ISahluko 31
Imisebenzi KaJehova—Mikhulu Futhi Iyamangalisa
Umbono 10—IsAmbulo 15:1–16:21
Isihloko: UJehova endlini yakhe engcwele; izitsha eziyisikhombisa zolaka lwakhe zithululelwa emhlabeni
Isikhathi sokugcwaliseka: Kusukela ngo-1919 kuya e-Armagedoni
1, 2. (a) Yisiphi isibonakaliso sesithathu uJohane asibikayo? (b) Iyiphi indima yezingelosi ebilokhu yaziwa izinceku zikaJehova?
OWESIFAZANE ubeletha umntwana wesilisa! Udrako omkhulu ufuna ukushwabadela lowo mntwana! Lezo zibonakaliso ezimbili zasezulwini, ezivezwe ngokucace kangaka kusAmbulo isahluko 12, zisibonise ngokucacile ukuthi impikiswano endala ehilela iNzalo yowesifazane kaNkulunkulu noSathane nenzalo yakhe yobudemoni ifinyelela umvuthwandaba wayo. Lapho eqokomisa lezi zimpawu, uJohane uthi: “Kwabonakala isibonakaliso esikhulu ezulwini . . . Kwabonakala esinye isibonakaliso.” (IsAmbulo 12:1, 3, 7-12) Manje uJohane ubika isibonakaliso sesithathu: “Ngabona ezulwini esinye isibonakaliso, esikhulu futhi esimangalisayo, izingelosi eziyisikhombisa zinezinhlupho eziyisikhombisa. Lezi zingezokugcina, ngoba intukuthelo kaNkulunkulu ipheleliswa ngazo.” (IsAmbulo 15:1) Lesi sibonakaliso sesithathu naso sibalulekile ezincekwini zikaJehova.
2 Phawula izindima ezibalulekile izingelosi ezinazo futhi ekufezeni intando kaNkulunkulu. Sekuyisikhathi eside izinceku zikaJehova zilazi leli qiniso. Phela, ngaphansi kokuphefumulelwa umhubi wasendulo waze wakhuluma nalezo zingelosi, ezikhuthaza: “Mbongeni uJehova, nina zingelosi zakhe, eninamandla amakhulu, enifeza izwi lakhe, ngokulalela iphimbo lezwi lakhe”! (IHubo 103:20) Manje, kulo mbono omusha, izingelosi zabelwa ukuba zithulule izinhlupho zokugcina eziyisikhombisa.
3. Ziyini izinhlupho eziyisikhombisa, futhi kubonisani ukuthululwa kwazo?
3 Ziyini lezi zinhlupho? Njengokukhala kwecilongo okuyisikhombisa, ziyizimemezelo ezibuhlungu zezahlulelo ezimemezela umbono kaJehova ngezingxenye ezihlukahlukene zaleli zwe futhi ezixwayisa ngomphumela wokugcina wezinqumo zakhe. (IsAmbulo 8:1–9:21) Ukuthululwa kwazo kubhekisela ekukhishweni kwalezo zahlulelo, lapho izisulu zolaka lukaJehova zibhujiswa ngosuku lwentukuthelo yakhe evuthayo. (Isaya 13:9-13; IsAmbulo 6:16, 17) Kanjalo, “intukuthelo kaNkulunkulu ipheleliswa” ngazo. Kodwa ngaphambi kokuchaza ukuthululwa kwezinhlupho, uJohane usitshela ngabantu abathile abangeke bathintwe kabuhlungu yizo. Sebelunqabile uphawu lwesilo, laba abathembekile bahlabelela izindumiso zikaJehova njengoba bememezela usuku lwakhe lwempindiselo.—IsAmbulo 13:15-17.
Ingoma KaMose NeyeWundlu
4. Yini manje uJohane ayibonayo?
4 Manje uJohane ubona umbono omangalisayo: “Ngabona okwakusengathi ulwandle lwengilazi kuxubene nomlilo, nalabo abasinqobayo isilo sasendle nomfanekiso waso nesibalo segama laso bemi ngasolwandle olusangilazi, benamahabhu kaNkulunkulu.”—IsAmbulo 15:2.
