-
Intukuthelo KaNkulunkulu IyapheleliswaIsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
-
-
Ngezwa ingelosi ephezu kwamanzi ithi: ‘Wena, okhona nowawukhona, othembekileyo, ulungile, ngoba ukhiphé lezi zahlulelo, ngoba bathulula igazi labangcwele nelabaprofethi, futhi ubaniké igazi ukuba baliphuze. Kubafanele.’
-
-
Intukuthelo KaNkulunkulu IyapheleliswaIsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
-
-
10. Yini “ingelosi ephezu kwamanzi” eyenza yaziwe, futhi yibuphi ubufakazi “i-altare” elibunezelayo?
10 “Ingelosi ephezu kwamanzi,” okungukuthi, ingelosi ethulula lesi sitsha emanzini, idumisa uJehova njengoMahluleli Wendawo Yonke, ozinqumo zakhe zokulunga ziphelele. Ngakho, ithi ngalokhu kwahlulelwa: “Kubafanele.” Ngokungangabazeki, le ngelosi ngokwayo ibingufakazi wokuningi ukuchithwa kwegazi nonya obekushoshozelwa ezinkulungwaneni zeminyaka edlule yizimfundiso zamanga namafilosofi aleli zwe elikhohlakele. Ngakho, iyazi ukuthi isahlulelo sikaJehova silungile.
-