Part 8—Ukubusa Isikhathi Eside Kwemibuso Yezwe Kusondela Ekupheleni Kwakho
IBhayibheli likhuluma ngemibuso yezwe emikhulu eyisikhombisa—imibuso enamandla eye yalandelana izinkulungwane zeminyaka zomlando wezwe. Izihloko ezidlule kuloluchungechunge ziye zabonisa ukuthi siphila esikhathini sokuphela kwayo—uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika wosuku lwethu.a—IsAmbulo 17:9, 10.
LoMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika ofanayo ngaphambili uchazwe encwadini yeSambulo njengesilo ‘esinezimpondo ezimbili.’ Lombuso wezwe ombaxambili ‘uthi kwabakhileyo emhlabeni mabasenzele umfanekiso’ isilo esingokombangazwe esimelela yonke imibuso yezwe eyisikhombisa.—IsAmbulo 13:11, 14.
Leziprofetho zagcwaliseka kanjani, futhi zisho ukuthini kithi namuhla? Impendulo ethakazelisayo iyingxoxo yesihloko esilandelayo.
NJENGOBA iminyaka emine eyesabekayo yeMpi Yezwe I yayisondela ekupheleni, umongameli waseMelika uWoodrow Wilson nondunankulu waseBrithani uDavid Lloyd George bahlongoza iNhlangano Yezizwe. Umgomo wayo ‘wawungukuletha ukuthula nokulondeka komhlaba wonke’ futhi ngaleyondlela yenze ukwesatshwa kwempi enjalo kungaphinde kubekhona futhi.
Kuyathakazelisa ukuphawula ukuthi ubani owathatha lesinyathelo kuqala. Labaholi ababili babeyizinhloko zezingxenye ezimbili zoMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika, ongowesikhombisa womlando weBhayibheli. Lokhu kanye namanye amaqiniso ngokuqondene neNhlangano yokuthula nokulondeka komhlaba wonke kufanelana, ngendlela emangalisayo, nalokho incwadi yeBhayibheli yeSambulo eyakusho ngokuba khona isikhathi esifushane “kwenkosi yesishiyagalombili” eyayiyokuma futhi iwe osukwini lwethu. Kwakuyikuphi okunye kwalokhu kufana okuthakazelisayo?—IsAmbulo 17:11.
Isiprofetho esikusAmbulo saveza ukuthi “isilo” noma uhulumeni onamandla, ‘onezimpondo ezimbili ezifana nezewundlu’ uyotshela ‘abakhileyo emhlabeni basenzele umfanekiso’ isilo esafanekisela imibuso yezwe emikhulu eyisikhombisa yomlando weBhayibheli.
Lokhu yikho kanye uMbuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika owakwenza. Wagqugquzela “abakhileyo emhlabeni” ukuba benze iNhlangano eyayifana futhi yenza ngendlela ohulumeni abakhulu abenza ngayo. Kodwa empeleni yayimane ‘ingumfanekiso wesilo.’ Yayingenawo amandla ngokwayo, ngaphandle kwalawo eyayiwanikezwe izizwe ezingamalungu ayo. Ayichazwa njengethatha amandla okubusa ngokunqoba okukhulu kwempi, njengoba imibuso yezwe yayenzile. Kunalokho, ivela emibusweni yezwe eyisikhombisa. Akukhona nje ukuthi ikhona ngenxa yowesikhombisa kuphela, kodwa futhi kunangenxa yezinye izizwe ezingamalungu ezihlanganisa insali yemibuso eyisithupha eyandulelayo. Ingabe lomfanekiso ongokwezombangazwe uyoyifinyelela imigomo ephakeme leyo abasunguli bayo ababethemba ukuyifinyelela?—IsAmbulo 17:11, 14.
Ukwehluleka KweNhlangano
INhlangano Yezizwe yafeza okuningi kakhulu emikhakheni yezenhlalo. Nokho, umgomo wayo wangempela, njengoba uboniswe ‘eSivumelwaneni sayo seNhlangano Yezizwe’ esingokomthetho, ‘kwakuwukuthuthukisa ukubambisana kwezizwe zonke nokufinyelela ukuthula nokulondeka komhlaba wonke.’ Kulokhu yehluleka.
Ngo-1931 iNhlangano ayizange iphumelele ekuvimbeleni iJapane ukuba ingene eManchuria. Ayizange ivimbele iBolivia neParaguay ukuba kuye empini ngo-1933. Yahluleka ukuvimbela ukunqoba kukaMussolini iEthiopia ngo-1936. Nokho, igalelo elibulalayo leNhlangano lafika ngoSeptember 1, 1939, ngokugqashuka kweMpi Yezwe II—uhlobo lwenhlekelele ebhubhisa abantu abaningi nosizi lokho iNhlangano eyayimiselwe ukukuvimbela. Bangaki abantu abafa kuleyompi? Ukuphila kwamasosha ayizigidi eziyi-16 nokwezakhamizi eziyizigidi ezingama-39, okuyingqikithi yezigidi ezingama-55 zabantu abafa, noma cishe ukufa okuphindwe kane uma kuqhathaniswa nokweMpi Yezwe I!