5. Yini efanekiselwa ‘ulwandle lwengilazi luxubene nomlilo’?
5 “Ulwandle lwengilazi” kuseyilo lolo uJohane alubona ekuqaleni, luphambi kwesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. (IsAmbulo 4:6) Luyefana ‘nolwandle olubunjiwe’ (isitsha samanzi) lwethempeli likaSolomoni, lapho abapristi babethola khona amanzi okugeza. (1 AmaKhosi 7:23) Kanjalo luyisifanekiselo esihle ‘sokugeza ngamanzi,’ okungukuthi, ngeZwi likaNkulunkulu, uJesu ahlanza ngalo ibandla lobupristi lamaKristu agcotshiwe. (Efesu 5:25, 26; Hebheru 10:22) Lolu lwandle lwengilazi ‘luxubene nomlilo,’ okubonisa ukuthi laba abagcotshiwe bayavivinywa futhi bahlanzwe njengoba bethobela indinganiso ephakeme ababekelwe yona. Futhi, lusikhumbuza ukuthi iZwi likaNkulunkulu liqukethe namazwi ezahlulelo ezinjengomlilo ezitheni zakhe. (Duteronomi 9:3; Zefaniya 3:8) Ezinye zalezi zahlulelo ezinjengomlilo zibonakaliswa ezinhluphweni zokugcina eziyisikhombisa esezizothululwa.
6. (a) Bangobani abahlabeleli abami phambi kolwandle lwengilazi lwasezulwini, futhi sazi kanjani? (b) ‘Banqobe’ ngayiphi indlela?
6 Iqiniso lokuthi ulwandle olubunjiwe ethempelini likaSolomoni lwalungolokusetshenziswa abapristi libonisa ukuthi abahlabeleli abami phambi kolwandle lwengilazi lwasezulwini bangabesigaba sabapristi. Baphethe “amahabhu kaNkulunkulu,” futhi ngaleso sizathu sibahlanganisa nabadala abangu-24 nabangu-144 000, njengoba la maqembu nawo ehlabelela ngamahabhu. (IsAmbulo 5:8; 14:2) Abahlabeleli uJohane ababonayo “abasinqobayo isilo sasendle nomfanekiso waso nesibalo segama laso.” Ngakho kumelwe ukuba bangabanye babangu-144 000 abaphila emhlabeni phakathi nezinsuku zokugcina. Njengeqembu, ngempela bayanqoba. Iminyaka ecela kwengu-90 kusukela ngo-1919, baye benqaba ukwamukela uphawu lwesilo noma ukuthembela emfanekisweni waso njengowukuphela kwethemba lesintu lokuthula. Abaningi babo kakade sebeye bakhuthazela bethembekile kwaze kwaba sekufeni, futhi laba, manje asebesezulwini, ngokungangabazeki balandela ngenjabulo ekhethekile ukuhlabelela kwabafowabo abasesemhlabeni.—IsAmbulo 14:11-13.
7. Ihabhu lalisetshenziswa kanjani kwa-Israyeli wasendulo, futhi kufanele kusithinte kanjani ukuba khona kwamahabhu kaNkulunkulu embonweni kaJohane?
7 Laba banqobi abathembekile baphethe amahabhu kaNkulunkulu. Kulokhu, bafana namaLevi asendulo asethempelini, ayekhulekela uJehova ngokuhlabelela ehambisana namahabhu. Abanye babeprofetha behambisana namahabhu. (1 IziKronike 15:16; 25:1-3) Imvunge emnandi yehabhu yayinandisa izingoma zika-Israyeli zenjabulo nemithandazo yokudumisa nokubonga uJehova. (1 IziKronike 13:8; IHubo 33:2; 43:4; 57:7, 8) Ezikhathini zokucindezeleka noma ukuthunjwa, ihabhu lalingezwakali. (IHubo 137:2) Ukuba khona kwamahabhu kaNkulunkulu kulo mbono kufanele kuvuse ukulangazelela kwethu ukuzwa ingoma yenjabulo, yokunqoba edumisa futhi ibonge uNkulunkulu wethu.a
