asigcini ngalokho abalandeli bakhe abakushumayela ekhulwini lokuqala. Bátshela abantu: “Umbuso kaNkulunkulu usondele kini.” (Luka 10:9) UJesu ogcotshelwe ukuba abe iNkosi, wayephakathi kwabo ngaleso sikhathi. Kodwa njengoba kulotshwe kuMathewu 24:14, uJesu wabikezela ukuthi emhlabeni wonke kwakuyomenyezelwa esinye isenzakalo sokugcwaliseka kwenjongo kaNkulunkulu.
Umprofethi uDaniyeli wanikezwa umbono walesi senzakalo. Wabona “onjengendodana yomuntu,” uJesu Kristu, amukela ‘komdala wezinsuku,’ uJehova uNkulunkulu, “ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze.” (Dan. 7:13, 14) Leso senzakalo esibalulekile ezulwini nasemhlabeni senzeka ezulwini ngonyaka ka-1914. Ngemva kwalokho, uDeveli namademoni akhe baphonswa phansi emhlabeni. (IsAm. 12:7-10) Lesi simiso esidala sezinto sase singene ezinsukwini zaso zokugcina. Kodwa singakasuswa ngokuphelele, embulungeni yonke kumenyezelwa ukuthi iNkosi kaJehova enguMesiya manje iyabusa isesihlalweni sayo sobukhosi sasezulwini. Kuyo yonke indawo abantu bayaxwayiswa. Indlela abasabela ngayo iveza ukuthi sinjani isimo sabo sengqondo ngoPhezukonke njengoMbusi ‘obusa imibuso yabantu.’—Dan. 4:32.
Yiqiniso, kusekukhulu okuzayo—kukhulu kakhulu! Sisathandaza sithi, “Umbuso wakho mawuze,” kodwa lokho akusho ukuthi uMbuso kaNkulunkulu yikhathi usazomiswa esikhathini esizayo. Kunalokho kusho ukuthi uMbuso wasezulwini uyothatha isinyathelo esiwujuqu ukuze kugcwaliseke iziprofetho ezinjengoDaniyeli 2:44 nesAmbulo 21:2-4. Uyoguqula lo mhlaba ube yipharadesi eligcwele abantu abathandanayo nabathanda uNkulunkulu. Njengoba sishumayela “lezi zindaba ezinhle zombuso,” sikhuluma ngalawo mathemba. Kodwa futhi sazisa abanye ngokuqiniseka ukuthi uJehova useyinikezile kakade iNdodana yakhe igunya eliphelele lokubusa. Ingabe uyazigcizelela lezi zindaba ezinhle lapho ufakaza ngoMbuso?
Ukuchaza UMbuso. Singawufeza kanjani umsebenzi esiwuthunyiwe wokumemezela uMbuso kaNkulunkulu? Singase sivuse isithakazelo ngokuqala izingxoxo ngezihloko ezihlukahlukene, kodwa kufanele kusheshe kucace ukuthi isigijimi sethu singuMbuso kaNkulunkulu.
Isici esibalulekile salo msebenzi sihilela ukufunda nokucaphuna imibhalo ekhuluma ngoMbuso. Lapho ukhuluma ngoMbuso, qiniseka ukuthi okhuluma nabo bayaqonda ukuthi uyini. Kungase kudingeke okwengeziwe kunokumane uthi uMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni. Abanye abantu bangase bakuthole kunzima ukucabanga ukuthi into engabonakali inguhulumeni. Ungase ubonisane nabo ngezindlela eziningi. Ngokwesibonelo, amandla adonsela phansi awabonakali, kodwa anomphumela onamandla ekuphileni kwethu. Asimboni Lowo owenza umthetho wamandla adonsela phansi, kodwa kusobala ukuthi unamandla amakhulu. IBhayibheli limbiza ngokuthi “iNkosi engunaphakade.” (1 Thim. 1:17) Noma ungase uthi ezweni elikhulu, abantu abaningi abakaze baye enhloko-dolobha noma babone umbusi wabo ngamehlo. Bezwa ngaye ezindabeni. Ngokufanayo, iBhayibheli elikhishwe ngezilimi ezingaphezu kuka-2 200, lisitshela ngoMbuso kaNkulunkulu; lisitshela ukuthi obani abaphathiswe igunya nokuthi wenzani lo Mbuso. INqabayokulinda ekhishwa ngezilimi eziningi ngaphezu kwamanye amaphephabhuku, ‘iMemezela UMbuso KaJehova’ nje kuphela, njengoba kushiwo esembozweni sayo.
Ukuze usize abantu baqonde ukuthi uyini uMbuso, ungase ubalule ezinye zezinto abafuna ohulumeni babalethele zona: ukulondeka kwezomnotho, ukuthula, ukungahlushwa ubugebengu, ukungabandlululwa kwawo wonke amaqembu ezizwe, imfundo, nokunakekela impilo. Veza ukuthi nguMbuso kaNkulunkulu kuphela oyokwanelisa zonke lezi zifiso ezinhle zesintu kanye nezinye.—IHu. 145:16.