Nokho, emuva ngo-1919, ngaphambi kokuba iSivumelwano seNhlangano sisebenze, oFakazi BakaJehova (ngalesosikhathi ababaziwa njengaBafundi BeBhayibheli) bamemezela obala ukuthi iNhlangano kumelwe yehluleke, ngoba ukuthula kwakungeke kuze ngemizamo enjalo yomuntu. Kamuva, ngo-1926 emhlanganweni wabo eLondon, eNgilandi, kwavezwa ukuthi ngokwesAmbulo 17, “inkosi yesishiyagalombili” ibonakala ingeyokugcina ohlwini lwemibuso yezwe. Njengoba isikhulumi saveza ukuthi, “iNkosi yabikezela ukuzalwa kwayo, ukuba khona kwayo isikhathi esifushane, nokuphela kwayo kwaphakade.”
Iyabuya!
Ngokuqondene nalenkosi yesishiyagalombili, isiprofetho esiphefumulelwe sathi: “Isilo owasibonayo sasikhona, asisekho; kepha sesizakwenyuka, siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni.”—IsAmbulo 17:8.
Kusukela onyakeni ka-1942 waphakathi nempi, oFakazi BakaJehova baqonda ukuthi inhlangano yokuthula nokulondeka eyayingasebenzi ngalesosikhathi yayiyokwenyuka iphuma kwalasha esimweni sayo sokungasebenzi. Ngalowonyaka umongameli weWatch Tower Society watshela izilaleli emadolobheni angama-52: “Nakuba amalungu angamashumi amane esazisholo ukuthi abambelele eNhlanganweni, iNhlangano empeleni isesimweni sokungasebenzi okwesikhashana . . . “ayisekho.” Kodwa ingabe ‘yayiyokwenyuka iphuma kwalasha’? Esekela amazwi akhe kulesiprofetho seBhayibheli, wathi: “Inhlangano yezizwe zomhlaba iyovela futhi.”
Njengoba isiprofetho sasishilo, lenkosi yesishiyagalombili ‘yayikhona’ kusukela ngo-1920 kwaze kwaba u-1939. ‘Yayingekho’ kusukela ngo-1939 kwaze kwaba sekupheleni kweMpi Yezwe II ngo-1945. Khona-ke yenyuka “iphuma kwalasha,” ivuswa njengomlandeli weNhlangano, isiyiZizwe Ezihlangene.
Amathemba Amakhulu Angagcwaliswanga
Abameleli abavela ezizweni ezingama-50 basayina uMthetho-sisekelo weZizwe Ezihlangene eSan Francisco ngoJune 26, 1945. Amazwi okuqala athi: “Thina bantu beZizwe Ezihlangene sizimisele ukusindisa izizukulwane ezilandelayo obhadaneni lwempi, oselulethele isintu usizi olungenakulinganiswa kabili esikhathini sokuphila kwethu . . . ”
Amathemba akhelwa iUN aba ngaphezu kokungenzeka ngempela. Owayengunobhala wezwe waseU.S., uCordell Hull wathi yayiphethe isihluthulelo “sokusindisa impucuko yethu.” Umongameli waseU.S. uHarry Truman wayibiza ngokuthi “ithuba eliphakeme . . . lokwenza ukuthula okuhlala njalo ngaphansi kokuqondisa kukaNkulunkulu.” UMthetho-sisekelo weU.N. wawubizwa ngokuthi “ngokunokwenzeka umqulu obaluleke kakhulu umuntu ake wawenza,” nangokuthi “isikhathi senguquko emlandweni wempucuko.” Iminyaka engamashumi amane kamuva, uGregory J. Newell woMnyango woMbuso waseU.S. wathi: “INhlangano yakhulunyelwa kakhulu: ukudumazeka kwakungenakuvinjelwa.”
NjengeNhlangano Yezizwe, iZizwe Ezihlangene ziye zafeza okukhulu emkhakheni wezenhlalo. Kodwa ayizange iqinisekise ukuthula noma ukuqeda impi. OwayenguNdunankulu waseBrithani uHarold Macmillan ngo-1962 watshela iPhalamende LaseBrithani Labantu Abaphansi ukuthi “sonke isisekelo iZizwe Ezihlangene ezazakhelwe kuso siye salulazeka.”