8. Iyiphi ingoma ehlatshelelwayo, futhi athini amazwi ayo?
8 Yilokho uJohane akubikayo: “Bahlabelela ingoma kaMose inceku kaNkulunkulu nengoma yeWundlu, bathi: ‘Mikhulu iyamangalisa imisebenzi yakho, Jehova Nkulunkulu, Mninimandla onke. Zilungile futhi ziyiqiniso izindlela zakho, Nkosi yaphakade. Ubani ongeke ngempela akwesabe, Jehova, akhazimulise igama lakho, ngoba wena wedwa uthembekile? Ngoba zonke izizwe ziyokuza zikhuleke phambi kwakho, ngoba izinqumo zakho ezilungileyo zibonakalisiwe.’”—IsAmbulo 15:3, 4.
9. Kungani le ngoma ibizwa, ngokwengxenye, ngokuthi “ingoma kaMose”?
9 Laba banqobi bahlabelela “ingoma kaMose,” okungukuthi, ingoma efana naleyo uMose ayihlabelela ezimweni ezifanayo. Ngemva kokuba ama-Israyeli ebone izinhlupho eziyishumi eGibhithe nokubhujiswa kwamabutho aseGibhithe oLwandle Olubomvu, uMose wawahola engomeni enjalo yokudumisa uJehova ngokunqoba, ememezela: “UJehova uyobusa njengenkosi kuze kube nini nanini, kuze kube phakade.” (Eksodusi 15:1-19) Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuthi abahlabeleli embonweni kaJohane, abanqoba isilo futhi abahileleke ekumemezeleni izinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, nabo bahlabelelele ‘iNkosi engunaphakade’!—1 Thimothewu 1:17.
10. Iyiphi enye ingoma eyaqanjwa uMose, futhi ivesi layo lokugcina lihlangene kanjani nesixuku esikhulu sanamuhla?
10 Kwenye ingoma, eyaqanjwa lapho u-Israyeli elungela ukunqoba iKhanani, uMose osegugile watshela leso sizwe: “Ngizolimemezela igama likaJehova. Mnikeni ubukhulu uNkulunkulu wethu!” Ivesi lokugcina lale ngoma lanikeza futhi isikhuthazo kwabangesiwo ama-Israyeli, futhi amazwi kaMose aphefumlelwe aze afinyelele nasesixukwini esikhulu sanamuhla: “Thokozani nina zizwe, kanye nesizwe sakhe.” Kungani kufanele zithokoze? Ngoba manje uJehova “uyophindisela igazi lezinceku zakhe, futhi uyophindisela kwabaphikisana naye.” Lokhu kukhishwa kwesahlulelo sokulunga kuyoletha injabulo kubo bonke abathembela kuJehova.—Duteronomi 32:3, 43; Roma 15:10-13; IsAmbulo 7:9.
11. Ingoma uJohane ayizwa iqhubeka kanjani igcwaliseka?
11 Yeka indlela uMose ngokwakhe ayeyojabula ngayo ukuba sosukwini lweNkosi manje, ehlabelela kanye neqembu labahlabeleli basezulwini: “Zonke izizwe ziyokuza zikhuleke phambi kwakho”! Leyo ngoma emangalisayo iyaqhubeka igcwaliseka ngokumangalisayo namuhla njengoba sibona, hhayi nje embonweni kodwa ngokoqobo, izigidi ezivela ‘ezizweni’ manje ezithutheleka ngenjabulo enhlanganweni kaJehova yasemhlabeni.
12. Kungani ingoma yabanqobayo ibizwa futhi ngokuthi ‘ingoma yeWundlu’?
12 Nokho, le ngoma akuyona ekaMose kuphela kodwa futhi ‘ngeyeWundlu.’ Kanjani? UMose wayengumprofethi kaJehova kwa-Israyeli, kodwa uMose ngokwakhe waprofetha ukuthi uJehova wayeyovusa umprofethi onjengaye. Lona wabonakala eyiWundlu, uJesu Kristu. Njengoba uMose ‘ayeyinceku kaNkulunkulu,’ uJesu wayeyiNdodana kaNkulunkulu, ngamanye amazwi, enguMose Omkhulu. (Duteronomi 18:15-19; IzEnzo 3:22, 23; Hebheru 3:5, 6) Ngakho, abahlabeleli bahlabelela futhi ‘ingoma yeWundlu.’
