-
Intukuthelo KaNkulunkulu IyapheleliswaIsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
-
-
kodwa bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yezinhlungu nangenxa yezilonda zabo, futhi abazange baphenduke emisebenzini yabo.”—IsAmbulo 16:10b, 11.
-
-
Intukuthelo KaNkulunkulu IyapheleliswaIsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
-
-
19. Ngokuvumelana nesAmbulo 16:10, 11, kubangelani ukudalulwa obala kukaSathane njengonkulunkulu walesi simiso sezinto?
19 Njengombusi wezwe, uSathane uye wabangela ukungathokozi nokuhlupheka okukhulu. Indlala, izimpi, ubudlova, ubugebengu, ukusetshenziswa kabi kwemilaliso, ukuziphatha okubi, izifo ezithathelwana ngobulili, ukungathembeki, ubuzenzisi obungokwenkolo—lokhu nokunye okwengeziwe kuyizimpawu zesimiso sezinto sikaSathane. (Qhathanisa nabaseGalathiya 5:19-21.) Noma kunjalo, ukudalulwa kukaSathane njengonkulunkulu walesi simiso sezinto kwabangela ubuhlungu nokukhungatheka kulabo abaphila ngezindinganiso zakhe. “Baqala ukuziluma ulimi ngenxa yobuhlungu babo,” ikakhulukazi kweLobukholwa. Abaningi kuyabacasula ukuthi iqiniso lidalula indlela yabo yokuphila. Abanye balithola lisongela, bese beshushisa labo abalisakazayo. Bayawenqaba uMbuso kaNkulunkulu futhi bathuka igama likaJehova elingcwele. Isimo sabo esingokwenkolo esigulayo, esinezilonda sibekwe obala, ngalokho bahlambalaza uNkulunkulu wezulu. Cha, ‘abaphenduki emisebenzini yabo.’ Ngakho asinakulindela ukuphenduka kwabantu bonke ngaphambi kokuphela kwalesi simiso sezinto.—Isaya 32:6.
-