Ekuqaleni abantu abaningi babheka lenhlangano ngendlela engokwenkolo. Bakholelwa ukuthi ‘lomfanekiso’ wawuyokwenza lokho iBhayibheli elithi uMbuso kaNkulunkulu kuphela oyokwenza: ukumisa ukuthula okuhlala njalo, ukwahlulela ngokulunga, nomhlaba onobunye ngempela. Baphikisana ngokuqinile neziprofetho zeBhayibheli ezabonisa ukuthi imizamo yabantu yayingeke ibe umthombo weqiniso wokuthula. Nokho, njengoba iUN yafinyelela iminyaka engama-40 imisiwe, isazi-mlando uThomas M. Franck sathi “ayisenalo ithonya elingakho esasethemba ukuthi iyoba nalo ngo-1945.” Kunjengoba uNobhala woMbuso waseU.S uGeorge P. Shultz aphawula: “Ukumiswa kweZizwe Ezihlangene ngokuqinisekile akuzange kushintshe umhlaba ube yipharadesi.”
IUN ayizange iphumelele ngoba ohulumeni babantu abazange basuse izithiyo zangempela zokuthula: ubuzwe, ubugovu, ubumpofu, ubuhlanga, ukubusa okunonya, nethonya likaSathane emhlabeni. Abantu banamathela kulabohulumeni, hhayi ngoba ikusasa likhanya, kodwa ngenxa yokuthi abanalo ithemba elingcono.—IsAmbulo 12:12.
Ukuba khona kweZizwe Ezihlangene, nomzamo abantu abaningi abawenzile, kubonisa indlela abantu bomhlaba abaqaphela ngayo ngokujulile isidingo soshintsho. Loloshintsho luyofika kodwa ngendlela ehlukile nesebenza ngokwengeziwe. Iyiphi leyondlela?
Ukubusa Okuphakade
Khumbula ukuthi iBhayibheli lithi kwakuyoba khona “amakhosi” alandelanayo ayisikhombisa kuphela, noma imibuso yezwe. Awukho umbuso wezwe omkhulu obalwayo emva kwalokho. IBhayibheli lize lithi “inkosi yesishiyagalombili” yesikhashana ‘iya ekubhujisweni.’—IsAmbulo 17:10, 11.
Kodwa futhi iBhayibheli lithi likhona ithemba elingcono. Lithembisa ukuthi okunye okuthile kuyoletha ukwahlulela ngokulunga, nezwe elinobunye lelo abantu abalifuna kangaka. Lithi: “Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa . . . kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso [yabantu ehlulekayo], wona uqobo ume phakade.”—Daniyeli 2:44.
Lokhu ukubusa uJesu akhuluma ngakho, nalokho abalandeli bakhe abaye bakuthandazela lapho bethi: “Mawufike umbuso wakho.” (Mathewu 6:10) LoMbuso awusilo-nje ithonya lokuhle elisezinhliziyweni zabantu. Kunalokho, uwukubusa okungokoqobo kwasezulwini, ukubuswa komhlaba okuvela endaweni yomoya. Uyoshintsha indlela esiphila ngayo emhlabeni.—IsAmbulo 21:1-4.
Lokho iBhayibheli elikushoyo ngalokho kubusa okusha okujabulisayo, indlela okuyosebenza ngayo, nokuthula, ukwahlulela ngokulunga, nomhlaba onobunye okuyokuveza kuyoba yingxoxo yesihloko esilandelayo nesokugcina kuloluchungechunge.
[Umbhalo waphansi]
a Lemibuso yezwe kwaxoxwa ngayo eziboniselweni ezidlule zalomagazini: (1) iGibithe, February 1; (2) iAsiriya, February 15; (3) iBabiloni, March 1; (4) amaMede namaPheresiya, March 15; (5) iJavani, April 15; (6) iRoma, May 1; (7) umBuso Wezwe WamaNgisi NamaMelika, May 15.
[Ibhokisi ekhasini 28]
Izinga Lempi
IMpi Yezwe II, eyaphawula ukufa kweNhlangano Yezizwe, yathatha ukuphila okuningi ngokumangalisayo. IEncyclopædia Britannica (uhlelo luka-1954) yabonisa inani labafa ngokunikeza isilinganiso samasosha afa phakathi nempi uma kuqhathaniswa nenani labantu ababekhona ngo-1940 lamazwe ahlukahlukene. Phakathi kwezibalo kunalezi: Empini iUnited States yalahlekelwa isosha elilodwa kubo bonke abantu abangama-500 enanini lababekhona ngo-1940; iChina, oyedwa kwabangama-200; iUnited Kingdom, oyedwa kwabayi-150; iFrance, oyedwa kwabangama-200; iJapane, oyedwa kwabangama-46; iJalimane, oyedwa kwabangama-25; neU.S.S.R., oyedwa kubo bonke abangama-22. Lapho sicabangela ukuthi inani lezakhamizi ezifayo ngokuvamile ledlula elamasosha afayo, kalula singabona indlela imizamo yomuntu eye yahluleka ngayo ukuletha ukuthula kweqiniso nokulondeka.
[Isithombe ekhasini 26]
‘Kusukela ekwakhiweni kweUN, abantu abayizigidi ezingamashumi amabili baye bafa ezimpini, iqiniso elidabukisayo eliwubufakazi benkokhelo yalokho kwehluleka.’—“INation Against Nation,” nguThomas M. Franck