13. (a) UJesu ufana kanjani noMose, nakuba emkhulu kunaye? (b) Singahlanganyela kanjani nabahlabeleli?
13 NjengoMose, uJesu wahlabelela obala izindumiso zikaNkulunkulu futhi waprofetha ngokunqoba kwaKhe zonke izitha. (Mathewu 24:21, 22; 26:30; Luka 19:41-44) UJesu naye wabheka phambili esikhathini lapho izizwe zaziyoza zizodumisa uJehova, futhi ‘njengeWundlu likaNkulunkulu’ elizidelayo, wabeka phansi ukuphila kwakhe kobuntu ukuze enze lokhu kube nokwenzeka. (Johane 1:29; IsAmbulo 7:9; qhathanisa no-Isaya 2:2-4; Zakariya 8:23.) Futhi njengoba nje uMose azisa igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, futhi walidumisa lelo gama, kanjalo uJesu wenza igama likaNkulunkulu laziwa. (Eksodusi 6:2, 3; IHubo 90:1, 17; Johane 17:6) Njengoba uJehova ethembekile, izithembiso zakhe ezikhazimulayo ngokuqinisekile ziyogcwaliseka. Khona-ke, ngokuqinisekile simunye nalaba bahlabeleli abathembekile, neWundlu, kanye noMose, ekusekeleni amazwi ale ngoma: “Ubani ongeke ngempela akwesabe, Jehova, akhazimulise igama lakho?”
Izingelosi Nezitsha
14. Obani uJohane ababona bevela endlini engcwele, futhi banikwani?
14 Kungokufanelekayo ukuba sizwe ingoma yalaba banqobi abagcotshiwe. Ngani? Ngoba baye bamemezela emhlabeni izahlulelo eziqukethwe ezitsheni ezazigcwele ulaka lukaNkulunkulu. Kodwa ukuthululwa kwalezi zitsha kuhilela okungaphezu kwabantu nje, njengoba uJohane eqhubeka ebonisa: “Ngemva kwalezi zinto, ngabona indlu engcwele yetende lobufakazi ezulwini ivulekile, izingelosi eziyisikhombisa ezinezinhlupho eziyisikhombisa zaqhamuka ziphuma kule ndlu engcwele, zigqoké ilineni elihlanzekile, elikhanyayo futhi ezifubeni zibophe amabhande egolide. Esinye sezidalwa ezine eziphilayo sanika izingelosi eziyisikhombisa izitsha eziyisikhombisa zegolide ezazigcwele intukuthelo kaNkulunkulu, ophila kuze kube phakade naphakade.”—IsAmbulo 15:5-7.
15. Kungani kungamangalisi ukuthi izingelosi eziyisikhombisa zivela endlini engcwele?
15 Ngokuqondene nethempeli lakwa-Israyeli, elalinezifanekiselo zezinto zasezulwini, umpristi ophakeme kuphela owayengangena eNgcwelengcwele, lapha ebizwa ngokuthi “indlu engcwele.” (Hebheru 9:3, 7) Imelele indawo yokuba khona kukaJehova ezulwini. Nokho, ezulwini ngokwalo akusiye umPristi Ophakeme uJesu Kristu kuphela onelungelo lokungena phambi kukaJehova kodwa nezingelosi ziyangena. (Mathewu 18:10; Hebheru 9:24-26) Khona-ke, akumangalisi ukuthi izingelosi eziyisikhombisa zibonakala ziphuma ethempelini ezulwini. Zithunywe uJehova uNkulunkulu ngokwakhe ethi: Thululani izitsha ezigcwele ulaka lukaNkulunkulu.—IsAmbulo 16:1.
16. (a) Yini ebonisa ukuthi izingelosi eziyisikhombisa ziwufanelekela kahle umsebenzi wazo? (b) Yini ebonisa ukuthi abanye bahilelekile emsebenzini omkhulu wokuthululwa kwezitsha ezingokomfanekiso?