Zama ukwakha kubantu isifiso sokuba yizikhonzi zalo Mbuso, lowo uJesu Kristu abusa njengeNkosi yawo. Yisho ukuthi izimangaliso azenza ziyisandulela salokho ayokwenza njengeNkosi yasezulwini. Zijwayeze ukukhuluma ngezimfanelo ezikhangayo azibonisa. (Math. 8:2, 3; 11:28-30) Chaza ukuthi wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yethu nokuthi ngemva kwalokho uNkulunkulu wamvusela ekuphileni okungenakufa emazulwini. Yilapho lapho ebusa khona njengeNkosi.—IzE. 2:29-35.
Gcizelela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uyabusa manje emazulwini. Kodwa khumbula ukuthi abantu abaningi abaziboni izimo abacabanga ukuthi ziyoba ubufakazi bokubusa kwawo. Vumelana nabo, bese uyababuza ukuthi bayazi yini ukuthi uJesu Kristu wathi buyoba yini ubufakazi balokho. Qokomisa ezinye zezici zesibonakaliso esikuMathewu isahluko 24, uMarku isahluko 13, noma uLuka isahluko 21. Yibe usubuza ukuthi kungani ukuhlala kukaKristu esihlalweni sobukhosi ezulwini kwakuyoholela kulezi zimo emhlabeni. Baqondise encwadini yesAmbulo 12:7-10, 12.
Ukuze uveze isibonelo esingokoqobo salokho uMbuso kaNkulunkulu okwenzayo, funda uMathewu 24:14, uchaze isimiso semfundo yeBhayibheli esiqhutshwa manje embulungeni yonke. (Isaya 54:13) Tshela abantu ngezikole ezihlukahlukene oFakazi BakaJehova abazuza kuzo—zonke ezisekelwe eBhayibhelini, futhi zonke eziqhutshwa mahhala. Chaza ukuthi ngalé kwenkonzo yethu yendlu ngendlu, sinikeza abantu ngabanye nemikhaya imfundo yeBhayibheli yasekhaya yamahhala emazweni angaphezu kuka-230. Yimuphi uhulumeni wabantu okwazi ukulungiselela isimiso esikhulu kangako semfundo, engasilungiseleli nje izikhonzi zawo kuphela kodwa nabo bonke abantu emhlabeni jikelele? Mema abantu ukuba beze eHholo LoMbuso, baye emihlanganweni emikhulu nemincane yoFakazi BakaJehova, ukuze bazibonele ubufakazi bendlela leyo mfundo eshintsha ngayo ukuphila kwabantu.—Isaya 2:2-4; 32:1, 17; Joh. 13:35.
Kodwa ingabe umninikhaya uyobona ukuthi okwakhe ukuphila kuthinteka kanjani? Ngokuhlakanipha ungase uveze ukuthi injongo yokumhambela kwakho iwukuxoxa ngethuba elivulekele bonke abantu lokukhetha ukuphila njengezikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu. Kanjani? Ngokufunda ukuthi yini uNkulunkulu ayifunayo futhi uphile ngokuvumelana nalokho manje.—Dut. 30:19, 20; IsAm. 22:17.
Ukusiza Abanye Babeke UMbuso Kuqala. Ngisho nalapho umuntu esesamukele isigijimi soMbuso, kusenezinqumo okusamelwe azenze. UMbuso kaNkulunkulu uyoba kuyiphi indawo ekuphileni kwakhe? UJesu wanxusa abafundi bakhe ukuba ‘baqhubeke befuna kuqala umbuso.’ (Math. 6:33) Singawasiza kanjani amanye amaKristu esikanye nawo ukuba enze lokho? Ngokuba thina ngokwethu sibeke isibonelo esihle futhi sixoxe ngamathuba asivulekele. Ngezinye izikhathi singambuza umuntu ukuthi ukucabangele yini ukuthatha izinyathelo ezithile, kanti futhi singabaxoxela okuhlangenwe nakho okubonisa lokho abanye abakwenzayo. Singaxoxa ngezindaba eziseBhayibhelini ngendlela eyojulisa uthando lomuntu ngoJehova. Sigcizelele ukuthi uMbuso ungokoqobo. Ngokugcizelela indlela obaluleke ngayo umsebenzi wokumemezela uMbuso. Ngokuvamile impumelelo itholakala ngokwakha kubantu isifiso sokwenza lokho okudingeka kwenziwe, hhayi ngokubatshela ukuthi yini okudingeka yenziwe.
Akukho kungabaza ngokuthi isigijimi esisemqoka okumelwe sonke sisimemezele sigxile ngokuyinhloko kuJehova uNkulunkulu, uJesu Kristu, noMbuso. Amaqiniso asemqoka aphathelene nalokhu kufanele siwagcizelele lapho sifakaza obala, emabandleni ethu, nasekuphileni kwethu okuvamile. Uma senza kanjalo, sibonisa ukuthi siyazuza ngempela emfundweni yeSikole sethu Senkonzo Esingokwasezulwini.