16 Lezi zingelosi ziwufanelekela kahle lo msebenzi. Zembethe ilineni elihlanzekile, elikhazimulayo, okubonisa ukuthi zihlanzekile ngokomoya futhi zingcwele, zilungile emehlweni kaJehova. Futhi zifake amabhande egolide. Ngokuvamile amabhande asetshenziswa lapho umuntu ebhukulela umsebenzi okumelwe ufezwe. (Levitikusi 8:7, 13; 1 Samuweli 2:18; Luka 12:37; Johane 13:4, 5) Ngakho lezi zingelosi zibhukulele ukufeza isabelo. Ngaphezu kwalokho, amabhande azo awegolide. Etabernakele lasendulo, igolide lalisetshenziselwa ukuba limelele izinto zaphezulu, zasezulwini. (Hebheru 9:4, 11, 12) Lokho kusho ukuthi lezi zingelosi zinenkonzo yaphezulu, eyigugu okumelwe ziyenze. Nabanye futhi bahilelekile kulo msebenzi omkhulu. Esinye sezidalwa ezine eziphilayo sizinikeza izitsha uqobo. Ngokungangabazeki, lesi kwakuyisidalwa sokuqala esiphilayo, esasifana nengonyama, esifanekisela isibindi esingenakwehluleka esidingekile ekumemezeleni izahlulelo zikaJehova.—IsAmbulo 4:7.
UJehova Endaweni Yakhe Engcwele
17. Yini uJohane asitshela yona ngendawo engcwele, futhi lokho kusikhumbuza kanjani ngendlu engcwele kwa-Israyeli wasendulo?
17 Ekugcineni, ephetha le ngxenye yombono, uJohane uyasitshela: “Indawo engcwele yagcwala umusi ngenxa yenkazimulo kaNkulunkulu nangenxa yamandla akhe, akekho owakwazi ukungena endlini engcwele kwaze kwaphela izinhlupho eziyisikhombisa zezingelosi eziyisikhombisa.” (IsAmbulo 15:8) Zaziba khona izikhathi emlandweni ka-Israyeli lapho ifu lalimboza indlu engcwele engokoqobo, futhi lokhu kubonakaliswa kwenkazimulo kaJehova kwakuvimbela abapristi ukuba bangene lapho. (1 AmaKhosi 8:10, 11; 2 IziKronike 5:13, 14; qhathanisa no-Isaya 6:4, 5.) Lezi kwakuyizikhathi lapho uJehova ayehileleke kakhulu ezenzakalweni emhlabeni.
18. Izingelosi eziyisikhombisa ziyobuyela nini ukuyobika kuJehova?
18 UJehova futhi unesithakazelo esijulile ezintweni ezenzeka emhlabeni manje. Ufuna ukuba izingelosi eziyisikhombisa zifeze isabelo sazo. Yisikhathi esingumvuthwandaba sesahlulelo, njengoba sichazwe kumaHubo 11:4-6: “UJehova usethempelini lakhe elingcwele. UJehova—isihlalo sakhe sobukhosi sisemazulwini. Amehlo akhe ayabona, amehlo akhe akhanyayo ahlola abantwana babantu. UJehova ngokwakhe uhlola olungile kanye nomubi, futhi ngokuqinisekile umphefumulo wakhe uyamzonda umuntu othanda ubudlova. Uyonisela ababi izicupho, umlilo nesibabule nomoya ohangulayo, njengesabelo sendebe yabo.” Kuze kube yilapho lezi zinhlupho eziyisikhombisa sezithululelwe kwababi, izingelosi eziyisikhombisa ngeke zibuyele endaweni ephakeme phambi kukaJehova.
19. (a) Yimuphi umyalo okhishwayo, futhi ukhishwa ngubani? (b) Kumelwe ukuba kwaqala nini ukuthululwa kwezitsha ezingokomfanekiso?
19 Kuzwakala umyalo owesabisayo: “Ngezwa izwi elikhulu livela endlini engcwele lithi ezingelosini eziyisikhombisa: ‘Hambani niyothululela izitsha eziyisikhombisa zentukuthelo kaNkulunkulu emhlabeni.’” (IsAmbulo 16:1) Ubani okhipha lo myalo? Kumelwe kube uJehova ngokwakhe, njengoba ukukhazimula kwenkazimulo yakhe namandla kuvimbele noma ubani omunye ukuba angene endlini engcwele. UJehova weza ethempelini lakhe elingokomoya ezokwahlulela ngo-1918. (Malaki 3:1-5) Khona-ke, kumelwe ukuba wawukhipha ngokushesha ngemva kwaleso sikhathi umyalo wokuthulula izitsha zolaka lukaNkulunkulu. Eqinisweni, izahlulelo ezisezitsheni ezingokomfanekiso zaqala ukumenyezelwa ngamandla ngo-1922. Futhi ukumenyezelwa kwazo kwenyukela ezingeni eliphezulu namuhla.
Izitsha Nokukhala Kwecilongo
20. Izitsha zolaka lukaJehova zembulani futhi zixwayisa ngani, futhi zithululwa kanjani?
20 Izitsha zolaka lukaJehova zembula izici zomhlaba njengoba uJehova ezibhekile futhi zixwayisa ngezahlulelo uJehova azozikhipha. Izingelosi zithulula izitsha ngokusebenzisa ibandla lamaKristu agcotshiwe emhlabeni, labo abahlabelela ingoma kaMose nengoma yeWundlu. Nakuba simemezela uMbuso njengezindaba ezinhle, isigaba sikaJohane siye sembula ngesibindi okuqukethwe yilezi zitsha zolaka. (Mathewu 24:14; IsAmbulo 14:6, 7) Kanjalo, isigijimi saso esimbaxambili siye saba esinokuthula lapho simemezela inkululeko esintwini kodwa saba njengempi lapho sixwayisa ‘ngosuku lwempindiselo kaNkulunkulu wethu.’—Isaya 61:1, 2.
21. Izisulu zezitsha ezine zokuqala zentukuthelo kaNkulunkulu zifana kanjani nezisulu zokukhala kwamacilongo amane okuqala, futhi zihluka kukuphi?
21 Izisulu zezitsha zokuqala ezine zolaka lukaNkulunkulu ziyefana nalezo zokukhala kwamacilongo amane okuqala, okungukuthi, umhlaba, ulwandle, imifula nemithombo yamanzi, nemithombo yasezulwini yokukhanya. (IsAmbulo 8:1-12) Kodwa ukukhala kwecilongo kwamemezela izinhlupho “engxenyeni yesithathu,” kuyilapho yonke into ithinteka ngokuthululwa kwezitsha zolaka lukaNkulunkulu. Kanjalo, nakuba kuye kwabhekiswa ukunakekela kuqala kweLobukholwa, ‘njengengxenye yesithathu,’ phakathi nosuku lweNkosi, akukho neyodwa ingxenye yesimiso sikaSathane eye yakhululeka ekuhlushweni izigijimi ezikhathazayo zesahlulelo sikaJehova nosizi ezilulethayo.
22. Kwakuhluke kanjani ukukhala kwamacilongo amathathu okugcina, futhi kuhlangene kanjani nezitsha ezintathu zokugcina zolaka lukaJehova?
22 Ukukhala kwamacilongo amathathu okugcina kwakwehlukile, njengoba kwakubizwa ngokuthi omaye. (IsAmbulo 8:13, 9:12) Ababili bokuqala balaba ikakhulukazi babeyisikhonyane namabutho abagibele amahhashi, kuyilapho owesithathu wethula ukuzalwa koMbuso kaJehova. (IsAmbulo 9:1-21; 11:15-19) Njengoba sizobona, izitsha ezintathu zokugcina zolaka lwakhe nazo zihlanganisa ezinye zalezi zici, kodwa zihlukile kancane komaye abathathu. Manje ake sibhekisise izambulo ezivusa amadlingozi eziwumphumela wokuthululwa kwezitsha zentukuthelo kaJehova.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokuthakazelisayo, ngo-1921 isigaba sikaJohane sakhipha incwadi yokutadisha iBhayibheli ethi The Harp of God, eyasakazwa ngamakhophi angaphezu kwezigidi ezinhlanu ngezilimi ezingaphezu kuka-20. Yasiza ekuletheni abahlabeleli abagcotshiwe abengeziwe.